2022 QEQESHA GRADE 11 To 12
2022 QEQESHA GRADE 11 To 12
2022 QEQESHA GRADE 11 To 12
QEQESHA
2022
IBANGA 11
ISETHULO
UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMQONDISI wakwa FET ngezandla
zabeluleki besifundo solimi lwesiZulu bethula le nsiza kufundisa nokufunda ehlose
ukwelekelela ekufukuleni izinga lokuphunyelelwa ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa
okokuqala ngaphansi kohlelo luka-CAPS (Tahfuzwe). Leli bhuku liyinsiza edinga
ukwesekelwa ngezinye kepha engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi zinto ebezingekho
olimini esezifakwe ngokohlelo lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo ngumngenela ohlose
ukwelekelela uthisha ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke ekufundiseni kwakhe.
Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthaza kwenza eziogodini
zabo.
OKUQUKETHWE
ISIHLOKO IKHASI
Igilosari
Izinkondlo
Inoveli nomdlalo
Ibanga Le-11
Okulindeleke enkondlweni
Indlela yokuza:
Indlela yokuphendula:
Imibuzo esobala kanye nedinga ukuhlela kabusha
Kulolu hlobo lwemibuzo kudingeka ukuba abafundi impendulo bayithathe
esiqeshini.
Imvamisa le mibuzo iba nemiklomelo eyisi-8.Imibuzo enemiklomelo emi-4
noma kwenye inkathi emi-3 engasekuqaleni idinga impendulo njengoba injalo
etholakala esiqeshini.
Ingxenye yesibili enemiklomelo emi-4 yona idinga ukuba umfundi ahlele
kabusha impendulo yakhe. Lokhu kusho ukuthi impendulo isuke ikhona
esiqeshini kepha ingekho endaweni eyodwa. Ngakho-ke kudingeka ukuba
impendulo uyithathe esigabeni esisodwa kepha uyihlele kabusha noma
uyithathe ezigabeni ezahlukene noma esigabeni esisodwa.
Indikimba
Ingumongo wenkondlo . Sibheka ukuthi inkondlo ikhuluma ngani .Lokhu kungaba igama
elilodwa noma amabili .Isibonelo : Indikimba kungaba Uthando , inkolo , imfundo , inhlonipho
, ezombusazwe njalonjalo .Imbongi isebenzisa amagama athile noma imifanekisomqondo
ekugqamiseni indikimba yenkondlo .
Umoya
Isimo imbongi eyayikuso ibhala inkondlo noma imizwa imbongi eyayikuyo
Ibhala inkondlo . Imbongi ingadlulisa umuzwa owodwa enkondlweni ize iyophela .
Kuyenzeka inkondlo ibenemizwa exubile. Inkondlo ingaveza imizwa elandelayo :uthando ,
ukujabula , ukuncoma , ukugxeka , ukuncenga , ukulangazelela , ukulila , ukukhathazeka
njalonjalo . Umoya uvezwa amagama noma imifanekisomqondo esetshenziswe imbongi
enkondlweni.
Umqondo
Ilokho okushiwo inkondlo. Siwuvezelwa amagama asetshenziswe imbongi
Enkondlweni .
Amasu asetshenziswa imbongi:
Amasu obuciko
Izaga ,izisho nezifengqo kanye nokukhethwa kwamagama
Imifanekisomqondo/Izithombemagama
Amagama, isigejana samazwi,iletha ukubona ngeso lengqondo emicabangweni yethu,
njengezifaniso, izingathekiso kanye nokwenzasamuntu:
Lokhu kuvela emcabangweni kanje: ukubona, umsindo-inzwa ebonakalayo, inzwa
ehogelekayo, inzwa yokuthintekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokulalelekayo.
Izithombemagama/ imifanekisomqondo yelekelela ukugqamisa
indikimba/umqondo/umoya Kanye nesigqi senkondlo
Isigqi
Umgqumo othile wenkondlo olethwa umoya wenkondlo , umqondo wenkondlo , ukuhleleka
kwemisindo namagama , ubude bemigqa kanye nezimpawu zokuloba Isigqi singashesha
noma sinense . Izibonelo : Inkondlo yesililo inesigqi esinensayo ngoba kuyalilwa . Inkondlo
eveza imizwa yenjabulo inesigqi esisheshayo ngoba kujatshulwe .
Amasu okusebenzisa umsindo
Ifanamsindo
Lolu wuphawu olungena ngaphansi kwemisindo eyenziwa izinhlamvu zamagama
emshweni noma emshweni eqoqene ndawonye endimeni yenkondlo. Inkondlo leyo
ihlelwa ngobungcweti obunofanangwaqa nofanankamisa.
Ifanankamisa
Umsindo otholakala nkokuphindeka konkamisa abafanayo emigqeni siwubiza ngokuthi
ifanankamisa.
Ukuphindeka konkamisa kuzwakala kamnandi kuze kube sengathi lowo mugqa
usamculo.
Ifanangwaqa umsindo wokuphindeka kongwaqa abafanayo emgqeni owodwa. Ikhono
lokuhambisana komsindo wongwaqa nemibono eyethulwa inkondlo noma umugqa lowo
kuletha isigqi esithile.
Imvumelwano
Ukusetshenziswa kwamalunga afanayo emishweni emibili elandelanayo .
Imvumelwano iletha isigqi enkondlweni
Ikhono lembongi
Imigqa
Imigqa yakha amabinza
Umugqa ovulekile, ongenalo uphawu ekugcineni ubizwa nge-enjambamenti
Umungqa onophawu ekugcineni kuthiwa uvalekile
Umugqa onophawu phakathi nomugqa kuthiwa isikhawu/isizura
Ukuxhumana
Ukusetshenziswa kwamagama afanayo emishweni emibili elandelanayo .Kusetshenziselwa
ukugqamisa umqondo othile enkondlweni .
Ifuzamsindo– Lapha kuphindwaphindwa isiqu sesenzukuthi kuchazwa into ethile.
Isb. Ubukhwishikhwishi
Ubudukluduklu
Ubufohlofohlo njl.
Impindamqondo
Lapha imbongi yethula imiqondo ehambisanayo, emigqeni elandelanayo.Kungenzeka
ukuthi le miqondo ivumelane noma iphikisane. Impindamqondo isetshenziswa kakhulu
ezibongweni zomdabu. Singalinganisa ngezibongo zikaSenzangakhona lapho kuthiwa:
Ngikuthandile Ungithandile
1. Ngikuthande ngolumangazayo,
2. Olweziziba ezinjula zokujula,
3. Olwesibhakabhaka ngokuphakama kwemikhathi,
4. Olwemikhathi ngokuthekela emazulwini,
5. Amazulu asababaza ngokubabazeka
6. Ukubabazeka kwemihla namalanga,
7. Uyilanga eliphume laphakama
8. Ukuphakama kwaphakade kothando,
9. Uthando olumi izolo naphakade.
Isiphetho
Imbongi iphumelela kahle ekukhetheni amagama agqamisa umqondo wale nkondlo.
BABA WABANTABAMI
1 Baba Wabantabami
2 Ngaphuma ngashiya umuzi wakwethu,
3 Ngashiya intokomalo nentokozo yakwethu,
4 Ngoba usuthe wena angizokwakha owethu,
5 Ngoba usuthe ungithanda ngokudlula konke.
6 Ngisakhumbula kahle ngengqondo yami,
7 Usangikhulumisa ngamazwi amnandi,
8 Njnegoju lwezinyosi zasebusika,
9 Ungidlalisa ngamazwi achicim’amancoko,
10 Ungibuka emehlweni ngidakwe ngidiyazele,
11 Ungibamba kushis’umzimba wonke,
12 Ohlekweni lwakho ngibon’imisebe,
13 Ngibone nemibala yothingo lwenkosazane,
14 Ngibon’imibalabala yothingo lwenkosazane,
16 Angazi-ke ukuthi kwathi gwiqiqi kuphi,
17 Kwathi ngingashongo lutho kuwena,
18 Kodwa wathukuthela wagana unwabu,
19 Amehl’akho alokoza njengawemamba,
20 Aphenduka izikhweqe ezinamandla
15 Ngibon’imibalabala yezimbali ezinhle.
21 Kwathi ngokuvaleka komnyango,
22 Wadlonga ngemikhonto yamazwi,
23 Ngathi ngithi uyabohla uyazotha,
24 Wavuk’uqanduqandu ngolaka,
25 Phathaphatha kwaba ubuhluthuhluthu, 26
Phathaphatha kwaba ubudluthudluthu, 27
Ngawagwiny’amazinyo owawuthi mahle, 28
Uwancoma ukuba uthotho oluhle,
29 Ngavuza igazi kwangathi diki,
30 Kwalila izingane kwangathi diki,
31 Zangxolisela izingane kwangathi diki.
Umbuzo
Phawula ngokuphumelela kwembongi ekwethuleni isigqi sale nkondlo esigqamisa umoya
wenkondlo.
Impendulo yakho ayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama- 240.
Umhlahlandlela wokumaka
Isingeniso
UKUBHEKA ISIGQI KANYE NOMOYA
Isigqi senkondlo
Isigqi umgqumo omnandi olethwa …isigqi enkondlweni sitholakala ngokubheka umoya, imigqa
ubude nobufushane bayo, ukuvuleka kanye nokuvaleka kwemigqa. Kuphinde kubhekwe ubude
kanye nobufushane bemigqa. Inkondlo enesigqi esinensayo iba nemigqa emide bese iba
nezimpawu eziningi zokuloba. Imvamisa kuba yinkondlo edingida indikimba yokufa equkethe
umoya wosizi. Kuphinde kube yinkondlo enomoya wokubalisa kanye nowokukhathazeka.
Isigqi saleli binza siyanensa/ siyacothoza
Ibinza loku-1
Isigqi saleli binza siyanensa/ siyacothoza. Leli binza linemigqa evalekile eminingi ,izimpawu
zokuloba nemigqa mide okudalwa umoya wokubalisa. Imbongi iyabalisa ngokusuka kwayo kubo
iye kogana. Ithi yashiya umuzi wakubo kuphilwa kahle. Ukhumbula ngalenkathi ubaba
wabantabakhe ayemtshela ukuthi uyamthanda , ukhumbula izinsuku ezazimnandi angazi ukuthi
konke lokho kwajika nini uthando. Imbongi isebenzise igama ‘ gwiqiqi’ okuchaza ukushintsha
kwezinto phakathi kwabo kade izinto zihamba kahle. Isebenzise amagama ‘ alokoza
okwemamba’ okusho intukuthelo ayeba nayo ubaba wabantabakhe..
Ibinza lesi-2
Isigqi saleli binza siyanensa/ siyacothoza. Leli binza linemigqa evalekile eminingi ,izimpawu
zokuloba nemigqa mide okudalwa umoya wokubalisa. Imbongi ithi ubaba wabantabayo kade
engamphathi kahle. Imbongi isebenzise amagama ‘ Ukugwinya amazinyo’ ukukhombisa ukuthi
wamshaya waze wamkhipha amazinyo. Isebenzise amagama ‘ ubudluthudluthu,
ubuhluthuhluthu ‘ ukuveza ukuthi babehlala ngokuxabana ngaso sonke isikhathi.
Isiphetho: ( Uvo lomfundi)
Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi esigqamisa umoya wokubalisa. Isigqi sayo
siyanensa/ siyacothoza imbongi ibalisa ngokuhlukumezeka kwayo emendweni wayo
nangokushintsha kwezinto esikhaleni kade kuhamba kahle konke.
UMBUZO
1.1 Yisho ukuthi ngesinjani isigqi esitholakala ebinzeni lokuqala bese uyasekela 02
Isigqi esitholakala ebinzeni lokuqala ngesinensayo/ siyacothoza imigqa
yenkondlo ivalekile ngoba imbongi iyabalisa ngendlela izinto esezenzeka
ngayo emendweni. Ubaba wabantabakhe kade emphethe kahle manje
usemjikele usembeka isandla.
1.2 Chaza kafushane okushiwo imbongi imigqeni we -15 kuya kowe -19. 02
Imbongi ithi izinto zashitsha ingashongo lutho kubaba wabantabayo
wayevele athukuthele esikhaleni bese kuba ukuxabana kwabo.
1.3 Chaza ukuthi amagama abhalwe ngokugqamile imigqeni wama -21 alekelele kanjani 02
ukugqamisa umoya.
Amagama abhalwe ngokuqgamile emigqeni wama-21 agqamisa umoya
wokubalisa kwembongi ngokwakwenzeka ngemva kokushona kwelanga
sekuvalwe iminyango nokwakuyisikhathi ubaba wezingane ayemshaya
ngaso.
nowe -5.
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa ukuthi ubaba
wabantabakhe wamsusa kubo wathi abazokwakha owabo umuzi ngoba
emthanda ukwedlula konke kodwa manje usemjikele.
Ngoba usuthe wena angizokwakha owethu,
Ngoba usuthe ungithanda ngokudlula konke.
1.5 Phawula ngokushiwo imbongi emigqeni wama -28 kuya kowama -30 ukugqamisa 02
indikimba yale nkondlo.
Emigqeni wama-28 nama-30 imbongi igqamisa indikimba yokuhlukumezeka,
imbongi ithi ubaba wabantabayo wayemshaya aze ophe kwale ngisho
izingane zimxolisela kwangungathi diki..
10
SESIYACIMA ISIBANI
1.Ngikhal’ ezimathonsi bandla lakwethu,
2.Mhlawumbe kuyisishayo sami ngedwa,
3.Isibani sam’ebesivutha sesiyayafiyoza,
4. Ingathith’isimfishan’impilo yam’emhlabeni.
5.Ithemba kimi seliyamfimfa.
Okwami Nawe
Ngijulise Nkosi
Ma Ngificwa Ukufa
Uchazwa Kwamagama
Igama Incazelo Esobala Inhloso Uokukhethwa
Kwegama
Ngimbeleni Ukumba iliba la kusuke imbongi ibala la efisa ukuba
kuzongcatshwa khona ithuna layo limbiwe khona uma
umuntu. isishiya lo mhlaba.
Umnyezane Isihlahla esimila eduze Imbongi ifisa ukufihlwa
kwamadamu / neziziba endaweni epholile futhi
esinamagatsha alengayo engenakushazwa isomiso
futhi sihlale
sinamaqabunga aluhlaza
ubusika nehlobo
Izinyoni Lezi izinyoni eziba Imbongi ikhethe lezi zinyoni
ezincanyana nomsindo omtoti futhi ezincane noba azinawo
ongadeleki.imvama izinyoni umsindo ozwakala kabi
ezincane azikudli ezindlebeni njengowezinyoni
okungcolile. ezinkulu.(isib.owesikhova)
Izinsungulo Amazwi angemahle Imbongi ayifisi ukuzwa
zezilimi asukwe ebhekiswe kukhulunywa kabi ngayo .noma
kumuntu. izwe okungekuhle konke
okungekuhle emndenini wayo
okobangwa ukukhuluma.
okumuncu ngoba ingasekho.
Funda inkondlo elandelayo bese uphendula umbuzo ozolandela:
MA NGIFICWA UKUFA: B W Vilakazi
ISINGENISO: Ohlolwayo makaqale asho amasu obuciko benkondlo bese ewacaphuna awasekele .
IMIGQA - Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 30 iyonke. - Isitanza soku – 1,esesi-2 nesesi-3 zibunjwe
imigqa eyisi – 7 ngasinye. - Isitanza sesi- 4 sakhiwe imigqa eyisi -9 - Imigqa eminye ivalekile kanti
eminye ivulekile - Yonke imigqa yalenkondlo mide.
IMVUMELWANO
Zenanel’ukwethwasa kwehlobo
Eduduz’imphefumulo
Elele’ukulala kwafuthi
17.Njengob’emahlomb esehluleka
18.Yimithwal’ebengisindwa yiyo.bengisindwa yiyo.
UKUXHUMANA
IFANAMSINDO
Inzwa yokubona:
1.Ngimbeleni ngaphansi kotshani
2.Duze nezihlahla zomnyenzane,
Inzwa yokulalela/ yokuzwa:
10.Nalaph’ izinyon ezincanyana
11.Zihlabelela zisho ngephimbo
Inhlonipho:
5.Ngozwa nami ngilele ngaphansi:
IMIBUZO EMIFUSHANE
Imbongi ithi ifisa ukuthi uma ificwa isikhathi sokufa lapho kudlula khona
izingane zesikole
(10)
ZIHLANGENE PHEZULU
Hlaziya udweshu olutholakala kule noveli Zihlangene Phezulu. Impendulo yakho mayibe yi-
eseyi ehlelke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-eseyi ibe namagama angama -340 kuya
kwangama -390.
Isiphetho
Udweshu olutholakala kule noveli lusebenze kahle ukuthuthukisa inoveli yethu.
Umbuzo omude
Umyalelo
Umbhali usebenzisa izindlela ezihlukene zokuveza abalingiswa endabeni
Phawula ngokuvezwa kwabalingiswa ababalulekile kule noveli ethi ‘Zihlengene Phezulu’ [25]
Impendulo :
Ukuvezwa kwabalingiswa
Isingeniso
Abalingiswa bangavezwa ngezindlela eziningi. Ezinye zazo yilezi:
Ukuchaza indlela umlingiswa abukeka ngayo
Ukuhlaziya kwamagama abalingiswa
Indlela yokubuka izinto/Indlela aziveza ngayo
Inkulumo-mpendulwano
Imicabango
Ukwemukeleka komlingiswa nendlela abanye abambuka ngayo
Isenzo noma isenzeko
Umzimba:
UThuthukani
Lona ngumlingiswa omkhulu uvezwe njengomuntu obekezelayo, uphelelwa umsebenzi,
ulahlekelwa ingane uyazama ukuyithola, uhlushwa unkosikazi wakhe uLetheni owayephuza
kakhulu utshwala aphinde aqome, wagcina esenyamalala iminyaka emibili, kuyo leyo
minyaka emibili wathumela amaphepha esehlukaniso.
Unamaphutha njengomuntu, waphika ingane yakhe.
Uvezwe njengomuntu ononembeza ngoba emva kokuba ayiphika ingane yakhe ezalwa
uThembekile usezama ukulungisa udaba lokuyoyikhokhela kwaMsimude.
Uvezwe njengomuntu ophikelelayo. Ngenkathi kuthunjwe intombi yakhe uzama konke
okusemandleni ukuthola konke okudingwa ngabathumbi ukuze kukhululeke intombi yakhe.
ULetheni
Igama lakhe liyahambisana nezenzo zakhe endabeni. Ulethela uThuthukani izinkinga, ulahla
ingane kade eyoteta, sesimthola ephuza utshwala engalisabi ihlazo uphinde abe neshende
yize eshadile. Uhlukumeza umyeni wakhe uze uthatha isinqumo sokumshiya. Uphinde
athumele amaphepha edivosi.
Uvezwe njengomlingiswa oguquguqukayo, ekuqaleni ungowesifazane oyisibonelo esihle,
uthanda isonto, ubambe iqhaza emphakathini ngokuba ikhansela futhi unothando lomndeni
wakhe kodwa ekugcineni ugcina eseyisigebengu.
Uvezwe njengesigebengu, uthumba uThembekile, usebenzisa uRazor noSpike
ukuhlukumeza uThembekile.
Uvezwe njengomlingiswa oyiphixiphixi, ngoba ngesikhathi ehlela itulo nezigebengu oSpikes
noRazor wayebuye axhumane namaphoyisa elethela izigebengu izinkinga, simthola
edayisa oSpike noRazor.
UMaThabethe
Uvezwe njengomzali ongenalo iqiniso. Wantshontsha ingane kaLetheni esibhedlela,
ezenza umhlengikazi waphinde wakhohlisa umyeni wakhe wathi ingane eyakhe.
Akanaso isandla ezinganeni zakhe, zombili zibhungukile azihlali ekhaya akazazi nokuthi
ziphila mpiloni lapho zikhona.
Uyazama ukudala uxolo, wehlisa ulaka kumyeni wakhe uMsimude osacasukele uThuthukani
ngokuthi waphika ukuthi ukhulelise uThembekile.
UThembekile
Uvezwe njengolingiswa onenhliziyo encane futhi uneconsi, akafuni ukulalela incazelo
kaThuthukani ngesikhathi emfice egeza eshaweni noLetheni. Kuthi noma uThuthukani efika
kuye ethi uzoxolisa ugcina emthela ngamanzi. Izenzo zakhe azihambisani negama lakhe,
udayisa izidakamizwa.
Uyiqili wayehlela ukubulala uThuthukani ezenzisa sengathi uyamthanda.
Ukuphikwa kukaThembekile nguThuthukani ekhulelwe kunomthelela empilweni aseyiphila
enamagqubu nenzondo kuThuthukani.
Isiphetho:
UMBUZO OMFUSHANE
ZIHLANGENE PHEZULU
Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA
“Kuyishwa ke baba ukuthi siyacabangela iqiniso singakalitholi kahle. Okwamanje
akukho esingakwenza ngoba umfo kaNjiyela kade sibhekile ukuthi usezoqhamuka
njengoba ubebhace ehlozini eside isikhathi lesi. Okwethu nje kuyofanele
simemukele ngoba unguyise kaSphesihle. Ingane yakhe sihlala nayo lapha ekhaya,”
kuchaza uMaThabethe.
“Yiphi yona ingane, lena ayiphika emini libalele?” Kubuza uMsimude.
“Ngokuthumela abakhongi abakwaNjiyela bafuna ukulungisa lelo phutha. Kwayona
le ngane inelungelo lokumazi futhi ixhumane naye uyise. Khumbula phela Nojiya
ukuthi singugogo nomkhulu thina. Uyazi-ke nawe ukuthi ikusasa kalaziwa. Kungcono
le ngane ilungiselwe yikusasa layo sisadla amabele ingaphenduki intindili uyise
nonina bephila,” kweluleka uMaThabethe.
“Yiqiniso lelo nkosikazi. Ake sibuyele odabeni, siphuma kanjani kule nkinga?”
kubuza ubaba uMsimude. “Ngicabanga ukuthi kuhle nathi siphume owethu
umkhankaso sike siyozizwela kuThokomele ukuthi kwenzekani, uyatholakala yini
umkhondo wabathumbi bakhe na? kuyilapho kuyozwakala ukuthi ukuthunjwa
kwakhe kuxhumene nombango wesikhundla kule nhlangano yenu noma yizono
zakhe nje kwaphela?’ kuchaza uMaThabethe. “Akungcono sehlise amaphaphu sithi
ukulinda njengoba uThokomele ethembisile ukuthi kungabakhona akucoshayo
okungumkhondo uzosithinta? Kubuza ubaba uMsimude.
“Ukulinda amathonsi abanzi baba, kuyosinceda ngani? Kuhle sishoshele ngakhona
eGoli ukuze kube lula ukuthola ngokwenzekayo, kunokwethembela ezingcingweni
okungaziwa ukuthi ziyofika ilanga likuphi? Yingane yami phela lena baba. Ngeke
ngihlale ngithule ingane yami ibe iphakathi kwetshe nembokodo,” kunxenxa
uMaThabethe osebonisa izimpawu zokufudumala. uMsimude wazibonela engeyona
ingane ukuthi lesi sifuthefuthe somkakhe sizodala izinkinga uma ephike naso
kungcono avele ehlele ngezansi baphuthume khona eThembisa ukuyozizwela ukuthi
kwenzekeni ngempela?
2.4 Xoxa ngomoya otholakala emagameni abhalwe ngokuqgamile atholakala kulesi (02)
siqeshana.
2.8 Chaza imbangela yokuthi uLetheni ethuke uma ebona umama kaThembekile
uMaThabethe aze aquleke. (02)
Izimpendulo Ezilindelekile
2.3 Esiphethweni salesi siqeshana uMsimude ugcina emvumela umkhakhe ukuthi (02)
akuphuthunywe kuyiwe eThembisa kuyothungathwa uThembekile njengoba
ethunjiwe.
IPHEPHA LOKU-1
Umsebenzi
Izifo Ezingalapheki
Nakuba lesi sifo siyingozi kodwa kuyaphileka naso uma udla ukudla
okunempilo, uzivocavoce, udle imishanguzo yengculazi njalonjalo. Baningi 65
abaphila naso lesi sifo abangabonakali ukuthi banaso, bazisebenzela kahle,
futhi bathola nemishado. Abanye sebathola ngisho abantwana abangenaso
isifo sengculazi. Kubalulekile ukuthi abantu baye kohlolwa igazi ukuze
bazazi noma basemsulwa noma sebehaqekile yileli gciwane. Ingculazi
nakuba lingakatholakali ikhambi lokuyelapha kodwa likhona ithemba okuthi 70
ngelinye ilanga iyolapheka.
Imibuzo
A Ukwenzeka ngokudlulele.
B Ukwenzeka kancane.
C Ukwenzeka ngokushesha.
KANYE
UMBHALO B
1.2 Bukisisa izithombe ezilandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela
IMIYALELO
1. Fingqa lesi siqeshana esimayelana nezinkinga ezidalwa ukuntuleka kwamanzi
eNingizimu Afrika usebenzise amagama akho angedluli kwangama-70.
2. Fingqa ngesigaba.
3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana.
4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile.
UMBHALO C (Ofundwayo)
IZINKINGA EZIDALWA UKUNTULEKA KWAMANZI ENINGIZIMU
AFRIKA
1
Izwe laseNingizimu Afrika libhekene nenkinga yokuntuleka kwamanzi.
Lokhu kudalwa ukungani kwemvula ezweni lonke ikakhulukazi ezindaweni
zasemakhaya. Ekugcineni kuba nemiphumela emibi empilweni yabantu,
ezilwaneni nasezitshalweni
2
Ukuguquka kwesimo sezulu okudalwa ukungcoliswa komoya kunomthelela
kulokhu kuntuleka kwamanzi. Konke okusemhlabeni kudinga amanzi
ukuze impilo iqhubeke. Ingxenye enkulu yomzimba womuntu yakhiwe
ngamanzi. Ukungawatholi amanzi anele kwenza umuntu ancishelwe
amanzi emzimbeni. Lokhu kudala izifo eziningi kanye nokufa imbala. Uma
imvula ingani, imithombo yamanzi egcina amanzi efana namadamu
nemifula, iyoma nkwe bese kuba nesomiso.
3
Amazinga aphezulu okushisa kwelanga amunca amanzi asemhlabathini.
Konke okutshaliwe okulusizo kuyafa noma kungamili kahle. Ukufa
kwezitshalo kunomthelela wokuphela kwendalo kanti impilo incike kakhulu
kokutshaliwe. Izizukulwane zingagcina zingazazi ezinye zezihlahla
zendabuko Izilwane zidinga ukuphuza amanzi ukuze ziphile. Izinhlanzi,
izingwenya nezinye izilwane ezihlala emanzini zisebenzisa amanzi
njengamakhaya azo. Ukuphela kwamanzi kwenza zife ubuthaphuthaphu
nesibalo sazo sinciphe. Izilwane ezikhiqiza ubisi nenyama nazo
ziyathinteka bese kuba nomthelela omubi kubantu.
Izikole ngezinye zezindawo ezikhahlanyezwa ukungabi khona kwamanzi. 4
Abafundi nothisha babhekana nezinkinga uma kufanele basebenzise
izindlu zangasese noma befuna ukuphuza amanzi. Kwesinye isikhathi
basuke bedinga nokuhlamba izandla emva kokubuya ezindlini zangasese.
5
Amahlelo athile ezenkolo nawo futhi adinga amanzi amaningi
ukubhabhadisa amakholwa nokwenza inqubo eqondene namabandla awo.
Kuba nzima ukubhabhadisa amakholwa uma sekushe amadamu nemifula
abayisebenzisayo.
6
Izinkampani kanye namabhizinisi kungavalwa ngenxa yokwentuleka
kwamanzi. Izibhedlela zona zithinteka kakhulu ngoba amanzi ahambisana
nezempilo. Amanani okudla, iziphuzo, nokunye ayakhuphuka ngenxa
yokwentuleka kwamanzi.
7
Asiwonge amanzi ukuze siphile impilo engcono nenenhlanzeko.
ISIGABA
Ukungabi bikho kwamanzi enele kwenza umzimba wome okungadala izinkinga
eziningi emzimbeni womuntu. Ukungani kwemvula kwenza izindawo okutholakala
kuzo amanzi zibe nesomiso esikhulu. Izitshalo esizidingayo ziyasha ziphele okudala
ezinkulu izingqimba ngoba ziyisidingo empilweni. Ukuntuleka kwamanzi
kunganciphisa inani lezilwane nemikhiqizo yazo njengoba kuyiwo amanzi eziphila
ngawo. Izindawo zokusebenza namabhizinisi kungavalwa kuphele nemisebenzi.
Ukungabi bikho kwamanzi kuletha izingqinamba ezikoleni, emasontweni kanye
nasezibhedlela. Okudliwayo nokuphuzwayo kugcina sekumba eqolo konke lokhu
kube kungenxa yokuntuleka kwamanzi
Inani Lamagama: 70
UKUHLAZIYA ISIKHANGISI
AMASU/AMAKHONO
IZINHLOBO ZESIKHANGISI
Imikhiqizo
imisebenzi edluliswayo
ezemidlalo nokungcebeleka
Izaziso (ezemigcwabo)
ukubhida njll.
Umsebenzi 7
Uhla lwezimpendulo/Umhlahlandlela
3.1 Umkhiqizo okhangiswayo uMndeni skin care (1)
Umsebenzi 8
Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo
Imibuzo
3.1 Yini ekhangiswayo kulesi sikhangisi? (1)
3.2 Phinda ubhale igama lenyanga kaNovemba ngesiZulu. (1)
3.3 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwefonti enkulu esihlokweni (2)
salesi sikhangisi
3.4 Ngabe izivakashi zingayithola kanjani le ndawo? (2)
3.5 Ucabanga ukuthi lesi sikhangisi singabasiza kanjani abantu abaphila (2)
kulesi sikhathi samanje?
3.6 Phawula ngekhono lombhali ekusebenziseni amasu okukhangisa. (2)
IKHATHUNI
IYINI IKHATHUNI?
UKUHLAZIYA IKHATHUNI
4.2 Ubuqiniso obenzeka kule khathuni ukuthi abantu kuyenzeka bafike (2)
erestoranti bafake i-oda, badle noma bengenayo imali ephelele
Umsebenzi 10
Imibuzo
4. Yisho okwenzeka kule khathuni. (2)
1
4. Nikeza umuzwa oqukethwe yilaba abasesandleni sokudla. (2)
2
4. Iyini inhloso yalo mdwebi yokubhala le khathuni? Bhekisa kowesilisa (2)
3 ohleli phansi.
ushunqa intuthu.
Uhla lwezimpendulo/Umhlahlandlela
4. Kukhulunywa ngemikhabakazi ehlasele bonke abantu. (2)
1
Umsebenzi 12
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo
Imibuzo
4.1 Yikuphi okukhombisa ukuthi laba ababili basendlini kadokotela? (1)
4.3 Sebenzisa igama elichazayo ‘oqotho’ emshweni wakho ozakhele wona. (2)
Uhla lwezimpendulo/Umhlahlandlela
4. Okukhombisa ukuthi basendlini kadokotela (1)
1 inkulumo kaZikode / isitulo ahlezi kuso /amaphepha alahlwe phansi.
(okukodwa kwalokhu)
4. Isimo sokukhuluma ‘ ngiswele umgodi wokucasha’ isisho sichaza ukuthi
2 akazi ukuthi enzenjani.
(2)
Umsebenzi 13
Uhla lwezimpendulo/Umhlahlandlela
4. Okubili okukhombisa ukuthi laba balingiswa bayaxoxa : (2)
1 * Uhlobo lwesibiyelo olunomcibisholo umdwebi alusebenzisile
* Umlomo womlingiswa ongumfana ovulekile.
4. Uteku olwethulwa umdwebi wale khathuni ukuthi umfana ukhuluma
2 nopetrol engathi ukhuluma nomuntu. Umfana ubuza upetrol ukuthi
(2)
kungani eklinya uyise ekubeni engenamoto futhi engasebenzi.
4. B / Umkhululelani (1)
3
ISIQEPHU E
Ukuthuthukiswa kolwazimagama
Kule ngxenye kusuke kusabhekwa ukuqonda amagama anhlobonhlobo
asetshenziswa olimini lwesizulu. Okumele kuqashelwe ukuthi kule ngxenye
akukabhekwa ukwakheka kwamagama. Kuphela nje kwandiswa ulwazi
lwamagama okuzokwenza ugcine usungungoti olimini lwesiZulu. Amanye
amagama aye abhekwe kule ngxenye yilawa alandelayo:
Omabizwafane
Amagama amqondophika
Amagama amqondomningi
Igama elilodwa elimele ibinzana
Amagama ahambisanayo- isibonelo inkukhu nempaka; inja nekati.
Kuzokhumbuleka ukuthi olimini lwesiZulu la magama isikhathi esiningi agcina
wona esakha izimo zokukhuluma
Ukuhlolisisa ukuthi amagama asuselwa kwamanye amasiko/ayimfakela
anamthelela muni emathekisthini
Ukukwazi ukubona inkulumo eqhathanisa izehlakalo ezedlule, umlando,
inkolo, imibhalo yobuciko, njl.
Izakhiwo zemisho
Izakhiwo zemisho kubhekwa kakhulu ukusetshenziswa kwamagama emishweni
(izingcezu zenkulumo) kanye nokwakhiwa kwemisho.
Usobizo
Ibizo
Izakhi zamabizo: - isiqalo
Isiqu
Izinhlobo zamabizo
Umsebenzi webizo emshweni ukuba libe yinhloko yomusho okungaba umenzi
noma umenziwa.
Isibonelo: Uthisha ufundisela izingane ehholo.
Leli bizo elingenhla elibhalwe ngokugqamile lenze umsebenzi wokuba inhloko
emshweni. Lena inhloko engumenzi ngoba yiyo eyenzayo emshweni.
Isibonelo: Izingane zifundiswa nguthisha.
Kulo musho ongenhla ibizo elibhalwe ngokugqamile lenze umsebenzi wokuba
inhloko. Nakuba leli bizo lingumenziwa ngoba izingane yizona ezifundiswa
nguthisha.
Isabizwana
Isabizwana soqobo
Isabizwana sokukhomba
Isabizwana sokubala/ senani
Isichasiso
Umsebenzi wesichasiso ukuchaza umenzi noma umenziwa.
Isibonelo: Abafundi abalalelayo bazophasa kahle.
Leli gama elibhalwe ngokugqamile ‘abalalelayo’ liyisichasiso. Ngakho-ke
umsebenzi waleli gama ukuchaza abafundi. Kubhekwa ukuthi yibaphi abafundi
okuyibona abazophasa kahle. Yilaba abalalelayo.
Izinhlobo zesichasiso:
Isiphawulo
Isibaluli
Ongumnini – okhanyisayo
Ongumnini woqobo
Inani
Isilandiso
Isilandiso yisona esiqukethe umusho esizulwini. Umusho awusoze wabakhona
uma isilandiso singekho. Okubaluleke kakhulu ukuthi:
Umsebenzi wesilandiso ukulandisa emshweni.
Isibonelo: Izingane zibuka umabonakude.
Isitsha singcolile.
Isilandiso sisodwa singaba umusho. Lokhu kwenzeka ngoba isilandiso
sisebenzisa isivumelwano senhloko isikhathi esiningi.
Isibonelo:
Uyamdelela.
Leli gama elingenhla liyisilandiso futhi lingumusho ophelele. Okuqaphelekayo
ukuthi kusuke kusetshenziswe isivumelwano senhloko.
u- isivumelwano senhloko umuntu wesithathu okhulumayo- ubunye
-ya- isakhi senkathi esikhomba ukwenzeka manje
-m- isivumelwano sikamenziwa
-delela isiqu sesenzo
Isilandiso sinesibanjalo kanye nesenzo.
UMUSHO
Umusho ungumusho ngesilandiso. Ukuze kube khona umusho kumele kube
khona isilandiso.
Izinhlobo zemisho
Umusho oqondile
Unesilandiso esisodwa esisobala
Isibonelo:
1. Abafundi abakhuthele bazophasa ngamalengiso.
2. (Mina) ngiyamthanda (yena).
Umusho ombaxa
Lolu hlobo lomusho usuke unezilandiso ezingaphezulu kwesisodwa.
Isibonelo: izingane zifunda incwadi kepha azihlakaniphile.
Umusho omagatsha
Kulolu hlobo kuba khona umusho okwazi ukuzimela. Lo musho kuthiwa umusho
omkhulu. Bese kuba khona umshwana ongakwazi ukuzimela. Ongachaza
noma ukhanyise.
1. Othisha abafika sekwedlule isikhathi emsebenzini bazojeziswa.
Umusho omkhulu: Othisha bazojeziswa.
Umushwana okhonzile ochazayo: abafika sekwedlule isikhathi emsebenzini.
2. Ngimxoshile lowo mntwana ngoba akabahloniphi abantu abadala.
Umusho omkhulu: Ngimxoshile lowo mntwana.
Umshwana okhonzile okhanyisayo ngokukhomba isizathu: Akabahloniphi
abantu abadala.
Lo musho ukhanyisa okusetshenzisiwe: akabahloniphi abantu abadala.
UKUHLOLISISA INDLELA ULIMI OLUSETSHENZISWA NGAYO
Izibonelo:
1.Ingane ilahle isicathulo sayo esisodwa. (kushiwo impahla unyawo olufakwa
kuyo-oqondile)
2.Uphakamise isicathulo wathi qhabu ecima ukoma. (kushiwo ukhanjana lotshwala
ngoba luncane ngakho lungathekiswa nesicathulo okuyimpahla yonyawo
ogudliselayo)
Bakhona kodwa abantu abadlala izigubhu emalibeni. ( abantu abadlala umculo
odumayo ngenxa yezandisi msindo ezinkulu abazisebenzisayo-ogudliselayo
ungathekisa ukuduma kwesigubhu esikhulu)
Iqiniso nombono
Iqiniso inkulumo equkethe okungenakuphikiswa, abudingeki ubugagu uma kubekwa
le nkulumo.
Umbono amazwi adinga ubugagu,owashoyo kudinga awaseke ukuze abawafundayo
/abawalalele bawabone ngendlela awasho ngayo kodwa ebe engaphikiseka.
Izibonelo:
Indlovu isilwane esikhulu kunazo zonke ezweni. (iqiniso)
Awukwazi ukweqiwa ngisho nawusuku olulodwa ekufundeni izifundo zakho uma
ufuna ukuphumelela ngamalengiso. (umbono kuyenzeka onyakeni umfundi lumeqe
usuku olulodwa noma ngaphezudlwana kwalokho engafundanga kodwa aphumelele
ngamalengiso )
Izibonelo:
Akutshalwe izihlahla ezizovikela amanzi kumafenya. (indawo iveziwe)
Akutshalwe izihlahla ezizovikela amanzi. (indawo ayivezwanga)
Kuyenzeka amagama amanye afakwe ngoba kufanele agcizelele noma aveze
inhlonipho ethile uma eqiwe kwakheke umqondo wokwedelela.
Izibonelo:
Umame uthe ngimkhumbuze uma sekuyisikhathi sokuhamba. (Ukuhlonipha uma
ingane ikhuluma naye ngqo umame)
Uthe ngikukhumbuze uma sekuyisikhathi sokuhamba. (Igama umame leqiwe ibe
ingane ikhuluma naye ngqo umame, lokhu kukhomba ukwedelela)
Umuzwa wokuxolisa
Sixolele Simakade thina zoni ezilusizi.
Shwele Mdali!
Maluju!
Umuzwa wokudangala
Usixolele Simakade thina zoni ezilusizi.
Kuvalwe ngehlahla emizini eminingi ngenxa kamashayabhuqe.
Uhambe ngokukhulu ukuzuma uzakwethu.
Umuzwa wokujabula
Ngadla mina khanda le nkawu usimakla!
Kikiki! Kuhle kwethu!
Halala!
Ngibathanda sebelihlikihla abafana nalapho sebelidlisa utshani kuphela.
Umuzwa wokucasuka
Habe! Angifuni nakuzwa ngalezo sichwensi!
Ngeke uze ukubone lokho!
Phuma uphele lapha!
Umuzwa wothando
Ntombi emhlophe okwezihlabathi zolwandle.
Intombazanyana yabo ikhula kahle kakhulu.
Izwe lakithi linobuhle obungefaniswe.
Umuzwa wenzondo
Nx! Ulayekile lo mgulukudu waboshwa.
Mudle maliyakhe!
Uzwile ungetshe!
Uqhele ukwenza kukulungela, ufike kwangqingetshe namuhla.
Izibonelo:
Ayikho induna ezophatha amabutho ingabuthiwe ngokusemthethweni.
(okhulumayo unamandla ngaphezu kwezinduna namabutho)
Izingane azisheshe zilale, isikole kusasa.
(Okhulumayo unamandla ngaphezu kwalowo amtshela lo myalezo kanye nezingane)
Ulimi oluvumisayo
Lolu ulimi olusetshenziselwa ukwenza akuvume okushiwoyo lowo inkulumo yalolu
hlobo ebhekiswe kuye.
Izibonelo:
Uzongiboleka leyo ncwadi uma usuqede ukuyifunda angithi?
Bonke abafuna intuthuko bahamba nathi ngoba yithina kuphela esaziyo
ngentuthuko.
Ukuchema
Ukuba nemibono evuna noma engaluvuni uhlangothi oluthile ngaphandle
kokusebenzisa ulwazi oluphelele ukuze uthathe isinqumo okuyiso.
Kungachenywa ngezindlela ezehlukene kanje:
Izibonelo:
Izingane zamanje zihlakaniphile kunabantu abadala.(ngobudala)
Abashayeli besifazane bayacophelela kunabesilisa. (ngokobulili)
Kuleli zwe kuhlala amaKrestu kuphela. (ngokwenkolo) njl.
Ukubandlulula
Ukuphatha abantu noma izinto ngokwehlukile ngezizathu ezehlukene ezingaba
ngezemukelekile noma ezingamukeleki ebantwini abehlukene)
Izibonelo:
1.Abafundi abaphumelele ngamalengiso kuphela abazothola umfundaze.(abafundi
abangaphumelelanga ngamalengiso bayabandlululwa)
2.Izihambi kumele zibe nemvume yokuba sezweni lakithi. (izihambi ziyabandlululwa
ngokusemthethweni)
3. Ababhemayo ababhemele kude nabangabhemi futhi endaweni evulekile.
(ababhemayo bayabandlululwa)
Inkolelo engaguquki
Lokhu kuyilokhu umuntu akuthatha njengeqiniso okukanye ngokufana noma
kungelona iqiniso futhi kungafani.
Izibonelo:
Abafana bayafana njengegama labo.
Zinjalo izingane ezikhula zitotoswa.
Mdala umlungu.
Ijagoni
Ulimi olusetshenziswa ngabantu abahlanganiswe okuthile okungaba uhlobo
lomsebenzi, inkolo, ubungani, njl.
Izibonelo:
Khohlwa yilowo mlingiswa uyisicaba ngeke aguquke.
(Abafundisa / abafunda isiZulu)
Umndende wabapotozayo kuphela lowo.
(Abathintene nokuhlenga abakhulelwe)
Owokuqala umdabule ngesikela olandelayo walihlohla ekhishini zachwaza izihlwele.
(Abadlali / abalandeli bebhola lezinyawo)
Ulimi lwesigodi
Lolu ulimi olungachumile ezweni lonke noma kulabo abalukhulumayo kodwa
olusetshenziswa ikakhulu ngabantu bendawo ethile.
Izibonelo:
Ukuqagula
Lokhu kuwukusho into sengathi iliqiniso elingephikiswe yize oyishoyo engenabo
ubufakazi obuphelele:
Izibonelo:
Kuse linenkungu kusho ukuthi lizobalela emini.
Ushayela kahle ngoba useneminyaka enezincwadi zokushayela.
Ukucabangela (okungahle kwenzeke)
Ukuhlanganisa izinkomba, izimpawu noma ubufakazi obuthile bese okhulumayo
ecabangela umphumela. Indlela le nkulumo ebekwa ngayo kuyacaca ukuthi
oyikhulumayo akanasiqiniseko esiphelele.
Izibonelo:
Usheshe walala kuyobe ubekhathele kakhulu.
Ukulima izitshalo akusenanzuzo cishe yizo lezi zimvula ezingasaqondakali ukuthi
ziyofika nini futhi zime kanjani izingane
Izibonelo:
Oxamu bayabusa ekweneni (isaga).
Oxamu lapha bangathekisa izigebengu kanti ekweneni khona kungathekisa izindawo
ezithile lapho izigebengu zikhululeka khona ngaphandle kokuphazamiseka.
Izibonelo:
Umzimba uzwiwa ngumniniwo (isaga)
Kuyiqiniso elingenakuphikiswa ukuthi omunye umuntu ngeke abazi ngokuphelele
ubuhlungu obuzwiwa ngomunye umuntu.
Izibonelo:
Ukuzala ukuzelula amathambo. (isaga)
Insizwa eyancela (isisho) Sisho insizwa enamandla noma enesibindi
Umsebenzi 15
A ukuhleka
B ukuphila kahle
C ukuhlupheka
D ukufunda
(1)
5.7 Phinda ubhale lo musho obhalwe ngokugqamile osemigqeni we-16
kuya emgqeni we-17 usukhombisa ukuvuma.
(2)
5.8 Ncoma ukusetshenziswa kolimi okutholakala emgqeni wesi-9.
[10]
Uhla lwezimpendulo/umhlahlandlela
5.8 Umbhali usebenzise kahle isisho ‘Begqoke beconsa’ ukuveza ukuthi (2)
basuke bebahle bezimisele/beswenkile.
IPHEPHA LESI-3
INCWADI YOBUNGANI
Umzali wakho ukusekile ngezindlela zonke wenza Ibanga le -12 waze waphumelela ngamalengiso
ezifundweni zakho.
AMALUNGISELELO (ayakhanselwa)
Mama
Sagcinana emcimbini wokuklonyeliswa kwabafundi abaphumelele ngamalengiso
esifundazweni sethu nami engangiyingxenye yawo. Ngifisa ukubonga ngokungeseka
endleleni yami yempumelelo.
Impumelelo yami ibingeke ibe yilokhu esikubone kuyikho ngenkathi ngidla
umhlanganiso ezifundweni zami. Ngaze ngaba ngomunye wabaklonyeliswayo
esifundazweni sethu. Ngiyabonga ngezindlela ongifundise zona ukuze ngifinyelele
empumelelweni njengoba kade kunemisebenzi ebekumele yenziwe yimina kodwa
ngaleso sikhathi ibisiyenziwa nguwena mama, ngaleyo ndlela ngithi ukwanda
kwaliwa umthakathi.
Ngiyathembisa ukuthi konke ongifundise kona njengokukwazi ukuzimela nokuthi
ngicele nosizo lapho seziyime emthumeni ngizokusebenzisa uma ngihlangabezana
nezingqinamba, phela injobo enhle ithungelwa ebandla. Ngizoqhubeka
ngezimfundiso zakho ongifundise zona njengokugwema izindawo zobumnandi
nabangani abangelona usizo kimina. Sekuyoba lula nakumina ukwedlulisela lezi
zimfundiso zakho kubafowethu nodadewethu abangelamayo ukuze nabo bakwazi
ukuphumelela ngamalengiso kanye nokuziphatha ngendlela eyiyo empilweni.
Khonza kubo bonke ekhaya ubatshele ukuthi siyobonana ngamaholide kaZibandlela
sesiphumelele sonke ezifundweni zethu.
Yimina indodakazi yakho
uNosimilo
INCWADI YOMSEBENZI/ESEMTHETHWENI
P.O.Box 1748
Durban
4000
22 Ncwaba 2021
Khansela
P.O. BOX 224
Durban
4000
Mnumzane (Bhengu)
Yimina ozithobayo
uT.J. Zulu (Nkkz.)
INCWADI EYAKUMHLELI
Incwadi eya kuMhleli ifana nencwadi yomsebenzi kepha kukhona nakuyo okudingeka
sikuqikelele ngayo.
Le incwadi –
Incwadi iqondiswa kuMhleli. Noma ngabe uphendula okuthile okuvele ephephandabeni kepha
yena uqondana noMhleli.
Iphephandaba lizama ukonga isikhala ngakho-ke alikufuni ukuthemeleza.
Iphephandaba alifuni ukuqhatha umphakathi, ngakho-ke amazwi ayinhlamba noma ajivazayo
aliwafuni.
Incwadi kufanele ibe nekheli eliphelele lombhali, igama nesibongo. Uma umbhali engathandi
kukhishwe igama lakhe lempela, uyasho kodwa libekhona elempela liphelele futhi.
Isihloko sendaba angazibhalela yena phezulu encwadini yakhe, kodwa uMhleli angasiguqula
ngokubona kwakhe.
Incwadi ayisayinwe umbhali ukuze iphephandaba livikeleke.
Ukugxeka ngokwakhayo kuyindlela esebenza kahle kakhulu kulolu hlobo lwencwadi.
UMhleli unelungelo lokuthi angayikhiphi mpela mpela incwadi uma ebona kunesidingo.
Amalungiselelo
Bhala ikheli lalowo obhalayo
Usuku
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
Isibingelelo
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
xxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxxx
Umlazi
4031
14 Okthoba 2009
Mhleli
ILanga
27 Mngeni Rd
DURBAN
4001
Mnumzane
Emisebenzini abaholi bayaqala ukuziveza ubunjalo babo. Kubukeka sengathi kuba yilowo nalowo
akhumbule izihlobo nabangani bakhe. Bakhona abacabangela amalunga amaqembu abo
abamba iqhaza ekukhethweni kwabo. Bakhona nalabo abakhumbula omakhelwane babo. Kuvela
imikhakha ngemikhakha yabaholi. Ngisho nomakhwapheni bayahlomula kulokhu. Okubuhlungu
ukuthi abavoti abangamalunga omphakathi nje ababe besakhunjulwa lapho seyidubukele. Yehla
njalo le nkohlakalo ize izofika emazingeni aphansi.
Liyaphi leli zwe? Kungabe umnotho waleli zwe owokwabelana kwalabo abasemagunyeni
nezithandwa zabo? Kungabe umnotho ongaka owalabo abasondelene nalabo abasemagunyeni?
Yimina ozithobayo
uThandwangubani Mdunge
UMLANDO KAMUFI
Umkhulu wakho obewusizo emphakathini nakwezemfundo, unishiye ngokukhulu
ukuzuma ngenxa yokhuvethe. Ube usucelwa amalungu omndeni ukuba ubhale
umlando ngaye.
Bhala umlando kamufi
Amalungiselelo
Isihloko:
Amagama aphelele kamufi kanye nesibongo
Isigaba 1:
Amagama aphelele kamufi, usuku lwakhe lokuzalwa, amagama abazali bakhe
abangasekho emhlabeni kanye nendawo azalelwa kuyona.
Isigaba 2:
Imfundo yakhe yamabanga aphansi, athe thuthu namabanga aphezulu.
Isigaba 3:
Izindawo asebenza kuzona, izikhundla neqhaza abelibambile emphakathini.
Isigaba 4:
Usuku ahambe ngalo emhlabeni nalabo abashiyile emhlabeni abayigazi
lakhe.
Isiphetho:
Amazwi okuvalelisa
Isibonelo:
Nazi izinto okufanele abafundi baziqaphele uma bebhala lolu hlobo lombhalo:
Isakhiwo senkulumo-mpendulwano
Njengemibhalo yonke kufanele kubekhona isingeniso. Esingenisweni yilapho kwethulwa
khona udaba oluzoxoxwa, nokuthi luzoxoxwa ngobani.
Amagama alabo abakhulumayo abhalwa ngasesandleni sokunxele, abe mafishane nesibongo
singasetshenziswa. Akubhalwa lutho ngaphansi kwamagama alabo abakhulumayo.
Kubhalwa ikholoni emva kwamagama abantu abakhulumayo.
Ukukhethwa kwamagama kumele kukhombise ukwehlukana kwezinga lalabo abakhulumayo.
Isibonelo ubaba uma ekhuluma nendodana, ingane yesikole uma ikhuluma nothisha.
Ukuthi inkulumo-mpendulwano iqala ngesingeniso akusho ukuthi akubekhona isigaba
esiyisiphetho. Isiphetho sendaba siba senkulumweni yabo, kuzwakale ukuthi isiyaphetha.
Ingaphetha ngokuba bezwane noma bangezwani kuye ngokuthi udaba ebebeluxoxa luhamba
kanjani.
INTHAYVU
Amalungiselelo
1. Isihloko
2. Isethulo
siba kubakaki siveza isizinda, amagama abalingiswa nenhloso
3. Isingeniso
ukwemukela
4. Umzimba
uba nengqikithi
imibuzo emifushane kobuzayo
ophendulayo uyenaba
5. Isiphetho
ukusonga
I-INTHAVYU
Uphumelele ngamalengiso ezifundweni zakho zikamatikuletsheni nakuba izwe lisebunzimeni
bokubhekana nalolu bhubhane i-covid-19, iMeya yoMkhandlu wangakini ibe isikubizela
ehhovisi lomkhandlu izokubuza ngezindlela ozisebenzisile ukuze uphumelele ngamalengiso
ngesikhathi esibi kanje.
Bhala i-inthavyu obe nayo phakathi kwakho neMeya yoMkhandlu.
Uma abafundi bezokwenza inkulumo kumele bakhumbule ukuthi abantu abefani ngamasiko,
ngezinkolelo, ngemfundo, ngabakuthandayo nokunye. Ngakho-ke kumele umfundi acabange ukuthi
bazosithanda yini isihloko sakhe, futhi bazi kangakanani ngaso, bazowezwa yini amagama ahambelana
naleso sihloko labo azokwethula kubo inkulumo.
Lapho abafundi beqoqa ulwazi ngesihloko abazokhuluma ngaso kufanele bazi ukuthi baqonde
ukubajabulisa nje, ukubafundisa okuthile, noma ukuba balandele imibono yabo labo abalalele. Lapho
sebekhuluma abaqikelela futhi ukuthi ngabe abalalele bayajabula, bayezwisisa noma bayayemukela
yini le nto abayishoyo..
Ukulungiselela inkulumo
Kubalulekile ukuthi umfundi ozokwethula inkulumo azilungiselele ngokwenele. Ukuzilungiselela
kubandakanya ukubhala amaphuzu ephepheni. Lapho ezilungiselela kumele athinte izihlokwana
ezilandelayo:
Isihloko
Kubalulekile ukuthi isihloko sibe nokuthi inkulumo izokwenziwaphi, ngubani ngaluphi usuku futhi sethule
ingqikithi yenkulumo.
Isibingelelo
Kumele oxoxayo abingelele abakhona ngezinhlelo zabo, abakhulu nabancane, abalandelanise kahle
ngokwamazinga abo emehlweni omphakathi.
Isingeniso
Isingeniso kumele sihehe sibe sifushane siphoqe abantu ukuba balalele. Singaba -
Owethula inkulumo angalokothi enze izixoliso, njengokuthi “Nixole ngoba angikwazanga ukulungiselela
le nkulumo.” Lokhu kuqeda umdlandla kwabalalele. Akenze abalaleli babenesasasa kwakushoyo.
Indikimba:
Uma ekhuluma akasebenzise izandla, isimo sobuso, amehlo, kodwa hhayi ngokweqile.
Amehlo akhe awahambe indlu yonke angakhombisi ukwesaba, ukungakhululeki kumbe
ukwethuka.
Ukuze inkulumo ivuse isasasa kwabalalele, owethula inkulumo akaguquguqule izwi, lizwakale
ngokucacile, lilandele indikimba yakhe; ukuphakamisa izwi kukhombisa isasasa, ukulehlisa
kukhombisa ukuthi kukhona azokusho. Akangahlebi futhi angamemezi, kuphela akazikhohlwe
ukuthi ungubani umqondo wonke wakhe ubesenkulumweni. Akalandelanise kahle amaphuzu
ukuze inkulumo izwakale kahle. Akasebenzise izibonelo amahlaya nokunye okufuze lokho.
Akangalokothi ethuke noma abukele phansi labo abamlalele.
Akangayenzi inkulumo yakhe ibe yinde kakhulu kuze kuphele umdlandla kwabalalele.
Inkulumo ayifeze inhloso yomethuli wayo.
Isiphetho:
Ukuze isiphetho sigculise, umlaleli azizwele ukuthi uzuzile, kumele oxoxayo aphethe ngesiphetho
esifanele, esifushane nesinembayo. Angasebenzisa lezi zindlela ukwenza lokho:
Kungenzeka ukuthi phakathi kwenu bakhona abalindele ukuthi njengoba ngimude kangaka nje
ngizoba mude kanti cha.
Uma ngibuka isikole, ngibuke la madoda atatamisa inyama, ngibona kunento efanayo kulezi zimo
ezimbili - ukubambisana. Lapha esikoleni uNgwane ngimfanisa nale nsizwa ezihola phambili.
Uma engelona igagu kuzokuba lukhuni kuhle kokukhipha umbokwane emanzini ukufukula
abafundi. Uma eligagu othisha bazobamba bafukule kanyekanye. Ngaleyo ndlela abazali
bazozithola bekikiza. Ngokwenzenjalo othisha bazozizwa benamandla amaningi, bazizwe
benothando lomsebenzi. Kuzothi uma othisha becela imvume yokwenza into ethile, uNgwane
abavumele, babuye babonge:
Bande ubuntu.
Kwande ukubambisana.
Kunciphe izinkinga ngaphakathi esikoleni.
Anciphe amahora lapho kuxazululwa izinkinga ezidaleka ngenxa yokungabambisani.
Baphumelele ngamalengiso abafundi.
Basho abazali baseNquthu bathi, “Kuyafundwa eMgazi”.
Ngiyabonga Mphathihlelo.