Ibanga 10 Juni 2024 p2 QP

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 14

NATIONAL

SENIOR CERTIFICATE

IBANGA LE-10

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)

NHLABA 2024

AMAMAKI: 80

ISIKHATHI: 2½ AMAHORA

Leli phepha linamakhasi ayi-14


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 2 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO

1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo.


2. Leli phepha LINEZIQEPHU EZIMBILI:

ISIQEPHU A: Izinkondlo (30)


ISIQEPHU B: Umdlalo (50)

3. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU,


ISIQEPHU B: imibuzo emibili

ISIQEPHU A: IZINKONDLO
IZINKONDLO EZIMISELWE (UMBUZO 1- 4 ) – Phendula imibuzo EMIBILI.
INKONDLO ENGAMISELWE (UMBUZO 5)– UPHOQELEKILE ukuphendula lo
mbuzo.

ISIQEPHU B: UMDLALO
Phendula imibuzo emibili.

4. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (UMDLALO)


 Phendula yonke imibuzo

5. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO


• Impendulo yombuzo omude ezinkondlweni mayibe ngamagama ayi-190
kuya kwangama-240.
• Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo kanye
nasemdlalweni mazibe ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.
• Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki
anikeziwe okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule
kangakanani. Abafundi mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa
baphendule okubuziwe.

6. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso naleso


siqephu.

7. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana


nalezo ezisetshenziswe emibuzweni.

8. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA.

9. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela:


ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40
ISIQEPHU B: Imizuzu engama-110

10. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo.


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 3 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

OKUQUKETHWE
ISIQEPHU A: IZINKONDLO
Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI.
INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO
YEKHASI
1. Mbali Yezwe Umbuzo omude 10 4

2. Amalungelo Umbuzo omfushane 10 6

3. Siqhwaga ndini Umbuzo omfushane 10 7

4. Ngiyophephela Kuwe. Umbuzo omfushane 10 9


KANYE
Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo.
5. ‘Zazi Ukuthi Ungubani Umbuzo omfushane 10 11

ISIQEPHU B: UMDLALO
UMDLALO: Phendula imibuzo emibili kule noveli emiselwe.
6.Bahlukumezekile Umbuzo omude 25 12
Behlakaniphelana Nje.

7.Bahlukumezekile Umbuzo omfushane 25 12


Behlakaniphelana Nje.

Uhla oluyinkomba yokuphendulwa kwemibuzo.

Emuva kokuphendula imibuzo yaleli phepha sebenzisa lolu hla oluyinkomba


yokuphendulwa kwemibuzo ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uyikhethe ngokufanele
imibuzo okulindeleke uyiphendule.

ISIQEPHU INOMBOLO INANI THIKA


YEMIBUZO LEMIBUZO
EPHENDULIWE
A: Izinkondlo
(Ezimiselwe) 1-4 2
A: Inkondlo
(Engamiselwe) 5 1
B: Umdlalo
(Umbuzo omude kanye
nomfushane) 6-7 2

QAPHELA: ESIQESHINI B,Phendula yonke imibuzo,omude kanye nomfishane


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 4 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

ISIQEPHU A:IZINKONDLO

IZINKONDLO EZIMISELWE

Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo.

UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.

Mbali Yezwe- Patrick Bhekizenzo Maphumulo

1 Ngiwa ngivuka ngicabanga nawe,


2 Ubuhle bakh’ obukhangayo buheha nxazonke,
3 Enhliziyweni yami sengakwakhel’imfumbe yothando;
4 Ngenxa yezibopho namagod’ othand’ engikuthanda ngalo.
5 Qhakaza Hlobisil’ uhlobis’ amadlel’ aluhlaza,
6 Kwand’ unqambothi lwephunga laph’ ukhona,
7 Noma sebezisondeza kuwe
8 Abayizimvemvane njengami, akusenani;
9 Uz’ ungakhohlwa yisethembiso sethu sobabili.
10
11 Ithemba lami lonke likuwe ntandose,
12 Awusoze wabuna kimi njengabany’ ozakwenu,
13 Uyigugu kim’ okwetshe lemabhula;
14 Ngenxa yalobo buhl’ obugqamis’ inhliziyo yami.
15 Uthando lwami ngawe kalunamkhawulo,
16 Kuzo zonk’ izikhathi zonyak’ awuguquki,
17 Uyisidalw’ esikhanukelwayo ngobuhle bakho bemvelo;
18 Angingabaz’ ungaludl’ ubhedu nasemncintiswaneni woNobuhle.

19 Ukuba nganginokuzenzela
20 Ngangiyomunc’ ezingxatsheni zakho,
21 Noma ngizimuncel’ umpe lwakho
22 Ngesivumelwano nangokomthetho,
23 Nokh’ angijahe mdaka liyeza lelo thuba,
24 Lapho sengikusondez’ eduze kwam’ uzongihlobisela.

25 Uyimbali yokuhlakulelwa ngazo zonk’ izikhathi,


26 ‘Ze imbewu yakh’ ingaweli phezu kwesona,
27 Kodwa yande ngamandl’ ubonwe yizwe lonke;
28 Ubeyisibonel’ uqhakazele noquqaba
29 Kulesi sizukulwan’ esikhohlakele.

30 Uyisimanga Nombali nqaba yobuhle,


31 Esakh’ isigodlo sigodl’ ubuhle bodwa,
32 Akukaze kuzwakale mawunguwungu ngawe;
33 Kimin’ uyimbal’ engasoze yabuna.

34 Inyosi yemvel’ izithandel’ umpe nempov’ embalini,


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 5 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

35 ‘Ze amacwecw’ ay’ anon’ abeyizidaka.


36 Wena njengembali kimi ngizithandel’ ubuwena,
37 ‘Ze ikusasa lethu liqhakaze libonwe yizwe lonke.

38 Imini nobusuku ngish’ amashushu ngawe,


39 Ngoba sengize ngaphenduk’ isigqila sothando,
40 Kodwa sengathi siyeza leso sikhathi,
41 Lapho mina nawe sesisondelene
42 Okwezithupha ziy’ eguleni.

43 Okwamnaje ngisakubonela kud’ okotalagu,


44 Njengesidalw’ esisahlobisele mina nezwe lonke,
45 Nokh’ angisangabazi nakancan’ ukuthi nxa sewungowami
46 Izwe lonk’ elikubukayo liyoba noncwazi
47 Uhlobisele mina ngedwa.

Xoxa ngekhono lembongi ekugqamiseni umoya wale nkondlo isebenzisa amagama athile
(Ukukhethwa kwamagama).

Impendulo yakho mayihlelwe njenge-eseyi enobude bamagama ayi-190 kuya


kwangama-240.

Impendulo yakho mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:

 Makuchazwe umoya wenkondlo kanye nokukhethwa kwamagama.


 Makuxoxwe ngekhono lembongi ekukhetheni amagama ukugqamisa umoya
wenkondlo.
 Makuvezwe uvo lwakho.(Isiphetho)
(10)
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 6 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Amalungelo- Sphiwe Maphumulo

1 Sawalwela la ‘malungelo’
2 Sawathol’ ekugcineni,
3 Nginelungelo nawe unelakho,
4 Ngivikelw’ umthetho nawe futhi.

5 Liqalaph’ ilungelo lomuntu,


6 Ligcinaphi leli lungelo?
7 Ngibasathe ngiyakhulum’ ekhaya
8 Ngitshelwe ngamalungelo

9 Ayaxabana yini nesikompilo la ‘malungelo’?


10 Amadod’ asaphenduk’ izithombe,
11 Omame sekwab’ umhlambi kazelusile,
12 Abantwan’ ezikoleni sekwaba luvanzi,
13 Isithunzi sikathisha, dwe!!

14 Sibhekephi namalungelo?
15 Ngakube siyaphambili?
16 Ngibon’ ubumnyama,
17 Ukukhala nokugedla kwamazinyo,
18 Kwabajahe phambili.

19 Ngibambele kokwami,
20 Ngibambele kwengakhuliswa
21 Nganikwa khona zinyanya zakithi,
22 Ezanginika ilungelo lenhlonipho,
23 Nokwazis’ isiko lokuhlonipha
24 Uyihlo nonyoko
25 Ngimi kulelo dwala.

2.1 Gagula imvumelwano esebinzeni lokuqala bese usho uhlobo lwayo. (2)

2.2 Fingqa ngamaphuzu AMABILI umqondo oqukethwe yilenkondlo. (2)

2.3 Kungani imbongi isebenzise isizura esitanzeni sesithathu? (2)

2.4 Iyini inhloso yembongi ngokusibhalela le nkondlo? (2)


IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 7 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

2.5 Phawula ngempumelelo yombhali ukusebenzisa isigqi sale nkondlo. (2)


[10]

UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.

Siqhwaga ndini- P.B. Maphumulo

1. Wehlukile kozakwenu,
2. Abayizikhondlakhondl’ abayiziqhweletsha;
3. Abagadla zephukele,
4. Bagadle baphindelele,
5. Bayivivise banqobe.

6. Ngiyawesab’ amawal’ onawo,


7. Ngokugadla ngomfutho nangesihluku,
8. Yeb’ ungabonakal’ ungenampawu
9. Kodw’ uwis’ amaqhawe nababulali
10. Ubayise kwelamathongo.

11. Ngiyalesab’ ijubane lakho,


12. Elishesha ngaphezu konyazi.
13. Yeb’ awubonakal’ izenzo ziyabonakala
14. Qhaw’ elikhonyela wonk’ amaqhawe!
15. Mnqob’ ongungqoshishilizi nangaphezu kwezidlamlilo.

16. Uyisimanga ngokufika njengesela;


17. Uyangimangaza ngokunginyonyobela macathama,
18. Awungiphonseli ngani kodw’ inselelo?
19. ‘Ze ngicel’ umaluju nxa ungehlul’ udede
20. Uyisimanga ngempela ngob’ uyangimangaza!

21. Ungihlwithe ngisephezu kwemicabango,


22. Ngakha ngibhidliz’ izakhiwo ngengqondo,
23. Nginkankany’ umthwal’ insindansinda;
24. Wangithatha wangivakashisa kwengingalazi,
25. Ngingazange ngenze sivumelwano nawe.

26. Qholosha Siqhwag’ esinguBaqhwagile!


27. Ngobuqhwag’ engingebufanise nengibaziyo,
28. Awugabaze ngandlakadla nangesihluku;
29. Kodwa ngiyasesab’ isihlukwana sakho,
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 8 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

30. Ngob’ esakh’ isihluk ‘asizwisani buhlungu.

31. Awungihlebeli ngani kodwa nxa sewusondela?


32. Khona sengikusongela siyonqwamana kuphi?
33. Khona sengikumemel, ozakwethu singakunqoba yini?
34. Ngob’ ungasibhanqabhanqa nje wena
35. Ngomshiz’ owodw’ ungaphethe sihlangu,
36. Um’ uthanda futh’ usithath’ isiphelwane.

37. Umuhle ngokusibamb’ ubuy’ usidedele,


38. Usiqed’ inkani yize singabaseNkanini;
39. Usikhombis’ ubuze sibe singeyil’ ize;
40. Giy’ uqephuze siyakunika leli shashalazi!
41. Asikaze silibon’ iqhaw’ elifana nawe!

3.1 Nikeza imvumelwano esetshenziswe ebinzeni loku-1 bese usho


nokuthi hlobo luni. (2)

3.2 Shono isizathu sokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-


8 kuya kowe-10. (2)

3.3 Chaza isimo sokukhuluma esisemgqeni wama-22. (2)

3.4 Kungani imbongi ithi ubuthongo bunesihlukwana emgqeni wama-29? (2)

3.5 Ncoma ikhono le mbongi ekwethuleni umoya kule nkondlo. (2)


[10]
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 9 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa le nkondlo engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.

Ngiyophephela Kuwe- Siphiwe Maphumulo

1. Noma bengihlamuk' abangcono,


2. Nezinhlupheko zingihlupha,
3. Nempilo seyaba lugwadule,
4. Ngiyophephela kuwe.
5. Sengonda ngaba yinhlekisa,
6. Nonembez' awuzibeke-thuba,
7. Sengazama ngehluleka,
8. Sengafunisela nginhlanhlatha,
9. Luth' akukho umehluko,
10.Nabathi bayazi sebehluleka,
11. Elam’ ithemba likuwe kuphela.

12.Ukuba bekuwushukela,
13.Bekozanywa ngentshungu,
14.Manxa kuyisibhobo, besoshweleza
15.Kwabaphansi,
16.Manxa, kwephuk' ithambo
17.Besofun' umhlabelo,
18. Kukhothwe kuncindwe nasodengezini.

19.Lo mkhuhlane sewasenza saqhelelana,


20.Saba yiMpumalanga neNtshonalanga,
21.Ekuqaleni sasingamathe nolimi,
22.Manxa ngingemnandi nawe,
23. Ubik’ okwakho ukugula.

24.Uvalo selwashabalala,
25.Sengalithol' ithemba nesiphephelo,
26. Engolidumis’ ingunaphakade.

4.1 Hlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho. (2)

4.2 Gagula isifengqo esisemgqeni wesi-3 bese unikeza incazelo


ngokwenkondlo. (2)
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 10 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

4.3 Iyini inhloso yembongi ngokusebenzisa umfanekisomqondo


osemgqeni wama-21? (2)

4.4 Ngabe ifanamsindo elisetshenziswe emgqeni wama-23


lisetshenzisweleni? (2)

4.5 Xoxa ngempumelelo yembongi ekwethuleni isigqi esitanzeni


sokugcina. (2)

[10]
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 11 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

UMBUZO 5
UPHOQEKILE UKUPHENDULA LO MBUZO
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo ezolandela.

Zazi Ukuthi Ungubani

1 Yini washikashikeka nje?


2 Wayaluza wabitoza?
3 Wabitoza wayaluza?
4 Wadangala udabukisa?
5 Wadabukisa udangele?
6 Zazi ukuthi ungubani
7 Noma bekungcofa,
8 Noma bekuklolodela,
9 Behlekisa ngezici zakho,
10 Noma bekupiklela,
11 Bethi awulutho.

12 Zazi ukuthi ungubani,


13 Zabalaza uzimele,
14 Uzilwele ubuwena,
15 Ngoba uwutho,
16 Noma bethi awulutho,
17 Ngob awulutho ize,
18 Noma bethi uyize,
19 Qin’ idolo njalo,
20 Labo abakupiklelayo,
21 Nabo bayapiklelwa,
22 Labo abakuklolodelayo,
23 Nabo bayaklolodelwa,
24 Wena zazi ukuthi ungubani.

5.1 Yini imbongi eyigqugquzelayo kule nkondlo? (2)

5.2 Bala izinto ezimbili ethi imbongi zingenziwa abanye abantu kuwe
ukuze uphatheke kabi. (2)

5.3 Fingqa okushiwo yinkondlo ebinzeni lesi – 2. (2)

5.4 Phawula ngomoya walenkondlo? (2)

5.5 Phawula ngesigqi esisetshenziswe kule nkondlo. (2)

. [10]
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 12 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

ISIQEPHU B: UMDLALO
BAHLUMEZEKILE BEHLAKANIPHELANA NJE.

UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE)

Lo mdlalo umayelana nobugebengu kanye nothando lwemali.

Fakazela ubuqiniso balesi sitatimende ubhekise kokwenzeka emdlalweni othi


Bahlukumezekile Behlakaniphelana Nje.

Impendulo yakho mayihlelwe njenge-eseyi enobude obungamagama angama-240 kuya


kwangama-290. [25]

UMBUZO 7(UMBUZO OMFUSHANE)

Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo ezolandela.

ZODWA : Bhuti wami omuhle…Ngiyabonga ukuthi uhloniphe isicelo sami sokuthi


uze ngizokwazisa ukuthi sesikuphi nomkhankaso wenu.

MAKHOSINI : Yebo. NoVelevele uzojabula ukuzwa ukuthi senikuphi.

ZODWA : Nguye ungqondongqondo waleli cebo?

MAKHOSINI : Yebo. Nasejele besiboniswa nguye ukuthi kwenzekani lapha


ngaphandle.

ZODWA : Nihlakaniphile kodwa nina!

MAKHOSINI : Nikuphi njengoba sikhuluma nje? Senihambe kangakanani?

ZODWA : Sengikhulume kabili noNingi. Usesondele ukungena endlini


kaDesmond.

MAKHOSINI : Usengaphandle kodwa?

ZODWA : Ubesengene endlini kangadini wakhona ngenkathi ngikhuluma naye


okokuqala. Okwesibili, uthe usevumelene nomfana ukuthi alale ngoba
ngeke esakwazi ukuphuma. UDesmond usebuyile ukuyodlala igalofu.

MAKHOSINI : Awuzwe madoda izigwili. Zidlala igalofu. Mina ngingabe ngiyofunani


egalofini ngikhala ngingashayiwe nje?

ZODWA : Yekela lokho. Akukhona ukukhala ungashayiwe ukuba nobuhlakani


obunjengalobu enibenzayo.
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 13 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

MAKHOSINI : Asiyeke ukuncokola.

ZODWA : Lalela-ke, uthi uNingi uzothumela umfana wakhe…

MAKHOSINI : Yena lowo wengadi? Usembiza ngowakhe?

ZODWA : Usevele wamqoma.

MAKHOSINI : Hhawu! Niyashesha nina.

ZODWA : Yinina enithe asosheshe siqome, kanti benichaza ukuthini? Asizona


izintombi zenu, senza ibhizinisi lapha. Kwangathi sewuvukwa
yisikhwele nje.

MAKHOSINI : Hhayi! Ngiyadlala. Qhubeka, Zodwa.

ZODWA : Uthi usemthumele lapha azomlandela isikhwama sakhe asikhohliwe.

MAKHOSINI : Lo mfana madoda, uzoza ngempela?

ZODWA : Uzoza. UNingi uthe kukhona nezithombe zakhe kusona. Manje lo


mfana usebona ukuthi uzothola ukuba nesithombe sentombi entsha.

MAKHOSINI Wo…o, maye siyadobeka nathi!

ZODWA : Akunandaba lokho. Ukuba anidobeki kunamabhizinisi abezoma.


Nadaleka kahle

MAKHOSINI : Pho kuzosizaphi ukuthi eze lapha? Kunani esikhwameni sikaNingi?

ZODWA Akukho sikhwama.

MAKHOSINI : Kanti uyaphi umfana?

ZODWA : Ngizomkhiyela kwelinye lamakamelo lapha uma efika. Akadingeki


laphaya. Kudingeka uNingi yedwa laphaya.

MAKHOSINI : O! Nayishaya le nto!

ZODWA : Sengenzela ukuthi uma niza lapha ninoVelevele ningafiki nethuke


nicabange ukuthi nizoshaywa amasoka ethu. Yisoka lesikhashana leli
futhi ngelikaNingi.
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya 14 Limpopo DoE/Nhlaba 2024

Ibanga le-10

7.1 Shono ithoni etholakala enkulumeni kaZodwa ekuqaleni kwalesi


siqeshana. (2)

7.2 UMakhosini uzokwenzani lapha kuZodwa ngokwalesi siqeshana? (1)

7.3 Bala izinto ezimbili ezishiwo nguZodwa ebese zenziwe nguNingi


ngokwesiqeshana. (2)

7.4 Yisiphi isizathu esibekwe uNingi kumfana wengadi sokungabe


esahamba kodwa alale? (1)

7.5 Ngabe kwakuyini inhloso yangempela kaNingi yokuthuma umfana


wengadi kuZodwa? (2)

7.6 Chaza isizinda ngokwenkathi esitholakala kulesi siqeshana. (2)

7.7 Fingqa ngamaphuzu amabili ngokuvezwa komlingiswa ongu-Ezile


kulo mdlalo. (4)

7.8 Qhathanisa impilo ephilwa umlingiswa onguVelevele kanye naleyo


ephilwa nguMakhosini. (2)

7.9 Isenzo sika-Ezile sokusiza uVelevele ngokwenzeka ebhange


samukelekile yini kuwena? (2)

7.10 Ngaphandle kokuboshwa, ucabanga ukuthi yibuphi obunye ubungozi


uZodwa noNingi ababengabhekana nabo kulo msebenzi wabo
abawenzayo? (2)

7.11 Ngokubona kwakho, myalezo muni umbhali akafisa ukuwudlulisa


ngalo mdlalo? (2)

7.12 Hlolisisa impumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo. (3)

[25]

AMAMAKI ESIQEPHU B: 50
AMAMAKI EPHEPHA ESEWONKE: 80

You might also like

pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy