FET ISIZULU HL Grades

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 83

FURTHER EDUCATION

AND TRAINING PHASE (FET)


ISIZULU HL
SBA AND ORAL EXEMPLAR BOOKLET
GRADES 10-12
ISANDULELO

UmNyango WezeMfundo (DBE) unentokozo ukunethulela incwajana yesifundo


yokuhlola kwasesikoleni (SBA) ukusiza nokukhombisa othisha indlela okufanele
benze ngayo amathaskhi asezingeni kanye namathuluzi okuhlola. Le ncwajana
yokuhlola kwasesikoleni ibhalwe iqembu labeluleki ukusiza othisha ukuze
bakwazi ukusebenzisa izindlela zokufuna nokufundisa ukuze kuphuculwe indlela
abafundi abaphumelela ngayo nendlela yokuqapha iSBA esikoneni.

Inhlosongqangi yale ncwajana yeSBA ukuphucula indlela yokufundisa kanye


nokuhlola (okumiselwe imigomo kanye nokungamiselwe migomo), kanye nendlela abafundi abafunda
ngayo nokuqonda okufundiswayo. Ukuhlola nokufunda kuyinto eqhubekayo eyenzeka ngesikhathi
kufundiswa, kufundwa nangesikhathi sekuhlolwa. Ukuze kuphuculeke imiphumela yabafundi,
ukuhlolwa kuyadinga ukuxhaswa kuphinde kube nenjongo ehambisana nokufundisa okuphilayo.

Ukuhlolwa kwasesikoleni kuyingxenye ebalulekile yokufundisa nokufunda. Umbumqoka beSBA


kwenza ukufundisa nokufunda kuqhubeke kahle. NgeSBA, akubhekwa nje izidingo zomfundi ukuze
asizwe ngokweremidiyali, kodwa ukuhlola kwasesikoleni kusiza ekuphuculeni izinga lokufunda
nokufundisa. Ulwazi olwethulwa ngokuhlola okusezingeni eliphezulu kubalulekile ekuhleleni
kukathisha njengenjongo yokuphucula lokho afuna ukukuzuza ngesifundo.

Ukuhlola kwasesikoleni kufanele kwenziwe ngokukhulu ukucophelela ukuze kuthinte okuqukethwe


namakhono esifundo kuhambisana namazinga obulukhuni bemibuzo. Ukuhlola okusezingeni, uthisha
kufanele aqiniseke ukuthi abafundi bayaqonda okuzobuzwa futhi babe banikezwa amathuba
amaningana okuba benze ukuhlolwa okungamiselwe migomo ngaphambi
kokuba banikezwe ukuhlolwa okumiselwe imigomo.

Isibonelo samathaskhi atholakala kule ncwajana, enziwe aba sezingeni eliphezulu esifundweni,
injongo yawo ukukhombisa indlela eyiyo futhi enhle ekukhandeni ukuhlola okumiselwe
nokungamiselwe migomo. Othisha bayakhuthazwa ukuthi basebenzise lezi zibonelo zamathaskhi
njengesibonelo sokukhanda imisebenzi yabo yokuhlola emiselwe nengamiselwe migomo.

MNUMZANE HM MWELI
UMQONDISI JIKELELE
USUKU:

1
basic education___
Department:
Basic Education
REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

AMATHASKHI ABEKELWE IMIGOMO KANYE NAMA- ORALI

IBANGA LE-10 Kuya Kwela - 12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

2018

Leli bhukwana lamathaskhi linamakhasi angama– 95

2
Okuqukethwe

1. ISINGENISO

Ukuhlola kuwuhlelo oluqhubekayo enqubeni yokuhlonza, yokuqoqa, yokutolika ulwazi lokuthi


abafundi basebenze kanjani, kusetshenziswa izindlela ezehlukene zokuhlola. Kufaka amazinga
amane: ukwakha nokuqoqa ubufakazi bomphumela, ukulinganisa lobu bufakazi, ukurekhoda
okutholakele kanye nokusebenzisa lolu lwazi ukuqonda nokukwazi ukwelekelela ukuthuthuka
komfundi ukuze kwenziwe ngcono inqubo yokufunda nokufundisa.

Le ncwadi, iwumzekelo (iyisibonelo) ongumhlahlandlela ezikoleni kanye nakothisha abasebenza


ngokuhlola kwasesikoleni (i-SBA nama-orali) olimini iwasekhaya.

Ukuhlola kwasesikoleni kuyingxenye abalulekile yabafundi ekubalungiseleleni ukuhlolwa kokuphela


konyaka. Amathaski okuhlola amiselwe imigomo amakwa uthisha awarekhode ukuze kubonakale

Ukuhlola okumiselwe imigomo kunikeza uthisha amasu okubheka nokulinganisa ukuthuthuka


kwabafundi ebangeni nasezifundweni. Izibonelo zokuhlola okumiselwe imigomo kubala, izivivinyo,
ukuhlola, amathaski okwenza, amaprojekthi, okwethulwa ngomlomo, ukubonisa: ukulinganisa, njll.
Amathaski okuhlola amiselwe imigomo ayingxenye yoHlelo lokuHlola loNyaka wonke eBangeni
ngalinye kanye nasezifundweni.

Lokhu kuhlolwa kwasesikoleni kuphoqelekile kuwo wonke umfundi. Uma umfundi engakwazi
ukuhambisana nezidingo ezikhethekile zenqubomgomo, ngeke avunyelwe ukungenela ukuhlolwa
kokugcina kwaleso sifundo.

Amathaskhi okuhlola enza uhlelo lokuhlola olumiselwe imigomo lonyaka wonke. La mathaskhi
mawangathathwa kalula nje, futhi abafundi mabagqugquzelwe ukuthi babelane ngemisebenzi
yokugcina ekuhlolweni kwabo etshengisa ikhono labo lonke.

Khumbula ukwenza ukuhlolwa kwabafundi kuhambelane futhi kube sezingeni elifanele labafundi.
Yenza ithaskhi ihambelane nezidingo ezithile zakho, kanjalo khumbula ukuthi uholwa yizidingo
ezibekwe kusiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lwezifundo nokuHlola

3
IZINHLOSO ZOKUHLOLWA ESIKOLENI

ezingeke zahlolwa esimeni esiqashiwe.

ngesikhathi esengeziwe.

ukufunda kanye namasu okubhala.

kanye nokucobelelana kwemikhuba engaphakathi nengaphandle kwezikole.

imikhakha yohlelo lwezemfundo.

Ukwehluka kobunjalo (be–SBA nama-orali) (kanye namandla ayo njengengxenye encane yezinqubo
zokuhlola) inokushoyo ngobunjalo nokwenza, ikakhulu kubunjalo bamathaskhi okuhlola kanye

ngendlela elandelayo:

ngendlela eyejwayelekile. Ukufundisa, ukufunda kanye nokuhlola kufanele kube yingxeye


enobudlelwane bemfundo yonkana. (Njengokuthi i–SBA nama-orali akuwona umsebenzi
oyingxenye ehamba yodwa, ifanele ukwenzelwa isikhathi noma ilungiselelwe eceleni engazuthi
akuyona ingxenye yohlelo lwezemfundo.);

kwangaphandle ngokuthatha izibonelo ngesikhathi esinwetshiwe futhi ngokusondela kahle


empilweni yangempela nangaphandle kwesimo sengcindezelo (i-SBA nama-orali akuwona
umsebenzi owenziwa ezimeni okungezona ezokuhlola.);

futhi nokwazi ukubeka imibono yakho kahle;

nabafundi, futhi bakusebenzise njengenxenye yokuhlolana kwabo;

yokufundisa lapho uthisha angema eceleni abuke ubunjalo obubonakalayo nobungabonakali


ngomfundi ngamunye, qhathanisa lezo zinqumo ngomfundi ngamunye ngokuhlolisisa
nangokucophelela imizekelo yangempela eyenziwe abafundi, futhi bese uthatha umsebenzi
wabo uwubhekisisa ukubona ukucabanga kwabo;

ocabangela izidingo zabafundi.

Othisha kufanele baqinisekise ukuthi abafundi bafundile baphinda bakuqonda okudingekayo anduba
kwenziwe ukuhlolwa kwemisebenzi ehleliwe.

4
Amathekisthi Ubude besikhathi
Izingxoxo, inkulumo-mpendulwano/amaqembu/izigungu Imizuzu engama-20 kuya kwengama-
30

Izinkulumo-mpendulwano Imizuzu eyi-6 kuya kweyisi-8


Inhlolokhono / i-inthavyu Imizuzu eyi-10 kuya kweyi-15
Ukwethula isikhulumi, amazwi okubonga Imizuzu emi-4 kuya kwemi-5
Inkulumo elungiselelwe nengalungiselelwe/ umbiko Imizuzu emi-4 kuya kwemi-5
nokubukezwa kwemibhalo
Ukuxoxwa kwendaba Imizuzu eyi-8 kuya kweyi-10
Umhlangano nenqubo yomhlangano. Imizuzu eyi-10 kuya kweyi-15
Gxila ebudeni onikezwe bona:

Amabanga Ukulalela ngokuqondisisa Isifundo sokuqondisisa


Ubude be-eseyi yombhalo Ubude be-eseyi yombhalo (amagama)
(amagama)

10 150 380-440
11 250 440-500
12 350 500-560
Gxila ebudeni onikezwe bona:

Amabanga Ukubhala Indaba


Ubude be-eseyi yendaba Amagama angedluli kwangama-80
(amagama)

10 240-290 220
11 290-340 320
12 340-390 350
Gxila ebudeni onikezwe bona:

Amabanga Izinkondlo Inovel / Umdlalo/Ubuciko bomlomo


Ubude be-eseyi yombhalo Ubude be-eseyi yombhalo (amagama)
(amagama)
10 90-140 240-290
11 140-190 290-340
12 190-240 340-390

Amabanga Amathekisthi adlulisa umyalezo


10, 11 & 12 100-120

UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YOKUQALA. IBANGA LE-10 NELE-11

Ithaskhi yoku-1 Ithaskhi yesi-2 Ithaskhi yesi-3 Ithaskhi-4


Usuku------- Usuku------ Usuku------ Usuku---
Amamaki=15 Amamaki=50 Amamaki=25 Amamaki=35
Ama-orali Ukubhala indaba Imibhalo Isivivinyo soku-1
Ukulalela elandisayo / edaza edlulisa imiyalezo Isivivinyo sokuqondisisa,
ngokuqondisisa inkani / echazayo
nezimiso
zokusetshenziswa kolimi.

5
UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YESIBILI

Ithaskhi yesi-5 Ithaskhi yesi-6 Ithaskhi yesi-7


Usuku------- Usuku------ P1----- P2------ P3-------
Amamaki=10 Amamaki= 35 P1=/70/ P2= /80 / P3= /100/ = [250]
Ama-orali Imibhalo yobuciko Iphepha Lokuqala: Isifundo sokuqondisisa:
Inkulumo elungiselelwe Imibuzo emifushane (10)
Imibuzo emide (25) Ulimi oluhambisana nesimo=70 Amamaki.

Iphepha Lesibili: Imibhalo: izinkondlo, inoveli /


ubuciko bomlomo, umdlalo=80 Amamaki.

Iphepha Lesithathu: Ukubhala nokwethula


Imibhalo yokuzisungulela: Indaba echazayo,
edaza inkani / elandisayo. Imibhalo yemisebenzi
emide: zonke izinhlobo okufundwa ngazo kuleli
banga=100 Amamaki.

UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YESITHATHU

Ithaskhi yesi-8 Ithaskhi yesi-9


Usuku------- Usuku------
Amamaki=15 Amamaki= 35
Ama-orali Imibhalo yobuciko
Inkulumo engalungiselelwe/ Isivivinyo, sesibili , Imibuzo emifushane / emide
elungiselelwe.

UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YESINE

Ithaskhi ye-10 Ithaskhi ye-11


Usuku------- Izinsuku: P1:------ P2------------ P3------------
Amamaki=10 Amamaki: P1=70 P2=80 P3=100 P4= 50 [Isamba=300]
Ama-orali Ukuhlola kokuphela konyaka
Inkulumo elungiselelwe
Ulimi, oluhambisana, nesimo=70 Amamaki.

Iphepha Lesibili: Imibhalo: izinkondlo, inoveli / ubuciko

bomlomo, umdlalo=80 Amamaki.

Iphepha Lesithathu: Ukubhala nokwethula imibhalo


yokuzisungulela: Indaba echazayo, edaza inkani / elan-
disayo. Imibhalo yemisebenzi emide: zonke izinhlobo
okufundwa ngazo kuleli banga=100 Amamaki.

6
Ukuhlola kokuphela konyaka = 75% + Ukuhlola okuqhubekayo= 25% = [100].

IBANGA LESI-12 UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YOKUQALA

Ithaskhi yoku-1 Ithaskhi yesi-2 Ithaskhi yesi-3 Ithaskhi yesi-4 Ithaskhi yesi-5
Usuku--- Usuku--- Usuku--- Usuku--- Usuku-------
Amamaki=15 Amamaki=50 Amamaki=25 Amamaki=10 Amamaki=35
Ama-orali: Ukubhala: indaba Amathekisthi Ama-orali: Inkulumo Isivivinyo soku-1:
Ukulalela elandayo / edaza adlulisa imiyalezo elungiselelwe Isivivinyo sokuqondi-
ngokuqondisisa inkani / echazayo sisa

Izakhiwo nezimiso
zokusetshenziswa
kolimi.

UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YESIBILI

Ithaskhi yesi-6 Ithaskhi yesi-7 Ithaskhi yesi-8


Usuku------- Usuku------ P1----- P2------ P3-------
Amamaki=35 Amamaki= 15 P1=/70/ P2= /80 / P3= /100/ = [250]
Imibhalo yobuciko Ama-Orali: Ukuhlolwa kwaphakathi nonyaka:
Imibuzo emifushane=10 Inkulumo engalungiselelwe.
Umbuzo omude=25 Iphepha Lokuqala: Isifundo sokuqondisisa:

Ulimi oluhambisana nesimo=70 Amamaki.

Iphepha Lesibili: Imibhalo: izinkondlo, inoveli /


ubuciko bomlomo, umdlalo=80 Amamaki.

Iphepha Lesithathu: Ukubhala nokwethula


Imibhalo yokuzisungulela: Zonke izinhlobo zezinda-
ba ezifundwa kuleli banga. Imibhalo yemisebenzi
emide: zonke izinhlobo okufundwa ngazo kuleli
banga=100 Amamaki.

7
UKUHLOLA AMATHASKHI ETHEMU YESITHATHU

Ithaskhi yesi-9 Ithaskhi ye-10


Usuku------- Usuku------
Amamaki=10 Amamaki= 250
Iphepha 1=70 / Iphepha 2=80 / Iphepha 3=100
Ama-orali Usingakuhlolwa
Inkulumo engalungiselelwe
Ulimi oluhambisana nesimo=70 Amamaki.
Iphepha Lesibili: Imibhalo: izinkondlo, inoveli / ubuciko
bomlomo, umdlalo=80 Amamaki.
Iphepha Lesithathu: Ukubhala nokwethula imibhalo
yokuzisungulela:
Zonke izinhlobo zezindaba ezifundwa kuleli banga. Imib-
halo yemisebenzi emide:
zonke izinhlobo okufundwa ngazo kuleli banga=100
Amamaki.

8
basic education___
Department:
Basic Education
REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

AMATHASKHI ABEKELWE IMIGOMO KANYE NAMA- ORALI

IBANGA LE - 12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

2018

9
AMATHASKHI

Imiyalelo

kusafundwa okokuqala.

unikeze abafundi iphepha elinemibuzo bese ubanikeza isikhathi esanele sokuphendula


imibuzo.

womusho.

10
ITHASKHI YOKUQALA

ISIFUNDO SOKULALELA
NGOKUQONDISISA

AMAMAKI=15

11
Amamaki:
Ithaskhi yoku-1: Ukulalela ngokuqondisisa: Ibanga le-12
15

Ibhizinisi likunikeza ithuba lokuthi uziqagelele ukuthi ufuna ukwenza malini,


empeleni uye uzibone ungokhululekile, unamandla okwenza noma ngabe yini.

Kubalulekile ukuthi ungene ebhizinisini amehlo uwavulile ngoba ukuqala nokuqhuba


ibhizinisi akukhona okukawonke wonke. Baningi abantu abaqala amabhizinisi
agcina eseshabalele kuhle kwamazolo ebona ilanga. Kubalulekile ukuthi wenze
ucwaningo ngohlobo lwebhizinisi ofisa ukuliqala wazi ukuthi kuzodingekani ukuze
ungazitholi usuphoxeka kucwile nemali obuyisebenzele kanzima.
Izinto okumele uziqikelele futhi uzazi ukuthi ungumuntu onamandla kuphi okunye
untekenteke kuphi. Osomabhizinisi abanalo lonke ulwazi futhi abahlukile kwabanye
abantu ngakho kudingeka bacele usizo lapho beludinga khona. Osomabhizinisi
bangabantu babantu, bayakwazi ukuxoxa nabasebenzi nozakwabo ebhizinisini
ukuze bafunde okuthile okuzobaphumelelisa. Kuyancomeka kakhulu uma umuntu
ezokwengeza ulwazi aludingayo ngokwenza izifundo zokuphathwa kwamabhizinisi
ezihlelwa izinkampani ezizimele, izikhungo zemfundo ephakeme noma iminyango
ethile kahulumeni.

Umuntu ophumelelayo ebhizinisini ilowo ophokophele phambili ozethembayo kanye


nebhizinisi aliqokile. Akayeki uma ehlangabezana nezingqinamba kodwa uyaqhubeka.
Unikela ngolwazi, ubuciko nakho konke anakho ebhizinisini lakhe ukuze libe impumelelo.
Ukuzimisela kwakhe kubonakala ngokuthi asebenze isikhathi eside afake nemali yakhe
ebhizinisini ukuze liqhubeke. Uzibambela mathupha ebhizinisini afune ukwazi konke
okwenzekayo. Akesabi ukwenza izinto ezibonakala ziwubungozi kodwa zibe zizothuthukisa
ibhizinisi. Uyasicubungula isimo nesimo abheke ukuthi ngeke lilimale ibhizinisi. Unempatho
kubantu, ubaphatha kahle abasebenzi nabathengi abambisane nabanye osomabhizinisi,
aqikelele ukwenza ubudlelwano obungapheli nabantu asebenza nabo. Uhleli efisa ukwenza
ngcono izindlela zokusebenza alithuthukise ibhizinisi lakhe. Unethemba lempumelelo,
akaphelelwa umdlandla uma eke waphazamiseka kodwa ufunda ngamaphutha
ahlangabezana nawo.

Ibhizinisi ungakaliqali kufanele ubale izizathu ezenza ufune ukuba nebhizinisi.


Kujwayelekile ukuthi abantu baqale ibhizinisi ngoba benalezi zizathu ezine ezilandelayo:
ukuba nemali, ukuziphatha, ukuba nenkululeko yokwenza izinto ngendlela obona ngayo
kanye nokusebenzisa ulwazi nobuciko bakho. Lokhu kube sekudinga ukuthi iliphi ibhizinisi
elikulungele ngokuthi uzibuze ukuthi yini othanda ukuyenza ngesikhathi sakho? Iluphi
ulwazi onalo lokuvula ibhizinisi? Yini abantu abathi unekhono kuyo? Unaso yini isikhathi
sokuqhuba ibhizinisi? Unabo yini ubuciko ongabuguqula bukwenzele imali?

Ngemuva kwalokhu okubaluliwe ngenhla bheka ukuthi leli bhizinisi lizosiza kuphi
ngokuzibuza le mibuzo: lokhu ofisa ukukwenza kunesidingo yini? Ngobani abanye abenza
lo msebenzi ofisa ukuwenza? Yini ongayenza ukuheha abanye abantu bathenge kuwena
bayeke ezinye izinkampani? Ngabe uzokwazi yini ukunika abathengi umkhiqizo osezingeni
eliphezulu baneliseke ngawo?

Akuphele ukubhalisa ibhizinisi ngenhloso yokuthola noma iyiphi ithenda kube kushaywa
indiva ukuntula amakhono afanele okwenza umkhiqizo osezingeni.

12
1. Gagula amandla owanikezwa ukuba nebhizinisi (2)

______________________________________________________________________________

2. Yini ebalulekile ngaphambi kokuba ungene ebhizinisini? (2)

______________________________________________________________________________

3. Shono amaphuzu asesiqeshini asitshela ukuthi osomabhizinisi bantekenteke kanti futhi


banamandla. (2)

______________________________________________________________________________

4. Chaza imbangela yokungesabi kukasomabhizinisi ukwenza izinto ezinobungozi. (2)

______________________________________________________________________________

5. Chaza ubumqoka bombono wokuba nezizathu ngaphambi kokuqala ibhizinisi. (2)

______________________________________________________________________________

6. Ukwenzani ukushaya indiva? Phawula ngokufaneleka noma ukungafaneleki kwalesi simo


sokukhuluma. (3)

______________________________________________________________________________

7. Ngabe yiqiniso noma umbono ukuthi ibhizinisi liyindlela engcono yokukhanda imali? Sekela
impendulo yakho. (3)

______________________________________________________________________________
[15]

UHLA LWEZIMPENDULO

1 Ithuba lokuziqagelela ukuthi ufuna ukwenza malini.


Ukuzibona ungokhululekile unamandla okwenza noma ngabe yini. (2)

ekugwemeni izinkinga ezinkulu ongahlangabezana nazo ebhizinisini. (2)


3 Osomabhizinisi abanalo lonke ulwazi.
Osomabhizinisi bangabantu babantu. (2)
4 Ukubuswa umbono wokuthuthukisa ibhizinisi lakhe ngakho okungaba ubungozi ukubona
kungenawo amandla okuwuvimba lo mbono ukuthi ufezeke. (2)
5 Izizathu ezinqala zigqamisa isidingo sokuba nebhizinisi. Uma zingaqinile asikho isidingo
sokuba nebhizinisi. (2)
6 Ukungayinaki into ethile. Sifanelekile ngoba ukunganaki kukasomabhizinisi ukuthi
akanalo ikhono elifanele lokwenza umsebenzi othile kwenza ukuthi yande imikhiqizo
esezingeni eliphansi. (3)
7 Umbono, zikhona nezinye izindlela zokukhanda imali ngaphandle kwebhizinisi. (3)
[15]

13
ITHASKHI YESIBILI

UKUBHALWA KWENDABA

I-ESEYI

AMAMAKI=50

14
Ithaskhi yesi- 2: Ukubhalwa kwendaba
Amamaki
Igama nesibongo: _____________________ Ibanga: ______________
50
Usuku Lokubhalisa: ____________________________

IMIYALELO:

Khetha isihloko ESISODWA kulezi ezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama
angama-340 kuya kwangama-390.

1. Mhla Ngiphumelela Ngamalengiso Emabangeni Emfundo Aphansi. [50]

2. Okungenziwa Ukulwisana Nenselelo Esibhekene Nayo Yokuntuleka


Kwamanzi ENingizimu Afrika [50]

3. Ubuhle Nobubi Bokuphathwa Komakhalekhukhwini Ezikoleni. [50]

4. Umabonakude Yinto Yamavila.

Uyavumelana noma uyaphikisana yini nalesi sihloko: [50]

5. Wo Hhe! Lafa Elihle Kakhulu. [50]


6. Isithombe esilandelayo esisembuzweni siqubula imizwa kanye nemicabango.

Yinike isihloko indaba yakho. [50]


Qaphela: indaba yakho mayibe nobudlelwano nesithombe osikhethile.

6.1

NOMA

15
NOMA

6.3

16
ITHASKHI YESITHATHU

AMATHEKISTHI ADLULISA
IMIYALEZO

AMAMAKI = 25

17
Ithaskhi yesi-3: Amathekisthi adlulisa imiyalezo Amamaki

25
Igama nesibongo:_____________________ Ibanga:_____________

Usuku Lokubhalisa: ___________________

IMIYALELO YABAHLOLWAYO

Le thaskhi inemibuzo emine.

1. Phendula umbuzo OWODWA koyinikiwe.

2. Inani lamagama kufanele libe yi-100 kuya kwayi-120

3. Bhala usebenzise ulimi ohlolwa ngalo.

4. Ungaziguquli izinombolo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.

5. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

6. Sebenzisa ubhalomagama olumisiweyo.

7. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuphendula imibuzo.

1. INCWADI YOBUNGANI

Umngani wakho weminyaka usanda kushiywa umzali wakhe ngokukhulu ukuzuma engozini yemoto.

Bhala incwadi yokumduduza. [25]

2. IKHARIKHULAMU VITHAYE (CV) NENCWADI EHAMBISANA NAYO

Ubone isikhangisi somsebenzi ephephandabeni ILANGA sokushaya isisefo esitolo sakwaShoprite


eThekwini. Kufuneka umuntu onebanga le-10. Onolwazi ngekhompyutha. Okwazi ukukhuluma isiZulu kanye
nesiNgisi. Usuku lokuvala ukufaka isicelo umhla zingama-20 Novemba 2018

Bhala incwadi yokuzazisa neKharikhulamu Vithaye uyiqondise kumphathi wakwaShoprite,


Private Bag X1050, Durban, 4001.

A. Makulandelwe uhlelo lokubhala incwadi yesicelo somsebenzi


B. IKharikhulamu Vithaye

Akuvele lezi zihlokwana

Iminingwane yakho
Ukufunda kwakho
Iqhaza emphakathini
Abantu abangathintwa
. [25]

18
3. ISIBUYEKEZO SENCWADI

Uthisha ukunikeze umsebenzi wokuyofunda izincwadi ezingamiselwe ukufundwa kulo nyaka.

Bhala isibuyekezo senye yezincwadi ozifundile.

Makuvele lokhu okulandelayo:

[25]

4. AMAMINITHI OMHLANGANO

UnguNobhala weKomiti elilawula isikole. Esikoleni senu ninenkinga yokugqekezelwa njalo ngenxa
yokuthi akekho unogada wasebusuku. Nibe seniba nomhlangano wabazali nabafundi ukuzama
ukuthola isisombululo sale nkinga.

Bhala i- AJENDA namaminithi omhlangano. [25]

5. I- INTHAVYU/INHLOLOKHONO

Bhala i-inthavyu Phakathi Kwentatheli Yephephandaba “Woza Nazo” Kanye Nosomabhizinisi


Oyisibonelo Esihle Emphakathini.

ngokugcwele.

[25]
6. INKULUMO ELUNGISELELWE

Ukhethiwe esontweni ukuba wethule inkulumo elungiselelwe njengoba kade niye ekhempini nge-
phasika ukuze abazali baphinde banivumele nangokuzayo.

Bhala inkulumo elungiselelwe

Makuvele lokhu:

[25]

19
Amamaki angacazwa ngale ndlela:

ULIMI, ISITAYELA, UKUHLELA (10)

OKUQUKETHWE, AMALUNGISELELO NESAKHIWO (15)

OKULINDELEKILE

1 INCWADI YOBUNGANI

Isib. 27 kuNhlangulana 2016/27 Juni 2016

- Makwenatshwe nenhloso yokubhalwa kwencwadi, okuwukucela ukuthengelwa izincwadi


- Makuvle ukubaluleka kwalezi zincwadi noma ingozi yokungabi nazo.

ukungithengela lezi zincwadi zesikole.

uSimangele

2 INCWADI YOKUZICHAZA (CV) NENCWADI EHAMBISANA NAYO

(a) Incwadi ehambisana neCV

azokusiza kanjani ukuthuthukisa le nkampani.

uSiphelele Mkhize (Mnu./Nkk./Nksz.)

20
(b) INCWADI YOKUZICHAZA (I-CV)

4 “I-Athikhili Yephephandaba”

5 I-INTHAVYU

ulimi ngokukhuluma kanje Mshengu. Ayidle izishiyele.

6 INKULUMO ELUNGISELELWE

-
buza okwenzeka ngonyaka we-1976 lapho intsha yaphumela khona obala yalwela amalungelo
ayo.

ezinhle emiphakathini eyakhele ngisho nasezweni jikelele.

21
ITHASKHI YESINE

INKULUMO

ELUNGISELELWE

AMAMAKI = 10

22
Amamaki
Ithaskhi yesi-4: Inkulumo elungiselelwe
10
Igama nesibongo: _____________________ Ibanga: ______________

Usuku Lokubhalisa: ___________________

IMIYALELO

Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo ozokwethula ngaso inkulumo elungiselelwe.

1 Ngajabula Ngaze Ngakhala. (10)

2 Umdlalo Engiwuthandawo. (10)

3 Abantu Besifazane Banekhono Lokuba Ngabaholi Emikhakheni


. Eminingi.
Uyavumelana noma Uyaphikisana nalesi sihloko? (10)

4 Ubuhle Nobubi Nemali Eningi (10)

5. Amathanga Ahlanzela Abangenamabhodwe. (10)

6. Izithombe ezilandelayo zichukuluza imizwa kanye nemicabango. Khetha


isithombe ESISODWA usinikeze isihloko bese wethula indaba yakho
oyilungiselele.

QAPHELA: Indaba yakho mayibe nobudlelwane nesihloko osikhethile.

6.1

[Sithathwe ku-www.Google Pics.com]


(10)

23
6.2

[Sithathwe ku-www.Google Pics.com]


(10)

6.3

[Sithathwe ku-www.Google Pics.com]


(10)
IMIKLOMELO ISIYONKE: 10

24
ITHASKHI YESITHUPHA

IMIBHALO YOBUCIKO

AMAMAKI = 35

25
Amamaki
Ithaskhi yesi-6- : Imibhalo yobuciko 35

a:_________________
Igama nesibongo: _____________________ Ibanga:_____________________________

Usuku Lokubhalisa: ____________________________

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO

1 Abahlolwayo mabafundisise kahle imiyalelo ngaphambi kokuba baphendule imibuzo


2 Abahlolwayo mabangafundi yonke imibuzo. Funda uhlu lokuqukethwe bese ukhetha
imibhalo oyifundile.

ISIQEPHU A: Izinkondlo (10)

ISIQEPHU B: Amanoveli / Ubuciko Bomlomo (25)

3 Phendula imibuzo EMIBILI.


4 Izimpendulo zemibuzo emide maziphendulelwe ngamagama aphakathi kwangama-340-390.

ukuthi kumele uphendule kangakanani


6 Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana nalezo
ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni
7 Abahlolwayo bayelulekwa ukuba babhale ngobunono nangesandla esibonakalayo

ISIQEPHUA: IMIZUZU ENGAMA -10


ISIQEPHU B: IMIZUZU ENGAMA -50

UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.


NOMA SEKUNJE (Mathenjwa L.F)

1 Ngibon ”amakhand” ekhedamisile,


2 Ubuso bembethe usizi nokujabha,
3 Ukushabalala kwamathemba akubuzwa.
4 Imuva kalisabonwa,
5 Ikusasa liluvindi,
6 Kuzothiwan” uma kunje?
7 Amathemb” ayizolo ashabalele

8 Izethembiso ziyagxotshwagxotshwa,

26
9 Isibindi simiswa ngelilodwa,
10 Qhubekani kuzolunga,
11 Umzabalazo awukapheli,
12 Silwela impilo engcono.
13 Njengobani olwa elambile?

14 Njengoban” odukuz” umnyama engaboni?


15 Likhethekile bala emasini,
16 Badansazile kwamakhelwane.
17 Basho ngelilodwa:
18 Qinan” isibindi sekuzolunga.
19 Ngabe ntombi usawakhumbula awakho?

20 Lon” usuku usalwazi na?


21 Kodwa ngingalulibala khona kanye?
22 Mhla sichwaza ngenhlokomo.
23 Inhliziy” ish” ukuphuma ngomlomo.
24 Phinde ngizophila noma sekunje.

1.1. Xoxa ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni amasu obunkondlo ukugqamisa isigqi


kule nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi – 190 kuya
kwangama – 240.

Impendulo yakho mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo

ukugqamisa isigqi kule nkondlo [10]

UMBUZO 2: (UMBUZO OMUDE)

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – J.C.

BUTHELEZI

Xoxa ngokuphumelela kombhali ekwethuleni isakhiwo encwadini ethi: Impi Yabomdabu


Isethunjini, impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama -340 kuya
kwamagama angama- 390.

Impendulo yakho mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo

[25]

27
ITHASKHI YESIKHOMBISA

INKULUMO
ENGALUNGISELELWE

AMAMAKI = 15

28
Amamaki
Ithaskhi yesi-7: Inkulumo engalungiselelwe 15

Igama nesibongo: _____________________ Ibanga: ___________


___________

Usuku Lokubhalisa: ___________________

Imiyalelo Yenkulumo Engalungiselelwe

engalungiselelwe

Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo ozokwethula ngaso inkulumo engalungiselelwe:

1. Uthisha Owangenza Umuntu Ngeziyalo Zakhe.

2. Okwangixosha Esontweni Lethu.

3. Angisophinde Ngethembe Umngane Empilweni Yami.

4. Ezobuchwepheshe Esikhathini Samanje.

5. Ukwenyuka Kwentengo Yokudla Kuleli Kwandisa Ubugebengu. Uyavumelana noma Uyaphikisana


nalesi sihloko?

6. Ubugebengu Abubuyiseli.

7. Ubuhle Nobubi Bokukhula Uhlupheka.

8. Inkunzi Isematholeni

29
ITHASKHI
YESISHIYAGALOLUNYE

INKULUMO ELUNGISELELWE

AMAMAKI = 10

30
Ithaskhi yesi-9: Inkulumo elungiselelwe Amamaki

10

Igama nesibongo: _____________________ Ibanga: ______________


______________

Usuku Lokubhalisa: ____________________________

elungiselelwe

kwemi-3

1. Imfundo Iyohlala Iwukhiye Wempumelelo.

2. Izinkinga Ezidalwa Ukusetsthenziswa Kwezidakamizwa Ezikoleni.

3. Okungenziwa Ukuthuthukisa Ulimi LwesiZulu Emphakathini.

4. Uyathanda Awuthandi Inhlonipho Ilisiko.

5. Igalelo LikaHulumeni Ekuthuthukiseni Amakhono Entsha.

6. Welekelela Ngempela Uhulumeni Ngokudla Ezikoleni.

7. Lapho Kukhona Imali Nobugebengu Bukhona.

8. Okungenziwa Ukuvuselela Uthando Lwemfundo Kubafundi.


9. Khetha isithombe esisodwa kulezi ezilandelayo bese ulungiselela, ucwaninge ubuye uhlele
inkulumo elungiselelwe:
QAPHELA: Ungaxoxi ngokwenzeka esithombeni kepha isithombe sichukuluza imicabango
yakho

9.1.

31
9.2.

Sicashunwe ku-dreamstime.com

IMIKLOMELO ISIYONKE: 10

32
basic education___
Department:
Basic Education
REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

AMATHASKHI ABEKELWE IMIGOMO NAMA- ORALI

IBANGA LE-11

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

2018

33
ITHASKHI YOKUQALA

ISIFUNDO SOKULALELA
NGOKUQONDISISA

AMAMAKI=15

34
Imiyalelo
Thisha chazela abafundi ukuthi ithaskhi izokwenziwa kanjani

Fundela abafundi indaba kanye. Abafundi abalindelekile ukuba babhale


amanothi ngenkathi kusafundwa okokuqala

Phinda ufunde indaba okwesibili. Abafundi sebengawathatha amanothi

Funda umbuzo ngamunye, unikeze abafundi isikhathi esanele sokuphendula


imibuzo, noma unikeze abafundi iphepha elinemibuzo bese ubanikeza isikhathi
esanele sokuphendula imibuzo.

Khumbuza abafundi ukuthi abazukujeziselwa isipelingi uma singawulimazi


umqondo womusho.

Lo msebenzi awumakwe kuphinde kuqoshwe amamaki.

Nikeza abafundi ithuba lokubona amamaki abo bese benza ukulungisa.

35
Ithaskhi yoku-1: Ukulalela ngokuqondisisa: Amamaki

Ukulalela ukuze uthole ulwazi: Ibanga le- 11


15

INHLONIPHO IQALA EKHAYA

Inhlonipho ingachazwa njengokunika omunye umuntu indawo ngokuthi uhloniphe isikhun-


dla sakhe, akukhathalekile ukuthi mdala noma mncane. Isikhathi esiningi inhlonipho iqala
ekhaya. Umuntu kumele aqale ngokuhlonipha abantu asuke ephila nabo kanye nokuzi-
hlonipha yena uqobo ngaphambi kokuhlonipha abantu bangaphandle.

Akulula ukuhlonipha abanye abantu emphakathini uma ungafundiswanga abazali bakho


ukuhlonipha ekhaya. Abazali kufanele benze umsebenzi omkhulu ekukhuliseni abantwana
babo ngendlela efanele. Umuntu uhlangabezana nobunzima obukhulu lapho esemdala
uma engafundiswanga inhlonipho ekhaya. Yingakho kuthiwa umuthi ugotshwa usemanzi.
Kulukhuni satshe ukufundisa umuntu esemdala ukuhlonipha okumenza akwazi ukuphilisa-
na nabanye abantu. Inhlonipho yenza umuntu aphile isikhathi eside kwazise neBhayibheli
likubeka kucace ukuthi ‘Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni’.
Uyihlo nonyoko akukhulunywa ngabazali bakho kuphela kodwa kushiwo wonke umuntu
omdala okungaba omaziyo noma ongamaziyo.

Ziningi izingane ezilinyalelwe yikusasa lazo ngenxa yabazali abangazifundisanga in-


hlonipho. Uma umntwana esehlupha lapho esekhulile abanye abazali baze bazisole
ngokuzala izingane zabo, umuzwe umzali esithi, ‘angizalanga ngabola amathumbu’. Loku
kusuke kudalwa izenzo ezimbi ezenziwa umntwana bese zenza umzali azisole ngokuba
nengane.

Izingane zibukela kubazali bazo indlela eya phambili, yingakho kubalulekile ukuthi nabo
bazihloniphe baphinde bahloniphe nezingane zabo. Akukuhle ukuthi umzali alindele ukuthi
ingane yakhe ihambe kahle yena ehamba lukeke kuhle kwenkalankala, phela isiZulu sithi
ukhamba lufuze imbiza.

Umzali ophuza utshwala phambi kwezingane zakhe ubulala ikusasa lazo ngoba zizokhula
zazi ukuthi ukweqiwa yinkezo yiyona ndlela yokuphila. Umuzi onezingane ezingahloniphi
waziwa kabi, ngisho abantu abawuthandi umndeni onezingane ezingahloniphi. Umzali
okhombisa inhlonipho kwabanye abantu nakuye uqobo, izingane zakhe zifunda ubuntu
nenhlonipho. Akukhathalekile noma lowo mzali esaziphumulela kobandayo, utuswa njalo
emphakathini ngenxa yokuhlonipha kwezingane zakhe.

36
Ukulalela Ngokuqondisisa

Igama nesibongo: __________________ Ibanga: _______ Usuku: __________

1. Yimuphi umusho ofakazela ukuthi ikhaya liyisizinda senhlonipho? (1)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

2. Nikeza OKUBILI okumele umuntu akwenze ngaphambi kokuba ayohlonipha abantu


bangaphandle. (2)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

3. Chaza kafushane umqondo oqukethwe isaga esithi, ‘umuthi ugotshwa


usemanzi.’ Impendulo yakho ayibhekiswe emqondweni walesi siqeshana obusilalele. (3)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

4. Ucabanga ukuthi kungaba namphumela muni ukungahloniphi kwezingane abazali?


Sekela impendulo yakho. (3)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

5. Kubaluleke ngani ukuba abazali nabo bakhombise inhlonipho ezinganeni? (3)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________

6. Phawula ngesimo sokukhuluma esithi, ‘ukhamba lufuze imbiza.’ (3)

_________________________________________________________________________

_________________________________________________________________________
ISAMBA = 15

37
ITHASKHI YESIBILI

UKUBHALWA KWENDABA /
KWE-ESEYI

AMAMAKI=50

38
Amamaki

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
50
1. Le THASKHI inemibuzo emihlanu

2. Bhala usebenzise ulimi ohlolwa ngalo.

3. Bhala ukhombise amalungiselelo ngaphambi kokubhala indaba.


Amalungiselelo mawabe sekhasini lawo wodwa angahlangani nendaba

4. Amalungiselelo owabhalile kumele abonakale. Uyayalwa ukuba lawo


malungiselelo uwakhansele ngokudweba umugqa ovundlile ekhasini.

5. Uyayalwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela


elandelayo: Amaminithi angama-80

6. Ungaziguquli izinombolo zemibuzo zibhale njengoba zibhaliwe


ephepheni lemibuzo.

7. Nikeza impendulo yakho isihloko esiyifanele. Amagama esihloko


awabalwa, kubalwa amagama empendulo kuphela.

8. Qaphelisisa upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.

9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo

Khetha isihloko esisodwa kwezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama aphakathi
kwangama-290 kuya kwangama-340 ungakhohlwa ukwenza amalungiselelo.

Bhala indaba ngalesi sihloko:

1. Ubuhle Nobubi Beziteleka Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme [50]

NOMA

2. UHulumeni usebeke phambili ukuqashwa kwabantu besifazane ezikhundleni eziphezulu.

Luthini uvo lwakho ngalesi sitatimende? [50]


NOMA
3. Ubudoda Abukhulelwa [50]
NOMA

4. Izithombe ezilandelayo ezisembuzweni 4.1. no 4.2. ziqubula imizwa kanye nemicabango.

Khetha isithombe esisodwa ubhale ngaso indaba. Yinike isihloko indaba yakho.

Qaphela indaba yakho mayibe nobudlelwano nesithombe osikhethile.

39
4.1

[Sicashunwe ku-inthanethi] [50]

NOMA

4.2

[Sicashunwe ku inthanethi]
- [50]

40
ITHASKHI YESITHATHU

UKUBHALWA KWAMATHEKISTHI
ADLULISA IMIYALEZO

AMAMAKI=25

41
Amamaki
IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
1. Le THASKHI inemibuzo EMINE:
25
2. Bhala usebenzise ulimi ohlolwa ngalo.

3. Bhala ukhombise amalungiselelo ngaphambi kokubhala umbhalo odlulisa umyalezo.


Amalungiselelo awabe sekhasini lawo wodwa angahlangani nombhalo odlulisa umyalezo.

4. Amalungiselelo owabhalile kumele abonakale. Uyayalwa ukuba lawo malungiselelo


uwakhansele ngokudweba umugqa ovundlile ekhasini.
5. Uyayalwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: Amaminithi

angama- 35

6. Ungaziguquli izinombolo zemibuzo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.

7. Nikeza impendulo yakho isihloko esiyifanele. Amagama esihloko awabalwa, kubalwa


amagama empendulo kuphela.
8. Qaphelisisa upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.

9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo

AMATHEKISTHI ADLULISA IMIYALEZO


Khetha izihloko EZIMBILI kulezi ezilandelayo.
Bhala ngezihloko ozikhethile kube ngamagama ayi-100 kuya kwayi-120 sisinye.
Bhala inombolo yombuzo kanye nenombolo yombhalo owukhethile. Isib.1 Incwadi
Yobungani

1. INCWADI YOBUNGANI

Uthisha wakho ukulekelelile wakuthengela umfaniswano wesikole.

Bhala incwadi umbonge ngalesi senzo. [25]

NOMA

42
2. IKHARIKHULAMU VITHAYE (I-CV) KANYE NENCWADI EHAMBISANA NAYO

Usanda kuthumela iKharikhulamu Vithaye yakho esikoleni sangakini ucela isikhala sokufundisa
kuso. Bakuphendule ngokuba bacele ubathumelele incwadi ehambisana ne-CV.

Bhala Incwadi ehambisana ne-CV uzincome ubatshele ukuthi kungani [25]


kumele baqashe wena.

NOMA

3. UMBIKO ONGABEKELWE MGOMO

Isikole sakho besivakashele isikole esikwesinye isifundazwe. Ubungomunye obeqokwe ukulekelela


ukubheka ukuziphatha kwabafundi enihamba nabo.

Bhala umbiko ongabekelwe mgomo okumele uwethulele isigungu sokuphathwa


kwesikole. [25]

NOMA

4. INHLOLOKHONO/I-INTHAVYU

INyuvesi obufake kuyo isicelo sokuzofundela iziqu zobudokotela uma usuphothule ibanga le-12
ikubizele inhlolokhono.

Bhala inhlolokhono phakathi kwakho kanye nesigungu esilawula ukuphathwa [25]


kwale nyuvesi.

43
ITHASKHI YESIHLANU

INKULUMO ELUNGISELELWE

AMAMAKI=10

44
Amamaki

10
IMIYALELO YENKULUMO ELUNGISELELWE:

Abafundi abakhethe isihloko esisodwa abazokwethula ngaso inkulumo elungiselelwe.


Isikhathi sokwethula le nkulumo siyimizuzu emi-4 kuya kwemi-5.
Inqubo kanye namasu okukhuluma:
Ukulungiselela, ukucwaninga kanye nokuhlela.
Ukuzilolonga nokwethula inkulumo

1. Ngasizwa Ukuqhamuka Kwakhe

NOMA
2. Ukuhamba Ukubona
NOMA

3. Ubuhle Nobubi Bokuzalwa Ube Uzinyo Bulala Ekhaya

NOMA

4. Angisoze Ngawakhohlwa Amazwi Kathisha Wami

45
ITHASKHI YESITHUPHA
IMIBHALO YOBUCIKO

AMAMAKI=35

46
IZINKONDLO Amamaki

1. (UMBUZO OMFUSHANE) 35

undisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo:

IMVUNGE YEMINYEZANE – JJ Thwala

1 Ngizw’imvinge yeminyezane,
2 Izwakal’ezinkwazini zoMhlathuze,
3 Iqongel’ezintabeni zoNgoye,
4 Ingikhumbuz’amaqhawe namaqhawekazi
5 Adl’umhlanganiso kwaNgqondebanzi,
6 Evath’ iminyezane yobuhlakani
7 Ahlahl’ indlela yakwaLwazi
8 Ehanjwa ngokuzinikela zikhuthali.

9 Ngizw’ imvunge yeminyezane,


10 Izwakal’ osebeni loMngeni,
11 Naphakath’ ezizibeni zoMngeni
12 Okubhukud’ amaqhawe namaqhawekazi,
13 Evunul’ izidlodlo zenhlonipho,
14 Avunul’ ezegwalagwala zekhethelo,
15 Kwahlokom’umhlaba ngenhlokomo,
16 Kwananel’ imvelo ngemvunge.

17 Ngizw’ imvunge yeminyezane,


18 Ngavul’izindlebe zakhongozela
19 Unqambothi lobuzwilili baphakade,
20 Ngaqanul’a maqap helo ngasinga
21 Izimangaliso zemikhiqizo yakwaNgqondebanzi:
22 Zihlinzek’ ubuntu nobunye,
23 Zahlinzek’ ubuqotho nesineke,
24 Zahlinzek’ inhlonipho nenkuthalo.

25 Ngizw’imvunge yeminyezane,
26 Ingikhumbuz’ ukuchwaza kwamahlokohloko,
27 Ingikhumbuz’ ubungqungqulu bezingqungqulu,
28 Ingikhumbuz’ ubuntengu bezintengu,
29 Ingikhumbuz’ ubungududu bezingududu
30 Ingikhumbuz’ ubunkwazi bezinkwazi
31 Ingikhumbuz’ ubuzwilili bemizwilili
32 Yivungeni iminyezane, yivungeni!

33 Ngizw’ imvunge yeminyezane


34 Ihamba nemizwa yami
35 Kwelezincithabuchopho kwaNgqondebanzi,
36 Ingifuz’ imilozi engiyivunga phakade,
37 Ngiqubule ngelegwalagwala kuhlokom’ umhlaba,
38 Ngihlonyw’ ezegwalagwala kwetusw’ imvunge
39 Yivungeni minyezane yaphakade yivungeni!
40 Yivungeni kuxhuman’ elezinyanya nelengabadi.

47
41 Ngizw’ imvunge yeminyezane,
42 Ihamba name emakhaphelweni,
43 Okomkhapheyana elus “ uchibidolo
44 Olunkone nolunkonekazi, ngiyayivunga,
45 Olumpemvu nolumpemvukazi, ngiyayivunga,
46 Olumtshezi nolumtshezikazi ngiyayivunga-
47 Oluhhemu noluhhemukazi, ngiyayivunga

48 Yivungeni minyezane yekhethelo, yivungeni!


49 Ngizw’ imvunge yeminyezane,
50 Izwakala kwelamaxhaphozi nelamifenya,
51 Izwakal’ ezizibeni nasemifuleni,
52 Iqhamuk’ emagatsheni ayekethisile
53 Elalel’ imimoya yamagumbi.
54 Yivungen’ imvunge yosikisiki
55 Iyisisekelo nensika yempilo,
56 Yivungen’ imvunge yekhethelo!

1.1. Tomula amagama omfula nentaba okubalwa yimbongi ebinzeni lokuqala. (2)

1.2. Fingqa umoya wenkondlo ubhekise ekusetshenzisweni kwesu lokuxhumana


okusekuqaleni ebinzeni lesi-4. (2)

1.3. Ucabanga ukuthi ukusetshenziswa kwamagama okuhlonipha adwetshelwe


kunamthelela muni emqondweni wale nkondlo? (2)

1.4. Imbongi ihloseni ngokusebenzisa impindwa kuwo wonke amabinza ale nkondlo? (2)

1.5. Phawula kafushane mgomqondo ojulile/ocashile otholakala ebinzeni lokugcina (2)


[10]

2. (UMBUZO OMUDE)

Phawula ngokuphumelela kombhali ekusebenziseni ubudlelwano bolwazi lwaphambilini nendikimba


kule noveli eniyifunda esikoleni senu kulo nyaka.Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi
kwamagama angama-340 kuya kwangama-390
Impendulo mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo:

nokwesekela ngokwencwadi

lwaphambilini nendikimba.
[25]

48
ITHASKHI YESISHIYAGALOMBILI

INKULUMO ENGALUNGISELELWE

AMAMAKI=15

49
IMIYALELO: Amamaki

15

Khetha isihloko ESISODWA kulezi ezilandelayo ozokwethula ngaso inkulumo engalungiselelwe:

1. Ubuhle Nobubi bokudlala U-90% Womculo Wakuleli Emisakazweni Yomphakathi. [15]

2. Ukubona Kanye Ukubona Kabili [15]

3. Isiko Lokuhlolwa Kwezintombi [15]

50
ITHASKHI YESHUMI

INKULUMO ELUNGISELELWE

AMAMAKI=10

51
INKULUMO ELUNGISELELWE:

Amamaki

10

IMIYALELO:

Abafundi abakhethe isihloko esisodwa abazokwethula ngaso inkulumo elungiselelwe.


Isikhathi sokwethula le nkulumo siyimizuzu emi-4 kuya kwemi-5.
Inqubo Kanye namasu okukhuluma:
Ukulungiselela, ukucwaninga kanye nokuhlela.
Ukuzilolonga nokwethula inkulumo

1. Ithi Ingahamba Idle Udaka [ 10 ]

NOMA

2. Ubuhle Nobubi Bokusebenzisa Izinkundla Zokuxhumana [10 ]

NOMA

3. Uthisha Engingasoze Ngamkhohlwa [10 ]

NOMA

4.

[10]
Sicashunwe ku-inthanethi

52
basic education___
Department:
Basic Education
REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

AMATHASKHI ABEKELWE IMIGOMO NAMA- ORALI

IBANGA LE-10

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

2018

53
ITHASKHI YOKUQALA

KULALELA \
NGOUKUQONDISISA

AMAMAKI=15

54
Imiyalelo

ngenkathi kusafundwa okokuqala

zo, noma unikeze abafundi iphepha elinemibuzo bese ubanikeza isikhathi esanele
sokuphendula imibuzo.

womusho.

Inkolelo

Sekukaningi isizwe esimnyama sidukuza emswaneni. Inzukasikeyi iqala lapho umuntu

ubaba nomama wekhaya bashayisane ngemibono uma sekuza endleleni yokukhuliswa


kwabantwana. Ingani phela siphila emihlabeni emibili uMvelingqangi asibeka kowodwa nje
qwaba.

Isiko lomuntu ompisholo selashaywa ngesithende. Akuzwakali kahle futhi ukuthi yiliphi
elathathwayo. Leli lokuxova amasiko ndawonye lizale isizwe esikholiwe ngenkolo yokun-
gahlabeli abaphansi ucele izinhlanhla. Wona futhi lo mndeni ongayihhoyi eyamadlozi, ebu-
suku unyonyoba uthole ukwelashwa ezinyangeni ushayelwe umhlahlo yizangoma. Ban-
gaki nje abayidla kahle inyama yomsebenzi kagogo oselele kobandayo? Babuze-ke yini
emasontweni uma beshumayela begxeka isiko labamnyama?

Ngesiko lesiZulu nje akuhanjwa phezu kwamathuna ngoba uzovuvukala izinyawo. Unga-
kusho nje uzama ukukhulisa izingane zanamuhla. Kwabona abazali bahlukana phakathi
uzwe omunye ethi “Ayikho lento iSayensi ayisho lutho ngakho”. Uxakwe nje ukuthi kanti
le Sayensi okuqhoshwa ngayo yayingekho yini kubantu abansundu. Impendulo ithi yay-
ikhona. Le nkolelo yokuvuvukala kwezinyawo uma uhamba emangcwabeni yayiletha in-
hlonipho yokwazisa indawo lapho abadala bephumule khona.

[Isiqephu sicashunwe ephepheni ISOLEZWE 10 kuNhlangulana, ngonyaka we-2014]

55
Ukulalelela ukuqondisisa
Igama: ................................................... Ibanga: .............. Usuku : ....................

1. Gagula ukuthi yaqala nini le nzukasikeyi yokuxabana ngokwamasiko? (1)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
2. Nikeza igama elilodwa elimele ibinza elithi:, ‘ugogo oselele kobandayo’
elitholakala esigabeni sesi-2. (1)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
3. Nikeza isizathu sokuba kungahanjwa phezu kwamathuna? (1)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
4. Fingqa amaphuzu AMABILI abalulekile amayelana nenkolelo yesizwe
esimnyama. (2)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
5. Khetha incazelo EYODWA kwezilandelayo. Igama, ‘inzukasikeyi’ lichaza (1)

A.Umzukuzuku.
B.Impikiswano.
C.Ukungezwani.
D.Amahlebezi.

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
6. Iyini inhloso yombhali ngokubhala lesi siqephu? (2)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
7. Chaza ngomthelela wokungqubuzana kwezinkolelo phakathi kwabantu
abampisholo nondleb’zikhanyilanga. (2)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
8. Qhathanisa indlela abantu ababuka ngayo izinto mayelana nenkolo yamadlozi
kanye nenkolo yobukholwa. (2)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------

9. Ingabe umbono noma iqiniso yini okuvezwa ilesi sitatimende, ‘Kwabona abazali bahlukana
phakathi uzwe omunye ethi “Ayikho lento iSayensi ayisho lutho ngakho.” Sekela impendulo
yakho. (3)

----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------
AMAMAKI ESIQEPHU: [15]

56
Uhlu lwezimpendulo

1. Inzukasikeyi iqala lapho umuntu esakholwa enkolweni eyafika nabantu abamhlophe


-1

2. Idlozi (1)
(Izinga loku-1)

3. Akuhanjwa emathuneni ngoba uzovuvukala izinyawo. (1)


(Izinga loku-1)

4. Abantu besizwe esimnyama bakholelwa emasikweni njengokuthi

Abantu besizwe esimnyama bakholelwa emadlozini njengokuhlabela ama


(Izinga lesi-2)

(1)
(Izinga loku-1)

6. Ukusivezela izinhlobo zezizwe (isizwe esimnyama nesimhlophe) nezinkolelo

izimpendulo
zamukelekile kodwa bangaphumi ephuzwini abafundi.) (2)
(Izinga lesi-2)

7. Izinkolelo ezingefani ziletha izinkambo ezingefani/ nokuphikisana ekufundiseni


kwengane eyodwa ezofundiswa okuthize ekhaya. Ekuhambeni ithole enye
inkambo/
(2)
(Izinga lesi-3)

8. Abantu babuka lezi zinkolo ngendlela eyahlukile. Inkolo yamadlozi abanye abantu
bayibuka njengenkolo yobulwane neyabantu abangaphucuzekile kanti inkolo
yobukhristu yona bayibona kuyiyona enhle nefanele ukulandelwa yiwo wonke
umuntu
mpendulo eziveza umehluko enkolweni yamadlozi
neyobukholwa, zizokwamukeleka) (2)
(Izinga lesi-3)

(3)
(Izinga lesi-4)
AMAMAKI: [15]

57
ITHASKHI YESIBILI

UKUBHALWA KWENDABA /
KWE-ESEYI
AMAMAKI=50

58
IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
Amamaki

1. Le THASKHI inemibuzo emihlanu 50

2. Bhala usebenzise ulimi ohlolwa ngalo.

3. Bhala ukhombise amalungiselelo ngaphambi kokubhala indaba. Amalungiselelo awabe


sekhasini lawo wodwa angahlangani nendaba

4. Amalungiselelo owabhalile kumele abonakale. Uyayalwa ukuba lawo malungiselelo


uwakhansele ngokudweba umugqa ovundlile ekhasini.

5. Uyayalwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo: Amaminithi


angama-80

6. Ungaziguquli izinombolo zemibuzo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.

7. Nikeza impendulo yakho isihloko esiyifanele. Amagama esihloko awabalwa, kubalwa


amagama empendulo kuphela.

8. Qaphelisisa upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.

9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

Khetha isihloko esisodwa kwezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama aphakathi
kwangama-290 kuya kwangama-340 ungakhohlwa ukwenza amalungiselelo.

Qaphela lokhu uma ubhala indaba.


- Izethameli, irejista, ithoni kanye nesitayela.
- Ukukhethwa kwamagama kanye nezimiso zolimi.
- Isakhiwo sombhalo
- Indaba kumele ibe nohlaka

1. Izenzo zomngani wakho zakufundisa ukuthi ngempela amathanga ahlanzela abangena


mabhodwe.

Bhala indaba ezofakazela ubuqiniso ngalokhu okungenhla ngalo mngani wakho.


Yinike isihloko indaba yakho. [50]

2. Imibhikisho esithe chithi saka ezikhungweni zemfundo ephakame zakuleli


ihlukumeza ilungelo labafundi abaqedayo [50]

uvo lwakho ngalesi sitatimende? [50]


4. Bhala indaba ngalesi sihloko “Maye! Ubuhle Bemvelo.” [50]

5. Khetha isithombe ESISODWA ubhale ngaso indaba. Yinike isihloko indaba yakho.

QAPHELA: Indaba yakho mayibe nobudlelwane nesithombe osikhethile.

59
5.1.

(Sowetan, Meyi 2014) [50]

NOMA

5.2.

(Sowetan, Meyi 2014)

60
ITHASKHI YESITHATHU

UKUBHALWA KWAMATHEKISTHI
ADLULISA IMIYALEZO

AMAMAKI = 25

61
Ithaskhi 3: Amathekisthi adlulisa imiyalezo Amamaki
25
Igama nesibongo: ____________________ Ibanga: ______

Usuku Lokubhalisa: ___________________

IMIYALELO YABAHLOLWAYO

1. Le thaskhi inemibuzo emine.

2. Phendula umbuzo OWODWA koyinikiwe.

3. Inani lamagama kufanele libe yi-100 kuya kwayi-120

4. Bhala usebenzise ulimi ohlolwa ngalo.

5. Ungaziguquli izinombolo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.

6. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

7. Sebenzisa ubhalomagama olumisiweyo.

8. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuphendula imibuzo.

IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO

Khetha isihloko ESISODWA kulezi zingxenye ezilandelayo. Makube


isihloko esisodwa engxenyeni eyodwa.

Makube ngamagama ayi-100 kuya kwayi-120.


Qaphela lokhu okulandelayo:

- Izethameli, irejista, ithoni kanye nesitayela.


- Ukukhethwa kwamagama kanye nezimiso zolimi.
- Isakhiwo sombhalo

Bhala inombolo yombuzo kanye nesihloko sombhalo owukhethile.

1. Nizuze umklomelo nabangani bakho wokuhamba ngomkhumbikazi


'iNdlovukazi Yolwandle', emncintiswaneni we 'Friends Like These'
enikade niwungenele. Lo mkhumbikazi uzosuka echwebeni laseThekwini
uye eMozambique ngesonto lokuqala kuZibandlela.
Bhala incwadi uxoxele umzala wakho ngenjabulo onayo ngalolu hambo. [25]

2. Inkampani yakwaMetals (Pty) LTD, PO Box 27182, Mobeni, 4000


inesikhala somsebenzi wokuqeqeshwa kwabasebenzi bayo

62
kwezekhompyutha. Lo msebenzi uphume ephephandabeni iLanga
langomhla ziyi-10 kuMashi 2017.

Bhala incwadi ucele isikhala salo msebenzi unikeze yonke imininingwane


engakwenza uphumelele ukuqashwa kulo msebenzi. [25]

3. Beninohambo lokuya ePitoli nomndeni wakho. Endleleni ikhumbi


ebenihamba ngayo yahlangabezana nengozi. Kuleyo ngozi kubhubhe
umalume wakho. Umphakathi wangakini wonke usashaqekile ngalesi
sehlo kwazise phela umalume wakho ubebambe elikhulu iqhaza
ezintweni ezithinta umphakathi.

Bhala umlando kamalume wakho ongasekho. [25]

4. Bhala incwadi ehamba nencwadi yakho yokuchaza i-CV, ucele isikhala


sokupheka enkampanini yenu. [25]

5. Udadewenu ofunda ibanga le-12 usengumshungu nabangani


abangaziphethe kahle. Ukuzibandakanya kwakhe nalaba bangani
sekumphazamisa nasemsebenzini wakhe wesikole.

Bhala ingxoxo phakathi kukadadewenu kanye nothisha omfundisayo lapho


emxwayisa ngalaba bangani. [25]
AMAMAKI 25

63
UKUHLOLWA KWEMIBHALO EMIDE EYEDLULISA

IMIYALEZO OKULINDELEKILE

INCWADI YOBUNGANI

Ikheli lobhalayo, lihambisane nosuku


Isib. 27 kuNhlangulana 2017 / 27 Juni 2017

Isibingelelo: Isib. Mzala


Isingeniso: Makwethulwe inhloso yokubhalwa kwencwadi.
Umzimba - Mawehlukaniswe ngezigaba.
- Makwenatshwe nenhloso yokubhalwa kwencwadi
- Makuvele ngenhlela ojabule ngayo
Isiphetho: Ukusonga ingqikithi yencwadi, Isib. Angisakwazi
nokuzibamba
Yimina umzala
wakho uNtombi
INCWADI YOMSEBENZI

Amakheli amabili elobhalayo kanye nalowo obhalelwayo.


Ikheli lobhalayo lihamba nosuku. Isib. 15 kuNhlangulana 2017, 17
Juni 2017.
Ikheli lesibili liqalisa ngokubhala isikhundla salowo
obhalelwayo. Isib. Mphathi
Isihloko obhala ngaso. Incwadi yesicelo somsebenzi.
Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma. Isib.
Mnumzane/Nkosikazi/Nkosazane.
Incwadi ayibe nesingeniso: Khuluma ngomsebenzi. Umzimba: Shono
ukuthi uwubone kuphi lomsebenzi.
Isiphetho: Akuvele ukuthi uyakulangazelela ukuzibona uyingxenye
yabasebezi benkampani.
Valelisa ukhombise ukuzithoba. Isib.
Yimina ozithobayo
uSizwe Mweli (Mnu./Nkk./Nksz.)
UMLANDO KAMUFI

Isihloko masibhalwe sigqame sibe namagama kamufi aphelele, isib. Umlando


ka Khona Ndlovu.
Isigaba sokuqala: Makubhalwe amagama akhe aphelele, usuku azalwa
ngalo, uzalwa ngobani, wazalelwa kuphi.
Isigaba sesibili: Izikhungo zemfundo afunda kuzona, izikhundla
azitholile, iqhaza abelibambile emphakathini.
Isigaba sesithathu: Abantu abayigazi lakhe abashiye emhlabeni.
Ekugcineni kungaphethwa ngomusho omfushane wokumvalelisa, Isib. Lala
uphumule Ndlovu eswele abelusi/iNkosi mayikuphe umphumulela wafuthi

64
INCWADI YOKUZICHAZA (CV) NENCWADI EHAMBISANA NAYO
(a) Incwadi ehambisana neCV

Amakheli amabili, lobhalayo kanye nelalowo obhalelwayo.


Ikheli lobhalayo lihamba nosuku. Isib. 09 Ephreli 2017, 07 kuNdasa
2017.
Ikheli lesibili liqalisa ngokubhala isikhundla salowo
obhalelwayo. Isib. Mqondisi wenkampani

Isihloko obhala ngaso: Incwadi Ehabisana NeCV.


Obhalelwayo makabingelelwe sakukhuluma. Isib.
Mnumzane/Nkosikazi/Nkosazane.
Incwadi ayibe nesingeniso: Ukuzethula nokuthi usibonephi isikhangiso
Umzimba: Kungani uzibona kufanele uthole lo msebenzi, yisho
amakhono onawo nanokuthi azokusiza kanjani ukuthuthukisa
le nkampani.
Isiphetho: Akuvele ukuthi ungajabula uma ungase
ubizelwe. inhlolokhono
Valelisa ukhombise ukuzithoba. Isib. Yimina ozithobayo
uSiphokazi Yende (Mnu./Nkk./Nksz.)

(b) INCWADI YOKUZICHAZA (I-CV)

Iminingwane ephathelene nami:


Iminingwane ephathelene nemfundo:
Imininingwane ephathelene nomsebenzi:
Iqhaza emphakathini:
Igalelo lokuphatha:
Okokuzilibazisa:
Abantu abangathinthwa (Amagama abantu abathathu kuphela nezinombolo
zabo)

INGXOXO

Isihloko- Ingxoxo phakathi kukadadewenu nothisha.


Makuvele lokhu enkulumeni eyisandulela/ekubakaki: Bakuphi,
kunini, baqanjwe amagama.
Umlingiswa makalandelwe ikholoni- isib. uNozi:
Ingxoxo mayikhombise isakhiwo esikhulayo (isingeniso-umzimba- isiphetho).
Inkulumo makube inkulumo ngqo/okhulumayo makakhulume
esebenzisa inkathi yamanje.
Imizwa yokhulumayo mayivezwe ngamazwi hhayi ngokuchaza isib. uNozi:
Hhayi! yimbi impela lento!
Qaphela: Abasetshenziswa abacaphuni:

65
ITHASKHI YESIHLANU

INKULUMO
ELUNGISELELWE

AMAMAKI=10

66
ITHASKHI YESI-5: INKULUMO ELUNGISELELWE:

IMIYALELO EQONDISWE KUTHISHA

Inkulumo elungiselelwe kufanele ihambisane nokwenzeka empilweni jikelelele.


Uthisha uzosiza abafundi. Kufanele bakhethe izihloko ezizohambisana nempilo
yabafundi futhi ezib
Umfundi makenze lokhu okulandelayo:

Makaveze ubufakazi bokuthi uwenzile amalungiselelo.


Ngenkathi ethula umsebenzi wakhe: makasebenzise izwi, iphimbo, isivinini,
abheke izetham
Angenise futhi aphethe indaba yakhe ngokunembayo
Asebenzise ulwazimagama nezakhiwo ezinembayo.
Aphendule imibuzo uma kukhona lapho izethameli zifuna ukucaciselwa
khona.
Lungiselela ukwethula ngesihloko osikhethile.
Inkulumo ozoyethula mayilungiselelwe imizuzu emi-5
Landela nansi imiyalelo elandelayo:

Ngenkathi wethula inkulumo ungasebenzisa:


iphosta, izithombe namakhathuni.
Bhala inkulumo yakho ephepheni, ufunde lokhu
okubhalile. Cela umngani noma ilunga osebenzisane
nalo eqenjini ukuthi likunikeze indlebe lilalele,
wethule. Phimisa amagama kahle.
Hlela ukuze ungaxhamazeli ngenkathi wethula ukuze
nothisha aqonde ukuthi ukhuluma ngani.
Uma usunesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukwethula,
yenza amakhajana lapho uzobhala khona amaphuzu.
Lawo makhadi uzowasebenzisa ukuze uzikhumbuze
ukuthi ukhuluma ngani.
Uthisha uzokunikeza amamaki ngokubheka ukuthi
ubuzilungiselele kahle yini.
Ungazikhumbuza ngokubheka irubhrikhi ukuze ubone
ukuthi amamaki azokwabiwa kanjani. Qikelela ukuthi
unalokhu ngenkathi wethula:
- Iphepha obhale kulo inkulumo yakho.
- Amakhajana akho lapho ubhale khona amaphuzu asemqoka.
- Iphosta, izithombe namakhathuni.

67
Gqugquzela abafundi ukuthi bacabange abakukhonzile nabakuthandayo lapho bekhetha isihloko.
Gqugquzela ukuthi bahlele. Mabaqalise ukuhlela ngemuva kokuba usubachazele
ukuthi iyini inkulumo elungiselelwe. Bakhombise ukuthi ukungahleli kunamiphi imithelela emibi.
Bavumele bahlanganise amakhanda, badingide izihloko zabo. Bavezele ukuthi indlela abaphetha
ngayo ileyo futhi eyenza uthisha abanikeze imaki ngakho-ke isiphetho kufanele ukuba sibe nges-
inembayo.

Uma sebeqedile ukuhlela, mababhale phansi inkulumo, bayibhale ephepheni.


Ngemuva kokubhala ephepheni bangabhala amaphuzu abalulekile ekhadini.
Bachazele ukuthi ukwethula inkulumo kuzothatha imizuzu emingaki ukuze
bakwazi ukucabangela inani lamagama okufanele bawabhale. Ungakhohlwa ukubakhumbuza
ukuthi kwethulwa kanjani. Bakhumbuze ngalokhu okulandelayo

Amamaki
Ithaskhi 5-Isibonelo: Inkulumo elungiselelwe
10
Igama nesibongo: __________________ Ibanga: _____

Usuku Lokubhalisa: ___________________

Khetha isihloko ESISODWA noma uzikhethela isihloko esingabhaliwe lapho okungesakho.

Noma ungasebenzisa esakho isihloko. Bheka lokhu okulandelayo:

o Yini oyithandayo/ekukhathazayo ongathanda ukukhuluma ngayo?


o Yini ongathanda ukufunda ucwaninge uthole olwazi obungenalo?
o Ngaphambi kokucwaninga xoxisana nothisha ukuze uzwe ukuthi angakweluleka kanjani
ngesihloko sakho.
AMAMAKI: [10]

68
ITHASKHI YESITHUPHA

IMIBHALO YOBUCIKO

AMAMAKI=35

69
Imibhalo yobuciko
Amamaki
Igama nesibongo: __________________ Ibanga: ________ 35

Usuku Lokubhalisa: _________________

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO

Abahlolwayo mabafundisise kahle imiyalelo ngaphambi


kokuba baphendule imibuzo
Abahlolwayo mabangafundi yonke imibuzo. Funda uhlu
lokuqukethwe bese ukhetha imibhalo oyifundile.

ISIQEPHU A: Izinkondlo (10)

ISIQEPHU B: Amanoveli / Ubuciko Bomlomo (25)

Phendula imibuzo EMIBILI.


Izimpendulo zemibuzo emide naziphendulelwe ngamagama
aphakathi kwangama-240- 290.
Izimpendulo zemibuzo emifishane, amamaki anikezwe emibuzweni
ayakwelekelela ukuthi kumele uphendule kangakanani
Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho
ziyahambisana nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni
Abahlolwayo bayelulekwa ukuba babhale ngobunono
nangesandla esibonakalayo
Qalisa isiqephu ngasinye ekhasini Elisha
Indlela yokusebenzisa isikhathi:

ISIQEPHU A: IMIZUZU ENGAMA -10

ISIQEPHU B: IMIZUZU ENGAMA -50

UMBUZO 1 (UMBUZO OMUDE)

Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.

70
Ngingephile Ngaphandle Kwakho - P Ngubo

1 Ngaphandle kwakho ngingephile,


2 Wen’ oyisihluthulelo semizwa nenjabulo,
3 Wen’oleth’inkazimul’ ebumnyameni,
4 Wen’ oyisisekelo nodondolo lwami.

5 Ngingaphila kanjani ngingasabuthokozel’ubumnandi bempilo?


6 Ngingathemba themba lini ususithele wena themba lami?
7 EzikaSomandla ngihlala ngisikhihla themba lami.
8 Sondela sithintanis’ izindebe ngizwe ukuthokomala kwenhliziyo.

9 Ngisale ngihogela usi


10 Laph’ usungishikilele wanginik’ isiphundu,
11 Ngikhumbul’ izihasho laph’ usungiwotawota.
12 Ngithokoze ngizw’ ukugida kwesifuba
13 Kuyobanjani laph’usunginik; isiphundu,
14 Walibhekisa kwaVezunyawo?

15 Ngisal’ ezintabeni zangakithi ngibe isiduphunga.


16 Ontanga baviyoz’ imilozi mina ngidlal’ umzwangedwa ,
15 Lo mzwangedwa uthi awuz’ukuba umhobholo,
16 Ngibe umbulali obulala impilo emnandi?

17 Ukuthokomala akukh’ empilweni yesidalw’ esiyigobongo,


18 Intokoz’ ingiqhele ngijezis’ iqhawekaz’ elibomvu,
19 Ngiphambeke ngibhek’ izinkangala zehl’ ezimathonsi,
20 Ngiyoqalaza ngibon’ igodi umhlab’ usungishayile,
21 Ingabe kunjalo nakuwe Bhungane?

UMBUZO (UMBUZO OMUDE): IZINKONDLO

Chaza ukuthi isakhiwo senkondlo siwulolonga kanjani umqondo wale nkondlo. Impendulo yakho
mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-190 ukuya kwangama-240.

Impendulo mayibhekiswe kulokhu:

[10]

71
UMBUZO 2 (UMBUZO OMUDE) WENCWADI

EZOBE IFUNDWA (Inoveli noma idrama)

Xoxa ngokuphumelela kombhali ekwethuleni isakhiwo sencwadi, impendulo yakho mayibe ubude
obuphakathi kwamagama angama -240 kuya kwamagama angama- 290.

Impendulo yakho mayibhekiswe kula maphuzu alandelayo

[25]

Isingeniso

Sehlukaniswa ngamazinga amathathu: isingenziso, umzimba kanye nesiphetho. Esingenisweni


sethulelwa umlingiswa osemqoka, inkinga abhekene nayo eba yisisusa sodweshu kanye nesizinda.

Esiphethweni yilapho indaba iphela khona kube nokubuyisana phakathi kwabalingiswa.

1. Esingenisweni : Sethulelwa umlingiswa osemqoka

2. Umzimba wendaba: kwethulwa ulwazi lwangaphambili. Ulwazi lubandakanya umlingiswa


oyiqhawe, imbangi, isisusa sodweshu, isizinda, umoya.
Yethula umlingiswa osemqoka kanye nolwazi lwangaphambili noma
isizinda (indawo).

3. Ukubhebhetheka kodweshu: Lena ingxenye yesakhiwo emva kokuba sesethulelwe


isisusa sodweshu. Udweshu lubhebhethekiswa
ukudaleka kolunye udweshu bese luyabhebhetheka.
Ukubhebhetheka kodweshu kwenza izinto zixabane
kakhulu lokhookuho lela ilukuluku kumfundi wencwadi.
Ukulandelana kwezehlakalo kanye nesixakaxaka kuholela
kuvuthondaba

4. Uvuthondaba: Uvuthondaba luyingxenye emnandi yendaba, ingxenye ebalulekile yendaba.


Le ngxenye ayivamisile ukuba ibe sekugcineni kwendaba, kepha yilapho
kuguquka khona izinto, sekushubile. Le nguquko kungaba esengqondweni
noma kube izenzo.
Kwesinye isikhathi kuba khona lapho umlingiswa ephoqeka ukuba athathe
isinqumo esithile noma enze isenzeko esithile. Leso sigaba sibizwa ngokuthi
isigaba sezinqumo. Kudala ukuba izehlakalo ziziphendukele zona.

AMAMAKI: [25]

72
ITHASKHI
YESISHIYAGALOMBILI
INKULUMO
ENGALUNGISELELWE

AMAMAKI=15

73
ITHASKI YESI-8: INKULUMO ENGALUNGISELELWE:

IMIYALELO EQONDISWE KUTHISHA

Inkulumo engalungiselelwe mayigxile ezihlokweni ezihambisana nezinga labafundi lokucabanga.


Uthisha makasebenzise izihloko ezingabahlaba umxhwele ukuze bangakhungatheki bampumputheke.

Umfundi makenze lokhu okulandelayo:

zakhe.

Gqugquzela abafundi ukuba bakwazi ukuhlela imicabango yabo ngokushesha.


Bafundise ukwenza lokhu okulandelayo:

o Ukukhetha amagama anembayo futhi ahambisana nesihloko ngokuphazima kweso.


o Ukubhala amaphuzu phansi emakhadini ukuze bazikhumbuze lokhu abafuna ukukhuluma
ngakho.

Izihloko:

Uthisha angasebenzisa izihloko ezilandelayo:

ayo Abanobulili Obubodwa.

AMAMAKI: [15]
Ithaskhi 8 : Inkulumo engalungiselelwe
Amamaki
Igama nesibongo:___________________ Ibanga:_____

Usuku Lokubhalisa: ________________ 15

Imiyalelo:

o Bhala amaphuzu ofuna ukukhuluma ngawo ngokushesha emakhadini.


o Bheka izethameli ngqo emehlweni.
o Sebenzisa ulwazimagama nezakhiwo zolimi olunembayo.

74
ITHASKHI
YESISHIYAGALOLUNYE

IMIBHALO YOBUCIKO

AMAMAKI=35

75
UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
Isililo – FY Mncube
1 Ngizihambile izindawo ngezindawo

3 Bekhihl’ esezimal’ezemuke namanzi.


4 Izingane zihambe iminyaka

5 Ziyothekela ulwazi olunzulu


6 Oluzoleth’ intokozo ngomuso.
7 Liphumile lashona

8 Wagama nxa, waphel’ unyaka,


9 Yalandela neminye.

11 Bagoduka oNjabulo noNonjabulo


12 Bananela ngenkul’ injabul’ abazali
13 Bencoma bebonga benconcoza.
14 Ziphume zizinhl’ izinsizwa nezintokazi

15 Ziphume zagcwal’ amathafa


16 Zihamba zithungath’ imisebenzi;
17 Zigabe ngemfund’ eziyijulukele.
18 Zonke ziphum’ inqina kamabuyaze;

19 Izikhulu neziphathimandla ndawo zonke


20 Zikhuze zababaza umhlola
21 Zikhala ngezikhungo ezingaziwa
22 Ezikhiph’ iziqu zomgunyathi.
23 Kusuke esinamathambo

24 Kuqhume isililo esikhulu


25 Sebeshay’ utshan’ omahamba nendlwana
26 Sebeyobhubhisa phambili.
27 Zikhulu zemfundo sukumani,

28 Vulan’ amehlo kuliwe nale mpi

IMIBUZO:
1. Gagula izizathu EZIMBILI ezenza ukuthi abazali bakhihle isililo. (2)

2. Fingqa kafushane ngamagama akho okushiwo ibinza lesibili. (2)

3. Ngabe ukuxhumana-siqalo okusemgqeni we-14 kuya kowe-15 (2)


kunamthelela muni ekuqondeni kwakho le nkondlo?

4. Chaza ukuthi isimo sokukhuluma esisemgqeni we-18 sikwelekelele (2)


kanjani ukuqonda ibinza lesi-6.

5. Phawula ngomoya oqukethwe ibinza lesine. (2)


[10]

76
UMBUZO 2 (UMBUZO OMUDE)

Hlolisisa ukuvezwa komlingiswa ongummeleli nenhloso yomdlalo ofundwa kuleli banga.

Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-240 kuya [25]


kwangama-290.

UHLU LWEZIMPENDULO

UMBUZO OMFUSHANE

1. Abazali balahlekelwe imali eningi kulezi zinkole zemfundo ephakeme


ezingekho emthethweni. Izingane zithole iziqu zomgunyathi. (2)

2. Izingane zihambe isikhathi eside ziyofunda ukuze zilethe ushintsho


ezimpilweni zazo (2)

3. Kunomthelela wokuthi ngiqonde ukuthi imbongi igcizelela noma iyagqamisa


ukuthi lezi zingane ziphume ngobuningi bazo. (2)

4 Lesi simo sokukhuluma esichaza ukuthi ukubuya ulambatha/ungaphethe lutho


singelekelele ukuthi ngiqonde ukuthi lezi ziqu ezitholwe yilezi zingane zifana
nezingekho ngoba zizithole ezikoleni ezingekho emthethweni. (2)

5 Leli binza liqukethe umoya wokujabula ngoba izingane nabazali bajabulela


ukuthi izingane ziphothulile zathola iziqu. (2)
[10]

77
ITHASKHI YESHUMI

INKULUMO
ELUNGISELELWE

AMAMAKI=10

78
ITHASKHI YE-10: INKULUMO ELUNGISELELWE:
Amamaki

10

IMIYALELO EQONDISWE
Inkulumo KUTHISHA
elungiselelwe kufanele ihambisane nokwenzeka empilweni jikelelele.
Inkulumo elungiselelwe kufanele ihambisane nokwenzeka empilweni jikelelele. Uthisha uzosiza
abafundi ukukhetha izihloko ezizohambisana nempilo yabafundi futhi ezibahlaba umxhwele.

Umfundi makenze lokhu okulandelayo:

zakhe.

Gqugquzela abafundi ukuthi bacabange abakukhonzile nabakuthandayo lapho bekhetha isihloko.


Gqugquzela ukuthi bahlele. Mabaqalise ukuhlela ngemuva kokuba usubachazele ukuthi iyini inkulumo
elungiselelwe. Bakhombise ukuthi ukungahleli kunamiphi imithelela emibi. Bavumele bahlanganise
amakhanda, badingide izihloko zabo. Bavezele ukuthi indlela abaphetha ngayo ileyo futhi eyenza
uthisha abanikeze imaki ngakho-ke isiphetho kufanele ukuba sibe ngesinembayo.

Uma sebeqedile ukuhlela, mababhale phansi inkulumo, bayibhale ephepheni. Ngemuva kokubhala
ephepheni bangabhala amaphuzu abalulekile ekhadini. Bachazele ukuthi ukwethula inkulumo
kuzothatha imizuzu emingaki ukuze bakwazi ukucabangela inani lamagama okufanele bawabhale.
Ungakhohlwa ukubakhumbuza ukuthi kwethulwa kanjani. Bakhumbuze ngalokhu okulandelayo:

Iphimbo, izwi, isivinini, ukubheka izethameli emehlweni, ukukhuluma bade behlaba ikhefu.

Ungabakhombisa nerubhrikhi ozoyisebenzisa ukuze babone ukuthi yini elindelekile kubona.

79
Ithaskhi 10: Inkulumo elungiselelwe
Amamaki
Igama nesibongo:________________
10
Ibanga: _______ Usuku Lokubhalisa: _____________

Imiyalelo:

o Ngenkathi wethula inkulumo ungasebenzisa: iphosta, izithombe namakhathuni.


o Bhala inkulumo yakho ephepheni, ufunde lokhu okubhalile. Cela umngani noma ilunga
osebenzisane nalo eqenjini ukuthi likunikeze indlebe lilalele, wethule. Phimisa amagama
kahle.
o Hlela ukuze ungaxhamazeli ngenkathi wethula ukuze nothisha aqonde ukuthi ukhuluma
ngani.
o Uma usunesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukwethula, yenza amakhajana lapho uzobhala
khona amaphuzu. Lawo makhadi uzowasebenzisa ukuze uzikhumbuze ukuthi ukhuluma
ngani.
o Uthisha uzokunikeza amamaki ngokubheka ukuthi ubuzilungiselele kahle yini.
o Ungazikhumbuza ngokubheka irubhrikhi ukuze ubone ukuthi amamaki azokwabiwa kanjani.
o Qikelela ukuthi unalokhu ngenkathi wethula:
- Iphepha obhale kulo inkulumo yakho.
- Amakhajana akho lapho ubhale khona amaphuzu asemqoka.
- Iphosta, izithombe namamaki

Izihloko:
Khetha isihloko ESISODWA noma uzikhethela isihloko esingabhaliwe lapho okungesakho.

Noma ungasebenzisa esakho isihloko. Bheka lokhu okulandelayo:

o Yini oyithandayo/ekukhathazayo ongathanda ukukhuluma ngayo?


o Yini ongathanda ukufunda ucwaninge uthole ulwazi obungenalo?
o Ngaphambi kokucwaninga xoxisana nothisha ukuze uzwe ukuthi angakweluleka kanjani
ngesihloko sakho.

AMAMAKI: [10]

80
Ithaskhi 10: Inkulumo elungiselelwe Amamaki

Igama nesibongo:________________ 10

Ibanga: _______ Usuku Lokubhalisa: _____________


Imiyalelo:
Lungiselela ukwethula ngesihloko osikhethile.
Inkulumo ozoyethula mayilungiselelwe imizuzu emi-5
Landela nansi imiyalelo elandelayo:
Ngenkathi wethula inkulumo ungasebenzisa:
iphosta, izithombe namakhathuni.
Bhala inkulumo yakho ephepheni, ufunde lokhu okubhalile. Cela
umngani noma ilunga osebenzisane nalo eqenjini ukuthi
likunikeze indlebe lilalele, wethule. Phimisa amagama kahle.
Hlela ukuze ungaxhamazeli ngenkathi wethula ukuze nothisha
aqonde ukuthi ukhuluma ngani.
Uma usunesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukwethula, yenza
amakhajana lapho uzobhala khona amaphuzu. Lawo makhadi
uzowasebenzisa ukuze uzikhumbuze ukuthi ukhuluma ngani.
Uthisha uzokunikeza amamaki ngokubheka ukuthi
ubuzilungiselele kahle yini.
Ungazikhumbuza ngokubheka irubhrikhi ukuze ubone ukuthi amamaki
azokwabiwa kanjani.
Qikelela ukuthi unalokhu ngenkathi wethula:
- Iphepha obhale kulo inkulumo yakho.
- Amakhajana akho lapho ubhale khona amaphuzu asemqoka.
- Iphosta, izithombe namamaki
Izihloko:
Khetha isihloko ESISODWA noma uzikhethela isihloko esingabhaliwe
lapho okungesakho.
Ubuchwepheshe: Ubuhle Nobubi Bayo.
Amandla Emali: Imisebenzi, Ukudla Nophethilomu.
Izifikanamithwalo Eningizimu Afrika.
Isithembu: Ubuhle Nobubi Baso.
Isimilo Sezingane Zanamuhla.
Imvelaphi Yabantu: Isithakazelo SakwaButhelezi (Umfundi
Angaqoka Esakhe Isibongo)
Umbuso Wenkosi Ushaka.
Amazwe ESADC Nobudlelwane Bawo.

Noma ungasebenzisa esakho isihloko. Bheka lokhu okulandelayo:


Yini oyithandayo/ekukhathazayo ongathanda ukukhuluma ngayo?
Yini ongathanda ukufunda ucwaninge uthole ulwazi obungenalo?
Ngaphambi kokucwaninga xoxisana nothisha ukuze uzwe
ukuthi angakweluleka kanjani ngesihloko sakho.

AMAMAKI: [10]

81
6WUXEHQ6WUHHW3UHWRULD
3ULYDWH%DJ;3UHWRULD6RXWK$IULFD
7HO‡)D[

3ULYDWH%DJ;&DSH7RZQ6RXWK$IULFD
7HO‡)D[
&DOO&HQWUH

ISBN 978-1-4315-3089-2

'HSDUWPHQWRI%DVLF(GXFDWLRQ

ZZZHGXFDWLRQJRY]D

ZZZWZLWWHUFRPGEHBVD

ZZZIDFHERRNFRP%DVLF(G

You might also like

pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy