Elokufa Alitsheli

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 2

“Sekuyonakala-ke manje!

Sininika imizuzu eyishumi nanhlanu ukuthi nihlakaze lesi


sixuxu esigcwele lapho enkantolo. Uma nihluleka nina sizosuka nihambe nibashiye
bodwa laba bantu kungenjalo siyababopha!”

Wayesho lowo sayitsheni esula izithukuthuku ngenhlanekela. “ Njengoba laba bantu


behlula nina, thina sizobakhuza sibathini?” wayebuza eneka izandla uNkwali nenkani
engathi shu.

“Uma benihlula ngenani indlela enifike ngayo,” ejanyelwe iphoyisa lo mlungu


elikhipha isiZulu ngamakhala, limtshengisa ngomunwe ukuthi lingakuphi isango
okumele baphume ngalo.

“Ngeke nikubone lokho, sizohlala ngenkani. Uma bengakhuzeki abantu akulona icala
lethu lelo. Angeke size sense intando yenu,” wachitha ingalo uNkwali wabiza
uthishomkhulu noSenzo ukuze ashiywe dengwane amaphoyisa.

“Uma uqhubeka le nkani yakho uzolala ubaliwe,” USayitsheni wayekhomba uNkwali


ngomunwe ezimpondweni zamehlo ebonakala ukuthi usegane unwabu.

“Angisatshiswa ngombuzo wenyoka mina. Ungangisabisi ngokungibopha mina.


Ungangisabisi ngokungibopha mina, uma uhalela ukungibopha yenza njalo,
ungabikezeli,” washonjalo uNkwali washintsha ebusweni esebuya eza ngkulona
iphoyisa.

Kwalamula uthishomkhulu embamba ngengalo emcela ukuthi amhloniphe ngokuba


ayeke ukuqophisana nephoyisa. Walalela uNkwali kodwa engawuvalile umlomo
wakhe njengoba wayelokhu esongela iphoyisa. UNkwali waba ngukufika esixukwini
esasisathule sicijise izindlebe sifuna ukuzwisisa kahle okukhulunywayo, wahuba
ingoma, “umshini wami”. Yamukelwa ngenkulu inhlokomo. Wayesehlulekile
uthishomkhulu ethi uyakhuza waphetha ngokuthi ame khimilili. Wathi uma ejeqeza
amaphoyisa uthishomkhulu wawabona elinganisa ngeminwe ukuthi sekusele
imimizuzu emihlanu. Wahambela phezulu uthisha waqonda ngqo emotweni yakhe,
wangena kuyona wahaya wachitha.
Imibuzo

1. Yini eyenzeka kulesisiqephu osifundile? (1)


2. Yini eyenza lseisixuku singalawuleki? (2)
3. Kusuke kuthakazelwa siphi isibongo uma kuthiwa Nkwali? (1)
4. Caphuna amaphuzu amabili esiqeshini uchaze ukuthi uNkwali uvezwe
njengomlingiswa onjani? (2)
5. Chaza kafushane ngomyalezo oqukethwe yilesiqephu. (2)
6. Khetha impendulo efanela kulezi ezilandelayo:
Kusho ukuthini ukukhipha isiZulu ngamakhala?
A. Ukukhuluma ucinene amakhala?
B. Ukusikhuluma kahle isiZulu.
C. Ukukhuluma isiZulu njengomlungu. (1)
7. Waphunyuka kanjani uNkwali? (2)
8. Yisiphi esinye isixuku esivezwa kulenoveli ongasifanisa nalesi? (1)
9. Yimuphi umehluko okhona kulezi zixuku? (1)
10. Chaza kafushane ngesisusa sodweshu. (3)
11. Yini eyenza uthisha asishiye lesisixuku? Sekela impendulo yakhongokuningi
amaphuzu AMATHATHU. (3)
12. Yini eyenza amaphoyisa nawo abhoke ngolaka ajuluke abe manzi te? (2)
13. Chaza lezi zimo zokukhuluma ngokugqamile njengoba zisetshenziswe
esiqeshini esingenhla.
13.1. Uma uqhuba le nkani yakho ebolile uzolala ubaliwe. (2)
13.2. Angisatshiswa ngomebuzo wenyoka nina. (2)
13.3. Uma benihlula ngenani indlela enifike ngayo. (2)
14. Phawula ngempumelelo yombhali ekusethuleleni uvuthondaba kule noveli.
(2)
15. Phawula ngekhono lo mbhali ekuphetheni le noveli. (2)
16. Ngamaphuzu AMABILI bhala isifundo ositholile ngokufunda le ndaba?
(2)
17. Ngokwakho ukucabanga yini eyayenza uVela enze okuphambene nemiyalo
kayise axabene nomakhelwane kanye nomphakathi nomphakathi. (2)

(amamaki 35)

You might also like

pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy