2024 Method 1 Asayinimenti 1

Download as pptx, pdf, or txt
Download as pptx, pdf, or txt
You are on page 1of 11

UKZN -2024

IsiZulu Method 1 - Asayinimenti


Asayinimenti 1
UKULETHWA KOMSEBENZI: 20 KuNtulikazi 2020 UMKLOMELO: 100
Umfundisi: Dkt P.Gumbi

Izingcwaningo ziveza ukuthi izingane/abafundi abakuthandisisi ukufunda izincwadi ikakhulukazi lezo ezibhalwe
ngolimi lomdabu. IsiZulu ngolunye lwezilimi ezibhekene nale nkiyankiya yokusilela kokufundwa kwezincwadi
ezibhalwe ngezilimi zabomdabu base-Afrika.

Yakha uhlaka lwesifunjwana njengothisha wangomuso ufundise lezi zinkondlo ezilandelayo ngendlela ehlabahlosile.
Khetha inkondlo ezimbili kulezi ezingezasi ezicashunwe kwincwadi yenu esihloko sithi “Zulu kamalandela” ebhalwe
ngumbhali uPhephani Gumbi (Incwadi uZulu kaMalandela , Ishicilelwe nguBhiyoza Publishers , ISBN 978-06398-
2356-0 iyatholakala kwa-Adams & Greeks(Howard Campus naloyo ose-Maritzburg ).

Khetha ezimbili izinkondlo lapho Kulezi :


1. Ndodana KaDavide
2. Themba Lami
3. Ijiki
4. Cabanga Ucabangisise
5. Uthando Lwakho Nsizwa
6. Incwadi
7. Isela
8. Inhliziyo
9. Ubusha
10. Abanqobi

Qikelela lokhu uma wenza lo msebenzi:


NB: Veza amasu angahle asetshenziswe nguthisha ekusizeni/ekucija abafundi
basezikoleni ukuba bakukhuthalele ukufunda izincwadi ezibhalwe ngolimi lwesiZulu.Kuvele nokuthi isifunjwana siyobe
siyisifundo eseyame kwiqhaza labafundi.

Qikelela lokhu uma wenza lo msebenzi:


- Kubalulekile ukuthi unake amakhono e-CAPS nokunye.
-Izinsiza-kufundisa ezinohlonze nezinembayo kanye nemisebenzana yekilasi
-Amazinga amathathu emibuzo
- Sebenzisa ifonti engu-Arial, ubukhulu befonti bube yi-12, isikhala esehlukanisa olayini sibe ngesi-1.5,
ungadwebeli uphinde ubhale ngokugqamile (khetha okukodwa). Amakhasi abe nezinombolo onke
ngaphandle kwaleli elembozile. Izihloko nezihlokwana zibe nezinombolo.
- Uma ucaphuna umbhali/umthombo wolwazi owusebenzisile wubhale, ufake nekhasi uma
kumaphakathi ne-asayimenti uphinde uyibhale ekugcineni.
1.1. Uhlaka lwesingeniso lohlelo (10)
lwesifunjana:

Kumele isingeniso sibe yibika


elikhomba umkhondo uthisha
okuyiwona azowulandela. Akufanele
sibe yiqoqa noma sibe amazwi
acashuniwe. Sifanale sizwane
nesifunjwana. Isingeniso kumele
simhehe umfundi sicacise
ngokusobala lokho okusuke
kuzokwenziwa nalokho okulindeleke
kuye/kubo.
1.2 Izinsiza-kufunda: (30)
Makube nezinsiza-kufunda
ezivuselela ulwazi lwangaphambilini
kubafundi ezihambisana ngqo
nendikimba/isihloko sesifunjwana.
Kumele lezi zinsiza kundisa zibe
yisethulo sesifunjwana ukuze
abafundi bezozitholela ngokwabo
ulwazi ngesihloko, babe
nethutshana lokuzindla
baxoxe ,baphisane ,bavumelane ,
ngesikhathi esikallelwe. Ebese
bephendula imibuzo.
1.3 Umzimba wohlelo (20)
lwesifunjwana :
Kumele kubonakale ukujula
kwalokho okusuke
kuzokwenziwa nguthisha
kanjalo nemisebenzana ehleliwe
ukuba yenziwa kanjani ,isikhathi
esingakanani licace neqhaza
labafundi.
1.3 Umzimba wohlelo (20)
lwesifunjwana :
Kumele kubonakale ukujula
kwalokho okusuke
kuzokwenziwa nguthisha kanjalo
nemisebenzana ehleliwe ukuba
yenziwa kanjani ,isikhathi
esingakanani licace neqhaza
labafundi.
1.4 Ukuthuthuka Kwesifunjwana: (30)
Ngaphambi kokuba isifunjwana sifike
emaphethelweni kumele abafundi
banukwe amathuba ahluka-hlukene
okuveza ukuqondisisa kwabo isihloko
kusetshenziswa incwadi yomfundi/
imisebenzana yosuku emayelana
nendikimba yosuku. Makucace ukuthi
yimiphi imisebenzi ezokwenziwa
ngabafundi kusetshenziswa indikimba
yosuku , kusetshenziswa imibuzo ekuwona
womathathu amazinga ukuze kubumbeke
wonke amakhono okusuke uthisha esophe
ukuwabumba ngendikimba
yosuku/isifundo sosuku.
1.4 Ukuthuthuka Kwesifunjwana: (30)
Ngaphambi kokuba isifunjwana sifike
emaphethelweni kumele abafundi
banukwe amathuba ahluka-hlukene
okuveza ukuqondisisa kwabo isihloko
kusetshenziswa incwadi yomfundi/
imisebenzana yosuku emayelana
nendikimba yosuku. Makucace ukuthi
yimiphi imisebenzi ezokwenziwa
ngabafundi kusetshenziswa indikimba
yosuku , kusetshenziswa imibuzo ekuwona
womathathu amazinga ukuze kubumbeke
wonke amakhono okusuke uthisha esophe
ukuwabumba ngendikimba
yosuku/isifundo sosuku.
1.5 Ukuhleleka komsebenzi [10]
Ukubhala kukhombisa ukuqephuza
ngolimi; akukho ukubindeka
ekusebenziseni ulimi.
kusetshenziswe ubhalomagama
lwesiZulu ngendlela okuyiyo.
Imisho, amagama, izimpawu,
namaparagrafu kulandele imigomo
yokubhalwa kolimi lwesiZulu.
Amaphutha angenzeka ngokubhala
ngomshini awekho. Uhlu
lwemithombo esetshenzisiwe
lukhona

You might also like

pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy