Umchazamibhalo

uluhla lwemibhalo oluhleliwe nencaziso ehleliweyo yayo njengezinto

Umchazamibhalo (livela kwelithi 'umchaza' + nelithi 'imibhalo'), njengoqeqesho, ngokwesiko lakwangqondonkulu luwukucwaningwa kwezincwadi njengezinto eziphathekayo, nezingokwesikompilo; ngalomqondo lungabizwa nangokuthi umchazazincwadi. Umbhali nomchazimibhalo uJohn Carter wachazisa umchazamibhalo njengebizo elinemiqondo emibili: owokuqala, lisho uluhla lwemibhalo noma izincwadi zokufunda okuqhubekayo noma imisebenzi ecutshungulwa umbhali (umchazamibhalo obalabalayo ; omunye umqondo, osebenza kubaqoqi, usho "ucwaningo lwezincwadi njengezinto eziphathekayo," futhi usho "incaziso ehlelekileyo yemibhalo njengezinto" (noma umchazamibhalo ochazisayo).

Izinhlamibhalo e- University Library yaseGraz

uMsukagama

hlela

Ibizo elithi umchazamibhalo liyazichazanngokwalo ukuthi incazelo yalo igabele ngakuphi, ukuchaza imibhalo. uMlando walomkhakha usitshela ukuthi kusuka endulo, lapho Izincwadi zisafaniselwa ngesandla, nasekhuwlini le-12 lapho "ukulotshwa kwezincwadi okungubuqhebeqhebe bengqondo" kwakusetshenziswa igama elifanayo. Kodwana incazelo yaleli bizo yanamuhla ivela ekhulwini le-17, okuyincazelo yokuchaza imibhalo noma izincwadi.[1] Kuyimanje, lomkhakha womchazamibhalo siwande ngezinga elihlanganisa nezifundo ezicubungula incwadi njengento ngokwayo.[2] Umchazamibhalo, empishekelweni yako ehleliweyo yokuqonda indulo Kanye nemanie ngemibhalo elotshiwe neshicilelwe, uchazisa indlela yokumonyula ukwaziswa kuleyo mibhalo. Abachazimibhalo banelukuluku lokuqhathanisa izihlelwa zeziqakaqo kunokuthi bahlakahle umqondo wazo noma bahlole ubumqoka bazo.[3]

Imithombo

hlela
  1. Blum, Rudolf. Bibliographia, an inquiry into its definition and designations. Translated by Mathilde V. Rovelstad. Chicago, Ill.: American Library Association; Folkestone, Kent, England: Dawson, 1980. p. 12. ISBN 0-8389-0146-8.
  2. Studies in Bibliography. http://etext.lib.virginia.edu/bsuva/sb/ Archived 2012-04-14 at the Wayback Machine.
  3. O'Hagan Hardy, M. (2017). Bibliographic enterprise and the digital age: Charles Evans and the making of early American literature. American Literary History, 29(2), 331-351.
pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy