Hluza Grade 10&11 (12.12.18)

Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 152

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

SIYAHLUZA

2019

IBANGA 10 & 11

1
ISETHULO

UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMQONDISI wakwa FET


ngezandla zabeluleki besifundo solimi lwesiZulu bethula le nsiza kufundisa
nokufunda ehlose ukwelekelela ekufukuleni izinga lokuphunyelelwa
ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa okokuqala ngaphansi kohlelo luka-CAPS
(Tahfuzwe). Leli bhuku liyinsiza edinga ukwesekelwa ngezinye kepha
engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi zinto ebezingekho olimini esezifakwe
ngokohlelo lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo ngumngenela ohlose
ukwelekelela uthisha ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke ekufundiseni
kwakhe.
Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthaza kwenza
eziogodini zabo.

UKWAZISA

Lona ngumsebenzi owenziwe ngokubambisana phakathi :


 Kothisha
 Abaholi bamaqoqo
 Abeluleki bekomiti LesiFundazwe KwaZulu Natali
Umzamo wenziwe ukuba kuhluzwe zonke izinkondlo ezenziwayo.
Baningi abantu abawenzile lo msebenzi. Inkondlo iyinye kungenzeka ihluzeke
kabili noma ngaphezulu. Noma singavumelana ngokomqondo ukubeka akufani.

ABAHLELI
Imvunge Yokusa M Dlamini Harry Gwala &
King Cetshwayo District
J Hadebe
UNtombazi A M Mbuyisa Uthukela District
Inzima Le Ndlela Dkt Z Mhlungu Zululand District
Zihlangene Phezulu Z Majola Umzinyathi District
Zidlana Imilala N Dlamini Zululand District
Ukufa Kuka Shaka S S Gamede Pinetown District
Inkinsela Dkt J Mzizi Ugu District
Yasemgungundlovu Nkkz Langa
Bahlakaniphile S Thango Ilembe District
Behlakaniphelana Nje
Amanothi N H P Makhanya Umalzi District
N Sokhela Amajuba District
UMDIDIYELI

Sibonge kumdidiyeli waleli bhuku uNkkz. N.H.P Makhanya-Umlazi District

USIHLALO
Sibonge kusihlalo wekomiti LesiZulu uNkkz .M.J.Mthembu- Umkhanyakude
District

2
OKUQUKETHWE

ISIHLOKO IKHASI
Igilosari
Yenkondlo
Yenoveli Nomdlalo
Ibanga Le-11
Izinkondlo Zangalo Nyaka- Imvunge Yokusa
Ukuhluza Izinkondlo-11
Ukuhluza Inoveli Zihlangene Phezulu
Imibuzukuhluza Idrama Untombazi
Inzima Le Ndlela
Ibanga Le-10
Ukuhluza Izinkondlo Zidlana Imilala
Yenoveli Nomdlalo
Izinkondlo Zangalo Nyaka
Ukuhluza Izinkondlo
Ukuhluza Inoveli Inkinsela Yasemgungundlovu
Ukuhluza Idrama Ukufa Kukashaka
Bahlakaniphilene

Amazinga Okuhlakanipha
Imibuzo Emifishane
imibuzo Emide

3
IZINKONDLO

UKUBUMBEKA KWENKONDLO/ISAKHIWO SENKONDLO


 Usithola ngokuyibuka nje ngamehlo inkondlo.
 Ngaphansi kwesakhiwo sangaphandle kubhekwa lokhu okulandelayo.

AMABINZA/IZINDIMA/IZITANZA
Kubhekwa ukuthi inkondlo ihlukaniswe ngamabinza nokuthi mangaki amabinza
aleyo nkondlo.

IMIGQA
 Inani lemigqa
 Imigqa emide nemifishane
 Ukuvuleka kwemigqa ( uma lungekho uphawu lokukhanyisa ekugcineni)
 Ukuvaleka kwemigqa( Ilapho kunophawu lokukhanyisa ekugcineni)
 I-enjambament (Uma kungekho uphawu emigqeni ongenhla bese luba
khona emigqeni elandelayo (Ukungabibikho kophawu kukhombisa ukuthi
umqondo ogcizelelwa imbongi uphelela emigqeni elandelayo)
 Isikhawu/Isizura (Yilapho kutholakala uphawu lokukhanyisa phakathi
nomugqa ngezizathu ezahlukene.
Inhloso yokusetshenziswa kwemigqa kungaba ukudala isigqi(umgqumo womculo
omnnandi) esinensayo noma esisheshaya kanye nomoya wenkondlo.

IMVUMELWANO
Lokhu kusho amalunga afanayo emigqeni elandelayo.
Imvumelwano ihlukaniswe kathathu.
Imvumelwano siqalo
 Lawa amalunga afanayo ekuqaleni kwemigqa elandelanayo.
 Unkamisa uyaba ilunga eliphelele uma esekuqaleni egameni.
Imvumelawano maphakathi
 Lawa ngamalunga afanayo emagameni amaphakathi emigqeni
elandelanayo.
Imvumelano sigcino
 Lawa amalunga afanayo emagameni asekugcineni emigqeni
elandelanayo.

UKUXHUMANA

Kusho amagama afanayo emigqeni elandelayo. Ukuxhumana kuhlukaaniswe


kanje:
Ukuxhumana okusekuqaleni/okuqondile
Lapha kubhekwa amagama afanayo ekuqaleni kwemigqa elandelanayo.
Ukuxhumana okumaphakathi
Lapha kubhekwa amagama afanayo maphakathi neigqa elandelanayo.

4
Ukuxhumana okusekugcineni
Lapha kubhekwa amagama afanayo ekugcineni kwemigqa elandelanayo.

OKUSHIWO YINKONDLO/UMQONDO WENKONDLO


Yilokho okuqondwe yimbongi enkondlweni isebenizisa ulimi olucebile
ukukhethwa kwamagma, imifanekisomqondo,izifengqo Kanye nezisho
nezaga.

UMOYA WENKONDLO
Isimo imbongi esuke ikuso uma ibhala inkondlo.
Le simo singavela ngezindlela eziningi kanje: umuzwa wothando /
wokukhathazeka/ wokubalisa njll.

INDIKIMBA
Umongo wenkondlo yonke. okubhaliwe kungaqukatha izindikimba ezahlukene
ezingajwayelekile
izindikimba eziphathelene nothando, ukufa,
izimpi,ukuhlukunyezwa,ubugebengu ,uxolo ,ukholo,imfundo,ubuqhawe njll.

IMIFANEKISOMQONDO/IZITHOMBEMAGAMA

Amagama, isigejana samazwi, kanye nemisho eletha ukubona ngeso


lengqondo emicabangweni yethu, njengezifaniso, izingathekiso kanye
nokwenzasamuntu:
Okuphinyiswa ngomlomo kuvela emcabangweni kanje: ukubona, umsindo-
inzwa ebonakalayo, inzwa ehogelekayo, inzwa yokuthintekayo, inzwa
yokunambithekayo nenzwa yokulalelekayo.

IZIFENGQO

Igama, isigejana samazwi noma umusho: (1) letha isithombe emqondweni


womfundi, (2) oletha ukubona ngeso lengqondo okungafundeki kanye
nokusetshenziswa kwamagama okungajwayelekile, noma (3)ukuhleleka
kwamagama okukhethekile kuveze okungajwayelekile. Ulimi oluqukethe
zifengqo ubizwa ngokuthiwa ulimi olunezifengqo bese isithombe sokubuka
ngengqondo.

Izifengqo zinemisebenzi emine ebalulekile:


1. Ziyafanisa
2. Ziyaqhathanisa
3. Ziyathintanisa/ziveza ubudlelwane
4. Ziyateketisa

IZIBONELO ZEZIFENGQO KUNGABA YILEZI:

5
Isifenyiso, isifaniso, ihaba, ukubhuqa, ukwenzasamuntu, ukubhinqa, isathaya,
indida, upholavuthondaba, uphawu, umbuzombumbulu, isingathekiso,
uvuthondaba nelithosisi.
1.Isifenyiso:( Understatement)
Lokhu ukuchaza into enkulu uyenze sengathi yinto encane.
Izibonelo:
Leyo ndoda iyahambahamba ebusuku.
Sathi ukuhamba ibangana elicishe ukuthatha usuku lonke

2.Isifaniso: (Simile)
Lapha kusuke kuqhathaniswa izinto ezimbili ezingafani, kusetshenziswa izakhi
zokufanisa ezilandelayo: njenga-, fana, kuhle, okwa-, nganga-
Izibonelo:
Lo mfana uthothobele kuhle
Le ntaba isandlu
Intombi yakhe injengelanga liphuma

3.Ihaba: (Hyperbole)
Lokhu ukuchaza into uyndise kakhulu kunento eyikho.
Izibonelo:
Libalele likhipha inhlanzi emanzini
Wayengasagijimi wayendiza
Usakhala izinyembezi zaba yimifula

4.Ukubhuqa: (Sarcasm)
Uma umuntu ebhuqa usho lokho akushoyo kusalele udosi isibuqo siyahlaba
siyalumela kasithandeki
Izibonelo:
Ungaba umfundi ohlakaniphile uma ungase uyeke imbuzi.
Ungazenzela umathanda kodwa kowakho umuzi
Baningi bamenyiwe kodwa bambalwa abayobona umbuso weZulu

5.Inhlwayizane/uhlwayizane (innuendo)
Inhlwayizane ifuze umbhuqo ngokuba nohlwayana oluhlabayo kodwa yona
iyagwegwesa ayibeki ngembaba.
Izibonelo:
Ubengazange abuthi mbibi namuhla uSigubhu kungakho ebenolaka nje
Kukhona oboleke ipeni lami ngisaphumile, bengicela alibuyise
Inkulumo yakhe ende yaphetha ngehlombe elaphaphamisa wonke umuntu

6.Ukwenzasamuntu: (Personification)
Lapha into engaphili inikwa izimpawu noma izenzo zomuntu.
Izibonelo:
Ukufa kuyisela
Umhlaba kawunoni
Intaba Umhlabashane wazi lukhulu

6
7.Isingathekiso (Metaphor)
Nalapha kusuke kufaniswa izinto ezimbili ezingefani umehluko ukuthi lokho
okufaniswayo sivele sikugagule ngalokho esikufanisa nako.
Izibonelo:
Intombi kamalume yilanga liphuma
Akeve eyinkomo ebholeni

Inhliziyo yakhe imnyama inenyongo

8.Ukwenzasasilwane: (Animalification)
Lapha into engaphili engesilwane inikwa izimpawu zesilwane.
Izibonelo:
Umshaye wabhonga
Umbhakele walimala

9.Umbhingqo: (Irony)
Kugqanyiswa ubunjalo bento ngokusebenzisa amagama ahlanekezela incazelo.
Izibonelo:
Wazewahlakanipha bo!
Lowo uhembekile ngoba webe imali ekhaya.
Uyasazi isiZulu ngoba ude njalo esheba nesiNgisi

10.Indida:( Paradox)
Lapha kushiwo into eyodwa kodwa kube kuqondwe enye. Amazwi abonakala
kungathi ayaphikisan kantiekujuleni kwawo ayavumelana.
Izibonelo:
Yisilima lesi sishaya zonke izifundo ngamalengiso.
Ingane inguyise wesintu
Unecala lowo ongenacala.

11.Impikisamqondo ( Oxymoron)
Impikisamqondo ihlanganisa amagama aphikisanayo ukwembulaokuthize
Izibonelo:
Le nkosikazi ihlekiswa wukukhala
Isihlangu basiphiwe basilahlile
Wavele wakhaliswa wusizi lwenjabulo
Kwahlwa emini ngalelo langa

12.Isiphikanjani (Litotes)
Lesi sifengqo sikhomba ukuvumisa impela ngokubeka amagama akuphikisayo
ukuvumisa lokho. Inhloso yokubeka igama elinomqondo ophikayo ukuthi
kugcizeleleke ukuvuma
Izibonelo:

7
Akusilima sindlebende kwabo
Akusoka elamanyala
Akumanga uhubhu lukabhejane
13.Impindamqondo (Tautology)
|Impindamqondo yisifengqo esiphinda umqondo ngamazwi angefani. Inhloso
ukugcizelela okuthize
Izibonelo:
Khamisa umlomo!
Ngizokubonga ngananka amehlo ekhanda
Uthisha usayinde ngesakhe isandla
Ugijime ngazpo zombili izinyawo

14.Uteku/isidlalisamagama: (Pun)
Lapha kusuke kwethulwa inkulumo engahlekisi ngendlela ehlekisayo.Igama
lilinye lisetshenziswa ngezindlela eziveza imiqondo ehlukene
Izibonelo:
Uma usuza lapha uphatha amagwinya.
Indoda ijatshuliswe amabele
Ngiyakuthanda ntombi? Ungithanda ngiyinkatha yini?

15.Isimeleli: (Synecdoche)
Ukubizwa kwento ngegama lento esondelene noma ehambisana nayo.
Izibonelo:
Isikole samphucula wayeka ukuba umdlwembe
UNdunankulu wangena indlu yasukuma yonke
Incwadi yamupha isinkwa
Umhlaba kawubongi

16.Isiqhathaniso: (Antithesis)
Le yinkulumo enemiqondo emibili eqophisanayo ehlose ukugcizelela
ukuqophisana kwayo.
Izibonelo:
Ifa leziwula lidliwa izihlakaniphi.
Abanye bayakhala, abanye bayabonga ngokwenzekile.
17.Isihlanekezelo: (Metonymy)
Ukubiza umsebenzi wento ngaleyo nto ayisebenzisayo.
Izibonelo:
tshela itekisi ukuthi lingashiyi
wasindiswa ukuveza amazinyo

18.Ifuzamsindo/ifanamsindo: (alliteration/onomatopoeia)
Le nkulumo ikhipha umsindo walokho okwenzekayo .Lapha izinhlamvu zegama
zifuze umsindo owenzeka ngempela empilweni.Ifuzamsindo lihambisana
nesenzukuthi.
Izibonelo:
Bekuwubugunqugunquku kungongaphansi nongaphezulu.

8
Uphule induku yathi phoqo
Izimpukane zathi bhu phezu kwendle.

19.Isihlonipho: (Euphemism)
Inhlonipho isho ukusebenzisa igama elithambileyo nelizwakala kamnandi
esikhundleni segamaeliqokeme nelisindayo
Izibonelo:
Umkhahlele ngonyawo ebudodeni bakhe
Isalukazi saguqa ngamadolo ngenkathi sichitha amanzi
Uthisha ubethanda ukuba mnandi emdlalweni wabafundi

20.Isicongo /uvuthondaba: (Climax)


Uma sibhekise emshweni sivame ukukhuluma ngesicongo kanti endabeni
sikhuluma ngovuthondaba. L;Lokhu kusho ukulandelisa izigameko
ngokubaluleka kwazo kuze kufike lapho sithi kusesicongweni,okusho ukuthi
esigamekweni esibaluleke kunazo zonke.
Izibonelo:
Wahlupheka, wasebenza,wathuthuka,wanethezeka.
Ufunde, washada , wazala,wafa.

21.Umbizi: (Apostrophe)
Okhulumayo ubhekisa inkulumo yakhe kumuntu ongekho noma entweni
engekho, siye sithi umuntu/ umlobi ubizaongekho /okungekho
Izibonelo:
Kufa luphi udosi lwakho na?
Liba izindaba zakho kazixoxeki
Ngangihamba ngiwa ngivuks ebusuku-|O, wena babamkhulu wangilonda.

22.Umbuzombumbulu: (Rhetoric question)


Lona umbuzo onempendulo esobala ngakho ongadingi ukuphendulwa. Umuntu
usuke ewubuza nje ngoba usuke efuna kugcizelela okuthize kulokho
okuyimpendulo
Izibonelo:
Usho ngoba ngeke ufe wena?
Ngabe kusawuthando lolu?
Ngeke kuse yini kusasa?

23.Isiqhathaniso ( Antithess)
Lesi sifengqo sigcizelela umehluko emiqondweni emibili noma ezintweni
ezimbili.isiqhathaniso sivame ukuhleleka ngendlela yokuthi umusho ube
nezingxenye eziqophisanayo.
Izibonelo:
Ikhoth’ eyikhothayo, ikhaba eyikhabayo
Lungiphonsa phansi lungiphonse phezulu
Indlala ngapha ,ukugula ngapha

9
(Zicashunwe: JB Hlongwane,Isilulu Solimi kanye n .)
AMASU OKUSEBENZISA UMISINDO
Ifanamsindo
Lolu wuphawu olungena ngaphansi kwemisindo eyenziwa izinhlamvu
zamagama emshweni noma emshweni eqoqene ndawonye endimeni
yenkondlo. Inkondlo leyo ihlelwa ngobungcweti obunofanangwaqa
nofanankamisa.

Ifanankamisa
Umsindo otholakala nkokuphindeka konkamisa abafanayo emigqeni siwubiza
ngokuthi ifanankamisa.
Ukuphindeka konkamisa kuzwakala kamnandi kuze kube sengathi lowo
mugqa usamculo.

Ifanangwaqa umsindo wokuphindeka kongwaqa abafanayo emgqeni


owodwa. Ikhono lokuhambisana komsindo wongwaqa nemibono eyethulwa
inkondlo noma umugqa lowo kuletha isigqi esithile.

Impindamqondo
Lapha imbongi yethula imiqondo ehambisanayo, emigqeni
elandelanayo.Kungenzeka ukuthi le miqondo ivumelane noma iphikisane.
Impindamqondo isetshenziswa kakhulu ezibongweni zomdabu. Singalinganisa
ngezibongo zikaSenzangakhona lapho kuthiwa:

Isigqi
Kokunye isigqi singabizwa ngomgqumo. Isigqi sevesi noma somugqa
wenkondlo sisithola ephinjeni okuphinyiswa ngalo amalunga egama emigqeni.
Ubude bemigqa nabo buyasidala isigqa. Ilelo nalelo lunga legama liphinyiswa
ngokugcizelela. Lapha kozophawulwa ngezimpawu eziletha isigqi kanjena: (.)
ngaphezu kwelunga legama lisho umsindo ogcizelelwe; kanti (//) kusho
ukuphumula kancane; kanti olunjena (:) lona lusho umsindo ogcizelelwe.

Ifuzamsindo– Lapha kuphindwaphindwa isiqu sesenzukuthi kuchazwa into


ethile.
Isb. Ubukhwishikhwishi
Ubudukluduklu
Ubufohlofohlo njl.

ITHONI
 Indlela imbongi edlulisa ngayo amazwi ngokusebenzisa iphimbo
ngesikhathi ihaya inkondlo yayo noma ibhala indaba yayo. Okungaba
ukukhathazeka, ukuhalalisa, injabulo njll.
 Iphimbo livezwa indlela amagama asesetshenziswe ngayo imbongi
ukuveza okungaphakathi kuyo njengentukuthelo.
 Imbongi ikhetha amagama akhombisa lokho efuna ukukusho.

10
 Indlela amagama aphimiseke ngayo kungaba nomthelela kumoya
wenkondlo
Imifanekiso – mqondo
Amagama athile asetshenziswa imbongi ukusinika umfanekiso noma
Isithombe esithile uma siwafunda enkondlweni . La magama kungaba
Yizifengqo , amagama acebile ongathi uma uwafunda enkondlweni
kwakheke Isithombe esithile emqondweni wakho .Imifanekiso – mqondo
ihlukene umfanekiso – mqondo ozwakalayo , obonakalayo , othintekayo ,
onambithekayo kanye nohogelekayo .

Indikimba

Ingumongo wenkondlo . Sibheka ukuthi inkondlo ikhuluma ngani .Lokhu kungaba


igama elilodwa noma amabili .Isibonelo : Indikimba kungaba Uthando , inkolo ,
imfundo , inhlonipho , ezombusazwe njalonjalo .Imbongi isebenzisa amagama
athile noma imifanekisomqondo ekugqamiseni indikimba yenkondlo .

Umoya

Isimo imbongi eyayikuso ibhala inkondlo noma imizwa imbongi eyayikuyo


Ibhala inkondlo . Imbongi ingadlulisa umuzwa owodwa enkondlweni ize
iyophela .
Kuyenzeka inkondlo ibenemizwa exubile. Inkondlo ingaveza imizwa
elandelayo :uthando , ukujabula , ukuncoma , ukugxeka , ukuncenga ,
ukulangazelela , ukulila , ukukhathazeka njalonjalo . Umoya uvezwa amagama
noma imifanekisomqondo esetshenziswe imbongi enkondlweni.

Umqondo

Ilokho okushiwo inkondlo. Siwuvezelwa amagama asetshenziswe imbongi


Enkondlweni .

Isigqi

Umgqumo othile wenkondlo olethwa umoya wenkondlo , umqondo wenkondlo ,


ukuhleleka kwemisindo namagama , ubude bemigqa kanye nezimpawu zokuloba
Isigqi singashesha noma sinense . Izibonelo : Inkondlo yesililo inesigqi
esinensayo ngoba kuyalilwa . Inkondlo eveza imizwa yenjabulo inesigqi
esisheshayo ngoba kujatshulwe .

Ukuxhumana

Ukusetshenziswa kwamagama afanayo emishweni emibili


elandelanayo .Kusetshenziselwa ukugqamisa umqondo othile enkondlweni .

11
Imvumelwano

Ukusetshenziswa kwamalunga afanayo emishweni emibili elandelanayo .


Imvumelwano iletha isigqi enkondlweni

INOVELI NOMDLALO

Isakhiwo – amabanga indaba eyakhelwa kuwo. Kubhekwa lezi zihlokwana :


 Isingeniso – sona sethula isizinda kanye nomlingiswa osemqoka noma
omkhulu . esingenisweni sethulelwa umlingiswa osemqoka kanye nes-
isusa sodweshu.
 Umzimba – udweshu oseluqalile luyabhebhetheka. Umlingiswa omkhulu
uyathombuluka . Udweshu luyakhula. Lungakhuliswa uyena uqobo noma
abanye abalingiswa. Indaba iyakhula kube nesixakaxaka esiholela
kuvuthondaba lapho ingxenye yomzimba iphela khona. Isixakaxaka il-
apho izinkinga seziningi kakhulu ezibhekene nomlingiswa kungasekho
ukubheka emuva sekufanele zilime ziye etsheni. Lokhu kube sekuholela
kuvuthondaba okuyilapho kwenzeka khona isigameko sokugcina kum-
lingiswa omkhulu.
 Isiphetho / ipholavuthondaba - yilapho indaba iqoqwa khona isuke
isiqoqeka emva kovuthondaba.

Isakhiwana – ingxenye yesakhiwo etholakala esakhiweni. Naso isakhiwana


sinamabanga esakhiwoyize sona sisifishane kakhulu kunesakhiwo.
Umlandi – ngumuntu otholakala endabeni olandisa indaba kumfundi , uphila
emhlabeni wendaba . kunezinhlobo ezintathu zabalandi :- umlandi engumuntu
wokuqala, umlandi engumuntu wesibili kanye nomlandi engumuntu wesithathu.
Udweshu –ukungqubuzana kwemibono noma kwesimo kanye nokungaboni
ngaso linye kubalingiswa noma kumlingiswa eyedwa. Kukhona udweshu
lwangaphandle nodweshu lwangaphakathi.
 Udweshu lwangaphakathi – lapha umlingiswa usuke ezibuza eziphen-
dula ngenkinga asuke ekuyona ezama ukuthola ikhambi lokuyixazulula.
Lokhu kuye kuholele kudweshu lwangaphandle noma kwisehlakalo.
 Udweshu lwangaphandle – lapha kusuke kukhona ukungqubuzana
kwemibono kubalingiswa ababili noma ngaphezulu. Lolu dweshu luvame
ukuba umphumela wodweshu lwangaphakathi.

Isizinda – sikhuluma ngokuthi indaba yenzeka kuphi, nini, kuhleliwe kanjani.


Lokhu kuyindawo, inkathi kanye nesimo senhlalo.
Abalingiswa - kunezinhlobo ezintathu zabalingisi

12
 Umlingiswa omkhulu – lona umlingiswa osemqoka endabeni ngoba in-
daba ingaye. Uyena owehlelwa izinkinga ,indaba iheha noma ikhula
ngenxa yakhe.
 Abalingiswa ababalulekile – laba balingiswa balekelelana nomlingiswa
omkhulu ekukhuliseni indaba.
 Abalekeleli – abalingiswa abancane ababukeka bengabalulekile kanti
nabo babalulekile.

Abadlali – umdlalo unalezi zinhlobo zabadlali


 Ummeleli / iqhawe / iqhawekazi – umdlali osemqoka ungummeleli ngoba
usuke emele inhloso ethile afuna ukuyibona ifezeka. Zonke izigigaba
zingaye.
 Imbangi – izinhloso zalo mdlali zimelene nezommeleli. Imbangi iyam-
bangisa ummeleli ekuphumeleliseni izinhloso zakhe.
 Umqhathi / umlamuli – laba badlali baphakathi kommeleli nembangi.
Uma engumqhathi usuke eqhatha imbangi nommeleli. Uma engumlamuli
usuke ezama izixazululo engxabanweni yalaba badlali.

Umyalezo / inhloso – ilokhu okuzuzwa umfundi emva kokufunda. Ukucabanga


ukuthi umbhali ubehloseni ngokubhala kwakhe umdlalo okanye indaba.
Indikimba – lapha ubheka umqondo wendaba jikelele uphinde ubheke
ezingxenyeni ezithile zendaba.Iphendula ukuthi indaba imayelana nani.
Ingumongo wendaba.
Ulwazi lwangaphambili – lolu lwazi luyatholakala emlandweni wombhali
wenoveli. Umlando ungafaka lokhu :- ukuzalwa nokukhula kwakhe, igalelo analo
emphakathini, imfundo yakhe , iziphiwo anazo, umndeni wakhe nemibhalo aseke
wayibhala. Lokhu kuyaba nomthelela endabeni esuke ibhaliwe. Kuyenzeka
ulwazi lwangaphambili luvezwe nguyena umbhali ngaphambi kokuba indaba
iqale.
Isigigaba esifihliwe – isigameko esifihlelwa umlingiswa ngenhloso ethile ,
umbhali usuke efuna ukuzuza okuthile.
Inkulumompendulwano – yethula indaba yonke. Iveza imizwa yabadlali ,
inkolelo, isenzeko ubunjalo noheho.

IZINHLOBO ZABALINGISWA/ZABADLALI

 Kuba khona umlingiswa omkhulu enovelini


 Kuba khona umlingiswa okuthiwa iqhawe/ iqhawekazi noma ummeleli
emdlalweni.
 Umdalo wonke ugxila kulo mlingiswa/umdali okuthiwa ummeleli. Zonke
izigameko zithinta yena .
 Kukhona umlingiswa esithi yimbangi okungumlingiswa ophikisana
neqhawe/ qhawekazi. Imbangi ihlala njalo icindezela ukuthi izifiso
nezinhloso zommeleli/ iqhawe zingaphumelelo kepha zifiphale.

13
 Abanye abalingiswa abalekellayo , bangelekelela ummeleli noma imbangi.
Laba abalekelela iqhawe balwa nokuthi izifiso zakhe ziphumelele,
namaphupho akhe afezeke.
 Laba abalekelela imbangi babhebhezela ukuthi imbangi iqhubeke iphikise
izifiso zeqhawe.
 Kungenzeka ukuthi imbangi kube yisomo esithile esivimbela inqubekela
phambili yommeleli kungabi umuntu.
 Kungaba isimo sezulu, isiko, isimo senhlalo njll.

KUYINI UKUVEZWA KWABALINGISWA ?

Ukuchaza indlela umlingiswa abukeka ngayo


Le yiyona ndlela evame ukusetshenziswa ekuvezeni abalingiswa. Lapha
kukhonjiswa yonke into ebonakalayo ngomlingiswa; ubude, ibala, izinwele
nombala wamehlo, ubungako bomzimba, ukugqoka izibuko, indlela ahamba
ngayo nanoma yini emayelana nomlingiswa

Ukuhlaziya kwamagama abalingiswa


Ukuhlaziya amagama abalingiswa kumbandakanya ukubhekisisa incazelo (uma
ikhona) nokuyichaza. Akubonabonke abalingiswa abanamagama ahambelana
nendaba noma athintana nendaba ngandlela thize.esikhathini esiningi, ababhali
bavame ukukhetha amagama amele okuthize mayelana nomlingiswa noma
abeyamanisa nendaba.

Indlela yokubuka izinto/Indlela aziveza ngayo


Le ndlela yokuvezwa kwabalingiswa ihambisana nendlela umfundi ambona
ngayo umlingiswa. Indlela umlingiswa azizwa ngayo ngokwenzeka endabeni.
Lokhu kufana nokungenziwa yinoma ngubani omunye uma ezithola esesimweni
esifana naleso.
Isibonelo sendlela yokubuka izinto/indlela avela ngayo

Inkulumo-mpendulwano
Inkulumo-mpendulwano ingenye yezindlela umlingiswa akhuluma ngayo.
Inkulumo-mpendulwano ihlanganisa indlela umlingiswa akhetha ngayo amagama
noma imisho enkulumeni. Inkulumo-mpendulwano ifaka ithoni nempimiso lapho
ekhuluma. Ngabe umlingiswa ungumuntu obhuqayo, onamahloni, onganaki,
ocasulayo, onyanyekayo, onogazi njll.
Zonke lezi zimpawu zinokuvezwa yinkulumo- mpendulwano

Imicabango
Imicabango yomlingiswa sikwazu ukuyihlaziya ngokuthi singene ekhanda
lomlingiswa ngokwenqondo. Okusho ukuthi ukuwazi ukuhalziya imicabango
yomlingiswa uma sitshelwa ukuthi umlingiswa ucabangani.

Ukwemukeleka komlingiswa nendlela abanye abambuka ngayo

14
Ukuhlaziya indlela abanye abalingiswa abamemukela ngayo umlingiswa
endabeni nendlela abaphatha ngayo umlingiswa olingiswayo. Ukwemukeleka
komlingiswa kufaka izimpendulo abaziphimisa ngomlomo, abakwenza
ngomzimba nemizwa. Indlela umlingiswa enza ngayo iyakwazi ukukukhombisa
ukuthi umlingiswa omhlaziyayo wayethandani, yini angayithandi, uthandwa
ngabantu, wethembekile,njll.

Isenzo noma isenzeko


Umlingiswa angahlaziywa ngokwezenzo zakhe noma isenzeko esithile kubhekwe
kuthi kube namthelela muni kuye noma indlela abenze ngayo uma bebhekene
nezimo ezithize.Ngabe kukhona okwake kwenzeka empilweni yakhe phambilini
okungamenza atholakale ethatha izinqumo ezithize noma impilo ayibuke
ngendlela ethize. Leso senzeko kungenzeka kube yisona esigcina sibumbe
umlingiswa samenza waba yilokhu ayikho ngokuthuthuka kwendaba.
Isibonelo sesenzeko noma isenzo:

Isimo semizwa /nesizinda sendawo okwenzeka kuyo indaba


Isizinda sendaba sinomthelela ekuthuthukeni komlingiswa nesakhiwo. Isizinda
yindawo lapho indaba yenzeka khona futhi nayo indawo inomthelela
ekuthuthukeni komlingiswa. Isimo somoya noma somphefumulo siveza imizwa
umlobi abhekene nayo endabeni.

UMSEBENZI WOMLANDI

Iqhaza lomlandi / ubuyena/ umbono

UDWESHU
UUdweshu yinxushunxushu edala ukungqubuzana nenxabano phakathi kwabalingiswa.

Udweshu lwangaphakathi
 Ukungqubuzana kwemicabango kumlingiswa eyedwa engakwazi ukuthatha isinqumo
ngalokho akucabangayo.
 Ukugqubuzana
Udweshu lwangaphandle
Kungaba abalingiswa beqophisana ngamazwi bexabana 9Bengaboni ngaso linye.)
Kungaba yingxabano edala abalingiswa baze bathathelana izikhali baze bagqemane
izingozi.Ukudubana ningakhulumisani kuseyilo udweshu nalo.

UMOYA
Isimo sengqondo noma semizwa yomfundi lapho efunda indaba ngokwenzeka
kubalingiswa. Umoya uvela ngenkulumeni yabalingiswa.

15
Uma ufunda Untombazi sithola uShaka efuna ukusindisa uDingiswayo njengoba
uNtombazi efuna ukuhlasela kwelakwaMthethwa . Uba nomoya wokuzwela
uDingiswayo njengoba efuna uxolo engazi ukuthi uNtombazi uzomhlasela.

ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.

Le nkulumo elandelayo igqamisa ithoni yokubalisa.

“ Wo! Ntombazana, sesiyogcagca kwelabaphansi nawe ..”

Izinhlobo zethoni
 Ithoni yokuhlonipha
 Ithoni yentukuthelo
 Ithoni yendelelo
 Ithoni yokumangala
 Ithoni yokubhuqa
 Ithoni yokuncenga njll

UMYALEZO
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini

ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo


kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele.
Umyalezo abanye bawuchaza njengesifundo esisuke sidluliswa umbhali
wencwadi kubafundi bayo. Incwadi ivamise ukuba nomyalezo owodwa oqondene
nencwadi Kanye neminye imiyalezo ehambisana nezigameko ezithile endabeni.

INDIKIMBA
kubhekwa ukuthi umbhalo ukhuluma ngani. Kungaba igama elilodwa noma
ibinzana lamagama. Imvamisa indikimba ifana nomgudu indaba ehamba ngawo
ukusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni.

16
IBANGA 11
IBANGA LE-11

1 Ma Ngificwa Ukufa p.22


2 Udondolo p. 113
3 Mathongo Ami p.64
4 Uyajabula Yini p. 74
5 Ngijulise Nkosi p. 133
6 Baba Wabantabami p.87
7 Kuyoze Kube Nini p.90
8 Okwami Nawe p.68
9 Ize Ikuphuzise Amanzi p.124
10 Ngikuthandile Ungithandile p.57

17
1. UDONDOLO : P.B DLAMINI

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngodondolo


olunguMdali(uNkulunkulu).Ukhona lo embonayo onkinga zakhe
wenkondlo zivele zishabalale ngoba esizwa nguMdali.Imbongi igqugquzela
ukuba abantu babeke ithemba labo kuNkulunkulu.ngoba
nguYena kuphela owusizo,futhi ovikelayo ngaso sonke
isikhathi.

Umoya Umoya wokukhuthaza noma ukuncoma.Imbongi incoma imisebenzi


emihle eyenziwa nguMdali,futhi iyakhuthaza ukuthi abantu bangabi
nawo amanye amathemba ngaphandle kukaNkulunkulu.

Indikimba Inkolo.Imbongi inxusa abantu ukuba bakholelwe kuMdali.

Umyalezo UNkulunkulu uyena yedwa onamandla okunqoba izinkinga

Isigqi Isigqi siyashesha,ngenxa yomoya wokuncoma imisebenzi emihle


yoMdali,futhi zimbalwa izimpawu zokuloba ekugcineni kwemigqa.

Imifanekiso- Umugqa wesi-8.Luyakhazimula(inzwa yokubona)ubhula ngalo


umlilo(inzwa yokuthinta)Igcizelela ukuthi uMdali uyaziqeda
mqondo izinkinga.Umugqa we-11 ..osula ngalo izinyembezi(inzwa
yokuthinta)isagcizelela ukuqedwa kwezinkinga nguye uMdali.

2. KUYOZE KUBE NINI? : T. QWABE

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngokuthi abantu besifazane bayafunda,


wenkondlo baphumelele,bathole iziqu ezifanele, kodwa abesilisa bakhombise
ukungenami.Uma befuna imisebenzi ebafanele ngokufunda kwabo,
abesilisa bafune ukuba balale nabo ngaphambi kokuba bayithole leyo
misebenzi.

Umoya Umoya wokukhathazeka.Imbongi ikhathazwa ukuthi abantu besfazane


bayahlukunyezwa ngabesilisa noma ngabe imisebenzi beyifundele.

Indikimba Ukuhlunyezwa/Amalungelo abesifazane

Umyalezo Akufanele amadoda ahlukumeze abesimame uma befuna imisebenzi

18
ngoba besezikhundleni.

Isigqi Isigqi siyanensa.Imbongi ikhathazwe yisimo esibonayo


sokuhlukumezeka kwabesifazane ,futhi nemigqa inezimpawu
zokuloba ekugcineni.

Imifanekiso- Umugqa wesi-9.Njengezimbali ezinhle zemisinsieqhakazile(isifaniso).

mqondo Umugqa we-10.Yithi labaya sidle umhlanganiso(isisho)sigqamisa


ukuphumelela.

Umugqa wesi-19.Sifice kukhonya izinkunzi


zakhona(ukwenzasasilwane. Kuggqamisa isenzo sobulwane
esenziwa ngamadoda.

3. BABA WABANTAMI :T.QWABE

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngowesifazaneoshadile obekade ehlezi kahle


nomyeni wakhe,bethandana.Emva kwesikhathi kwaphela konke loko
wenkondlo kuthandana manje useyamhlukumeza. Usemshaya ngisho phambi
kwabantwana bakhe ,bathi bayakhuza kube nhlanga zimuka nomoya.

Umoya Umoya wosizi nokukhathazeka.Owesifazane ushaywa ngumyeni


wakhe.

Indikimba Ukuhlukunyezwa/amalungelo abesifazane

Umyalezo Akufanele amadoda ahlukumeze amakhosikazi wawo.

Isigqi Isigqi siyanensa.Umoya owosizi nokukhazeka,kunezimpawu zokuloba


ekugcineni kwemigqa.

Imifanekiso- Umugqa wesi-8.Njengoju lwezinyosi zasebusika,(isifaniso) igqamisa


uthando ababe thandana ngalo
mqondo
Umugqa we-11.Ungibamba kushis’umzimba wonke.(inzwa yokuthinta)
igcizelela uthando ababe nalo.

Umugqa we- 18.Amehlo akho alokoza njengawemamba.(isifaniso)


ukugqamisa ulaka ayesenalo lo wesilisa.

Umugqqa wama-26.Ngawagwiny’amazinyo owawuthi mahle(ihaba)


ugcizelela isihluku ayenaso lo wesilisa,waze wamkhipha amazinyo.

19
4. UYAJABULA YINI? : M.ZULU

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngomuntu ongumbulali.Imbongi ibuza ukuthi


uyejabula yini uma esebona abashonelwe belusizi.Ebona umama
esezilile ngezimnyama,izingane sezilamba.Ebona izingane sezidlala
abantu bezifaka ezinkingeni.

Umoya Umoya wokukhathazeka nosizi.Imbongi ikhathazwa ukubona usizi


olubakhona emndenini okushonwe kuwona.

Indikimba Ukufa

Umyalezo Kubi noma akufanele ukubulala abanye abantu.

Isigqi Isigqi siyanensa.Kunomoya wokukhathazeka,kanye nezimpawu


zokuloba ekugcineni kwemigqa.

Imifanekiso- Umugqqa wesi-6.Njengoba emnyama bhuqe ezilile.


(isenzukuthi)Ukuzila ngezimnyama uma ushonelwe.
mqondo
Umugqa wesi-8.Kumnyama kulele ikati eziko(isisho)esigqamisa
ukuhlupheka emva kokushonelwa.

Umugqa we-10.Njengoba zisele dengwane.(isisho)sigqamisa ukuthi


izingane zisala zingenabani.

5. OKWAMI NAWE :K. MNGUNI

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngabantu ababili


ababethandana,besizana,behlezi bendawonye.Uthando lwabo
lwalwenza izinhliziyo ezibuhlungu kulabo ababengabafuni.Manje
seluphelile lonke lolo thando,sebezondana njengekati negundane.

Umoya Umoya owokubalisa Imbongi ibalisa ngothando ababenalo kudala,


njengoba sebephenduke izitha nje.

Indikimba Indikimba yale nkondlo ukufa

Umyalezo Akuhlali kukuhle othandweni,nalo lubuye luphele.

20
Isigqi Isigqi siyanensa njengoba kunomoya wokubalisa,kanti imigqa
inezimpawu zokuloba ekugcineni.

Imifankiso- Umugqa wesi-7.Okwamathe nolimi.(isisho) sigcizelela ukuthandana


kwabo nokuhlala bendawonye.
mqondo
Umugqa wama-21.Siwubucwibi obuhle obuhamba
ngabubili.Sigqamisa ukuthi babengahlukani.

Umugqa wama-24.Kodwa manje siyikati negundane.(isisho)siveza


ukuthi manje sebeyazondana.

6. NGIJULISE NKOSI :C.S.Z NTULI

Umqondo Le nkondlo ikhuluma ngolwandle.Imbongi ibabaza ubukhulu,ubuhle


nokudepha kwalo.Ithi luyisiziba esingaqondakali.Olwandle kutholakala
izinhlobonhlobo zezilwane.Ibona nabelunga bedlalela ngakulona.Ithi
imifula neziziba kuphelela kulona.

Umoya Umoya owokutusa.Imbongi itusa ubuhle nobukhulu bolwandle.

Indikimba Imvelo

Isigqi Isigqi sale nkondlo siyashesha .Imbongi ibona ubuhle bolwandle.

Imifanekiso- Umgqa wo-1.Uyimpicabadala yebuya siziba.(isingathekiso)igqamisa


mqondo ukuthi ulwandle aluqondakali.

21
1.MANGIFICWA UKUFA : B.W VILAKAZI

UKUCHAZWA KWAMAGAMA
IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO UOKUKHETHWA
KWEGAMA
Ngimbeleni Ukumba iliba la kusuke imbongi ibala la efisa ukuba
kuzongcatshwa khona ithuna layo limbiwe khona
umuntu. uma isishiya lo mhlaba.
Umnyezane Isihlahla esimila eduze Imbongi ifisa ukufihlwa
kwamadamu / neziziba endaweni epholile futhi
esinamagatsha alengayo engenakushazwa isomiso
futhi sihlale
sinamaqabunga aluhlaza
ubusika nehlobo
Izinyoni Lezi izinyoni eziba Imbongi ikhethe lezi zinyoni
ezincanyana nomsindo omtoti futhi ezincane noba azinawo
ongadeleki.imvama umsindo ozwakala kabi
izinyoni ezincane azikudli ezindlebeni njengowezinyoni
okungcolile. ezinkulu.(isib.owesikhova)
Izinsungulo Amazwi angemahle Imbongi ayifisi ukuzwa
zezilimi asukwe ebhekiswe kukhulunywa kabi
kumuntu. ngayo .noma izwe
okungekuhle konke
okungekuhle emndenini wayo
okobangwa ukukhuluma.
okumuncu ngoba ingasekho.

IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 4.

IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 30 iyonke.
- Isitanza soku – 1,esesi-2 nesesi-3 zibunjwe imigqa eyisi – 7 ngasinye.
- Isitanza sesi- 4 sakhiwe imigqa eyisi -9
- Imigqa eminye ivalekile kanti eminye ivulekile
- Yonke imigqa yalenkondlo mide.

MVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo

22
- Isitanza sesi – 2 ,umugqa we – 12 nowe – 13
Zenanel’ukwethwasa kwehlobo,

Zehle ziphuze amanzi apholile.

- Isitanza sesi – 3 umugqa wama – 20 nowama – 21


Eduduz’imphefumulo

Elele’ukulala kwafuthi,

Imvumelwano maphakathi.
Isitanza se-3 umugqa we-16 nowe -17

Ngiyeke ngifele ezindleleni

Zabantwan’ abafunda isikole

Njengoba ‘ amahlomb’esekhathala.

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okuekuqaleni.
- Isitanza sesi – 2 ,umugqa wesi – 9 nowe – 10
Laph’ amanzi ethul’enganyakazi

Nalaph’izinyoni ezincanyana

Zihlabelela’zisho ngephimbo,

Ukuxhumana okutshekele kwesokudla.


- Isitanza sesi – 3 ,umugqa we – 18 nowe – 19.
Yimkithwal’embengisindwa yiyo
Iyona misindo yabantwana ,

IFANAMSINDO
- Ifanankamisa.
Ngimbeleni endaweni’enjena:

ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yayo mide eminye ivalekile kanti
uhlobo lwenkondlo ekhuluma ngokufa isigqi sayo siyanensa.

UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Imbongi kuzo zonke izitanza ibala izindawo efisa ukuthi imbelwe kuzo uma
isidlulile emhlabeni.Imbongi ibona umphefumulo wayo ungaphumula ngokuthula
uma itshalwe kweyodwa yezindawo ezibalile.

23
Ibinza loku-1
Imbongi ifisa ukumbelwa eduze nezihlahla zomnyezane .lapho amagatsha
omnyezane eyomboza khona iliba layo ngamaqabunga aluhlaza.Ithi uma
ifihlwe lapho iyozwa utshani buyihlebela buthi:

‘Lala sithandwa,lal’uphumule.’

Ibinza lesi-2
Kulesi sitanza imbongi ifisa ukumbelwa eduze kwamadamu amakhulukazi
lapho amanzi enganyakazi khona.Imbongi ithi mayifihlwe lapho iyozwa
ukuhlabelela kwezinyoni ezincane ezobe zizophuza amanzi apholile
edanyini.Imbongi ize ithi:
lapho ilanga lingenakushisa

Imbongi iyazi ukuthi umoya osuka emadanyini uyopholisa ukushisa bese


umzimba wakhe ulala ngokuthula elibeni.

Ibinza lesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi ifisa ukufela ezindleleni lapho kuhamba khona abafundi
ngoba ikholwa ukuthi umphefumulo wayo uyophumela khona .Imbongi ithi
izinhlupheko eyobe kade ibhekene emhlabeni nokuthwala kanzima kuyophelela
lapho.Imbongi uma ifihlwe lapho iyoduduzwa imisindo yamantwana besikole
ngoba ibona kuyiyo imisindo yabantwana eduduza labo bantu asebashona.

‘Iyona misindo yabantwana

Eduduza imiphefumulo

Elel’ukulal’okuphakade’

Ibinza lesi – 4
Imbongi ifisa ukumbelwa ezindaweni ezinjengalezi ezibalile kuze ingeke iwezwe
amazwi abantu alumelayo lapho eyobe ilele khona ngoba iyobe ingalele eduze
nekhaya kumbe la kuphithizela khona abantu abazolokhu beyikhuluma kabi
kumbe bedabukisa ngokuhamba kwayo.Imbongi icela noma ubani oyoyibona
kuqala la iyoshonela khona ayimbele kulezi zindawo ezibalile.Imbongi ithi
iyojatshuliswa ukuthi utshani phezu kwethuma layo buyobe buthi :

‘Lala sithandwa ,lal’uphumule.’

UMOYA WENKONDLO
Umoya wokunxusa.

24
Imbongi kuzo zonke izitanza inxusa ukuba imbelwe ezindaweni ezithandwa yiyo
kuze iphumule nikuthula lapho isishonile.

Imbongi ifisa ukumbelwa eduze kwezihlahla zomnyezane ngoba ifisa


ukwembeswa amaqabunga awo aluhlaza.Ithi imbongi iyojatshuliswa utshani
phezu kwethuna buhleba buthi: Lala sithandwa ,la’uphumule.

Imbongi ibuye inxuse ukuthi imbelwe eduze kwamadamukazi anamanzi


athule.Ithi uma ifihlwe lapho iyothokoziswa umculo wezinyoni ezincane ezobe
zizophuza amanzi edanyini.Imbongi ithi ngeke ikuzwe nokushisa kwelanga .

Imbongi enye indawo efisa ukumbelwa kuyo kusezindleleni zabantwana


besikole ngoba inenkolelo yokuthi umphefumulo wayo uyophuma
ikhona.Kulapho eyoshonela khona ihlukane nezinsizi zomhlaba.Imbongi
iyothokoziswa umsindo wabantwana ngoba ithi iwona oduduza bonke asebalala
kobandayo.

Imbongi inxusa lo oyoyifica kuqala isithule ayifihle kulezi zindawo ezibalile ngoba
ziqhelile la kunabantu engeke ilokhu ibezwa bekhuluma amagama angemahle
ngayo.Ifisa ukulala ngokuthula lapho kohlebeza utshani kuphela buthi:

Lala sithandwa,lala uphumule

INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo :UKUFA

Imbongi iveza izifiso zayo zokuthi uma isithule ifisa ukufihlwa kuziphi izindawo.

Imbongi ihlonze izindawo ezintathu efisa ukubekwa kuzo uma isishonile.Imbongi


ifisa ukubekwa eduze nezihlahla zomnyezane khona iliba layo liyokwembeswa
amaqabunga aluhlaza omnyezane.Imbongi ibuye ifise ukutshalwa eduze
namadamukazi khona iyozwa umsindo wezinyoni ezincane uma zizophuza
amanzi apholile edanyini.Imbongi ibuye izibone sengathi umphefumulo wayo
uyophumela ezindleleni zabantwana besikole ngoba ithi imisindo yabo iyaduduza
kulabo asebelele ukulala okuphakade.imbongi inxusa noma ubani oyoyifica
isithule ayimbele kweyodwa yalezi zindawo ezibalile.Ithi iyothokoziswa utshani
phezu kwethuna obothi:

Lala sithandwa ,lal’uphumule.

Izithombe magama./Imifanekiso mqondo

Inzwa yokubona

25
Ngimbeleni ngaphansi kotshani

Duze nezihlahla zomnyezane

Inzwa yokulalela/yokuzwa

Nalapho izinyoni ezincanyana

Zihlabelela zisho ngephimbo

Inzwa yokuthinta

Zehle ziphuze amanzi apholie

Ukwenzasamuntu.

Utshani ngaphezulu buhlebeza:

Lala sthandwa,lal’uphumule

Lapho amagatsha ayongembesa

Ngamaqabunga agcwel’ubuluhlaza.

Isihlonipho

Ngiyozwa nami ngilele ngaphansi

Elele ukulala okuphakade.

2. UDONDOLO :B.P DLAMINI

IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO


YOKUKHETHWA
KWEGAMA
Iqubula Isikhotha ekade sagcina Uma kusha isikhotha
ukushiswa esikade sagcina
ukushiswa umlilo waso
uba mukhulu ,ugijima
ngesivinini
esikhulu.Imbongi ibuka
izinkinga ezanda kakhulu
kubantu abangakholwa
uThixo.
Ikhoza Ukushisa okukhulu Ikhoza, imbongi ilibeke

26
lwaba uphawu lwezinsizi
nezinhlupheko abantu
ezingabanike thuba ngoba
bengenaye uNkulunkulu
ezimpilweni zabo.
Udondolo Induku yokusiza Udondolo ngokwenkondlo
ukuzimelela / ikihamba uNkulunkulu.imbongi ithi
kumuntu ongakwazi akwethenjelwe kuYe
ukuzihambela kahle ngoba uyasiza ngezikhathi
zonke
Imicibisholo Izinti ezicijwe nganxanye Imicibisholo izinhlupheko
okucitshwa ngazo. okungathi noma zinkulu
kanjani kodwa uma
unoThixo ungaziphebeza.
Idwala Itshekazi elikhulu futhi Idwala lisho umuntu
elibanzi othembele
elingazamazamiseki. kuye.ngokwenkondlo
umuntu ongathembela
kuye futhi ucashe kuye
uNkulunkulu
Ubuhanguhangu Ukuvutha komlilo Imbongi la iqonde
owenabayo,uvutha ukwanda ngesivivinini
ngamalangabi amakhulu kwabantu abayizoni bebe
bekhungethwe usizi
kodwa bengafuni
ukwemukela uMdali
njengoMkhululi wabo.Ithi
lowo osekhethe igama
leNkosi uyakhululeka.

IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 2.
IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa eyi – 14 isiyonke.
- Isiitanza sokuqala sakhiwe imigqa eyisi-6
- Isistanza sesibili sakhiwe imigqa emi-3
- Isitanza sesi-3 sakhiwo imigqa emi-5
- Ukungalingani kwezitanza kukhombisa ukuthi isitanza siqukethe umqondo
ongalingalingani nowesinye.
- Imigqa eminingi ivulekile ( ayinazimpawu ekugcineni ).
- Imigqa yale nkondlo iyedlulana ngobude.

IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
- Isitanza sesi 3,umugqa we-13nowe – 14

27
Uwuzwa ngendaba ukuthi kade

Usha ubuhanguhangu.

Imvumelwano maphakathi
Isitanza seoku- 1 umugqa wesi-5 nowesi - 5
Thina sikhaliswa ikhoza nje.

Sikhale simayeze sibalise.

Isitanza sesi-2 umugqa wesi-7 nowesi-8


Siyalubona udondolo lwakho.

Luyakhazimula ubhula ngalo

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni
Isitanza soku – 1 ,umugqa woku-1 nowesi – 2
Uyasha umlilo ngapha nangapha

- Liyasha iqubula kodwa.


-
Isitanza sesi- 3 ,umugqa we -10 nowe – 11
Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.

Yilo lolu dondola osula ngalo izinyembezi.

Ukuxhumana okuphakathi
Isitanza sesi- 3 ,umugqa we -10 nowe – 11
lYilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.

Yilo lolu dondola osula ngalo izinyembezi.

Isitanza sesi- 3 ,umugqa we -10 nowe – 11


Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.

Yilo lolu dondola osula ngalo izinyembezi.

Ukuxhumana okutshekele kwesokudla


Isitanza seoku- 1 umugqa wesi-5 nowesi - 5
Thina sikhaliswa ikhoza nje.

Sikhale simayeze sibalise.

28
IMPINDAMQONDO.
Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.

Yilo lolu dondola osula ngalo izinyembezi.

IFANAMSINDO
- Ifanangwaqa
- Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo.

ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa noma imigqa ivulekile kodwa mide.

I-ENJAMBAMENTI
- Siyalubona udondolo lwakho
Luyakhazimula ubhula ngalo

Konke okuma endleleni yakho.

UMQONDO WENKONDLO.(ngokwamabinza )
Yize inkondlo eyisonethi ivame ukuba nesitanza esisodwa ngoba isuke iqukethe
umqondo owodwa kodwa le nkondlo ngoba ihlukene izitanza nje kusho ukuthi
imbongi ifuna ukuveza imiqondo engaphezu kowodwa.
Isitanza soku-1
Imbongi kule binza ibona abantu bekhungethwe usizi nezinhlupheko beshiswa
umlilo wezinkinga ezingapheli.Ithi abantu bahlalele ikhoza lomlilo obashiya belila.
Isib. Uyasha umlilo ngapha nangapha

liyasha iqubula kodwa

ubukeka upholile

Isitanza sesi-2
Kulesi sitanza imbongi ithi uma unodondolo olunguNkulunkulu awubi nazo
nezingxaki ezikwenza uhlale usosizini noma ulila ngoba Yena uyakuthwalela
akwesule izinyembezi.Akukho okuma endleleni yakho uma unoNkulunkulu.
Unqoba ngaYe zonke izinkinga.

Isib .Siyalubona udondolo lwakho

luyakhazimula ubhula ngalo

konke okuma endleleni yakho

29
Isitanza sesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi incoma amandla kaNkulunkulu okuthi ngaYe ngeke kume
lutho endleleni yakho.KuMdali uthola lonke usizo oludingayo.Imbongi ize ithi:
“Yilo lolu dondolo ocisha ngalo yonke imicibisholo”

Imbongi ize ibize uNkulunkulu ngedwala ichaza ubukhulu bakhe ukuthi uma
ucashe kuye awuzanyazanyiswa yilutho.

UMOYA WENKONDLO
Isitanza soku - 1

Umoya wokumangala

Imbongi imangazwa ukuthi kuzo zonke izinkinga nezingxaki abantu ababishe


kuzo basuke bengazi ukuthi lo abambona sengathi akanankinga yena yedwa
uvikelwe yini kuzo .Imbingi ize ithi:

Liyasha iqubulo kodwa wena

Upholile nje uzothile.

Siyamangala wena wenza ngani?

Isitanza sesi – 2 nesesi 3

Sithola umoya wokutusa.

Imbongi itusa amandla kaNkulunkulu ukuthi umuntu ohlezi kuMdali usuke


enomuntu omlekelelayo ekumthwaleleni zonke izinkinga ezisingathe abanye
abantu .Yikho imbongi ingathekisa uNkulunkulu ngodondolo.Imbongi incoma
nokuthi uNkulunkulu uyena oyidwala kumuntu ocasha kuYe. Akatholi mihuzuko
nakho konke okubi kuyamedlula ngoba uthemba uThixo.

Isib, Likhona leli dwala ocashe kulo

uwuzwa ngendaba ukuthi kade

usha ubuhanguhangu.

INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo :INKOLO

Imbongi ibuka ukuhlupheka kwabantu ngezindlela


eziningi ,ezibahlukumezayo .Lezi zinhlupheko abantu babambekile kuzo abazi
bazokhishwa yini .

30
Isib.Uyasha umlilo ngapha nagapha

liyasha iqubula ngapha nangapha.

Imbongi ikhuluma ngoNkulunkulu ukuthi uYena oludondolo lokuzimelela wonke


umuntu ngezikhathi zobunzima.UThixo uyidwala lokucasha lapho umuntu
ongafisi ukungena ezingxakini nasezinhluphekweni engathembela kuYe.Imbongi
ixusa ukuthi kuthenjelwe kuNkulunkulu ngoba uyasazi noma nini.

3.MATHONGO AMI

Ukukhethwa kwamagama

Igama Incazelo esobala Inhloso yokukhethwa


kwegama ukuveza lokhu:

Ngiyatabuzela Ukuhamba njengengane Uyazama ukulungisa izinkinga


sakucathula zakhe abhekene nazo kodwa
amandla ache mancane.

Ngiyantantathek Ukuhamba ungazi lapho Imbongi izama ngamandla


a uya khona. ukulwisana nezinkinga kodwa
akaboni lapho ephokophele
khona.

Izitho Ukusindwa imilenze. Usindwa izinkinga


zingamagqinsi ezimdonsela phansi,
akakwazi ukuthatha izinqumo
ezinenqubekela phambili.

Ngihlwathiza Ukuhamba endaweni Kuveza ukuthi akayiboni


enesikhotha engenayo indlela iqondile okumele
indlela. ayilandele

Ingivuthuza Isimo la ushayeka khona Izimo ezikuhlasela ungazi


ungakwazi nokuvika. ukuthi uzozivimba ngani.

Izivuvaba Izehlakalo ezishaqisayo. Ibiveza izigameko ezinzima


ezenzeka empilweni yayo.

Isinkwa Inhlama enemvubelo Ibifuna ukuveza ukuthi


ephekiwe noma amathongo angakunika
ebhakiwe. umsebenzi noma imali
yokuzinakekela.

31
Imivimbi Imvula ena izinsuku Kusho ukuthi izinkinga zakhe
inganqamuki azikhombisi ukuthi zizophela
nokuthi kungahle kube khona
ukukhanya.

Ngivathazele Ukuhamba sakukhathala Uveza umonakalo owenziwa


ungaphethe lutho izinkinga abhekana nazo
uhambise okwevila empilweni yakhe. Zimushiya
ekhathazekile.

Ngitshovoze Ukuhamba sengathi Ugcizelela isimo asuke


ulahlwe yicala. esekuso emuva kokubhekana
nezinkinga ezinzima,
ezingapheli.

Ziyangivivinya Ukuhlola noma Ubona ukuthi izinkinga


ukulinganisa ukuthi into abhekana nazo zisuke
isasesimeni yini. zizomuzwa amandla akhe.

Iqubu Uboya bukanogwaja. Esikhundleni sokubuya notho,


ubuya engaphethe lutho.
Ubuya nento engenakumsiza
ngalutho.

UKUBHEKA UMOYA
Umoya wokubalisa. Imbongi lapha ibalisa ngesimo sayo sempilo. Ibalisa ngoba
ibona impilo yayo imi ndawonye, ingekho inqubekela phambili. Kube kunenkolelo
yokuthi amathongo ayababheka abaphilayo. Imbongi ithi:
5. Ngiyazama ngiyasukuma, ngiyatabuzela,
6. Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
7. Imilenze ibophene, izitho zingamagqinsi,
8. Igxathu engilithathayo liwumqansa.

Ibalisa kangaka nje ngoba ibona izama kodwa kungalungi lutho. Iyazibuza
iyaziphendula ukuthi angobani la mathongo athule angamlekeleli izinkinga
zimsobozela. Imbongi ithi:
11. Ningibukelelani ngiyowela eweni?
12. Ningiyekelani ngihlwathiza ehlathini?

32
Imbongi ize izibone ikhungethwe yizinkinga ezimlandela unomphelo
zingalungiseki nalapho ethi uyazama ukulungisa. Imbongi ithi:
21. imivimbi ingivuthuza ngivathazele,
22. ngivathazele ngitshovoze okwevaka.
23. izivuvaba zempilo ziyangivivinya.
UKUBHEKA INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo inkolo yesintu.


Imbongi ikhuluma ngethongo, okuyidlozi. Ikhombisa ukukholelwa ekutheni
akhona amathongo akubo. Ikhuluma nawo amathongo ayo ikhalaza ngobunzima
ebhekene nabo empilweni yayo. Ikhuluma ngemilahlankosi esetshenziswa
kubantu abangasekho.

UKUBHEKA UMQONDO

Umqondo osobala
 Imbongi ikhuluma namathongo iwabiza ngezithutha ngenxa yokuthi
ayayibuka ingakwazi ukuhamba isindwa yizitho eziwugqinsi.

 Ithi amathongo ayo ayayiyekelela isiyowela eweni, ayiyiboni nenhlanhla


ekuthiwa inayo.

 Imbongi iyawathethisa amathongo ngokungayilekeleli noma isinethwe


zimvula ezinganqamuki yehlekelwa yizehlakalo ezishaqisayo.

 Ithi amathongo ayaqhubeka athule noma esebhekelelwa emuva kokuthi


athi alambile awalandiwe.

 Ithi noma izama ukuyozingela ingabuyi nalutho kuphela yonke into,


ishiswa umlilo; nakuba kunjalo awenzi lutho amathongo.

Umqondo ocashile

Imbongi ithethisa amathongo ayo ngokuyiyekelela ebunzimeni ebhekene nabo.


Ngenxa yokucasuka ize iwabiza ngeziwula. Kuthi noma yenza imizamo
yokuphuma ezinkingeni ebhekene nazo kodwa kube nzima kakhulu, ingawuboni
umehluko wemizamo yayo:

8. Igxathu engilithathayo liwumqansa.

33
Amathongo ayo ayiyekelela noma impilo yayo isikhombisa ukulahleka nokungabi
naso isisekelo. Ayisayiboni nenhlanhla ekuthiwa yazalwa nayo. Imbongi
ibhekana nezinkinga ezishaqisayo, ezingapheli, eziyishiya kubonakala ukuthi
isebunzimeni noma ixakekile:

21. Imivimbi ingivuthuza ngivathazele,

Yayibonga ngesikhathi inomndeni ikwazi nokuziphilisa kodwa okuyiphatha kabi


ukuthi konke lokho akusekho. Yenza imizamo yokufeza izidingo zamatongo
ngokuwahlabela ingenise nalabo abangasekho kodwa inhlupheko iyaqhubeka.
Izibona isinqobekile ngenxa yokuthi imizamo yayo yonke yokuzikhipha
ebunzimeni ebhekene nabo ayiphumeleli nakancane:

31. Ngiyazama mihla, ngibuya nequbu


likanogwaja.

Ibona kuwubunzima nezinkinga okuphumelelayo empilweni yayo ngakho kugcina


ngokuyinqoba amathongo engayikhanyiseli ngalutho:

34. Nithuleleni mathongo inhlwath’ iging’


umsenene?

UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima - le nkondlo inezindima ezinhlanu. Ziyashiyana (azilingani). Indima
yokuqala inemigqa eyisishiyagalombili, eyesibili inemiggqa eyishumi kanti
eyesithathu, eyesine neyesihlanu inemigqa eyisithupha.

Imigqa - le nkondlo inemigqa engama-36. Iyashiyana. Ivalekile ngoba


inezimpawu zokuloba/ iziphumuzi ekugcineni ngaphandle komugqa weshumi
nesikhombisa.

I-enjambamenti - Ibinza lesibili; umugqa wesishiyagalolunye noweshumi:


Ngiyagodola angizikhethelanga
Ngenziwani?

Isuzura/Isikhawu
Umugqa wesi-5; owesi-6; owesi-7; owe-16, owe-17; owama-25; owama-26;
owama-31 kanye nowama-32.

34
Ukuxhumana siqalo
Ibinza lokuqala, umugqa wesihlanu nowesithupha.
Ngiyazama ngiyasukuma, ngiyatabuzela,
Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ukuxhumana okuphakathi
Ibinza lesine, umugqa wesithathu nowesine;
Abanibonayo bathi nilambile,
Abanibonayo bathi anilandiwe,

Ukuxhumana sigcino
Indima yesihlanu; umugqa wesihlanu nowesithupha.
Ningibukelelani mathongo?
Ningilahlelani mathongo?

Imvumelwano siqalo
Indima yokuqala, umugqa wokuqala, wesibili, wesithathu nowesine.
Ningibukelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?
Ninhloboni yezithuthu?

Imvumelwano maphakathi
Indima yesibili, umugqa wesithathu nowesine,
Ningibukelelani ngiyowela eweni?
Ningiyekelelani ngihlwathiza ehlathini?

Imvumelwano sigcino
Indima yesibili, umugqa wesithupha nowesikhombisa
Bathi ngaphuma ngembethe,
Bathi ngavela ngifumbethe,

Ifanamsindo
Ifanankamisa - Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ifanangwaqa - Izivuvaba zempilo ziyangivivinya.

Ukweqa - Indima yesibili, umugqa wesithupha, owesikhombisa


nowesishiyagalombili.

Isigqi – Siyanensa ngoba imigqa ivalekile futhi imigqa eminingi mide.

Imifanekisomqondo

Isifaniso – Indima yesithathu, umugqa wesine.


Ngivathazele ngitshovoze okwevaka

35
Imbongi ifanisa indlela ehamba ngayo naloyo oyigwala ongenakuzethemba
ongenazo izikhali zokuvika.

Isingathekiso
Izitho zingamagqinsi – iveza ukusinda kwezitho.
Igxathu liwumqansa – iveza ubunzima ebhekene nabo empilweni.

Uphawu
Umugqa wama-39: Nithuleleni mathongo inhlwathi iging’ umsenene?
Imbongi isebenzise umsenene ukuveza ubuncane bamandla ayo okulwa nezimo
zempilo lezi ezibona zinkulu ize izilinganise nenhlwathi.

Isenzasamuntu
Ibinza lokuqala, umugqa wokuqala, wesibili nowesithathu
Ningibukelelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?

4.UYAJABULA YINI : M.ZULU

IZINDIMA / IZITANZA
Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 4.

IMIGQA
Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 20 isiyonke.
Zonke izitanza zibunjwe imigqa emi – 5 ngasinye.
Yonke imigqa ivalekile ( inezimpawu ekugcineni )

IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
Isitanza soku - 1,umugqa wesi – 3 nowe – 4
Bekhala belila ngethambo labo,
Bengasophinde nhlobo balibone,

Isitanza sesi – 3 ,umugqa we – 12 nowe – 13


Kucitheke igazi ubanqokloza,
Kuchichima inzondo ubafungela,

Isitanza sesi – 4,umugqa we – 17 nowe – 18


Zintandanisile izintandane zosizi,

36
Zidlala amankentshane eziyenga,

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okutshekele esinxeleni.
Isitanza sesi – 2 ,umugqa wesi – 6 nowesi – 7
Njengoba emnyama bhuqe ezilile,
Konk’okwakhe kumnyama bhuqe,

Ukuxhumana okutshekele kwesokudla.


Isitanza sesi – 2 ,umugqa wesi – 7 nowesi – 8.
Konke okwakhe kumnyama bhuqe,
Kumnyama kulele ikati eziko,

IFANAMSINDO
Ifanankamisa.
Zintandanisile izintandane zosizi

ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba iningi lemigqa ivalekile.

IMPINDWA
Imbongi isebenzise umgqa oyimpindwa ekupheleni kwazo zonke izitanza othi:

Uma kunje uyajabula yini?

Yize imbongi ingawabuyisi ngqo lama gama keminye imigqa kodwa


lamagama awumbuzo othi:uyajabula yini ?

UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Isitanza soku-1
Imbong isichazela ukuthi kushoniwe, umndeni nezihlobo baqoqene
ndawonye basosizini lokushiywa othandiweyo wabo.Bayakhala ngoba
ngeke baphinde bambone..Okubuhlungu ufe ngesandla sombulali
omdubulile, Imbongi ize imbuze lo mbulali ukuthi “uyajabula yini uma
abantu bekhala kanje?”

Isib. Njengoba bebuthene belusizi,


Beqhatha usizi bedangele,
Bekhala belila ngethambo labo,

Isitanza sesi-2

37
Kulesi sitanza imbongi iveza ukuthi umfelokazi usezilile ngezimnyama
ngenxa yokubulawa komyeni wakhe.Iyaveza ukuthi ubaba wekhaya uyena
obemisa insika kulo muzi . Imbongi ithi ‘njengoba engasekho, ikati selilele
eziko sekuphilwa ngendlala kulo muzi .Imbongi ibuza umbulali ukuthi
uyakujabulela yini lokho?

Isib.Kumnyama kulele ikati eziko.


Kulalwe kuvukwe ngenkemane.
Uyajabula yini makunje?
Isitanza sesi – 3.
Kulesi sitanza isichazela ukuthi umbulali uxabana nabantu,abasongele ,Uma
esehlangana nalaba asuke ebasongele ubanqokloza ngesibhamu ,ababulale.

Isib :Kuchitheka igazi ubanqokloza,


Kuchichime inzondo ubafungela,

Isitanza sesi – 4
Imbongi la ikhuluma ngezingane esezisele ziyimintshingo ibethwa ubani ngoba
sezishonelwe ubaba ebezondla ngenxa yombulali.Lezi zingane zeswele,
ziyahlupheka sekukhona nabafuna ukuziyengela ophathe osekungalula ukuhi
ziyengeke ngoba zifuna ukuziphilisa .

Imbongi ibe ilokhu ibuzile kumbulali ukuthi kuyamjanulisa yini lokho?

Isib: Njengoba zisele dengwane,


Zintandanisile izintandane zosizi,
Zidlala amankentshane uziyenga.

UMOYA WENKONDLO
Umoya wosizi.Imbongi idangele uma ibona umndeni nezihlobo bebuthene belila
ngenxa yokusholelwa ilunga lomndeni.Okufikisela imbongi usizi ukuthi usuke
ebulewe omunye umuntu engagulanga.Yingakho imbongi isebenzisa njalo
impindwa ekugcineni kwezitanza ibuza umbulali ithi “Uyajabula yini”?

Imbongi idabuka nalapho isibona umfelokazi ezilile kushone uSokhaya okuwuye


obemisa insika ekhaya.Isibona nomndeni usulala uvuka ngendlala.Ize ithi:

Kumnyama kulele ikati eziko;


Kulalwe ngenkemane kuvukwe ngenkemane,
Imbongi ibuye ichaze nombulali oletha usizi kubantu ukuthi uma
esexabene nomuntu ,uyamsongela bese emnqokloza ngesibhamu la
ahlangana naye khona ize ithi: “Kuchitheka igazi lapho usubanqokloza”

38
Imbongi ifikelwa usizi lapho izingane ezifelwa ubaba sekukhona abaziyengayo
ngoba zeswele.Imbongi ize ithi: Zidlala amankentshane eziynga

Imbongi ikhathazekile ngakho konke okwenzeka emndeini yabantu


abasuke bebulewe imindeni isale ihlupheka

INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo :UKUFA

Imbongi isivezeka usizi oluba khona emndenini lapho sekuhambe inhloko


yomuzi abantu, belila futhi kade kuyiyona yodwa emise insika ekhaya,Imbongi
idatshukiswa ukubona umfelokazi ezilile eseshonelwe indoda. Ibuka usizi
lendlala kulelo khaya.Imbongi ibuka nempilo yezingane ezifelwe uyise ukuthi
zigcina zilingwa ilabo abangena ngenxeba njengempethu ngoba bezibona
zihlwempu, baziholele oPhathe.zigcina zingene kulolu gibe ngoba
seziyimintshingo ibethwa ubani.

Imbongi iyamgxeka umuntu oxabana nabantu bese ebanqokloza ngenhlamvu


ngoba kusala usizi lodwa esethule umuntu obewusizo ekhaya.

IZITHOMBE MAGAMA./IMIFANEKISO MQONDO

Inzwa yokubona
Njengoba bebuthene belusizi,
Njengoba emnyama bhuqe ezilili

Inzwa yokulalela
Bekhala belila ngethambo labo,

Inzwa yokuthinta
Kuchitheka igazi ubanqokloza

Isisho: Ukuqhatha usizi

Abantu basosizini ngenxa yokushonelwa ubaba wekhaya abazi


sebezokondliwa ubani.

Kuxabene ubendle:

Kusuke kuxabene ikakhulu abantu abawuzalo.kule nkondlo baxabana


baze babulalane ngezibhamu.

39
Isenzukuthi :Bhuqe

Imbongi ichaza inzilo umfekokazi ayezile ngayo,ubhuqe ugqamisa nokuthi


yayiseyintsha ingakaphuphi lokho okusho ukuthi usokhaya wayesanda
kubulawa.

Isisho :Ukuholela oPhathe

Ukuholela umuntu enkingeni,Ibongi ithi laba abayenga izingane ngoba


zishonelwe obezondla uziyenga kuze aqede ubuntombi bazo noma ezabafana
ziyengwe abazozidayisisa izidakamizwa bese zilahlekelwe ikusasa bazilahlise
okwamakhovothi.

Isaga : Kulele ikati eziko

Lapha kwase kulanjwa ngoba wayengasekho osebenzayo esebulewe


Inkemane: leli gama lichaza indlala .Kwase kulanjwa ngoba sekubulawe
Ihhinikazi.
Ubanqokloza :leli gama imbongi ilisebenzise ukuzitshengisa ukuthi umbulali
ubulala ngesibhamu.

Amanketshane :izilwane eziyizinja zasendle ezivame ukusizakala uma kukhona


isilwane esizibulalele inyamazane bese zisephuca (njengengwe) noma zisizakale
ngaleso silwane esisuke sibuthaka noma zingasekho ezinye zakubo ukusivikela
zivele zinamathele kuso.Imbongi igama ilisebenzisele laba abayenga izingane
ikakhulu ezamantombazane ngemali ngoba emakubi zeswele noma zishiywe
abazali juze balale nazo.

UKHUKHETHWA KWAMAGAMA
5.NGIJULISE NKOSI

IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO


UOKUKHETHWA
KWEGAMA
Bebuthene Ukuhlangana kwabantu Ukuhlangana kwabantu
ndawonye ngenhloso kulowo muzi okusuke
ethile sekushonwe kuwo belila
futhi beduduzana
Beqhatha usizi Isisho esisho ukuthi Lapha badumele
badumeme ngokushonelwa
isihlob/ilunga lomndeni
Ezilile Ukuzila ukufaka izingubo Imbongi ibuka umuntu
ezimnyama/eziluhlaza meseshhonelwe indoda
komfelokazi uma ngenxa yesandla somuntu

40
eshonelwe indoda ukuthi kuyadabukisa
Kulele ikati Isisho eischaza ukuthi Lapha imbongi ibuka indlala
eziko / kuyalanjwa kulelo khaya eba khona uma sekushone
ubaba wekhaya futhi kade
inkemane Igama elichaza indlala. kuwuye yedwa osebenzayo.
Kuxabene Isisho esichaza ukuxabana Kule nkondlo khona
ubendle kazalo oxabana nabanye bese
ebabulala ebasongela
Ubanqokloza Ukudubuka umunt Imbongi iveza ukuthi
ngesibhamu umbulali lo ubaqeda
ngesibhamu labo asuke
esexabene nabo.
Esikhaleni Umuntu usuke ekusongela Kule nkondlo imbongi ithi
kwaNtombela ukuthi la enohlangana umbulali uma esexabene
khona kungekho kubaleka nomuntu umsongela ngakho
nibabili kofa umuntu ukuthi bohlangana
esikhaleni kwaNtombela
lapho uyamdubula.
Zisele La magama asho ukusala Kule nkondlo kuvela ukuthi
dengwane / ungasenamzali noma izingane zisalwa
zintandanisile ungasenambheki ziyimintshingo ibethwa
ubani uma sekushone
ubaba wazo ebezondla .

Ukudlala :izilwane eziyizinja Lapha imbongi ikhuluma


amankentshane zasendle ezivame ngabantu abayenga
ukusizakala uma kukhona izingane ezisuke
isilwane esizibulalele seziklwempu ngoba
inyamazane bese zingasenamzali
zisephuca (njengengwe) ozondlayo .umuntu azenze
noma zisizakale ngaleso ozoyisiza kanti uzodlala
silwane esisuke sibuthaka ngayo ayishiye
noma zingasekho ezinye
zakubo ukusivikela
Ukuhlolela Isisho: esisho ukudonsela Imbongi ibona laba
oPhathe umuntu engozini abayenga izingane ezisuke
zihluphekile ,zilambile futhi
zeswela ngenxa yokushiywa
abazali labo abathi
bazozisiza ngemali basuke
befuna ukulala nje nazo
bese bezishiya obishini.

NGIJULISE NKOSI : C.S.Z NTULI

UKUKHETHWA KWAMAGAMA

41
IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO UOKUKHETHWA
KWEGAMA
Impicabadala Yinto Imbongi isitshela ukuthi
engaqondkali ,kumbe ulwandle
engachazeki ehlula aluqondakali ,ngisho
ngisho ungamdala kangakanani
abamnkantshubomvu. luyindida kithi sonke
Ukujula / Ukudepha Ukushona kwesiziba Imbongi ibabaza ukuthi
ngokweqile. ulwandle lushona kakhulu
uma ungena kulo ushona
kwatatalambu.
Emathunjini Kusekujueni komhlaba Imbongi ichaza ukuthi
ulwandle lujule kakhulu luze
lujofika phansi emathunjini
omhlaba.
Wayisicoco Indingilizi efakwa Imbondi iqonde ukusichazela
amadoda ekhanda ukuthi ulwandle
eyenziwe ngongiyane lunjengesicioco lukake
umhlaba lwawuthi gimbici.
Ukuzotha Ukuzithoba yonke into Imbongi ibuka ulwandle uma
uyenze .ngokuzihloniph uyela phakathi nalo
a nangokuthula. ngendlela oluthula ngayo
kungekho kunyakaza
kwamagagasi
njengasekuqaleni kwalo
Kuyeqana/ Ukugcwala kakhulu Imbingi isho ukuthi ziningi
kuyaphithzela ikakhulukazi kwemfuyo izilwane ezinhlobonhlobo
uma isiningi ezigcwele ekujuleni
esibayeni.iminyene kolwandle,eziphithizela
khona.
Uchibidolo Umhlambi wezinkomo Imbongi iqhathanisa konke
eziningi lezi okuthiwa okusemhlabeni ikakhulu
zibulala inyoka. izilwane ukuthi ngeke
zilinganiswe ngobuningi
nezisolwandle.
Izindwendwe Abantu abaningi Imbongi ibhekise emanzini
abawumshungu aholoba ngokubangisana
ngenhloso yokuya emihosheni
endaweni eyodwa. nasemihoshaneni zilibhekise
olwande.afike ajame
mesengena olwandle kuhle
kwamabutho ngoba ulwandle
lusuke lusazowakhipha
ukungcola kuze angene kulo.
Ucengece Into entsha sha/Enhle Imbongi ibuka ulwandle
ngathi intsha. njengesigcwawu esihle

42
esiwucengece uma ibona
ukucweba kwalo.Ibona
amanzi emihosha sengathi
asuke esejahe ukothola
lokho kuhlanzka nokucweba
kolwande.
Nkinsel’ezishay’imp Elempabanga lisho Imbongi iqonde ifanisa
abanga isichaka kanti ulwandle njengenkinsela
elenkinsela lisha isicebi ngoba lunayo yonke
into ,futhi lunamandla
aluswele lutho.Ulwandle
noma luphezulu lunjalo
kodwa luzibeke phansi kuhle
komuntu
ongenalutho ,isichaka
uqoqo.Alukhukhumali
ngakho konke olunakho.

IZINDIMA / IZITANZA
- Le nkondlo yakhiwe izitanza ezi – 5.
IMIGQA
- Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 30 Isiyonke.
- Izitanza ezine kusuka kwesokuqala kuya kwesesine zibunjwe imigqa ey-
isi-7 ngasinye.
- Isistanza sesihlanu sakhiwe imigqa emi-2
- Imigqa eminingi ivalekile ( inezimpawu ekugcineni ) ikhona eyingcosana
evulekile.
- Imigqa yale nkondlo iyedlulana ngobude.

IMVUMELWANO
Imvumelwano Siqalo
- Isitanza soku - 1,umugqa wesi – 4 nowe – 5
Uthi uyothubeleza phansi emathunjini omhlaba
Ube usuphendule umzizima wezulu wayisicoco

- Isitanza sesi – 3 ,umugqa we – 16 nowe – 17


Okungenamlenze nandleb’okungenampondo,
Okupheshezayo’kupulukutshelayo,

- Isitanza sesi – 4,umugqa wama-23 nowama -24


Ziphulukundlela ngemihosha nemihoshana
Zizoviva kucengece lwesigcawu sakho,Manzi,

43
Imvumelwano Sigcino
- Isitanza sesi – 3 ,umugqa wama – 20 nowe – 21
Ongasho ngaz’ukuthi: ‘Zulu ,ngibukeni’ ?
Uyadela ,Siziba,ngokufuyela esizibeni.

- Isitanza sesi – 4,umugqa wama-26 nowama -27


Izindedama zakwaMhlaba nxa zibik’indlala
Uzondl’uziphuzis’amanzi ngomnyelela,

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni
- Isitanza soku – 1 ,umugqa wesi – 2 nowesi – 3
Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Kuya ngokuya okwakho ukudepha.

Ukuxhumana okuphakathi.
Isitanza soku – 1 ,umugqa wesi – 2 nowesi – 3

Kuya ngokuya okwakho ukujula,


Kuya ngokuya okwakho ukudepha.

- Isitanza soku – 1 ,umugqa wesi – 2 nowesi – 3


Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Kuya ngokuya okwakho ukudepha.

Ukuxhumana okutshekele esinxeleni


- Isitanza sesi- 2umugqa wes i- 8 nowesi - 9.
Ngiyakwesaba ukuzotha kwakho Nzothela,
Ukuzoth’okwehlula impi yamazimu,

IMPINDA AMQONDO.
- Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Kuya ngokuya okwakho ukudepha

IFANAMSINDO
- Ifanankamisa.
Sekuphuthazana uhlaza nohlaza

44
ISIGQI.
- Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa eminingi ivalekile futhi iningi layo
mide.
ISIKHAWU / ISIZURA
- Uyadela , Siziba , ngokudeph’okujulile.
- Ngijulise nami , Nkosi:

I-ENJAMBAMENTI
- Uthi uyothubeleza phansi emathunjin’ omhlaba
Ube’usuphendul’umzizima wezulu wayisicoco.

UMQONDO WENKONDLO.(ngokwezitanza )
Isitanza soku-1
Imbongi kulesi sitanza ibabaza ubukhulu bolwandle futhi iyasho ukuthi
akekho oluqondayo.ngisho ngisho asebempunga impela abaluqondi

Isib. Uyimpicabadala yebuya siziba


Imbongi iyaluchaza ukuthi uma ungena luya ngokuya lushona phansi
Yikho ize yasebenzisa impindwa ethi:
Kuya ngokuya okwakho ukujula
Kuya ngokuya okwakho ukudepha

Imbongi ize iluncome ngokuthi ilufanise nesicoco okusho ukuthi ulwandle


luwuzungeze wonke umhlaba lwawuthi gimbici.Imbongi ithi mayibuka
ulwandle ilubone lungathi luthintana nesibabhakabka.Yikho ithi:

Sekuphuthazana uhlaza nohlaza


Iyalubongela ukuthhi luyadela ngokushona/ngokujula kangaka.

Isitanza sesi-2
Kulesi sitanza imbongi iveza ukuthi iyakwesaba lokhu kuzotha(ukucweba)
kolwandle uma lulubuka phakathi le lube lungenza noma yini uma
seluthanda.uthi kunyakaza amagagasi kuphela ngasekuqaleni kwalo
awafanisa nezinwele ethi:

Ukhephuzelisa unwele lwakho kuphela

Ufanisa ubumhlophe bamagagasi njengesihluthu sezinwele zetshitshi lomlungu


imbongi eyalibona libhushuzela longena olwandle, lobhukuda kuze libalekele
ukushisa kwelanga.

‘Wena owabona isihluthu setshitshi lomlungu,

45
Engilibone libhushuzela liza kuwe,
Lithi ligone ulifihlele abakwaLanga,’

Isitanza sesi – 3.
Kulesi sitanza imbongi incoma ulwanndle ngokukhusela izinhlobonhlobo
zezilwane ezitholakala ekujuleni kolwandle .Ithi khona
ezingenamlenze,ezingenandlebe,ezingenampondo,okupheshezayo
nokuputshulukayo.Imbongi ibona izinkulungwane ezigcwele la emhlabeni
zezilwane zingelutho kunalezi ezikumanzikazi olwandle.uthi: ungathi lufisa
ukubukwa

‘Ziyini izinkulungwane zemihlambi yakwaMhlaba,


Lulezo zigidigidi zawochibidolo bakho manzi,
Ongasho ngazu’ukuthi ‘’Zulu ngibukeni!’

Isitanza sesi – 4
Kulesi sitanza imbongi ibuka imisha nemihoshana egijima amanzi onke ejahe
olwandle oluhlale luluhle njalo lucwebile yikho imbongi ithi:

Zizoviva kucengece wesigcawu sakho ,Manzi,

Imbongi ithi kulobu bukhulu bolwandle kodwa aluzikhukhumezi.Ithi abantu


bayakwazi ukusebenzisa ulwandle ngesinyelela bethole nokudliwayo kulo
ulwandle kodwa masebebonga abantu babonge kwaZulu nalapho ulwandle
alukhwelezi

‘ Izindedana zakwaMhlaba nxa zibika indlala,


Uzondl’uziphuzise amanzi ngomnyelela,
Nxa seziyobonga kwaZulu kawukhwelezi.’

Isitanza sesi- 5
Imbongi icela uMdali ukuba ayiphe lokhu kujula okunjengolwandle oluthi lunakho
konke,namandla onke kodwa lusimze luzibeke
phansi ,lungazikhukhumezi,Imbongi ifisa ukuhlale iphansi ingaziqhayisi
ngenakho kwabanye abantu.

. ‘Ngijulise nami, Nkosi;


Nkinsela ozishaya impabanga.’

UMOYA WENKONDLO
Umoya wokuncoma .Imbonga incoma ulwandle ibheka ukujula kwalo.Ibheka
nokuthi akekho ngisho omdala kangakanani ongachaza ulwandle.

46
Ithi :Uyimpica badala yebuya siziba.

Imbongi incoma nokuzotha kolwandle lapho olubonakaka luthule kuvela


amagagasi alo kuphela.

(niyakwesaba ukuzotha kwakho Nzothile ).

Imbongi ibuye iveze ukuthi olwandle khona yonke inhlobo yezilwane ize ibale:
ezingenamlenze , eziputshulukayo,ezingenandlebe nezingenampondo.Imbongi
iyaluncoma ukuthi lezi zilwane zihlala ekujuleni kolwandle

(Uyadela,siziba ngokufuyel’ekujuleni )

Imbongi yonke imihosha nemihoshana ithelela olwandle kodwa aluzikhukhumezi


ngalokho

-izindwendwe zamabutho akwaManzini;


Ziphulukundlela ngemihosha nemihoshana.

Igcina isicela kuMdali imbongi ukufana nolwandle,izothe,ingazigqayisi ngenakho


futhi imukele izinhlobonhobo zabantu ikwazi ukuphila nabo.

INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo :IMVELO

Imbongi ibuka izimanga zolwandle oluyimvelo kaMdali.Imbomga ibuka


ukungaqondakali kwalo ukuthi luyisimo sini ize ithi:’uyimpicabadala yebuya
siziba.Ithi uma ibuka ukujula kwalo igcina ibuka kuyisimangaliso.Imbongi ithi
mayibuka ulwandle le kude ibone luluhlaza sengathi luhlangana nesibhakabhaka
yikho ize ithi: “Sekuphuthazana uhlaza nohlaza”

Imbongi iyakutusa nokuzotha kolwandle ize ithi : “Ngiyakwesaba ukuzotha


kwakho Nzothela.”. Kulesi siziba esiwulwandle imbongi iluncoma ukufuya
izilwane ezihlukene eziphia ekujuleni kwalo,imbongi ithi kunezilwane
ezihuquzelayo,ezingenampondo ezihuquzelayo njll.imbongi ibuka nemihosha
nemihoshana eholoba ibheke olwandle olucwebile ithi:

“Izindwendwe zamabutho akwaManzuni


Ziphulukundlela ngemihosha nemihoshana,
Zizoviva kucengece wesigcawu sakho, Manzi

Kukho konke lokhu okwenziwa ulwandle okukhulu kangaka ithi kodwa ulwandle
aluzikhukhumezi ngobukhulu balo.Imbongi ize ifise ukujula okunjengolwandle
oluthi lunayo yonke into ,lunamandla okwenza noma yini kodwa aluzithobe

47
‘Ngijulise name,Nkosi
Nkinsel’ezishay’impabanga.’
ULIMI

Izithombe magama./Imifanekiso mqondo


Inzwa yokubona
Kwesakho isibaya kuyeqana kuyaphithizela.
Inzwa yokulalela
Lithi ligone ulifihlel’abakwaLanga.
Inzwa yokuthinta
Kuya ngokuya okwakho ukujula,
Inzwa yokunambitha .
Uzondl’uziphuzise’amanzi ngomnyelela,

Ukwenzasamuntu.
- Lesi sifenqo sitholakala kumigqa eminingi kule nkondlo.isib.
- Uyadela ,Siziba,ngokudeph’okujulile.
- Ngiyakwesaba ukuzotha kwakho Nzothane,
- Izindwendwe zamabutho akwaManzi.

6.BABA WABANTABAMI
UMQONDO WENKONDLO
Umqondo wenkondlo usuke usivezela ukuthi imbongi ixoxa ngani enkondlweni
yayo. Yilokho okusuke kusemqondweni wembongi ibhala inkondlo. Umqondo
wenkondlo kungaba osobala noma kube ngocashile. Le nkondlo imumethe
umqondo osobala.
Imbongi iyenaba, iveze ukuthi ithini ngendikimba yenkondlo. Le nkondlo
ikhuluma ngowesifazane owashiya ikhaya kubo kumnandi wayogana. Uthe
esafika, impilo yaqala yaba mnandi. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, izinto
zashintsha ngaphandle kwesizathu. Umyeni wakhe waguquka waqala
wangamphatha kahle. Inkondlo iveza ukuthi okugcine sekwenzeka wukushaywa
kowesifazane.
Amagama anembayo:
 Intokomalo – wukufudumala okukwenza uzizwe sewuhleli wenethezekie,
ukhululekile futhi ujabule nasemphefumulweni. Inkondlo iveza impio yok-
uhlala kahle kwembongi isakubo.
 Uthando oludlula konke- wuthando olukhulu olujulile. Uthando olunzulu
lwavezwa wumyeni, lwamshiyisa ikubo.
 Achichima amancoko – Yinkulumo egcwele ukuteketisana. Amazwi im-
bongi eyayiwezwa ayegcwele ukudlalisana.
 Imibala yothingo lwenkosazane- Imibala yothingo lwenkosazane mihle
futhi igqamile, iyaheha emehlweni. Imbongi yayibona ikusasa lempilo
enhle eyayizoyiphila uma seyihlala nomyeni wayo.

48
 Izikhweqe – umuntu onamandla, onezinyama eziqinile ezidalwe wukuz-
ilolonga kwakhe. Kakulula ukumehlula umuntu oseyilesi simo. Amehlo
omyeni wembongi ayeqale ngokuveza uthando, ajika aveza amandla
ababazekayo ayeselungele impi noma nini.
 Wadlonga – wukuqhubekela phambili nesimo singabi ngcono. Izinselelo
imbongi eyabe seyibhekene nazo zaziqhubekela phambili, zingamile.
Babungekho ubungcono.
 Ukugwinya amazinyo – wukuxega kwamazinyo aze agcine esephumile.
Yabhakelwa imbongi yagcina seyikhumuke namazinyo.
Izimo kokukhuluma
 Njengoju lwezinyosi (isifaniso) - uqhathanisa ubumnandi bamazwi aye-
shiwo ngumyeni wakhe kuye kanye nobumnandi bokudla uju.
 Gwiqiqi (isenzukuthi) – wukuphenduka kwamatafula, okuwukushintsha
kwezinto esimeni ebesikhona. Okwakukuhle kwashabalala kwaqala impilo
eyehlukie kunaleyo eyayihehe imbongi.
 Ukuthukuthela ugane unwabu (isisho) – wukuthukuthela kakhulu os-
ekufike ezingeni elingamukelekile. Umyeni wembongi wayesedinwa
ngisho nawubala kungashiwongo ngisho nalutho kuyena.
 Ukulokoza njengemamba (isifaniso) – imamba lapha isuke seyibonakala
ngisho emehlweni ayo ukuthi kayisenamusa nakancane, seyifuna
ukugadla esitheni sayo. Isuke seyesabeka kakhulu kuleso simo. Imbongi
yaphenduka isitha kumyeni wayo. Umyeni wayebonakala nangamehlo
akhe uma eseyimpi esho ukuyisobozela imbongi. Wajika wesabeka kuyo
imbongi.
 Imikhonto yamazwi (isingathekiso) – Imikhonto yizikhali ezicijile zokulwa.
Zyalimaza. Amazwi ayefayelwa kuyo imbongi ayehlaba, eyilimaza
emphefumulweni.
 Ubuhluthuhluthu (ifuzamsindo) – kusuke sekunempi, kuliwa. Yaqala im-
bongi yashaywa, kwaba nokudonsisana ekuningi emzini wayo.
Imifanekiso mqondo/Izithombe magama
Imifanekiso mqondo/izithombemagama yilawo magama asetshenziswa yimbongi
ukwakha imifanekiso engqondweni. Sibheka amagama anembayo kanye
nezimo zokukhulumo okuyizaga, izisho kanye nezifengqo. Imifanekiso mqondo
eyakheka engqondweni ichukuluza izinzwa okungaba yinzwa yokubona,
eyokuthinta, eyokunambitha, eyokuhogela kanye neyokuthinta.
 Amazwi amnandi – Umfanekiso mqondo wokuzwakalayo. Wukuxoxa ok-
umnandi okwathi uma imbongi ikuzwa kube nokuyikitaza imizwa.
 Njengoju lwezinyosi – Umfanekiso mqondo wokunambithekayo. wuket-
shezi oludiwayo olwakhiwa yizinyosi. Lunoshukela wemvelo oyimpilo futhi
onambitheka kamnandi. Amazwi imbongi eyayidlaliswa ngawo ayemnandi
kuyona kuhle koju.

49
 Imisebe – Wumfanekiso mqondo wokubonakalayo. Wukukhanya okuvela
elangeni. Isimo sezulu sisuke sizoba sihle. Libalele futhi lifudumale. Im-
bongi yayibona impilo eqhakazile equkethwe yindlela umyeni wakhe
ayehleka ngayo besathandana.
 Ubuhluthuhluthu – Wumfanekiso othintekayo. Kusuke kuliwa okungen-
aluzwelo. Imbongi yayimukluzwa ngesibhakela ngendlela enesihluku
phakathi.
 Ukuvuza igazi – Wumfanekiso mqondo wokubonakalayo. Ukuvuza
kwegazi kwenzeka uma silimele. Uma livuza kalimfimfi kodwa liyagob-
hoza. Ukushaywa kwembongi kwakuveza ukushayisiswa okungenamusa
nazwelo. Kuveza ukushaywa okunesihluku futhi okunhloso yako
bekuwukulimaza.
 Ukulila – Wumfanekiso ozwakalayo. Wukukhala okukhulu obuqukethe
ubuhlungu. Ukuhlukumezeka kwembongi kwase kuzwela nasezinganeni
zayo. Zaba buhlungu ngalesi senzo sokushaywa kukanina. Zabe
sezikuveza lokhu nangokumpongoloza kuzwakale.
Ifanamsindo
Ifanangwaqa -
 Achichima amancoko (ongwaqabathwa-ch-; -nc-)
Le misindo ihambisana nokugcwala noma ukuphuphuma kothando
olwaluqukethwe ngamazwi ayebhekiswe kuyo imbongi.
 Ngidakwe ngidiyazele (ungwaqa –d-)
Lo msindo uhambisana nemizwa yembongi. Uthando lwaluyidunga imizwa.
Lwaluyingena kube nokushintsha endleleni eyejwayelekile imbongi eyayike
izizwe ngayo.
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
 Ibinza lokuqala, umugqa wesi-2 nowesi-3, igcizelela ubunye bomqondo
wento eyenzeka enkathini eseyedlule kodwa engasaqhubeni nokwen-
zeka. Yimpilo yokunethezeka eyayiphilwa yimbongi isahlala kubo.
Ngaphuma ngashiya umuzi wakwethu,
Ngashiya intokomalo nentokozo yakwethu,
 Ibinza lesibili, umugqa 9, 10 nowe-11. Le migqa igcizelela izenzo eza-
zenziwa ngumyeni wembongi qobo lwakhe kuyona imbongi.
Ungidlalisa ngamazwi achichim’ amancoko,
Ungibuka emehlweni ngidakwe ngidiyazele,
Ungibambe kushis’ umzimba wonke,
Khipha nezinye nawe mfundi.
Ukuxhumana
UKUXHUMANA SIQALO

50
 Ibinza lokuqala, umugqa wesi-4 nowesi-5, iveza ukuxhumanisa
imiqondo ekule migqa. Le migqa iveza ukwenza okuthile ngokuzithan-
dela uqhutshwa yizizathu ozinikeziwe. Imbongi iveza izizathu ezayishiy-
isa kubo. Yayicelwe ukuba izokwakha umuzi futhi yadonswa ukutshelwa
ukuthandwa okwedlulele.
Ngoba usuthe wena angizokwakha owethu,
Ngoba usuthe ungithanda ngoludlula konke.

UKUXHUMANA SIGCINO
 Ibinza lesithathu, umugqa wama-28, 29 nowama-30, iveza ukuxhumisa
imiqondo ekule migqa. Le migqa iveza umqondo wokungashintshi
kwesimo yize sekwenzeka izigigaba ezahlukene. Yashaywa yalimala,
kwezwela nasezinganeni zalila, zaxolisela unina kodwa konke lokhu kak-
ubushintshanga ubunzima imbongi eyayihlangabezana nabo.
Ngavuza igazi kwangathi diki,
Kwalila izingane kwangathi diki,
Zangixolisela izingane kwangathi diki.

IZAKHIWO/UKUBUMBEKA KWEMIGQA NAMABINZA

Imigqa yale nkondlo kayilingani futhi eminingi ivalekile. Kusetshenziswe


izimpawu zokuloba eziningi emigqeni yale nkondlo. Lokhu kuveza umqondo
wenkondlo okuyimpilo engenhle emshadweni wembongi. Imbongi
iyashikashikeka emshadweni wayo. Iyabhakelwa, itshelwa amazwi abuhlungu
najojayo enhlizweni. Kukhona imigqa enamagama amabili, amathathu, amane
kanye namahlanu.
Imigqa yale nkondlo iveza umoya obuhlungu, owosizi nokubalisa kwembongi.
Lokhu kusavezwa yiko ukudluladlulana kwemigqa. Izinto kaziyihambeli kahle
imbongi.
Inkondlo inamabinza amathathu anemigqa enenani elingalingani. Lokhu
kusahambisana nokushiwo yinkondlo okuyimpilo enzima ebhekene nembongi.
Ukungalingani kwamabinza kuphinde kuhambisana nendlela ephatheke ngayo
emoyeni. Imigqa iyingcosana ebinzeni lokuqala lapho isajabule imbongi bese iba
miningi uma seyibalisa ebinzeni lesibili nelesithathu. Amabinza ale nkondlo
anomqondo othelelanayo. Imbongi ebinzeni lokuqala iqale isivezele impilo yayo
seyizoshada. Iveza ubumnandi bothando olwayisusa kubo. Ibinza lesibili
isakhuluma ngempilo eseyiqhubekile lapho imbongi seyishadile. Kwaqhubeka
okwesikhashana kwaba mnandi kodwa zabuye zashintsha izinto. Inkondlo iveza
indlela eyabe ingaseyinhle imbongi eyabe seyibukwa ngayo. Ibinza lokugcina
liveza izinto sezizimbi kakhulu. Seyiyashaywa nokushaywa manje imbongi.
Impilo engenhle ebhekene nayo seyize ikapakela nakubantwana bayo.
Bezwakala belila.

51
ISIGQI
Singumgqumo otholakala uma sifunda inkondlo. Isigqi sikabili:
ngesinensayo noma esisheshayo. Okuletha isigqi senkondlo kungaba,
izimpawu zokuloba, i-enjambementi, ukuphindaphinda, imvumelwano
wukuxhumana, wubude bamagama, wubude nobfishane bemigqa,
impindwa kanye namagama abhalwe ngosonhlamvukazi okungenzeka
atshengise ukucikeka, ukunengwa futhi kungaba wukuthi ayagcizelela.
Umqondo oqukethwe yinkondlo kanye nomoya wayo kungaba nomthelela
uma kukhulunywa ngesigqi sayo.

Imigqa yenkondlo eminingi ivalekile. Lokhu kudala ukuba ibe nesigqi esinensayo.
Umqondo oveziwe wale nkondlo unomthelela kulesi sigqi esinensayo. Izinto
kaziyihambeli kahle imbongi iyashaywa ekhaya. Kanjalo nomoya oqukethwe yile
nkondlo uphinde ube nomthelela kulesi sigqi esinensayo. Le nkondlo iveza
umoya wosizi nokubalisa. Imbongi iyahlukumezeka ekhaya.

INDIKIMBA
Wumongo, yingqikithi, yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Indikimba yale
nkondlo wukuhlukunyezwa. Imbongi nalapha isebenzisa amasu obunkondlo
abalulwe ngenhla ukwethula indikimba yenkondlo.

UMYALEZO
Ukungafeli phakathi uma kunokuthile okusihluphayo, kusikhathaza
emphefumulweni kodwa imbongi ifuna sigonyuluke ngako. Imbongi emuva
kokushikashikeka emendweni wayo, igcine seyibhekana ngqo nokuyihluphayo
yambikela umyeni wayo. Iyaveza kumyeni wayo impilo eyijabulelile bese iphinde
imuvezela lapho seyibona esephaphalaze khona, eseyishaya kungonakele lutho.
Iyamuvezela nomthelela wokuhlukumezeka kwayo, okuyisililo sezingane zabo.

UMOYA WENKONDLO
Uxubile. Ibinza lokuqala nengxenye yebinza lesibili sithola imbongi ithokozile.
Ingxenye yesibili yebinza lesibili iveza imbongi isosizini ngoba ijikelwe ngumyeni
wayo obeyivezela uthando kuqala kodwa manje oseyishaya. Nakuwo umoya
wenkondlo, ubuciko benkondlo buba nomthelela ekuvezeni imizwa noma indlela
imbongi ephatheke ngayo ibhala inkondlo. Bonke ubuciko obubalwe ngenhla
buyasetshenziswa ukuveza imizwa yembongi.

Isiphetho
Imbongi iphumelelel ukusebenzisa ubuciko bomlomo ukuze kuvele ukuthi
imbongi ihlukumezekile (indikimba), yenaba nokuhlukumezeka kwayo (umqondo)
kanye nemizwa yayo yosizi (umoya).

52
INOVELI
UKUHLUZWA KOMDLALO UNTOMBAZI

ISETHULO /ISINGENISO
Lapha sethulelwa ummeleli; isisusa sodweshu kanye nendawo lapho umdlalo
udlalelwa khona. Inkinga yomlingiswa iyethuleka nayo kuleli zinga.
 Sethulelwa umlingiswa omkhulu uNtombazi indlovukazi yakwaNdwandwe
ihlezi elawini layo, ikhuluma nezilwane zayo ukuba ziyiyalele lowo
okufanele ambulale ukuze kukhule amandla nombuso kaZwide.
 Inkinga abhekene nayo ukukhulisa umbuso wakwaNdwandwe ukuze
uDingiswayo abe ngaphezu kwawo wonke amakhosi akhona.
 UNtombazi uhlezi ephezu kwamacebo okubulala esebenzisa ubuthakathi
kanye nobuqili.
 Sethulelwa umlingiswa oyimbangi okunguDingiswayo kanye noShaka.
 UDingiswayo uyinkosi ekhonze uxolo izimpi akezwani nazo.
 Isisusa sodweshu ukuthi uNtombazi benoZwide bephule isivumelwano
sabo noDingiswayo esingukuthi bangalokothi bahlasele amanye amakhosi
ikakhulukazi lawo angaphansi kombuso kaDingiswayo . UZwide
noNtombazi bahlasele uMatiwane osethele embusweni kaDingiswayo.
 Le ndaba yenzeka ngesikhathi sasemandulo izizwe zisabuswa
ngamakhosi ngokuphelele, uhulumeni engenawo umthetho olawula
amakhosi.
 Ukwandiswa nokuvikelwa kwemibuso yamakhosi ngezimpi yiyona mpilo
yemihla ngemihla.

UMZIMBA: UKUBHEBHETHEKA KODWESHU


Kuleli banga udweshu olusuke esethulweni luqhubeka njalo umlingiswa ezama
ukuxazulula izinkinga zakhe kuze kuyofika kuvuthondaba. Ngaleyo ndlela
kudaleka izigameko ezehlukene zixhumane njalo indaba ize iyophetha. Udweshu
olukhungethe uNtombazi okungukuthi ufuna uZwide abe namandla ngaphezu
kwawo wonke amakhosi luyabhebhetheka kuleli banga. Nazi ezinye zezehlakalo
ezilubhebhethekisayo:

 UZwide uhlasela uMatiwane.


 UZwide uhlomela ukuhlasela uDingiswayo

53
 UNtombazi ulutha uDingiswayo sakumganisela uNtombazana kanti uhlose
ukumcwiya.
 Ijadumbumbulu likaMelusi ogcina ngokubulawa nguZwide.
 UNtombazana elawini likaDingiswayo, uyamphulula esebenzisa umuthi
kaNtombazi aze alale obokufa ubuthongo bese emcwiya njengoba
eyaleliwe.
 Ukuhlaselwa kubulawe izinduna zikaMelusi kusinda ngokulambisa
eyodwa.
 UMelusi ubulawa nguZwide.
 UDingiswayo uhlela ukuhlasela uZwide ephindiselela udadewabo
uNomantuli ogane uMelusi.

Isixakaxaka: ngokuqhubeka kwezigameko ezidalwa ubuthakathi bukaNtombazi


kanye nokuhlaselwa kwamakhosi nguZwide isimo siyaphithana kuze
kungaqondakali ukuthi iyozala nkomoni. Nazi ezinye zezehlakalo ezikhomba
lokhu:.

 Ijadumbumbulu likaMelusi ogcina ngokubulawa nguZwide.


 UNtombazana elawini likaDingiswayo , uyamphulula esebenzisa umuthi
kaNtombazi aze alale obokufa ubuthongo bese emcwiya njengoba
eyaleliwe.
 Ukuhlaselwa kubulawe izinduna zikaMelusi kusinda ngokulambisa
eyodwa.
 UMelusi ubulawa nguZwide.
 UDingiswayo uhlela ukuhlasela uZwide ephindiselela udadewabo
uNomantuli ogane uMelusi.
 Ukubanjwa kubulawe uDingiswayo kwaNtombazi. UDingiswayo uziyele
yena kwaNtombazi ngoba eselunjiwe yize yena abehlose ukwakha uxolo
ngokuganiselwa uNtombazana.
 Ukuviva okuphetha ngempi phakathi kwamabutho kaZwide namabutho
kaShaka.

Uvuthondaba
Lesi isicongo sendaba. Yonke imibuzwana esuke idide umfundi iyaphenduleka.
Ngabe uyaphumelela noma akaphumeleli umlingiswa ongummeleli /
oyiqhawekazi emizamweni yakhe? Inkinga yomlingiswa oyiqhawekazi
iyaxazululeka.

Uvuthondaba lulapho ukubanjwa kukaNtombazi ngamabutho kaShaka.


Ukufa kukaNtombazi edliwa yimpisi kanjalo nokushiswa kwelawu lakhe.

Isiphetho

54
Lapha indaba isuke isiphethwa.

Lo mdlalo uphethwe ngopholavuthondaba lapho uNtombazi evuma ukuthi


ubuthakathi bakhe bungaphansi kobuqhawe bukaShaka wabe esejeziswa.

ISIZINDA:
Uma kuhlolisiswa isizinda kusuke kubhekwa izinto ezintathu. Okubaluleke
kakhulu ngezingxenye zesizinda ukuthi zigqamisa izimpawu ezitholakala
endabeni.

INDAWO:
Uma sikhuluma ngendawo sibheka lapho umdlalo owenzeka khona. Kungaba
indawo yasemakhaya, emadolobheni njll. Umdlalo wethu wenzeka endaweni
yasemakhaya.ezindaweni zamakhosi amathathu: Ubukhosi bakwaMthethwa,
emzini wenkosi uShaka kanye nasembusweni wakwaNdwandwe.

INKATHI:
Lapha sisuke sibheka ukuthi ngabe indaba yenzeka esikhathini/ enkathini
yakudala noma yanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo. Le ndaba
yenzeka enkikhathini yakudala lapho izizwe zazikhulisa imibuso yazo ngokulwa
izimpi. Siyathola lapho uZwide ehlasela uMatiwane aphinde ahlomele ukuhlasela
uZwide. Kwakuhlaselwa ngemikhonto. Kwakunamalawu lapho uNtombazi
ayehlala khona.

ISIMO SENHLALO:
Lapha sibheka indlela okuhlaliswane ngayo okungaba imindeni, omakhelwane
njll.
Kulo mdlalo isimo asisihle sishubile kusukela ekuqaleni kuze kuyophetha
indaba. Isimo senhlalo kulo mdlalo sikhomba ukuthi kwabe kusaliwa izimpi.
Untombazi waye Ubuqhawe babuyigugu kakhulu uma uhlabana
awuzihlabaneli wena kodwa uhlabanela inkosi yakho. Amakhosi ayeyazisa
imfuyo yingakho ezimpini kwakuthathwa imfuyo yalabo abehluliwe. Imithi kanye
nokuthakatha kwabe kusebenza kakhulu.

INDIKIMBA:
Lapha kubhekwa umongo /ingqikithi yendaba jikelele. Kusuke kufuneka ukuba
umfundi akwazi ukubheka ukuthi indaba yonke ikhuluma ngani. Indikimba
igaguleka ngegama elilodwa noma kube isigejana samagama, inqobo nje uma
kuzovela umongo wonke wendaba ukusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Indikimba yalo mdlalo ukuthi ububi bungaphansi kobuqhawe.

UMYALEZO
Umfundi kumele akwazi ukuhumusha umyalezo awubhekise ezingxenyeni
ezikhethiweyo zethekisthi.

55
Isibonelo:
 Ubuthakathi abubuyiseli. (uNtombazi noZwide)
 Akukho qili elazikhotha emhlane. (uNtombazi wagcina ngokufa).

UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
 UNtombazi uhlezi yedwa elawini lakhe udidekile ngokufanele ambulale.
Imithi kanye nezilwane zakhe zimyalela ukuba abulale uDingiswayo.
 UDingiswayo ukhuluma yedwa ekhathazwa amahlebezi athi impi kaZwide
iyaviva ifuna ukumhlasela.
 UNtombazana uyakhathazeka aze akhihle isililo lapho sekufanele acwiye
uDingiswayo uze akhulume ye yedwa , “Kubuhlungu ukwenza isenzo esibi
njengalesi kumuntu engimthanda ngenhliziyo yami yonke”.
 UMalusi uyabalisa ngokuzifaka esifeni ebhekile , uzizwa eshiywa yigazi.
Luyamethusa ulaka lukaZwide uma emexwayisa ukubiza uShaka
ngenjakazi.
 UDingiswayo ukhuluma yedwa elawini lakhe . Ubalisa ngephupho
abonayo ukuthi akuphupho nje kepha lukhulu luyeza. Udidekile ngoba
nabaphansi uyabahlabela futhi ubusa ngoxolo. Uyazibuza ukuthi woneni
emadlozini nakuMvelinqangi. Iyamkhathaza nenkomazi yamabheka
kaNobesuthu ezalela phambi kweguma lomdlelanyoni wakhe. Uzisola
abuye azithethelele ngokubulala umfowabo uMawewe ukuze aqhoqhobale
isihlalo sobukhosi kade edingiselwe eMahlutshini.
 UDingiswayo uyabalisa edlangaleni uthi akasazi futhi nekhanda liyaduma
ubuza kwabangasekho ukuthi enzenjani. Usenalo ithemba loxolo uma nje
engaganwa nguNtombazana.
 UShaka uyabalisa akakwazi okufanele akwenze ukuphephisa
uDingiswayo ozohlaselwa nguZwide. Okumhlupha kakhulu ukuthi
uDingiswayo akavumi ukuba kuliwe, wethembe uxolo.

Udweshu lwangaphandle
 UMalusi noZwide abezwani lapho uZwide ebiza uShaka ngenjakazi.
 UNtombazana uxabana noNtombazi kanye nomfowabo uZwide ngenxa
yokunahambisani nokubulawa kwabantu kanye nobuthakathi uze uthi
ngabe kungcono ukuba wazalwa esizweni sakwaMthethwa lapho kubusa
khona uxolo.
 UDingiswayo wenqaba ukungena elawini likaNtombazi umemeza
engaphandle uthi uyongena efile hayi ephila. UNtombazi uthi uqambe
eshilo uzongena nomlamu wakhe uMelusi olapha ngaphakathi uze
uyagcizelela uNtombazi uthi “ kakuphunywa elawini likaNtombazi”.

56
 Ukubulawa kukaDingiswayo ebulawa yibutho likaZwide. “ Ngithe
ngibulaleni, mavaka! Seniyesaba yini? Ngigwazeni!”
 UNtombazana uqophisana namabutho kaZwide ngoba emnqabela ukuba
aphume elawini lakhe ayobheka uDingiswayo. UNtombazana ugcina
ngokuzibulala ngesinqindi sakhe.
 Amabutho ayeqaphe uNtombazana ayabulawa ngokomyalelo
kaNtombazi.
 UNtombazi uphikisana noZwide othi mababaleke ngoba amabutho
kaShaka asendleleni ukuzobhubhisa kwasani kwaNtombazi.
“Angiyindawo mina Zwide.”
 UNtombazi uqophisana namabutho kaShaka ambiza ngomthakashana
naye ewabiza ngamavaka.

UVUTHONDABA
Lesi isicongo sendaba. Yonke imibuzwana esuke idide umfundi iyaphenduleka.
Ngabe uyaphumelela noma akaphumeleli umlingiswa ongummeleli /
oyiqhawekazi emizamweni yakhe? Nazi ezinye zezehlakalo ezenza lo mdlalo
ufinyelele kuleli zinga:

 Ukunqotshwa kwamabutho kaZwide enqotshwa ngamabutho kaShaka.


 Ukubanjwa kukaNtombazi ebanjwa nguShaka.
 Ukubulawa kukaNtombazi.

UKULANDELANA KWEZIGAMEKO/IZEHLAKALO

 UZwide uhlasela uMatiwane.


 UZwide uhlomela ukuhlasela uDingiswayo.
 UDingiswayo wenqaba usizo lukaShaka ofuna ukuhlasela uZwide-
usenethemba lokwakha uxolo.
 UDingiswayo ufuna ukuganwa nguNtombazana oyindodakazi kaNtombazi
ukuze kwakheke ubuhlobo noxolo.
 UNtombazi ulutha uDingiswayo sakumganisela uNtombazana kanti uhlose
ukumcwiya.
 Ijadumbumbulu likaMelusi ogcina ngokubulawa nguZwide.
 UNtombazana elawini likaDingiswayo , uyamphulula esebenzisa umuthi
kaNtombazi aze alale obokufa ubuthongo bese emcwiya njengoba
eyaleliwe.
 Ukuhlaselwa kubulawe izinduna zikaMelusi kusinda ngokulambisa
eyodwa.
 UMelusi ubulawa nguZwide.

57
 UDingiswayo uhlela ukuhlasela uZwide ephindiselela udadewabo
uNomantuli ogane uMelusi.
 UDingiswayo wenzelwa ijadumbumbulu kwaNtombazi eligcina ngokuthi
abulawe.
 Umdlunkulu kaDingiswayo kanye noNtombazana bayazibulala ngezinqindi
zabo.
 Impi yokuqala phakathi kukaShaka noZwide.
 Ijadumbumbulu likaManzini kwaZwide ezomupha izintombi zekhethelo
kanti uzombulala. Wasinda ngobuhlakani bakhe uManzini.
 Impi yesibili kaZwide noShaka, inqotshwa nguShaka aze azifikele
mathupha kuNtombazi.
 UNtombazi uvalelwe nempisi elawini lakhe , yamudla waze wafa. Ilawu
likaNtombazi lathungelwa ngomlilo nako konke okwakuphakathi –
akuphumanga lutho elawini likaNtombazi ngisho naye uqobo.

UMSEBENZI/ IQHAZA LOMLANDI


Funda amanothi angasekuqaleni kwaleli bhuku mayelana nemisebenzi yomlandi
njengoba yehluka ngokulandelana kwezigameko/izehlakalo eziku lendaba..

AMANYE AMASU ASETSHENZISWA NGUMBHALI

UKUJEQEZA EMUVA
Leli ikhono/ isu elisetshenziswa ngumbhali noma umlandi lapho esethulela khona
isigameko esenzeka esikhathini esedlule ngenhloso yokuba sikwazi
ukuqondisisa kahle isigameko sangaleso sikhathi.

 Amazwi ohlanya olwabulawa nguDingiswayo “ Uyangibulala Dingiswayo,


nango uNtombazi noZwide ezithendeni zami”. Kuyacaca ukuthi la mazwi
aseyafezeka ngoba ngoba sithola UZwide noNtombazi bengamnike thuba
uDingiswayo. Bayamcwiya , bayamthumba bagcine ngako ukumbulala.

 Amazwi okugcina ekhehla uMbiya “ Ngibona injakazi enamehlo abomvu


avutha ukufa kodwa nalubalubele amandla okubusa. Le njakazi
inamazinyokazi abukhali abulalayo. Ngiyayibona inyelezela izeluleko
ezimbi ifunza ichalahana lamathumbu ayo. Mqapheleni uNtombazi;
yiqapheleni nendodana yakhe uZwide”. Siyambona UNtombazi egadla
ephindelela emakhosini ebambisene nendodana yakhe uZwide okuyiyona
afuna ibe ngaphezu kwawo wonke amakhosi.
 UDingiswayo wabe edingile emaHlutshini ngesikhathi
esenguGodongwane. Ukubuya kwakhe ekudingisweni wabe esebulala
umfowabo uMawewe ukuze athathe ubukhosi. Leso simo siyamhlupha

58
aze acabange ukuthi yiso esenza umbuso wakhe ungazinzi yize ebusa
ngoxolo.
 Udadewabo kaDingiswayo uNomantuli wagcagcela kuMalusi owabe
eyisitha sikaDingiswayo ngoba bakha uxolo. Namanje uDingiswayo
uyakholelwa kulo mkhuba njengoba efuna ukuganwa nguNtombazana
ukuze kwakheke uxolo.
 UDingiswayo ukhumbula ukuthi nguye owabulala umfowabo uMawewe
nakuba ezithethelela ngokuthi wayengeke ahlale kade ekudingisweni
eMahlutshini lapho ayebizwa khona ngoGodongwane.
 UDingiswayo ukhumbula umalume wakhe ongasekho owamgcoba kulesi
sihlalo sobukhosi kanye nemiyalo amyala ngayo ukuthi aze angalichithi
igazi. Yingakho ekholelwa ekubuseni ngoxolo aze aficwe ngukufa.

ISU LOKUBIKEZELA
 Iphupho likaNtombazi ephupha izivunguvungu. Leli phupho landulele
umbiko omubi othi impi kaDingiswayo seyinqotshwe ngekaShaka.
 Ukukhala kwesikhova lapho uNtombazana esecwiya uDingiswayo.
 Iphupho likaDingiswayo eliyinkinga lapho ephupha uMawewe
ongumfowabo ambulala ukuze abe sesihlalweni sobukhosi
bakwaMthethwa.
 Ifu elimnyama ebusuku ngenkathi uDingiswayo, umdlunkulu namabutho
bephikelele kwaZwide.

UKUVEZWA KWABALINGISWA
Funda ekuqaleni lapho lukhona amanothi ngokuvezwa kwabalingiswa
ngezindlela ezahlukene.
 UZwide – Inkosi engakwazi ukuzimela ngokwayo. Amaqhinga wonke
uwathatha kunina uNtombazi.
 UNtombazi - Ungumuntu wesifazane onesibindi. Ungumuntu okholelwa
ekuthakatheni ukuze banqobe zonke izizwe abakhelene nazo. Ungumuntu
onesihluku uze ahlobise ngamakhanda amakhosi uma esewabulele.
 UShaka - Uvezwe njengomuntu onesibindi kusukela ekuzalweni kwakhe.
Ngenkathi esekwaluseni kwakuthi uma ehlatshwa ngameva awahlikihle
ngonyawo kuphele ngeswayi kanjalo nenyoka wayeyibulala ayitshathe
emahlombe. Nguye owabulala uhlanya lwakaMthethwa olwabe lubhilitile.
Wayengakhohlwa yilabo ababemphathe kabi esakhula. Lokhu kuvela
lapho ebulala uyise omncane uMudli, abaseLangeni athi bamhlupha yena
kanye nonina. Wayengabalibali nalabo abamsizile empilweni yakhe,
simthola ngokuthi aphindiselele inkosi yakwaMthethwa uDingiswayo
eyabe isibulewe nguNtombazi noZwide. Wayewathanda kakhulu

59
amaqhawe, simbona eklomelisa uNtombazi ngomkhonto encoma
ubuqhawe bokubhekana nempisi.
 UDingiswayo - Uvezwe njengenkosi eyayithanda ukubusa ngoxolo
engahambisani nokuchithwa kwegazi. Lokhu kuvela nalapho esethunjwe
izintelezi zikaNtombazi. Wayenawo unembeza kanye nokuzisola .
Siyamthola ezisola ukuthi wachitha igazi lomfowabo uMawewe.
 UNtombazana - Wayenesibindi: Wakwazi ukutshela unina uNtombazi
nomfowabo uZwide ukuthi akezwani nemisebenzi yokuthakatha. Ukuba
nesibindi kwakhe kuyagqama futhi lapho ezibulala ngokuzigwaza
ngesinqindi sakhe ngoba inkosi uDingiswayo
yayisikhotheme.Wayenenhlonipho – Simthola elandela umyalelo kanina
ecwiya uZwide ngethemba lokuthi ngeke abulawe njengoba
wayethenjisiwe nguNtombazi.

UMOYA
Isimo sengqondo noma semizwa yomfundi lapho efunda indaba ngokwenzeka
kubalingiswa. Umoya uvela ngenkulumeni yabalingiswa.
Uma ufunda indaba uShaka efuna ukusindisa uDingiswayo njengoba uNtombazi
efuna ukuhlasela kwelakwaMthethwa . Uba nomoya wokuzwela uDingiswayo
njengoba efuna uxolo engazi ukuthi uNtombazi uzomhlasela.

ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.

Le nkulumo elandelayo igqamisa ithoni yokubalisa.

“ Wo! Ntombazana, sesiyogcagca kwelabaphansi nawe ..”

ISIGAMEKO ESIFIHLELWE UMLINGISWA OTHILE


 UDingiswayo ufihlelwe nguZwide kanye noShaka ukuthi ukwendiselwa
uNtombazana kwabe kuyitulo lokumcwiya ukuze aziyele kwaNtombazi
futhi anqotshwe uma impi isihlangana.
 UDingiswayo ufihlelwe nguNtombazana ukuthi yize esemthanda kodwa
okukhulu ukuthi amcwiye njengoba emphulula ngomuthi kaNtombazi aze
azumeke.
 Ijadu likaMalusi kwaNtombazi yitulo lokumholela ophathe ukuze abulawe.
 Ijadu likaManzini kwaNtombazi yisu lokumbulala.

ISAKHIWANA

60
Kuyenzeka umbhali asebenzise isakhiwana okuyindaba eba ngaphakathi
kwendaba eba nesingeniso/isethulo, isisusa sodweshu, ukubhebhetheka
kodweshu kanye nesiphetho. Inhloso ukubambezela indaba.

UKUHLUZWA KWENOVELI -ZIHLANGENE PHEZULU

ISAKHIWO
Isakhiwo senoveli siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi inoveli iqala kuphi ize iphele kuphi.

ISINGENISO
Lapha sethulelwa khona umlingiswa osemqoka kanye nesisusa sodweshu
kanjalo nesizinda ikakhulukazi indawo.

Kule noveli sethulelwa umlingiswa onguThuthukani Njiyela nenkinga yokuba


semshadweni onezinkinga ngenxa yokulahlekelwa umntwana kanye
nokuphelelwa umsebenzi okugcina kumdalela izinkinga zomndeni emva kokuba
ebuya ekudingisweni. Le noveli igxile eWattville(eGoli) lapho uThuthukani
ekhulele khona futhi waphinde wakha khona.

UMZIMBA
Lapha sithola ukukhula kodweshu luze lufike kuvuthondaba. Sethulelwa abanye
abalingiswa benoveli isixakaxaka, uvuthondaba, amasu okujeqeza emumva
kanjalo nesu lokubikezela kanye nesakhiwana.

UDWESHU
Udweshu luwukungqubuzana kwemibono okungaba kumlingiswa eyedwa noma
kwababili kuya phezulu. Kunodweshu lwangaphakathi:Lokhu ukungqubuzana
kwemibono kumlingiswa eyedwa ezicabangela okungaze aphimise lokho
akucabangayo.

Udweshu lwangaphakathi
 ULetheni uyacabanga emva kokuxoshwa uThuthukani, uyazibuza ukuthi
kodwa usengaze amxoshise okwenja emzini yena athi ungowabo bobabili.
 UThuthukani uyapheka uyathulula emva kokuba uThembekile ebukise
ngaye ebantwini wamubhunyela ngamanzi ethi uzozama ukulalisa ulaka
olwalumbambile uThembekile ngokuzibona enziwa isithutha uThuthukani
ngodaba lukaLetheni.
 UThuthukani ucabanga indlela athanda ngayo uThembekile nanokuthi un-
okwethembeka njengegama lakhe akafuni amulahlekele ngenxa kaLeth-
eni owahamba iminyaka emibili yonke waphinde wafaka namaphepha es-
ehlukaniso.

61
 UThuthukani uzibuza ngomuntu osesangweni kwakhe ukuthi engabe
ubani nalapho athole khona ukuthi ULetheni uzocela indawo yokulala
ngoba engazi uzoshonaphi ngaphi ebusuku.
 ULetheni ucabanga ngokwehlukana kwakhe noThuthukani ukuthi ngabe
akwenzekanga ukuba uThembekile ubengazami ukuziphindiselela ngoba
yena uThembekile washiywa nengane, yaphikwa uThuthukani.
Udweshu lwangaphandle
 Udweshu phakathi kukaLetheni noThuthukani kubangwa indaba yokuthi
Uletheni ufike edakwe ephele inkani. Lapha sithola uNjiyela ehluthukelwa
yinhliziyo aze akhiphe ummese okugcina kungena nomakhelwane uma
bezwa umsindo kwaNjiyela nodadewabo kaLetheni uNobesuthu
owasewuqanduqandu enziwa ukwethuka efuna nosizo.
 Ingxabano esiyithola phakathi kukaLetheni noThuthukani uma
uThuthukani engena eshaweni ezitshela ukuthi kugeza uThembekile.
Lapha uThuthukani uzithsela ukuthi uThembekile umzumile usekhetha
ukuthi angachithi sikhathi angene naye ayogeza noThembekeli kanti
uzozithela kuLetheni naye owethukayo uma ebizwa ngoThembekeli.
Akafuni ukuzwa ukuthi ufunani nokuthi ungene kanjani ngoba ethi naye
umuzi wakhe lo.
 UThuthukani uzama ukubhula ulaka lapho kuphoseka uThembekile
esazama ukuzwa ukuthi Uletheni ubekwa yini lapha. UThembekile lapha
akasafuni kuzwa ngokwakhe ubona ukuthi uThuthukani ubedlala ngaye
uma ethi akafike nakhu esezithela kubo bobabili futhi besesimweni
esingamgculisanga kwazise babethi bayageza.
 UThuthukani uzama ukubhula ulaka kuThembekile emva kokuba ephu-
lukundlele endlini wabashiya noLetheni, ube esemlandela ukuze ezozama
ukuthi achaze kodwa nokho okunhlanga zimuka nomoya. Lokhu kuze
kuholele ekuthenini athelwe ngamazwi uThuthukani.
 Uletheni uyenqaba ukuphuma ahambe emva kokuba uThuthukani em-
vumelile ukuba alale ubusuku obubodwa.
 UThembekile uficana noLetheni esitobhini nalapho uThembekile aphoqwa
khona ukuba angagibeli ukuze baxoxe ngezindaba ezibathintayo bobabili.
UThembekile ubiza uThembekile ngesiboshwa okumcasula kakhulu
ULetheni. Lapha kugcina ULetheni ethumba uThembekile.
 USpikes usala edunyelwa yikhanda emva kokuba kade kunokungezwani
noThuthukani ocingweni usala ethukile engazi kuzokwenzakala ini ngoba
ekhombisa ukuzethemba nje uThuthukani.
ISIXAKAXAKA
 ULetheni ugcina ekhuluma amzwi ashiya uThuthukani edidekile ngoThem-
bekeli ukuthi ngabe wazini ngaye.

62
 ULetheni uthumba uThembekile ufuna kuvele amaqiniso ngobuqili bakhe
uThembekile.

UVUTHONDABA
UThuthukani uyalithola iqiniso ngoThembekeli kanjalo nonkosikazi kaMsimude
uyaxolisa uveza ukuthi ingane le umyeni wakhe azitshela ukuthi ubeyikhulisa
kungeyakhe akusiyo eyakhe ekaLetheni yantshontshwa kwafihlwa ngayo.
UThuthukani uyalithola lonke iqiniso. UMsimude uthola indodana yakhe esibizwa
ngoSpikes(Madoda).

ISIPHETHO
Lapha sithola inovela iphetha kuvuthondaba lapho uThuthukani noLetheni
bethola ingane yabo kanjalo kuvela namaqiniso ngoThembekeli nonina
okunguye owantshontsha ingane kaLetheni.

AMANYE AMASU ASETSHENZISWA NGUMBHALI

UKUJEQEZA EMUVA:
 UThembekile uxoxelela umngani wakhe uThokomele ukuthi bahlangana
kanjani noThuthukani owamshiya nengane angavumanga ukuba kungaba
eyakhe uThuthukani.
 UThembekile uyasho ukuthi lokhu kwamzwisa obukhulu ubuhlungu ngoba
ingane ibigula ekukhuleni kwayo kodwa uThuthukani engekho eduze
kwababili.
 ULetheni ucabanga indlela enesihluku ahlukaniswa ngayo noThuthukani
nalapho ayekhonjwe ngesibhamu kumele asayine amaphepha esehlukan-
iso. Ucabanga indlela aboshwa ngayo ekubeni uThembekile ayemthem-
bise izizumbulu zemali kanti umyengela ekuboshweni.
ISU LOKUBIKEZELA
ULetheni utshela uThuthukani ukuthi ukuba uyalwazi ugobe olumcathamelayo,
lamazwi ashiya uThuthukani ezibuza ukuthi ubekhuluma ngani uLetheni.
Ngempempela siyathola ukuthi kanti uThembekile ubenza indlela
yokuziphindiselela kuThuthukani hhayi ngoba ebemthanda ngempempela kodwa
lokho uThuthukani ukuthola ekugcineni ukuthi sonke lesi sikhathi uThembekile
ubedlala ngaye.

ISAKHIWANA
 Ingengxenyana yencwadi enesethulo, umzimba nesiphetho. Inendikimba
yayo kanjalo nabalingiswa kodwa yeseka indikimba yenoveli iyonke.
 Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane
esiba ngumxhantela wesakhiwo esikhulu sendaba.

63
 Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane ethile ngomlingiswa othile
endabeni nokubambezela ukukhula ngokushesha kwesakhiwo sendaba
ukuze ingasheshi iphele.
 Isakhiwana siba nomlingiswa omkhulu othile nesigameko esakhelwe
phezu kwaso kanye nala mabanga atholakala esakhiweni esikhulu: isin-
geniso, umzimba nesiphetho.

Ukuthunjwa kukaThembekile ethunjwa nguLetheni lapho sithola khona


abalingiswa okunguSpikes, Razor, Thembekile, uThuthukani noLetheni njll.
Indikimba eyokuthumba. Lapha yilapho khona sithola amaqiniso ngempilo
kaThembekile kanye nonina wakhe wakhe owantshontsha ingane yakwaNjiyela
ekuzalweni kwayo.

ISIZINDA
INKATHI

 Le ndaba yenzeka enkathini yamanje. uThuthukani simthola eshayela


imoto yohlobo oluphambili. Ngesikhathi UThuthukani egeza simthola
egezela eshaweni.
 ULetheni simthola eba ikhansela lokuqala lesifazane emva kokhetho.
Wathola isikhundla kumkhandlu waseBenoni . lokhu kwenzeka enkathini
yamanje ukuthi abantu besifazane babe sezikhundleni ezifana nalezi.
 Sithola uLetheni eshushumbisa izidakamizwa.
 Ngelinye ilanga uphuza amanzi ngokweqile ngokweqile uze udelela
uThuthukani. Siphinde simthole ephethe isibhamu esifake ejazini lakhe.
 Abesifazane bakudala babesisaba kabi isibhamu.
 uThembekile simthola ethandana noThuthukani engakamazi kahle.
Ugcina etholela ingane ekhaya engashadile, lokhu kuvame ukwenzeka
enkathini yamanje.

INDAWO:
Le ndaba yenzeka endaweni yasedolobheni WATTVILLE.
Kukhona nesikhumuli sezindiza I OR Tambo la uthembekile egibelela khona
indiza ehambel eKorea.

ISIMO SENHLALO

Isimo senhlalo siyaguquguquka


UThembekile uphelelwa umshado, uyaboshwa uhlangabezana nezinxushushu
eziningi ezama ukubuyisa umshado wakhe.
UThuthukani nakuye isimo asisihle uphelelwa umsebenzi ,uyahlukumezeka
emshadweni wakhe ,ulahlekelwe nayingane yakhe uzama ukulungisa uthando
lwakhe lwakudala noThembekile nakhona kuba nezingqinamba izinkinga
zikhona kuze kube sekugcineni lapho bethola umama owantshontsha ingane.

64
UMYALEZO

Kuhle ukubekezela .UThuthukani ukwazile ukubekezelela izingqinamba


ahlangabezana nazo zempilo. Ulahlekelwe umsebenzi walahlekelwa ingane
waphinde wahlushwa unkosikazi wakhe uLetheni. Lokhu akumenzanga
walahlekelwa ithemba kodwa uqhubekile nokuphokophela phambili ezama
ukuzithuthukisa enzela nomphakathi okuhle.
noma
Ungabomthemba umuntu – UThuthukani ubethembe umkakhe ukuthi
bayobambisana kuze kube sekugcineni kodwa uLetheni uvela njengomuntu
oyisigilamkhuba umbethe isikhumba semvu ekugcineni ubumpisi bakhe buyavela
lapho esehlaela uThembekile futhi enza nesihluku kuThuthukani.
INDIKIMBA

Ubugebengu –ukuboshiswa kukaLetheni emazweni kuhlelwe uThembekile,


ukuntshontshwa kwengane, ukuthunjwa kukaThembekile. Konke lokhu
kufakazela indikimba yobugebengu.

UKUVEZWA KWABALINGISWA
Funda ekuqaleni lapho lukhona amanothi ngokuvezwa kwabalingiswa
ngezindlela ezahlukene.

 uThuthukani -ungumlingiswa omkhulu.izigameko eziningi zehlela yena


simthola ewa evuka ezama ukuzilungisa.uphelelwa umsebenzi, uhlushwa
unkosikazi ulahlekelwa ingane uyazama ukuyithola, Uvezwe
njengomuntu obekezelayo nangu phela ebekezelela unkosikazi wakhe
uLetheni owayemhlupha edlala ngaye. Ungumuntu ononembeza ngoba
emva kokuba ayiphika ingane yakhe ezalwa uThembekile usezama
ukulungisa udaba lokuyoyikhokhela kwaMsimude.

 uLetheni - ekuqaleni ungowesifazane oyisibonelo esihle , uthanda isonto,


ubambe iqhaza emphakathini ngokuba ikhansela futhi unothando
lomndeni wakhe. Emva kwesikhashana sesimthola ephuza utshwala ,
engalisabi ihlazo ngoba nakhu useneshende yize eshadile. Usehlukumeza
umyeni wakhe uze uthatha isinqumo sokumshiya. Ungumuntu onamanga
ngoba ngesikhathi ehlela itulo nezigebengu oSpikes noRazor
wayeqambela uThembekile amanga.

 uMaThabethe ungumzali ongenalo iqiniso. Wantshontsha ingane


kaLetheni esibhedlela, ezenza umhlengikazi wphinde wakhohlisa umyeni
wakhe wathi ingane eyakhe.

65
UMSEBENZI/ IQHAZA LOMLANDI/UMBONO WOMLANDI

Funda amanothi asekuqaleni kwaleli bhuku.

UMOYA

IGWIJIKHWEBU

UMDLALO
INZIMA LE NDLELA : IBHALWE NGU-NJABULO P. MADLALA
1. Inkulumo kayedwana,
2. Okwenzeka enkundleni yokudlalela,
3. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile,
4. Udweshu,
5. Isenamisi
6. Imbangalusizi

(konke kubalulekile uma kufundwa umdlalo)

Lokhu okulandelayo kungelekelela abafundi ekuqondeni kabanzi amatheksthi:


 Isakhiwo kanye nesakhiwana (isethulo, isixakaxaka, ukubhebhetheka
kodweshu, uvuthondaba, upholavuthondaba, isiphetho, ukujeqeza emuva,
ukubikezela ukuvezwa kwabalingiswa).
 Umsebenzi womlandi / umlingiswa/umbono womlandi.
 Indikimba
 Umyalezo.
 Ulwazi lwaphambilini kanye nesizinda – ubudlelwano babadlali
nendikimba.
 Umumo womdlalo: isakhiwo, isakhiwana (isethulo, ukubhebhetheka
kodweshu novuthondaba).
 Umoya
 Ithoni.
 isiphetho.
 Imiyalezo yokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela.
 Ukuxhumana phakathi kwenkulumo-mpendulwano / inkulumo kayedwana
nesenzeko.
 Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile.
 Ukulandelana kwezigameko.

Inkulumo kayedwana,

66
 Lena inkulumo eyenziwa ngumuntu oyedwa. Kulo mdlalo kuqala yona
inkulumo kayedwana ngesimo sentshumayelo emngcwabeni kaQhilika
Gasa.
 Siyayithola futhi yenziwa uMqapheli ebalisa ngenkinga abhekene nayo
ukuthi ubaba wakhe umshiye nomsebenzi omkhulu angazi ukuthi
uzoqalaphi ukuwenza. Siyayithola futhi inkulumo kayedwana kuye
uMqapheli lapho esezwile ukuthi ibhizinisi likababa wakhe belesekelwe
ukuthwala, esethatha ebeka engazi ukuthi enze njani.

Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile,

Umbhali kuba nolwazi oluthile alufihlela umlingiswa othile kodwa thina


njangababukeli sibe silwazi. Kulo mdlalo sinazo izigameko ezinjalo njengalezi:
 uMqapheli ufihlela uKhosi unkosikazi wakhe ukuthi ibhizinisi likababa
wakhe lisekelwe ngokuthwala.
 Ukubonga kukaThembeka abakwaGasa ngokubaxhasa emngcwabeni
kaSakhile kanti akazi ukuthi usakhile ubulewe nguye uMqapheli lo
ambongayo.
 Nezinye

Isakhiwo
Isakhiwo somdlalo siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi umdlalo uqala kuphi uze uphele kuphi.
Amabanga esakhiwo
isethulo
 Ukwethulwa kommeleli
 Indawo umdlalo wenzeka khona
 Isisusa sodweshu

Umzimba
 Ukubhebhetheka kodweshu
 Isixakaxaka
 Uvuthondaba

Isiphetho
_______________________________________________________________

ISETHULO

67
Lapha sethulelwa ummeleli; isisusa sodweshu kanye nendawo lapho umdlalo
udlalelwa khona. Inkinga yomlingiswa iyethuleka nayo kuleli zinga.
 Umngcwabo ka Qhilika Gasa, ubaba kaMqapheli isigwili sendawo.
UMqapheli uyazibuza uyaziphendula ukuthi umsebenzi ongaka
wamabhizinisi kababa wakhe uzowuthini ngoba akazihluphanga
ngokufunda umsebenzi ubaba wakhe esekhona.
 UMagqubu umngani omkhulu kaQhilika utshela uMqapheli ukuthi
kufanele eze azombona emva komngcwabo. Lokho kudala uheho
ngoba no Mqapheli uyazibuza uyaziphendula ukuthi kambe ngabe
umbizelani uMagqubu.
Umzimba
 uMagqubu unika uMqapheli ibhokisana elashiywa ubaba wakhe uQhilika,
uyamyala ukuthi alivule phambi kwakhe.
 UMagqubu utshela uMqapheli ukuthi umcebo kababa wakhe
ubusimamiswe ukuthwala ngakho naye kufanele athathe ibhokisana
elashiywa nguyise elinemininingwane okufanele ayenze.
 UMqapheli ushaya phansi ngonyawo uthi akasoze yena enze leyo nto.
Uze ushiya nebhokisana lelo khona kwaMagqubu.
 uMqapheli ufihlela uKhosi umkakhe ukuthi uhambe kanjani kwaMagqubu.
 Ukusha kwemoto kaMqapheli ijaguar. uSakhile ubikela uMqapheli ukuthi
kugqekeziwe eBottle Store.
 uMagqubu uyafika eBottle Store ukuzokhalisa uMqapheli nokumeluleka,
nokho abezwani uMqapheli akafuni lutho oluzomsondeza kuMagqubu,
uMagqubu ugcina ngokushiya ibhokisana khona lapho eBottle Store.
 Ukufika koMfundisi ezobika ukuthi abantu abasathandi ukuthenga
esuphamakethe kaMqapheli ngoba bethi abaphathwa kahle.
 UMqapheli ulahla ibhokisana elinogebhezi lomuntu ayelishiyelwe nguyise.
 Isitolo siyawa ngokushesha, ithenda eyayitholwe nguyise iyahoxiswa
inikezwa abanye.
 uMqapheli utshela inkosikazi yakhe ukuthi yena usephosa ithawula,
kodwa uKhosi uyamkhuthaza ukuthi angapheli amandla.
 Ubuyela kuMagqubu ukuyocela iseluleko, umbuza ukuthi liphi ibhokisi.
Uyahamba uyolifuna lapho ayelilahle khona uyalithola. Ufunda yonke
imininingwane okufanele ayenze.
 UKhosi ufuna babe nomunye umntwana uMqapheli akafuni nokuyizwa
leyo ndaba,
 Uyahamba uya Kwamhlabuyalingana enyangeni okuthiwa uNhliziyombi
kodwa kuKhosi uthi uya kubabonisi bakhe kwaZulu eMbazwana
 uMqapheli uyaleza uSakhile ukuthi asale embhekela amabhizinisi akhe
ngoba usazoke ahambe.

68
 Inyanga ithi akabulale uhlaka lwayo ngoba lumvumele ukuthi angene
evathazela engaphethe lutho.
 (Nezinye- ke izigameko, akaqhubeke umfundi azilandelanise kuze
kuyofika kuvuthondaba)

Umsebenzi/ iqhaza lomlandi

Umlandi angathatha isimo somuntu wokuqala lapho simthola khona ekhuluma


ngezigameko ezithinta yena ngqo, naye abe yingxenye yabalingiswa bendaba.
Kuvama ukuba kusetshenziswe izivumelwano zomuntu wokuqala, u(ngi-/ si-)
ezilandisweni zemisho kanye nezabizwana ezithi mina/ thina njengenhloko
yomusho. Inkinga ngale ndlela ukuthi kuyenzeka umlingiswa angazi
ngezigameko ezenzeka kwenye indawo lapho asuke engekho khona.

Enye futhi indlela okuyiyona eyejwayeleke kakhulu yileyo ethatha isimo somuntu
wesithathu lapho umlandi engusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzekayo
endabeni ngoba phela umi eceleni, akazitholi eyingxenye yabalingiswa bendaba
naye. Lapha-ke kuvame ukusebenza kwezivumelwano zomuntu wesithathu
okungu-(u-/ -ba-)kanye nezabizwana zomuntu wesithathu (yena/bona) njll.
Emdlalweni umlandi uthola ithuba uma esethulela imiyalezo yokuzokwenzeka
enkundleni yokudlelela. Esikhathini esiningi indaba iqhutshwa ngabalingiswa.

Umyalezo nendikimba
Indikimba ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
Indikimba yalo mdlalo ukuthwala
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini

ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo


kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele.
 Kulo mdlalo umyalezo esiwutholayo owokuthi ukuthwala kuyingozi.

 Ungavela nomyalezo othi isala kutshelwa sibona ngomopho ngoba


uMagqubu uqaphelisa uMqapheli ukuthi akokwenza konke okushiwo
uNhliziyombi ngoba nobaba wakhe ubulewe ukungalaleli naye
enguMagqubu uzobulawa ukungalaleli. Ngempela naye uMqapheli
ubulawa ukungalaleli engafuni ukunikela ngendodana yakhe
enguzinyobulala ukuthi ibe ngumhlatshelo.

 Omunye umlayezo ongavela ukuthi ‘ Akukho okufihliwe okungayi


kwembulwa’.

 Lapha ubaba kaMqapheli ukwazile ukufihlela indodana yakhe ukuthi


umcebo wakhe uwusekele kanjani kwaze kwaba sekufeni kwakhe, kodwa

69
zonke izimfihlo ziyavela uma esefile, indodana yakhe itshelwa konke. Nayo
izama ngawo wonke amandla ukufihlela inkosikazi kanye nendodana
yakhe, kodwa ekugcineni iyabanjwa. Inkosikazi nengane bamlandela baze
bafika kwaNhliziyombi, ngebhadi sebesha bonke nemoto.

Umfundi naye angazitholela ezinye izibonelo zemilayezo.


Ulwazi lwaphambilini kanye nesizinda – ubudlelwano babadlali
nendikimba.

Ulwazi lwaphambilini luyahambisana nesizinda ngoba siyathola ukuthi


kulwazi lwangaphambili ukuthi kanti uQhilika ubaba kaMqapheli ubecebe
kangaka nje ingoba ebethwele.
Ngesizinda kushiwo indawo, inkathi nesimo senhlalo (okwenzekayo
endabeni) emdlalweni. Mayelana nendawo kuqondwe ukuthi eyasemakhaya
noma eyasedolobheni yini, ngenkathi kuqondwe ukuthi inkathi yakudala
eyoguquko noma eyanamuhla yini.
Indawo .

Le ndaba yenzeka endaweni yasemadolobheni eMgungundlovu, uQhilika


ubaba kaMqapheli ubenamabhizinisi, isitolo. Amathuna azofihlwa kuwo
iMountain rise Uthole nethenda yokwakha inkundla yezemidlalo. uMagqubu
une(Moll) inxanxathela yezitolo. uAyanda ufunda esikoleni esixube
izinhlanga. Kubuye kungene nendawo yasemakhaya, uMqapheli ibhokisana
wahamba wayoliphosa esiweni. Kungena nendawo yakwamhlaba uyalingana
lapho uNhliziyombi ayenza khona imigilingwane yokuthwala.

Inkathi

Lo mdlalo wenzeka enkathini yamanje. Abantu abamnyama banenxanxathela


yezitolo. Kuhanjwa ngezimoto zikanokusho. Abantu bathola amathenda
okwakha izinto ezinkulu. Izingane zifunda ezikoleni ezixube izinhlanga.
Abantu banamabhizinisi nakwamanye amazwe, njengoba uQhilika
wasenebhizinisi naseKhenya. Abantu bayathwala. Babulala abantu babacuye
izitho zomzimba ezithize. Kunosonhlalakahle lapho uMqapheli athola khona
uLindelani.

Isimo senhlalo

 Isimo senhlalo asisihle, indaba iqala kushone uQhilika ubaba kaMqapheli,


ukushona ngokuzuma kukababa wakhe kumfaka enkingeni yokuthi
sekunguye osekufanele aqhube umsebenzi kayise abekade
engawunakile, ezitetemukela ngezimoto kuphela, manje akazi ukuthi
uzoqalaphi abhekephi.
 Kusenjalo usethola ukuthi kanti ubaba wakhe ebethwele, ngakho naye
uma efuna ukusimamisa leli bhizinisi kumele aqhubeke nokuthwala. Lokhu

70
kumphatha kabi ngoba kuphambana nentando yakhe, kodwa akafuni
ukuthi umcebo ushabalale ngoba uzobonakala njengesehluleki.
 Isimo siyashuba uma sekuthiwa akabulale indodana yakhe
okungukuphela kwayo. Uzama konke okusemandleni ukuthi ayivikele
kodwa yonke igcina ihluleka.

Udweshu:
Udweshu lusho ukungqubuzana kwemibono phakathi kwabalingiswa ababili
noma ngaphezulu kumbe ukushayisana kwemicabango eyahlukahlukene
engenzeka kumlingiswa oyedwa edinga ukuba athathe isinqumo esithile.
Ngakho-ke sinezinhlobo ezimbili zodweshu okuyilezi:

Udweshu lwangaphakathi:
 Udweshu lwangaphakathi yilapho imicabango yomlingiswa
inokushayisana ngenkinga abhekene nayo engazi ukuthi kumele enze
njani.
 Kulo mdlalo uMqapheli uba nodweshu lwangaphakathi kusuka nje
ekuqaleni uma ezwa ukuthi umcebo kababa wakhe ubuncike ekuthwaleni,
manje njengoba ubaba wakhe esehambile nje sekufanele ukuthi kube
nguye othatha ibhokisi elinemiyalelo eshiywe ubaba wakhe. Ugcina
elilahla ibhokisi.
 Ibhizinisi kubonakale ukuthi liwa ngokushesha, namathenda ayetholwe
nguyise ahoxiswe. Ugcina eseyolifuna ibhokisi lapho ayelilahle khona.
 UMqapheli uzithola enodweshu lwangaphakathi emva kokuzwa ukuthi
kumele anikele ngendodana yakhe u-Ayanda enguzinyobulala ayenze
umhlatshelo.

Udweshu lwangaphandle:

 Udweshu lwangaphandle lusho ukushayisana noma ukuphikisana


kwemibono phakathi kwabantu ababili nangaphezulu.

Kulo mdlalo wethu, sithola udweshu phakathi kukaMagqubu noMqapheli,


uMagqubu enika uMqapheli ibhokisana alishiyelwe ngubaba wakhe
emchazela nangendlela ubaba wakhe abesekele ngalo ibhizinisi lakhe.
 UMqapheli akafuni nakuzwa ngokuthwala.
 Siyaluthola futhi udweshu lwangaphandle phakathi kukaMqapheli
nenkosikazi yakhe, imsola ngokubuyela kwakhe etshwaleni, nangendlela
aseziphethe ngayo.
 Abafundi abaveze ezinye izibonelo zodweshu lwangaphandle.
Abalingiswa:

71
Abalingiswa yibona abaqhuba indaba ngokubamba iqhaza elithile ngamunye
kuyona. Lokhu-
ke kwenza ekugcineni sibe nezinhlobo ezahlukahlukene zabalingiswa
okuhambisana nendlela abethulwa ngayo kithina njengabafundi bomdlalo.
Izinhlobo zabalingiswa bomdlalo
 Iqhawe / ummeleli :uMqapheli Gasa
 Imbangi :inyanga uNhlizoyombi
 Umqathi / umelekeleli:UMagqubu nesimo sokuthwala

Iqhawe / ummeleli
 Lona ngumlingiswa oyiqhawe lomdlalo, indaba yonke igxile kuyena.
Simthola enezifiso ezinhle afisa ukuziphumelelisa. Emdlalweni uwonke
uyalwa elwela ukuthi kuphumelele izinhloso zakhe, kodwa akubi lula
ngoba kusuke kukhona imbangi embangisa ukuthi izifiso zakhe zigcine
zingaphumelelanga.
 Kulo mdlalo umlingiswa oyiqhawe uMqapheli, simthola enothando
olunzulu lwendodana yakhe u-Ayanda enguzinyobulala.
 Uyazibophezela nokubheka kahle umcebo kababa wakhe ukuze
awugcinele indodana yakhe.
 Uyazibophezela ukuhamba ngobuqotho ukusimamisa amabhizinisi
kababa wakhe.
 Uzithola ephoqeleka ukuthi agcine evuma ukuthwala njengoba esebonile
ukuthi umcebo kababa wakhe wawusekelwe ngokuthwala.
 Uma enqaba ukuthwala uvelelwa ngamashwa namabhizinisi ayawa.
Ekuthwaleni wenziswa izinto ezimbi, kodwa uyabekezela ukuze agcine
umcebo kababa wakhe.
 Indaba yonakala lapho sekuthiwa kufanele anikele ngegazi lakhe. Uqala
eqamba amanga ethi akanayo ingane, inyanga ithi izombekezelela aze
ayithole.
 UNhliziyombi ugcina embamba ukuthi unayo ingane, bese emtshela
ukuthi akanikele ngengane yakhe u-Ayanda. Uphuthuma emnyangweni
wezempilo ukuze athole ingane engango-Ayanda azonikela ngayo
kuNhliziyombi esikhundleni sika-Ayanda.
 Uphinde ahlele ukuthi u-Ayanda ayomfihla eNairobi.
 Ngebhadi uNhliziyombi uyambamba ukuthi uLindelani akasilo igazi lakhe,
ugcina emjezisa kanzima. Ugcina eshelwa umndeni wakhe wonke
ewubuka ushela emotweni.

Imbangi : UNhliziyombi
 Imbangi ihlala iphikisana nezinhloso zeqhawe. Kule ndaba uNhliziyombi
uyinyanga okuthwalwa kuyo. Ithi iqala nje indaba, uMqapheli uthola
amaqiniso abuhlungu mayelana nokudlondlobala kwamabhizinisi kababa
wakhe oseshonile. Usenikezwa ibhokisana okuthiwa ulishiyelwe nguyise.
 Le bhokisana uyise wayelishiye kuMagqubu.

72
 Uyazama uMqapheli ukuziqhelelanisa nesenzo sikababa wakhe, kodwa
kuyacaca ukuthi umcebo kababa wakhe uzophela ngokushesha, naye
uzobukeka njengesehluleki. Umfana wakhe amthanda kangaka
akazukukwazi ukumshiyela umnotho.
 Ugcina ehamba eyobona uNhliziyombi, obe esemphoqa ukuthi akabulale
uhlaka lwakhe uGubese ngoba ethi wephule imithetho ngokumxolela afike
evathazela.
 UNhliziyombi ufuna igazi likaMqapheli, uMqapheli uqamba amanga uthi
akanayo ingane ezama ukuvikela indodana yakhe u-Ayanda.
 Uyafona uNhliziyombi uthi ufuna umhlatshelo, kufanele abulale umuntu
amcuye izindlebe, izicubu zethanga lesokudla bese ekhipha nenhliziyo
 UMagqubu uyafona emgqugquzela ukuthi akalalele enze okufunwa
uNhliziyombi ngoba nobaba wakhe wabulawa ukuphikisana
noNhliziyombi, naye futhi uzobulawa yikho lokho.
 UMqapheli uthi uya kuMagqubu Khoza ukuze amcebise uzithela phezu
kwenhlekelele, iMall kaMagqubu isha ingqongqa kanye nomndeni wakhe
beshiswa ngumlilo ongaqondakali ukuthi uqhamukaphi.
 UMqapheli ubuyela etshwaleni ethuswe ukusha kukaMagqubu, esedakiwe
ukhuluma noSakhile ukuthi uMagqubu uzenze yena ngokungalaleli
yingakho efile. USakhile akayiqondi le nkulumo ukuthi iqonde ukuthini.
 Inkosikazi kaMqapheli ayisaneliswa indlela aziphethe ngayo. Umfundisi
nenkosikazi yakhe babalethela umthandazo.
 UMqapheli ubulala uSakhile umenza umhlatshelo ngoba esola ukuthi
kuningi akukhulume kuye ngesikhathi edakiwe.
 Uma esehambisa umhlatshelo uzitshela ukuthi uzoke aphumule, kodwa
phinde kunalokho uNhliziyombi uyamtshela ukuthi usetholile ukuthi unayo
ingane ngakho akayilethe ngokushesha ngale kwalokho uzozilandela
yona.
 UMqapheli uzama ukucela u-Ayanda esikoleni ukuze ayomcashisa
eKhenya, emcashisela uNhliziyombi. Isu lakhe liyabambeka ngoba isekela
likathishanhloko lishayela inkosikazi yakhe, lithi lizama ukubuyela kuye
ngesicelo sakhe.
 Emngcwabeni kaSakhile kukhala ucingo lukaMqapheli eshayelwa
uNhliziyombi ebelesela umnikelo wakhe oyigazi likaMqapheli, esho ukuthi
amathongo asewujahile lo mhlatshelo, uma edonsa izinyawo uzozilandela
yena.
 UMqapheli uthintana noMbhele umhlobo wakhe omdala osebenza
emahhovisi ezenhlalakahle ukuze amtholele ingane engango-Ayanda.
Ugcina ethola uLindokuhle ukuthi ahambe naye ayohlala no-Ayanda.
 UMqapheli ufonela uNhliziyombi ukumtshela ukuthi uselungele ukuletha
umhlatshelo, uyambuza ukuthi angawuletha nini? uNhliziyombi uthi
angawuletha noma nini kusukela ngalolo suku ngoba ujahekile.
 UMqapheli utshela uKhosi ukuthi uzoke athi shelele noLindokuhle aye
eThekwini ayomthengela izimpahla zokugqoka, kanti ufuna ukuthola
intuba yokuphuma ahambise le ngane kuNhliziyombi njengomhlatshelo.

73
 UNhliziyombi uyasola ukuthi le ngane akusiyo ingane yakhe, ulokhu
embuze njalo. Uma elokhu eqinisekisa ukuthi ngempela yingane yakhe,
uyayithatha ungena nayo emgodini wopata.
 UNhliziyombi umjezisa kanzima uMqapheli uma esetholile ukuthi le ngane
akusiyo eyakhe. Uma esemjezisile uyamthuma ukuthi alande ingane
yakhe kodwa futhi no Lindo usezomgcina amenze umkhovu wakhe.
 UMqapheli ufika ekhaya uthi ingane ifike yamdukela eThekwini. Usebuye
uyahamba kanti inkosikazi yakhe izomlandela kanye nengane nesisebenzi
befuna ukumbona ukuthi uyaphi.
 Uma efika kuNhliziyombi engawuphethe umhlatshelo, uNhliziyombi
uyamxosha, uma ephuma ubona imoto yomkakhe imi emva kweyakhe,
khona lapho ithungeleke ngomlilo bashe bonke abaphakathi.

 Umqhathi/ umelekeleli
 Kule ndaba uMagqubu uvezwe njengomqathi. Omunye angathi umqhathi
isenzo sokuthwala.
 Indaba iqala uMqapheli ekhathazekile ngoyise obeyisiqumama oshonile,
manje inselele isisele kuye okade enganake lutho ngamabhizinisi kababa
wakhe, ukuthi kube nguyena owaqhubayo.
 UMagqubu njengomngani kababa wakhe usemcela ukuthi babonane
ukuze azothatha ibhokisi elashiywa ngubaba wakhe.
 UMqapheli uyamangala ukuthi ibhokisi lani lelo. Uma eselithola uyethuka
futhi uyaziqhelelanisa nokuthwala ubaba wakhe ayekade ekwenza.
 Uthatha leli bhokisi uyolilahla esiweni. Kuthe uma ebona izinto
zingamhambeli kahle ebhizinisini, namathenda akade esenikezwe ubaba
wakhe ehoxiswa waqala wayobuza uMagqubu ukuthi enze njani.
UMagqubu wambuza ibhokisi ukuthi liphi.
 Ugcina elilanda ibhokisi efunda yonke imiyalelo yalo, wahamba waya
kuNhliziyombi KwaMhlabuyalingana.
 Uyasimama amabhizinisi akhe ngokushesha, naye usezitshela ukuthi
uzoke aphumule ngemuva kokuhambisa umhlatshelo kanti akabuzanga
elangeni, uNhliziyombi usezothi ufuna ingane yakhe ibe ngumhlatshelo.
 UMagqubu umshayela ucingo emyala ukuthi ayigcine imiyalo
kaNhliziyombi, ngoba nobaba wakhe ubulewe ukwephula imiyalo yakhe
kanti futhi naye uMagqubu uzobulawa yikho lokho. Kumethuse uMqapheli
lokhu. Uze ahambe aye kuMagqubu ukuze baxoxe kahle ngalolu daba
kodwa ufika azithele kwinhlekelele inxanxathela yezitolo zikaMagqubu
zisha kanye naye nomndeni wakhe wonke.
 Lesi senzo simenza akholwe ukuthi kukhona uMagqubu angakwenzanga
obekufanele ukuthi akwenze okudale ukuthi uNhliziyombi ukuthi ambulale
ngale ndlela.
Umelekeleli

Umelekeleli kulo mdlalo uKhosi inkosikazi kaMqapheli. Iyazama


ukumeseka nalapho esefuna ukuphosa ithawula emabhizinisini kababa
wakhe, inking yakhe nje ukuthi kuningi afihlelwe khona,

74
Ukuvezwa kwabalingiswa:

Zimbili izindlela zokuvezwa noma zokwethulwa kwabalingiswa.

Indlela yokuqala ilapho abalingiswa beziveza bona ngezenzo, ukukhuluma,


ukugqoka kwabo, echazwa ngabanye abalingiswa noma yindlela abaqanjwe
ngayo amagama. Indlela yesibili ilapho umlandi noma umbhali kuba nguyena
osethulela umlingiswa ngokusilandisa ngezenzo zakhe.
Kulo mdlalo uMqapheli uvezwe njengomuntu obengazimbandakanyi nomsebenzi
wasikhaya kusekhona ubaba wakhe, ubezitetemukela ngezimoto eziphambili,
ubaba wakhe kunguye kuphela ozihlupha ngebhizinisi.
Kuyavela futhi ukuthi uMqapheli uyawuthanda umndeni wakhe, ikakhulukazi
ingane yakhe. Uzimisele ukuwa evuka ukuze ayakhele umcebo.
Uvezwe njengomuntu oqotho ongezwani nobugebengu, yingakho sithola
exabana noMagqubu owayemnika ibhokisi ayelishiyelwe nguyise.

Uhlobo lomdlalo
Lo mdlalo uyimbangalusizi ngoba kusuka ekuqaleni uqala kufe uQhilika isicebi
sendawo. Naphakathi emdlalweni baningi abantu abafayo baze bacuywe izitho
ezithile. Kufa noMagqubu nomndeni wakhe wonke. Ekugcineni, uMqapheli
umlingiswa oyiqhawe ugcina efelwe umndeni wakhe wonke phambi kwakhe.

75
IBANGA -10
IBANGA LE-10
Inkondlo Indikimba Umbhali
1 Amalungelo
2 Ngiyeke Ngikhulume
3 Konke Sekungumlando
4 Zokhala Lezo Nkomo
4 Ku Jacob Zuma
5
6 Izibongo Zenkosi Ubhambatha
7 Umzabalazo We-Afrika
8 Ngikhanyisele Dlozi
9 Sesiyacima Isibani
10 Iqhabanga
11 Sekusele Inkumbulo
12 Ngiphe Isineke
13 Amalungelo
14 Ngiyeke Ngikhulume

76
1.AMALUNGELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Igama Incazelo Esobala Inhloso Yokukhethwa


Kwamagama

Amalungelo Igunya /inkululeko Imbongi iveza ukuba khona


yokwenza okuthile kwenkululeko kubantu
baseNingizimu –Afrika emuva
kukaHulumeni wentando
yeningi.

Usikompilo Indlela eyamukelekile Imbongi lapha izibuza umbuzo


yokuphilisana ongadingimpendulo(umugqa 9)
nokuphathana kwabantu. ukuthi amalungelo ayaxabana
yini nendlela eyiyo yokuphilisana
kwabantu.(Okuwukuhloniphana)

Izithombe Imifanekiso Imbongi ivezaukukhathazeka


/okuthwetshuliwe noma kwayo ibuka obaba emizini yabo
okudwetshiwe. bengasasho lutho ,
bengahlonishwa ngenxa yokuba
khona kwamalungelo ngisho
emakhaya.

Umhlambi Ukuzenzela nje Omama emakhaya abasafuni


kazalusile umathanda ungafuni ukukhuzwa , nokuhlonipha
ukukhuzwa noma abayeni babo ngoba bazi ukuthi
ukuboniswa. banamalungelo okwenza noma

77
yini abayithandayo.

Isithunzi Ukuhlonipheka komuntu Othisha ezikoleni


abasahlonishwa ngenxa
yamalungelo aqhakanjiswa
ngabafundi.

Ukukhala Ukuzisola ngesenzo Imbongi ibona abantu beyogcina


nokugedla esithile kade ungakhuzeki. ngokuzisola ngenxa
kwamazinyo yokuqhakambisa amalungelo
nalapho kungafanele khona.

Izinyanya Abantu asebadlula kulo Imbongi iyobambelela


mhlaba , kweyakufundiswa okhokho bayo
abangasekho/amathongo. abangasekho ngeke yona
ilandele lamalungelo asekhona.

Idwala Itshe eliqinile, elikhulu Imbongi ifanise isiko lenhlonipho


elingaqhephuki kalula. njengedwala okuyilona lona
ongabambelela kulo
kunamalungelo.

UMOYA
Umoya uxubile, kukhona owokuncoma imbongi incoma ukuba khona
kwamalungelo nokuthi avikela wonke umuntu.
Umugqa wesi- 3 : Nginelungelo nawe unelakho,

Umugqa wesi-4 : Ngivikelwe umthetho nawe futhi.


Umoya wokudideka , imbongi ididwa/ixakwa indlela abantu abasebenzisa ngayo
amalungelo , ayamukelekile. Bawasebenzisa kabi emakhaya , ezikoleni lokhu
okwenza kugcine sekuphambana nendlela eyiyo yokuphilisana kwabantu.

Umugqa wesi-5: Liqalaph’ilungelo lomuntu,

Umugqa wesi-6: Ligcinaphi leli lungelo ?


Umoya wokukhononda/wokukhathazeka –Ayiboni imbongi ukuthi lamalungelo
kukhona la ayosifikisa khona ngaphandle kokuzisola kamuva.

Umugqa we-16: Ngibon’ ubumnyama,

Umugqa we-17: Ukukhala nokugedla kwamazinyo,

Umugqa we-18: Kwaba jahe phambili.


Umoya wokuyala imbongi ithi yona nakuba ekhona amalungelo kodwa yona
iyobambelela kweyakufundiswa ekhaya.

78
Umugqa we-19: Ngibambelele kokwami

Umugqa wa-20: Ngibambelele kwengakhuliswa

Umugqa wa-21: Nganikwa khona zinyanya zakithi,

INDIKIMBA
Amalungelo, imbongi ikhuluma ngokusetshenziswa kwamalungelo ngendlela
engafanele.

UMQONDO
Imbongi ikhuluma ngamalungelo atholwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika,
emuva kukaHulumeni wentando yeningi, iyawancoma mahle ngoba avikela
wonke umuntu . Ibuye iveze ukuthi la malungelo abantu sebewasebenzisa
ngendlela engafanele, eqeda nokuhloniphana. Iveza ukuthiizingane/abafundi
abasahloniphi othishaezikoleni zigqamisa amalungelo, emakhaya
akusenamthetho ngenxa yalamalungelo asetshenziswa ngendlela engeyiyo.
Ekugcineni ithi yona izobambelela kweyakufundiswa ekhaya ngoba kunesisekelo
esiyiqiniso.

UKUBUMBEKA
Imigqa: le nkondlo inemigqa engama-25, engamadluladlulane ,kukhona evalekile
nevulekile.
Isib.
Umugqa woku-1: Sawalwela la malungelo. (uvalekile)
Umugqa wama-24: Uyihlo nonyoko (uvulukile)

Umugqa wama-23 kuya kowama-25 i-enjambament


23 Nokwazisa isiko lokuhlonipha
24 Uyihlo nonyoko
25 Ngimi kulelo dwala.

Isikhawu/Isizura
Umugqa we-13: Isithunzi sikathisha, dwe

Imvumelwano maphakathi ka i
Umugqa wama-22: Ezanginika ilungelo lenhlonipho
Umugqa wama-23: Nokwazis’ isiko lokuhlonipha

Ifanangwaqa lika l
Umugqa wesi-6: Ligcinaphi leli lungelo?

79
Ifanankamisa lika o
Umugqa wama-24: Uyihlo nonyoko

Isigqi siyanensa ngoba imigqa eminingi ivalekile/noma siyashesha imigqa


eminingi mifishane

Imifanekiso-mqondo/(izithombe magama)izinzwa
 Sawalwela la malungelo – (inzwa yokubona)kwabanzima ukuthi
atholakale lamalungelo akubanga lula.
 Ligcinaphi leli lungelo? (umbuzombumbulu) imbongi iveza ukudideka
lapho kuphelela khona la malungelo ngoba kungathi awanamkhawulo.
 Umhlambi kazelusile- (isisho) omame abasakhuzeki nasemizini yabo se-
befunaukuzilawula.
 Ukukhala nokugedla kwamazinyo (isisho) njengoba abantu beqhubeka
nokusebenzisa lamalungelo bogcina ngokuzisola.
 Ngibambelele kokwami (inzwa yokuthinta) ngeke ashintshe kulokhu aku-
fundiswe ekhaya.

2.NGIYEKE NGIKHULUME
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Igama Incazelo Esobala Inhloso Yokukhethwa


Kwamagama

Ukufukamela Ukuhlala kwesikhukhukazi Uthando olugcwele


noma kwenyoni enhliziyweni yakhe.
emaqandeni

Ngihheme Ukukhuluma Akhulume konke kuze


okungenangqondo alungelwe
ukumpompi

Ukusinga Ukubhekisisa usithe Ucabanga ngekusasa abazoba


ukukhanya nalo
ngesandla/ukucinga

Jubalala Ukugijima uphume Uthando analo luzokwenza


phambili indlela yakho konke
abakudingayo

Asitshakadule Ukugxumagxuma Uthando luzoletha impilo


ukhombise impilo enenjabulo kubona.

80
UMOYA
Le nkondlo inomoya oxubile, kukhona wokuncenga nokunxusa. Imbongi
incenga intombi ukuba iyinike ithuba lokuthula inhliziyo yayo kuyona.
Incenga ukuba intombi iyilalelle ikhiphe konke okuyihluphayo enhliziyweni.
‘Ithi ngiyeke ngikubalisele ungangilwini!!
imbongi inxusa ukuthi kube nokuzwana ayi ululwa ukuze ikhulume.
Imbongi inxusa ukuba iyekwe ikhuluma noma kubukeka
‘Sengathi iyahhema’

Umoya wokulangazelela lapho imbongi isibona ukukhanya okuzolethwa


ukukhuluma aveze imizwa yakhe. Imbange ifisa ukuba baphile kahle nentombi le
eshelwayo. Ilangazelela ikusasa eliqhakazile lapho bezondiza ndawonye kuhle
kwamajuba. Baphinde bajabule ndawonye njnegamathole. Imbongi ilangazelela
impilo emnandi neqhakazile sebenzanwenye ungasekho umzwangendwa ,uma
izonikwa ithuba ikhuluma.

INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbangi inesifiso sokwethula uthando/ imizwa
anayo ngentombi oyithandayo. Imbongi icela ukunikezwa ithuba ukuze
ikhombise uthando analo ngale ntombi.
‘Ngibalise ngengikufukameli enhlizweni’
‘Ungangilwisi’
‘Ngosizi olungibusayo’

Imbongi ithi uthando enalo, seliphenduke usizi ngenxa yokuthanda le ntombi.


Uthando manje luyawula akasakwazi ukucabanga ngomunye umuntu noma
ngezinye izinto inqobo nje uma enikwe ithuba.

Imbongi ithi loluthando lwenza abane ‘IMpumalanga’ lapho kunokukhanya


okuzovezwa uthando empilweni yabo. Lolu thando uthi luzobenza bangahlukani
njengamajuba.
‘Asindise silingise amajuba’
‘Asitshakadule silings’amathole’
Imbongi uma bazohlala bejabulile uma sebendawonye.
Akemnike nje umzuzwana amtshengise izithelo zothando.

UMQONDO

Ibinza loku-1
Imbongi icela ukuveza imizwa yayo ngothando analo enhliziyweni yakhe
kwintombi. Ithi intombi ayimnike ithuba lokwethula konke okusenhliziyweni yayo.
‘Ngibalise ngengikufukamel’ enhlizyweni’

81
Imbongi ithi ayinikwe ithuba noma ngabe kubukeka sengathi iyahhema ukuze
ludlule lolusizi aluzwayo.
‘Ngikutshele ngosizi olungibusayo’

Ibinza lesi-2

Imbongi ithi isinga eMpumalanaga okusho ukuthi ibona ukukhanya uma


enganikwa umzuzwana nje akhulume. Inethemba lokuthi uma ekhuluma
ngothando analo uzosizakala. Imbongi ithi ibona Amajuba ejubalala. Lapho
izibona isinesithandwa sakhe sebezwana.

Ibinza lesi-3
Imbongi ithi abandize kuhle kwamajuba kusho ukuthi abathandane babe
bucubunye. Bahambisane , babambisane kwezothando. Imbongi ithi uthando
luzokwenza bajabule ngemathole etshakadula. Imbongi iyathemba ukuthi uma
inikwa ithuba lokukhuluma, lokho kuzozala ukujabula nempumelelo.

UKUBUMBEKA KWENKONDLO
IZINDIMA/AMABINZA

IMIGQA
 Le nkondlo ibunjwe imigqa eyi-19
 Amabinza /Izintanza ezimbili ezibunjwe imigqa eyi-7&8
 Ibinza lesi-2 libunjwe imigqa emi-3
 Ibinza le-3 libunjwe imigqa emi-4
 Imigqa yonke ivalekile
 Imigqa yakhiwe ngamagama kusuka kwelilodwa kuya kwamathathu.
 Imigqa eyi-enjambamenti ayikho kule nkondlo
 Isizura/Isikahwu- Umugqa wesi-2
‘Ngiyeke ngikhulume,mntanomuntu’
‘Ngiyeke ,ngihheme’ (Umugqa we-15)

IMVUMELWANO

Imvumelwano siqalo
Umugqa we-2 kuya kowesi-4
Ngiyeke ngikhulume, mntanomuntu,
Ngibalise ngengikufukamel’ enhliziyweni’
Ngiyeke ngikubalisel’ ungangilwisi,
Ngihheme ngendlel’ engifisa ngayo,
Ngikutshele ngosiz’ olungibusayo
Ngiyeke ngikhulume

Umugqa wes-
Asindize silingis’ Amajuba

82
Asitshakadule silings’amathole

Imvumelwano emaphakathi
Ayikho

Imvumelwano sigcino
Umugqa wesi5 kuya kowesi-6
Ngihheme ngendlela engifisa ngayo
Ngikutshele ngosiz’olungibusayo

UKUXHUMANA
UKUXHUMANA OKUSEKUQALENI
Akukho

UKUXHUMANA OKUMAPHAKATHI
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2
Asindize silingis’ amajuba,
Asitshakadule silingis’ amathole

IMPINDAMQONDO/IMPINDWA/UKUPHINDAPHINDA
Ayikho

ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yonke yenkondlo ivalekile kanti
nomoya wenkondlo wokuncenga nokunxusa

IFANAMSINDO

IFANANKAMISA
Umugqa wesi-3
Ngibalise ngengikufukamele enhliziyweni

IFANANGWAQA
Umugqa we-11
Ngikutshele ngobumina ngingenamahloni

3 KONKE SEKUNGUMLANDO

UKUKHETHWA KWAMAGAMA

83
Igama Incazelo esobala Inhloso yokukhethwa
kwegama ukuveza lokhu:

Ubumtoti Into emnandi okungaba Ukugqamisa ubumnandi


amanzi/umculo/iphimbo bothando ababenalo,
bezwana.

Zitshiloza Umsindo obnagwa Umsindo omnandi wezinyoni


izinyoni omkhumbuza uDeliwe.

Uthuthumela Ukwesaba/ukuba novalo. Ufikelwa ukwesaba nosizi


engasekho uDeliwe

Umnkenenezo Umsindo ozwakala Umsindo omkhumbuza


kamnandi uDeliwe esaphila.

Amaciko Isimo la ushayeka khona Izimo ezikuhlasela ungazi


ungakwazi nokuvika. ukuthi uzozivimba ngani.

Kulokoza Kulokhe kuqhamuka Amandla othando ababenalo


noDeliwe.

UKUBHEKA UMOYA
Umoya wenkondlo owosizi/owokubalisa. Imbongi ibalisa ngesimo esasishle
empiliweni yayo kepha esesidlule. Imbongi ithi konke sekungumlando. Imbongi
ithi seyadilikelwa izintaba. Amahlathi aphela. Okusho ukuthi indawo yokucasha
uma inezinkinga ayisekho. Iphinde ithi namuhla seyincela isithupha. Iswele
isithandwa sayo esesengasekho emplweni yayo.

Imbongi iyabalisa uma izwa izinyoni zicula zijabule ,zicula iculo kepha kuyona
akusekho koknke lokho sekungumlando. Isisele nokuthuthumela nokuthuka
izanya. Ithi iyesaba. Imbongi inomoya wosizi wodwa, izwa ubuhlunu
obungapheli.
Imbongi ibalisa ngesithandwa sayo esingasekho ‘izintaba ezingumasithela’
Akusekho ukubalisa ngesithandwa sakhe ebesisithwe zintaba. Okusho ukuthi
sesihambile emhlabeni. Imbongi ithi konke kuphela nya.

84
Imbongi ithi izinsuku zobumnandi nokwethaba sezashabalala ‘lezo zinsuku
zokujabula sezashabalala’ Akasamuzwa nomculo omnandi,’umnkenenezo
sewashabalala’. Imbongi ikhumbula ubumnandi osebadlula nesithandwa sayo.
Lapho babelalela amaculo ahaywa amaciko nawo asadlula emhlabeni. Imbongi
iyabalisa ngesithandwa sayo ukuthi singeke uthando lwaluvuthwa amalangabi
kodwa konke lokho sekuwumlando.

UKUBHEKA INDIKIMBA

Indikimba yale nkondlo uthando.


Imbongi ikhuluma ngothando eluzwayo ngoDeliwe ayethandana naye kodwa
osewayishiya elengabadi. Ukhumbula ubumtoti bothando lwabo esaphila
uDeliwe. ‘Ngizwa ubumtoti izinyoni zitshiloza’

Imbongi ithi izinsuka zokujabula nokubusa azisikho. Uthando lwakhe lumbethwe


usizi. Imbongi ithi isiphethwe inkumbulo. Sengidlala inkumbulo. Imbongi
ikhumbula besathandana lapho babelalela umculo omnandi owawucula
amagagu kepha lokho konke sekwadlula. ‘Ngikhumbula amaciko asalala’.
Uthando lwabo lwaluvutha amalangabi. ‘Kwakumnandi kulokoza umlilo
wothando. Imbongi ingumuntu onothando olukhulu alikhumbulayo esaphila
uDeliwe.

UKUBHEKA UMQONDO

Umqondo osobala
Imbongi ikhuluma ngomlando womuntu ababethandana naye onguDeliwe.

Ibinza loku-1

Imbongi iithi akasenayo indawo ahlala kuyo noma angathokomala kuyo


okuwuthando lwaDeliwe usencela isithupha. Useswele uthando ngenxa
yokulahlekellwa isithandwa sakhe. Ukhumbula bethandana uma ebona izinyoni
zitshiloza manje konke sekungumlando. Usefikelwa ukwesaba,’Wethuka izanya’

85
Ibinza lesi-2

Imbongi ayisakwazi ukukhala ngezintaba ezisitha isithandwa sayo. Imbongi ithi


konke sekuphelile sekungumlando.

Ibinza lesi-3

Imbongi ithi izinsuku ezimnandi sezashabalala nomculo omnandi ababewulalela


ndawonye sewadlula.

Ibinza lesi-4

Imbongi ithi lokhu kufa sekwathatha namagugu ayebaculela. Sekungumlando


nangalawo magaugu.

Ibinza lesi-5

Imbongi ithi lezo zinsuku zazimnandi. Uthando luvutha amalangabi kodwa


namuhla sekungumlando.

UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima - le nkondlo inezindima ezinhlanu. Ziyashiyana (azilingani). Indima
yokuqala inemigqa eyisishiyagalombili, eyesibili inemiggqa eyishumi kanti
eyesithathu, eyesine neyesihlanu inemigqa eyisithupha.

Imigqa - le nkondlo inemigqa engama-38


Ibinza loku-1 imigqa eyisi-8. Sibunjwe imigqa eyisi-8.
Ibinza lesi-2 imigqa emi-4 sibunjwe imigqa emi-4
Ibinza lesi-3 imigqa emi-4 sibunjwe imigqa emi-4.
Ibinza lesi-4 imigqa eyisi-7 sibunjwe imigqa eyisi-7.
Ibinza lesi-5 eyisi-5 sibunjwe imigqa eyisi-5.

Ukuxhumana siqalo
Ibinza lokuqala, umugqa wesi-13 nowe-14 .
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala.
Lezo zinsuku zokujabula sezashabalala.

Umugqa we-18 kuya kumugqa we-19


Obaba bethu bashiy’ izingane
Obaba bethu bashiy’ omama.

Umugqa wama-20 nowa-21

86
Ngikhumbul’ amacik’ asedlula
Ngikhumbul’ amacik’ asalala.

Ukuxhumana okuphakathi
Umugqa we-13 kuya kumugqa-14
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala
Lezo zinsuku zokujabula sezashabalala

Umugqa wama-20 kuya kumugqa wama-21


Ngikhumbul’ amacik’ asedlula
Ngikhumbul’ amacik’ asalala.

Ukuxhumana okutshekile
Umugqa wesi-4 kuya kowesi-5
Ngizwa ubumtot’ izinyoni zitshilozi,
Zitshiloza ngokwethab’ emagatsheni ezihlahla.
Umugqa wama-25 kuya kuma-26
Kwakumnandi kulokoz’ umlilo
Umlilo wathand’ olwaluvutha bhe

Ukuxhumana sigcino
Umugqa we-13 kuya kumugqa we-15
Lezo zinsuku zokwethaba sezashabalala
Lezo zinsuku zokujabula sezashabala
Unkenenezo sewashabalala

Imvumelwano siqalo
Ayikho kule nkondlo.

Imvumelwano maphakathi
Ayikho kule nkondlo.

Imvumelwano sigcino
Umugqa wama-20 kuya kowama-21
Ngikhumbuli amacik’ asadlula
Ngikhumbuli amacik’ asalala

I-enjambamenti - Ibinza lesibili; umugqa wesishiyagalolunye noweshumi:


Ngiyagodola angizikhethelanga
Ngenziwani?

Isuzura/Isikhawu

87
Umugqa wesi-5; owesi-6; owesi-7; owe-16, owe-17; owama-25; owama-26;
owama-31 kanye nowama-32.

Ifanamsindo
Ifanankamisa - Ngiyazama ngiyahamba, ngiyantantatheka.
Ifanangwaqa - Izivuvaba zempilo ziyangivivinya.

Ukweqa - Indima yesibili, umugqa wesithupha, owesikhombisa


nowesishiyagalombili.

Isigqi – Siyanensa ngoba imigqa ivalekile futhi imigqa eminingi mide.

Imifanekisomqondo

Isifaniso – Indima yesithathu, umugqa wesine.


Ngivathazele ngitshovoze okwevaka
Imbongi ifanisa indlela ehamba ngayo naloyo oyigwala ongenakuzethemba
ongenazo izikhali zokuvika.

Isingathekiso
Izitho zingamagqinsi – iveza ukusinda kwezitho.
Igxathu liwumqansa – iveza ubunzima ebhekene nabo empilweni.

Uphawu
Umugqa wama-39: Nithuleleni mathongo inhlwathi iging’ umsenene?
Imbongi isebenzise umsenene ukuveza ubuncane bamandla ayo okulwa nezimo
zempilo lezi ezibona zinkulu ize izilinganise nenhlwathi.

Isenzasamuntu
Ibinza lokuqala, umugqa wokuqala, wesibili nowesithathu
Ningibukelelani?
Ningilahlelani?
Ningobani mathongo ami?

4.ZOKHALA LEZO NKOMO

Igama Incazelo Inhloso Yembongi


Ngokukhetha Igama

Ingcindezi Ukukhathazeka Imbongi iveza ukuthi


komphefumulo noma bekhathazekile
ngenxa
yokucindezelwa

88
bazoqhubeka balwe.

Lezo nkomo Isilwane sasekhaya Abantu abamnyama


esifuywayo okwazi bafaniswe nezinkomo
ukusisebenzisa ngendlela (uphawu)
ethandwa nguwe bayagqilazwa
basetshenziswa noma
ikanjani

Kudume izihosha Ukumemeza kuzwakale Abantu abamnyama


kude boqhubeka bakhulume
ngeke bathule boze
bezwakale
nasemazweni akude.

Zisalila Zisakhala Abantu abamnyama


basaqhubeka
nokukhala ngoba
becindezelwe.

Yayikhonya Ukubusa Abantu abamnyama


kwakuyibo ababebusa
kulelizwe
laseNingizimu Afrika

Ijadu Abantu abasina Uma abantu


emngcagcweni abamnyama
sebenqobile baphinde
balibusa lelizwe bogiya
bajabule njengejadu.

UMOYA
Umoya wokubalisa/wokukhathazeka, abantu abamnyama baphucwa izwe labo
abelungu
Umugqa we-12: Yayikhony’inzimakazi, ingazelele,
Umugqa we-13: Yafik’ emas’ avutshiwe yazokhonya,
Umoya wokuphokophela , nakuba abamnyama baphucwa izwe kodwa
basaqhubeka balwe
Umugqa we-18: Ngiyayethemb ‘inzimakazi
Umugqa we-19: Iyohlab’iphindelela, yehluleke
Umugqa wama-20: Ibuye iphindelele, manxa yehluleka.

INDIKIMBA

89
Ipolitiki / ezombangazwe- abantu abamnyama baphucwa izwe labo
ngabamhlophe bayagqilazwa, bayahlukunyezwa.

UMQONDO OJULILE
Imbongi ikhuluma ngabantu abamnyama isebenzisa uphawu lwezinkomo,abantu
abamnyama, bekuyibo ebebebusa kulelizwe kwafika abamhlophe babaphuca
izwe labo. Imbongi ithi ngeke bathule noma begqilazwa bazolokhu bezamile
ukuthi izwe liphinde libuye kubo. Uma sebenqobile boya kwaZulu bafike benze
umgidi omkhulu babonge ukunqoba.

UKUBUMBEKA KWANGAPHANDLE
Izindima zale nkondlo zine azilingani.
Imigqa ingama-26 ayilingani kukhona emide nemifushane. Kukhona evulekile
nevalekile.

Isizura/isikhawu
Umugqa wesi-9: Zikhala, namanje zisalila

Imvumelwano siqalo ka za-


Umugqa wesi-8: Zabanjwa, zagqunywa, zahlatshwa
Umugqa wesi-9: Zakhala, namanje zisalila

Imvumelwano maphakathi ka i-
19 Iyohlab’ iphindelela, yehluleke
20 Ibuye iphindelele, manxa yehluleka

Impindwa : Zakhala lezonkomo/ zokhala lezo nkomo zakithi


Endimeni yesibili neyesithathu.

Ifanamsindo
Ifanankamisa lika a
Umugqa wesi-7: Ezakhala phambilini
Ifanangwaqa lika k
Umugqa wama-22: Ukukhala kwazo kozwakala kude.

I-enjambament
Umugqa wesi-9: Zakhala, namanje zisalila
Umugqa we-10: Ngale ngcindezi ephezu kwazo

Isigqi : Siyanensa imigqa eminingi ivalekile

IMIFANEKISO-MQONDO/IZINZWA
Lezo nkomo uphawu izinkomo zimelele abantu abamnyama
Ziyokhala: inzwa yokulalela –abantu abamnyama boqhubeka nokukhala
bakhulume bakhulumele izwe labo.

90
Zabanjwa, zagqunywa : inzwa yokubona kulabo ababe khononda ngokuphucwa
izwe baboshwa isikhathi eside.

Zizabalaza zishudule inzwa yokubona abantu abamnyama boqhubeka bazame


nokulwa ukuze kubuye izwe labo.

Zokhala kudume izihosha eyokulalela boqhubeka bakhulume ngeke bathule


koze kuzwe namazwe akude.

Iyohlom’ iphindelele eyokuthinta bazolokhu beqhubekile nokulwela izwe ngeke


badikibale.

Yafik’emas’ avutshiwe isingathekiso kwafika abelungu kuleli kwabayibo


abagcina ngokubusa izwe

5.KU-JACOB ZUMA

Igama Incazelo Inhloso Yembongi


yokukhetha amagama

Ingwazi Isihlabani Imbongi ibona uJacob


Zuma njengesihlabani

Umavukékufeni Idangamane umuthi UJacob Zuma uke


onjengedangamane okuba sengathi ushile wabhekana nezimo
kepha ubonakale ezinzima kodwa
usuhluma futhi akazange aphele
amandla

Ibhinca Umuntu UJacob Zuma


ongaphucuzekile wayebukwa njengomuntu
ongafundile oyiqaba ongaphucuzekile
ngoba engafundile

Owephusile Ohlakaniphile UJacob Zuma


wayebukelwa phansi
njengomuntu
ongahlakaniphile

Yomkhaya Eyozalo, eyabantu UJacob Zuma


bandawonye wayengasahlukunyezwa
abamhlophe/amabhunu
kodwa kwase kungabantu
bakubo abamnyama

91
Ziyamqangalaza Ziyamshaya Wayehlaselwa
abantukazana ngoba
bengafuni abuse izwe

UMOYA
Umoya wokuncoma, imbongi incoma ubuqhawe buka Jacob Zuma ukuthi noma
abhekana nobunzima obuhlukahlukene kodwa akazange aphele amandla,
azange adikibale wagcina esenguMongameli.

INDIKIMBA
ukubonga imbongi ibongela uJacob Zuma ngobuqhawe bakhe/ipolitiki uJacob
Zuma iqhawe lezepolitiki ubunzima abhekana nabo wagcina esenguMengameli
wezwe.

UMQONDO
Imbongi ikhuluma ngalowo owayekade enguMongameli wezwe uJacob Zuma
imbongi ibonga ubuqhawe bakhe ngokukwazi ukudlula ezimweni ezinzima
kukhona ababengamfiseli ukuthi abuse izwe bemgxeka nangokuthi akafundile.
Kunabantu abaningi abazidela bamlwela uMsholozi ngoba bebona ukuthi
ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga ekugcineni ukwazile ukuba
uMongameli wezwe laseNingizimu Afrika

UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Inezindima ezi – 5 ezingalingani
Imigqa ingama – 46 ayilingani kunemide nemifishane kukhona evalekile
nevulekile

I-enjambament
Umugqa wama-27 kuya kowama-29
27 kwaqhum’inganono yamazwi
28 kwanuk’uhlofu kwaguqísizwe
29 UNofulathela qede zimlandele

Ifanamsindo
Ifanankamisa lika e
Umugqa we-14 : Bembeca ngobubend’engayidlanga
Ifanangwaqa lika z
Umugqa we-11: Izinduku zabafokazane ziyamqangalaza

Imvumelwano sigcino ka -nga


Umugqa we-18: Bemsingis’eMpumalanga
Umugqa we-19: Bemsingis’eNtshonalanga

Imvumelwano siqalo ka Be-


Umugqa wesi-7: Beth’uMsholozi yindoda yasemakhaya

92
Umugqa wesi-8: Bembon’engambon’owephusile

Ukuxhumana okusekuqaleni kuka Bemsingis’


Umugqa we-18: Bemsingis’eMpumalanga
Umugqa we-19: Bemsingis’eNtshonalanga

Isigqi siyanensa imigqa eminingi ivalekile.

IMIFANEKISO MQONDO/IZINZWA
 Umavuk’ekufeni njengedangamane (isifaniso) – uMsholozi ukwazile
ukuqhubeka. aphokophelele kade sebethi baqedile ngaye ngeke esa-
phumelela.
 Baze bamnameke ngamacala (eyokuthinta) babe mthwalisa amacala an-
gawazi.
 Bembheca ngobubend’engayidlanga (isisho) babesumkela bethi wenze
izinto angazenzanga.
 Bemshonisa enhla nasezansi (okzimoroni) wayengaphumuli uMsholozi
ngenxa yamacala ayesulelwa ngawo ayemenza angabi nasinqe.
 UMsholozi ibhubesi laseNkandla (isingathekiso) . Imbongi ibiza uMsho-
lozi ngebhubesi njengomuntu onamandla njengebhubesi ngoba ugcine
ngokunqoba konke.

6.ENCOME
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Igama Incazelo Ukukhethwa
kwamagama

Izingwazi Abantu ababulala Amabutho akwaZulu


empini ayelwa ngemikhonto
egwaza ezitheni ebulala.

Ukuhlabana Ukunqoba Ukuphumelela empini


ebibanjiwe zitholene
phezulu.

Amaqadasi Amabhunu Impi yaseNcome


yayiphakathi kwamaZulu
namabhunu.

Yiminyaka Isikhathi eside Impi yaseNcome


kwenzeka yenzeka kudala
eminyakeni yezi-1900

Sewamxhawula Ukubamba isandla Uphawu lokuzwana

93
somuntu ubingelela kuxolelwana kodwa
amaQadasi
ayengazinikele
ekwenzeni uxolo.
(babehleka inhlinini
abezizwe)

Ijadu Ukusina kwabantu Imbongi ibilindele


abasebasha lapho ilangazelele ukuthi uma
kugcagcwa sekunoxolo kuzoba
nomkhulu umcimbi
wokubungaza uxolo
kodwa akwenzekanga.

Impepho Izihlahlanyana ezomile Imbongi isola ukuthi


ezishiswayo uma alwenziwanga usiko
kukhulunywa lokubuyisa amaqhawe
nabaphansi. afela empini yingakho
lungekho nje uxolo.

UMOYA WENKONDLO
Umoya wosizi
Imbongi idabukile ngokufa kwamaqhawe empini yaseNcome nokuthi kunokuthi
kube noxolo bayambuluzelana. Noma bezama abaholi bezombusazwe kodwa
alwenzeki uxolo.

Isigaba soku-1
Imbongi inosizi ngokufa kwamaqhawe akwaZulu, elwa nabeLungu empini
yaseNcome, elwela izwe lakwaZulu.
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwalal’amaqhawe nezingwazi
ZikaZulu kulo mhlabathi

Isigaba sesi-2
Umoya wokukhathazeka imbongi ikhathazekile ikhathazwa ukuthi yize lokhu
kwenzeka eminyakeni eminingi eseyadlula. Nabaholi bezombusazwe
bekhombisa ukuzwana omnyama nomhlophe. Kubukeka sengathi abamhlophe
abakaxoli.
Umugqa wesi-6 kuya kowesi-8
Yiminyaka kwenzeka lokhu
Manje sekwaba luxolo
Kepha ikhohlisana ihlomile

Isigaba sesi-3

94
Umoya wokukhathazeka imbongi ikhathazwa ukuthi yize bezama abaholi neSilo
ukudala uxolo kubeLungu kodwa indaba yaseNcome
iyabehlukanisa.Wabehlukanisa umfula iNcome.Umugqa we-17.

UMQONDO WENKONDLO
Le nkondlo ikhuluma ngempi yaseNcome eyayiphakathi kwamaBhunu
namaZulu. Ibabaza ubuqhawe bamabutho kaZulu ngokulwa afele ukubuyisa
isithunzi sesizwe samaZulu. Imbongi ikhala ngokuthi lokhu akusenzeki manje
noma lukhona uxolo kodwa akukho ukuzwana kunalokho bayakhohlisana.
Izikhulu zombuso uMbeki noShenge bazamile ukuletha uxolo kodwa
akwangenzeka. Imbongi ibilindele ukuthi luzoba khona uxolo kwenziwe elikhulu
idili kodwa amabhunu awavumanga. Imbongi isola ukuthi kukhona isiko
elingenziwanga lokubuyisa labo abafa befela empini.

INDIKIMBA
Ezombusazwe imbongi ikhuluma ngempi yaseNcome nemizamo yokuletha
uxolo phakathi kwamaZulu namaBhunu.

IMIFANEKISOMQONDO/ IZINZWA
Umugqa wesi-3
Ayikhotha imbenge yomile-isaga
Behlelwa okubi benzakalelwa into ababengayilindele.

Umugqa wesi-6
Goba msenge –isaga
Isaga esisetshenziswa mhlampe kumuntu obekwazi ukwenza izinto zenzeke
kodwa manje ongasakwazi.

Umugqa wesi-9
Ikhohlisana ihlomile- isaga
Bayakwazi abantu ukuthi baphenduke kulokhu abebethembisene khona omunye
enze okwakhe asale omunye ebambelele kuleso sithembiso kanti usesele
yedwa.

Umugqa we-13
Ukuhleka inhlinini-isisho
Ukuhleka ube ungahleki

Umugqa we-14
Ukudla ingwe –isisho
Ukugqoka into eyakhiwe ngesikhumba sengwe.

Umugqa we-16
Ukwelul’isandla-ukuxhawula
Uphawu lokucela/lokuveza uxolo ukuthi awunanxa/nanzondo.

95
Umugqa wama-20
Ashaya phansi-isisho
Anqaba.

Umugqa woku-1
Isifenqo- isihlonipho
Kwalala amaqhawe nezingwazi-ukufa

Umugqa we-10
UShenge sewamxhawula uDe Klerk(inzwa yokuthinta)

Umugqa we-19
Kwenziwe elikhulu ijadu.(inzwa yokubona).

Umugqa wama-21
Wavungama uZulu(inzwa yokulalela)

Izigaba
Le nkondlo yakhiwe izigaba ezinhlanu.
Izigaba azilingani
Isigaba soku – 1 sakhiwe imigqa eyi – 6
sesi - 2 sakhiwe imigqa eyi -7
sesi -3 sakhiwe imigqa emi -4

sesi – 4 sakhiwe imigqa emi – 5

sesi - 5 sakhiwe imigqa emi -4

Imigqa
Imigqa yalenkondlo ayilingani
Kukhona emide – isib. umugqa wesi –3
Kukhona nemifishane – isib. Umugqa wesi - 4
Kukhona imigqa evulekile
Isib. Umugqa woku – 1 Kwalal ‘amaqhawe nezingwazi
Kukhona imigqa evalekile
Isib. Umugqa wesi – 3 Amaqadas’ayikhothi mbenge yomile

I Enjambament itholakala emgqeni woku – 1 kuya kowe – 2


Kwalal’amaqhawe nezingwazi
ZikaZulu kulo mhlabathi

Isizura/Isikhawu
Umugqa wesi – 6
Wi hhe! Goba Msenge

Imvumelwano siqalo ka no-

96
Umugqa we – 11 no we – 12
No Mandela sewamxhawula uDe Klerk
No Hlanga lwezwe lwelul’isandla

Imvumelwano maphakathi ka e
Umugqa wama – 24 no wama – 25
Kwakhulunywa nabasal’enkundleni?
Banxusw’ukubuyel’emakhaya?

Ukuxhumana maphakathi kuka wamxhawula


Umugqa we – 10 no we – 11
UShenge sewamxhawula uDe Klerk
NoMandela wamxhawula uDe Klerk

Ukuxhumana sigcino ka Klerk


Umugqa we – 10 no we – 11
UShenge sewamxhawula uDe Klerk
NoMandela wamxhawula uDe Klerk

Isigqi
Siyanensa – Inkondlo ikhuluma ngemizamo yokuletha uxolo kufa amaqhawe
kodwa akuphumelelanga.
Imigqa mide futhi ivalekile iyasinensisa isigqi .

7.IZIBONGO ZENKOSI UBHAMBATHA


Ukukhethwa kwamagama
Igama Incazelo esobala Inhloso yokukhethwa
kwamagama

Inkisimane Umlungu-abantu uBhambatha walwa


abamhlophe nabelungu elwela
uKhandampondo.

Intela Imali ekhokhwa Abelungu babethi


kuHulumeni ngoba akukhokhwe le mali
kukhokhelwa/kuthelelwa ibhadalwe ngabantu
uHulumeni. abamnyama
bebhadalela ukuba
kuleli zwe ababelibiza
ngokuthi elikaHulumeni.

Ubukhosi bohlanga Ubukhosi bukaZulu Abelungu babeqeda


ubukhosi bakwaZulu.

Ufasimba Okusantushwana-inkungu UBhambatha wasusa

97
inkungu yokungazi
kubantu wabenza
bacacelwa babona
ukuthi bayaxhashazwa.

Izithunqane zomsizi Izibhamu Abelungu babelwa


ngezibhamu

Ekudingisweni Ukuxosha abantu Inkosi uCetshwayo


endaweni bangaphinde bayithatha abelungu
babuye. bayisa phesheya ngoba
bethi idelela uHulumeni.

Ishinga Iqhawe uBhambatha


ukungesabi muntu

UMOYA
Umoya wokutusa
Imbongi itusa ubuqhawe bukaBhambatha owalwa nabelungu elwela
uKhandampondo, okuyimali okwakufanele ikhokhwe indoda.

Umugqa wesi-5 kuya kowesi-8:


Sivunguvungu sikaNdaba !
Esedlule neNkisiman’izishishili
Emzabalezweni wabampisholo
Wobugqili bentela kaKhandampondwe.
Imbongi iphinde iveze ubuqhawe bukaBhambatha lapho khona uBhambatha
ephikisana nalokhu okwakushiwo ngabelungu, wahlomisa impi.

Umugqa we-10 kuya kowe-12:


Wen’owashaya phansi ngonyawo
Wayihlomisa ngezikhali.
Ngenxa yokungaboni ngaso linye.
Imbongi isaqhubeka nokutusa ubuqhawe bukaBhambatha ngenxa yokuphumela
kwakhe obala aphikisane nabamhlophe ababezana ukuqeda ubukhosi bukaZulu.

Umugqa we-18 nowe-19:


Wen’owazakhel’igama ngobuqhawe
INkisiman’ibuhlakaz’ubukhosi bohlanga.
Imbongi itusa uBhambatha ongabanga nandaba nokuthi inkosi uDinuzulu
ibiboshiwe kodwa wancamela ukungakwenzi lokhu abelungu ababethi abantu
abamnyama abakwenze.

Umugqa wama-22
Kunokwenzek’okungenzek’ okungamane kungenzeki.

98
Imbongi itusa uBhambatha ngengqophamlando, okumanje kusaliwa nemithetho
eyashaywa ngabeLungu becindezela abamnyama.

Umugqa wama-25:
Wawusemzabalazweni okunamanj’awukapheli.
Imbongi itusa igalelo likaBhambatha bakhuluma ngalo eNgome nakwaNongoma.
Umugqa wama-59-kuya kowama-60:
Ingoma abayivum’eNgome
Yaze yezwakala nakwaNongoma.

UMQONDO
Le nkondlo ikhuluma ngoBhambatha owagqugquzela abantu ukuthi
bengamkhokhi ukhandampondwe. Lokhu kwadala ukuba axabane nabelungu
ababemphethe ngaleso sikhathi okwagcina kuba nempi enkulu eyadlula
nemiphefumulo eminingi.

INDIKIMBA
Indikimba ubuqhawe.
Lapha imbongi ibabaza ubuqhawe bukaBhambatha owaba nesibindi
waphikisana nabelungu, wala ukuthelela ikhanda.

Ukubumbeka kwenkondlo /Isakhiwo sangaphandle


Imigqa
Le nkondlo inemigqa engama-63 engamadluladlulane. Kunemigqa evalekile
nevulekile.

Umugqa ovalekile
Umugqa woku-1: Bhambatha magwal’esiswini!
Umugqa ovulekile
Umugqa wesi-3: Angancinza kakhulu

I-enjambamenti
Emgqeni wesi-3 nowesi-4
Angancinza kakhulu
Kuyozwakala !
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo ka e-
Umugqa wesi-6 nowesi-7: Esedlule neNkinsiman’izishishili;
Emzabalazweni wabampisholo,
Imvumelwano maphakathi ka o-
Emugqeni wama-56 kuya kowama-57: Umnyam’owakhasa kwafiphal’ukukhanya,
Umhlandl’owahlanganiswa
nesihlandla,

99
8.UMZABALAZO WE-AFRIKA
Ukukhethwa kwamagama
Igama Incazelo esobala Inhloso Yokukhethwa
Kwegama

Imivimbi Imvula ena inganqamuki Imbongi imangazwa


izinsuku eziningi. yilolu bandlululo
oseludonse isikhathi
eside kungathi
aluseyukuphela.

Uzamcolo Imvula ena isikhathi Imbongi ibona lolu


eside inganqamuki. bandlululo
olungasapheli.

Isidlakela Umuntu onezicubu Imbongi ibhekise


ezinkulu eziqinile kubandlululo oluphelile
ezinezinkonyane. obelenziwa abamhlophe
kubantu abamnyama.

Iphango Indlala Abantu abamnyama


balwisana nobandlululo,
oludala indlala.

Iswacile Ukubuyisa izinhloze. Kunempi


yezombangazwe e-Afrika

Ikhoza Umlilo ongenalangabi. Abantu bathukuthele.

Igqubu Isifiso sokuziphindiselela Abamnyama bafuna


ngokubi kumuntu ukuziphindiselela
owakwenza okubi. kwabamhlophe
ababacindezela.

Ukutshakadula Ukugijima kwenkonyane Abantu base- Afrika


ligabavula likhombisa bayajabula ubandlululo
ukujabula. selunqotshiwe.

Emasisweni Ilapho kubolekiswe Izwe


khona imfuyo. okungelabamnyama
libuswa ngabamhlophe
selibuyela ezandleni

100
zabamnyama.

Emkhankasweni Indawo lapho okufunwa Abantu sebekulungele


khona okuthile. ukuvota.

Umgqilazi Umuntu ophatha abanye Abamhlophe babephatha


ngesihluku. abamnyama ngesihluku.

UMOYA
Umoya wokujabula
Imbongi ijabulela ukuthi kunqotshwe ubandlululo osekunesikhathi eside lukhona
e-Afrika.
Umugqa wesi-3: Hhawu,Hhawu, zehlul’imivimbi yasehlobo.
Umoya wokukhathazeka
Imbongi ikhathazwa ukuthi kade kuzanywa kuqedwa ubandlululo kodwa imizamo
yabo ingabonakali.
Umugqa we-19:Wo hhe, yajuluka ezehhash’i-Afrika,
Umoya wokujabula
Imbongi ijabulela ukuthi selunqotshiwe ubandlululo.
Umugqa wama-33: Ki ki ki, kuhle kwethu !

INDIKIMBA
Indikimba : Umzabalazo/Ukunqoba
Imbongi isitshela ngomzabalazo wabansundu bezabalazela inkululeko.
Abansundu babecindezelwe abamhlophe ngenxa yobandlululo. Nokho lwagcina
lunqotshiwe ubandlululo.

UMQONDO
Umqondo osobala
Lapha kukhulunywa ngokuthi njengoba kade kuliwa e-Afrika ikakhulukazi
eNingizimu Afrika, selugcine lunqotshiwe ubandlululo. Abamhlophe
babecindezele abantu abansundu ezweni labo. Lokhu kwadala ukuthi abansundu
bahlupheke ezweni labo. Njengoba umcabalazo usuphelile imbongi ibona
sekuyisikhathi sokuthi kwelashwe izwe ngemishanguzo enamandla.

Umqondo ojulile
Lapha imbongi isitshela ngokujuluka kwabansundu bezabalaza befuna
inkululeko. Imbongi kuyayethusa ukubona ubandlululo lwehlulwa. Abansundu
bebelwa ngenxa yokuthi baphucwa konke abanakho basala bona behlupheka
ezweni labo. Nokho inkululeko ayizanga kalula ngoba kudingeke ukuthi kuliwe
lugcine lunqotshiwe ubandlululo.

UKUBUMBEKA KWENKONDLO
Izindima

101
Le nkondlo inezindima eziyi-9. Ziyashiyana azilingani. Indima yesithathu
inemigqa eyisi-8 kanti indima yoku-1, yesi-2, yesi-4 kuze kubekweyesi-9
zinemigqa emi-4.

Imigqa
Le nkondlo inemigqa engama-40, iyashiyana. Ivalekile ngoba inezimpawu
zokuloba ekugcineni ngaphandle komugqa wesi-7, wesi-9 nowama-39,
okuyimigqa evulekile.

I –enjambamenti
Ibinza lesibili umugqa wesi-7 nowesi-8
Hha, yeka lezo zikhwepha
Sengathi zinephul’imikhwepha

Isizura /Isikhawu
Umugqa we-13: Yehheni bo, nant’ulaka

Ukuxhumana
Ukuxhumana siqalo
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-25 nowama-26: Uyadel’uZulu kaMalandela;
Uyadel’uMadiba kaMandela;
Ukuxhumana sigcino
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-27 nowama-28: Owazibonela ngalaw’eyomzabalazo
Owazibambela ngalez ’u mzabalazo
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Ibinza lesi-8
Umugqa wama-35 nowama-36: Zibuyile zonk’emasisweni;
Zihlomil’izizwe emkhankasweni.
Imvumelwano maphakathi
Ibinza lesi-6
Umugqa wama-25 nowama-26: Uyadel’uZulu kaMalandela;
Uyadel’uMadiba kaMandela;
Imvumelwano sigcino
Ibinza lesi-4
Umugqa we-17 nowe-18: Wo hhe, singaphelel’eboyeni,
Singakwamukeli ngisho emoyeni?
Ifanamsindo
Ifanankamisa lika a-
Ibinza loku-1
Umugqa wesi-4: Zilibhaka likazamcolo wentwasahlobo
Imifanekisomqondo
Lilephuk’ ubuhanguhangu begqabho-(ifuzamsindo)

102
Mamo, naso sidilika isidlakela-(inzwa yokubona)
Shunqisan’impepho nonyazangoma-(inzwa yokuhogela)
Singaphelel’eboyeni-(isisho)

9.MBALI YEZWE
Igama Incazelo esobala Inhloso yokukhethwa
kwegama

Izimvemvane Isilokazane esindizayo Imbongi ibhekise


kuzesheli eziningi
ezifuna le mbali.

Umpe Impushana ephuzi Imbongi iqondise


ethwalwa izinyosi kuzesheli ezithathwa
ziyithatha embalini. ubuhle bembali
obenziwa ukuqhakaza
kwembali.

Isona Ukhula olubukeka kabi Imbongi iveza ukuthi le


olucinanisayo mbewu yale mbali
nolubangelwa wumeno ethandwa yimbongi
kumbe sengathi ingahlawulelwa
ukwenakwendawo leyo. ukuze yande ngamandla
imbali igqame endaweni
ekhanyayo yikhona
izobonwa yizizwe ubuhle
bayo.

UMOYA
Umoya wothando
Imbongi inothando lwentokazi igama layo uHlobisile. Imbongi ayikutholi
ukuphumula icabangana Nobuhle bale ntombi enhle eyithandayo ngenhliziyo
yayo yonke.
Umugqa woku-1 nowesi-5: Ngiwa ngivuka ngicabangana nawe,
Qhakaza Hlobisil’ uhlobis’ amadlel’ aluhlaza,
Imbongi iyithanda lokhu okungelinganiswe nalutho le ntombi enguHlobisile.
Umugqa we-14 : Uthando lwami ngawe kalunamkhawulo,

INDIKIMBA
Indikimba uthando imbongi ikhuluma ngentombi enhle eyithandayo.Iyafisa
ukuthi ingagcini iyibukela kude njena kepha bagcine sebehlala ndawonye
sebeganene.

UMQONDO

103
Umqondo osobala
Imbongi ikhuluma ngembali enhle ethandekayo eheha izivemvane. Le mbali
ihlala iqhakazile njalo, iyinhle. Imbongi ifisa ukuyikha le mbali izohlobisa ngayo.
Imbongi ifisa ukuthi le mbali ingahlala njalo ihlakulelwa ‘ze ingezukuphazanyiswa
isona.
Umqondo ojulile
Imbongi ikhuluma ngentombi enhle eyithandayo. Iyafisa ukuthi ingagcini iyibukela
kude njena kepha begcine sebehlala ndawonye sebeganene.

UKUBUMBEKA KWENKONDLO/ ISAKHIWO SANGAPHANDLE


Izindima
Le nkondlo inezindima eziyi-9. Ziyashiyana azilingani. Indima yoku-1 inemigqa
eyisi-9, indima yesi- 4 inemigqa eyisi-6, indima yesi- 5 neyesi-9 inemigqa emi- 5
kanti indima yesi- 2, yesi-3, yesi-6 neyesi-7 inemigqa emi- 4.
Imigqa
Le nkondlo inemigqa enga – 46 ayilingani ingamadluladlulane. Imigqa eminingi
ivalekile ngaphandle komugqa wesikhombisa, weshumi nesishiyagalombili,
wama – 20 wama- 27, wama – 40 nowama -45.
I-enjambamenti
Ibinza lesine
Umugqa we – 18 nowe – 19:Ukuba nganginokuzenzela
Ngangiyomunc ’ezingxatsheni zakho

Ukuxhumana
Ukuxhumana okutshekile
Ibinza lesibili
Umugqa we -11 nowe – 12: Awusoze wabona kimi njengabany’ozakwenu
Uyigugu kim’ okwetshe lemabula
Ukuxhumana sigcino
Ibinza lesine
Umugqa we – 19 nowama – 20: Ngangiyomunc’ezingxatsheni zakho
Noma ngizimuncel ’umpe lwa kho
Imvumelwano
Imvumelwano maphakathi
Ibinza lesishiyagalolunye
Umugqa wama – 38 nowama – 39:Ngoba sengize ngaphenduk’isigqila sothando
Kodwa sengathi siyeza leso sikhathi
Imifanekisomqondo/ Izinzwa
Ukudl’ubhedu – (isisho)
Kwand’unqambothi lwephunga laph’ukhona(inzwa yokuhogela)
Okwamanje ngisakubonela kud’okotalagu (isifaniso)

10.EZIKARADIO ZULU- UKHOZI


Ukukhethwa kwamagama
Igama Incazelo esobala Inhloso yokukhethwa

104
kwegama

Isidleke Yilapho kuhlala khona Imbongi iveza ukuthi


inyoni (indlu yenyoni) umsakazo uKhozi
luzwakala ezindaweni
ezikude kodwa
luseNingizimu Afrika

UMakhonya Inkunzi ehlula ezinye UKhozi lwehlula eminye


izinkunzi imisakazo ngendlela
olusakaza ngayo
izinhlelo zalo

Indlondlo Inyoka esabekayo UKhozi lukhule


ngamandla ngenani
labalaleli, ezinye iziteshi
ziyalwesaba

UMOYA
Umoya wokutusa
Imbongi incoma umsakazo uKhozi ngomsebenzi walo omuhle wokuphakela
abalaleli bakuzo zonke izindawo lokhu abakufunayo, okulalelekayo
nokokuzithokozisa. UKhozi luphakela abalaleli umculo, izinhlelo ezahlukahlukene
nomdlalo womoya. Imbongi iphinde income noMphathisiteshi omnyama
wokuqala uMfu. Hawu Mbatha ngegalelo lakhe ekuthuthukiseni lo msakazo.
Umugqa wesi-6: Khona manjalo yafudumez’imizwa yabalaleli.

UMQONDO
Umqondo osobala
Ukhozi inyoni ekwazi ukumelana nanoma isiphi isimo sezulu. Imbongi ikhuluma
ngoKhozi olukwazi ukundiza lufinyelela kuphi nakuphi. Lolu Khozi lunejubane
lukwazi ukushiya ezinye izinyoni okuwuHeshane noKlebe.
Umqondo ojulile
Imbongi ikhuluma ngoKhozi, okuwumsakazo osakaza ngolimi lwesiZulu. UKhozi
ludlondlobele, selunesibalo esiphezulu sabalaleli ngenxa yezinhlelo zalo
ezinohlonze, ezihlabahlosile. UKhozi luphakela abalaleli izindaba ezenzeka
emazweni akude, lunikeze umculo onhlobonhlobo kanye nomdlalo womoya.
Imbongi ibuye ifisele izinhlelo zoKhozi ukuthi zikhule njalo. Iphinde ihalalisele
uMfundisi Hawu Mbatha, uMphathi wokuqala omnyama woKhozi ngegalelo
lakhe. Ibuye ibalule abanye abasakazi boKhozi nezinhlelo zabo okunguDudu
Khoza noSabelo Mkhathini. UKhozi luthandwa uwonkewonke. Miningi imisebenzi
eyenziwa abasakazi boKhozi, abanye babuye basakaze bavele
nakumabonakude. UKhozi lufinyelela kuphi nakuphi, lunothando nesineke.

105
UKUBUMBEKA KWENKONDLO/ ISAKHIWO SANGAPHANDLE
Izindima
Inendima eyodwa.
Imigqa
Imigqa ingama- 80. Iyashiyana ingamadludlulane.
Imigqa eminingi ivalekile, inezimpawu zokukhanyisa ekugcineni.
Ikhona evulekile engenazo izimpawu zokukhanyisa ekugcineni.
Isib. Umugqa we – 11: Kwathi kusenjalo
I-enjambamenti
Umugqa we – 11 nowe – 12: Kwathi kusenjalo
Yabonakal ’isiyisimo soKhozi

Ukuxhumana
Ukuxhumana sigcino
Umugqa wama – 33 nowama – 34: Ngokubashiya ngamalengis’abazifanisa
nawe
Uzakwen ’uHeshan ’angengqayiselane
nawe;
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-3 nowe-4: Bathe besayakhelúmkhanya,
Bayithol’isisesidlekeni.
Imifanekisomqondo / izinzwa
Ukwakha umkhanya (isisho)
Indlondl’edlondlobale yandizela phezulu (isingathekiso)
Inyon’enejubane ngokujubalala (inzwa yokubona)

11.NGIKHANYISELE DLOZI

1. UKUKHETHWA KWAMAGAMA

IGAMA INCAZELO ESOBALA INHLOSO YOKUKHETHWA


KWEGAMA

Ngijiyelwe Ukushintshelwa izinto Izinto azihambi kahle

kumapeketwana Kubheke phezulu Izinto azihambi kahle

Zimfiliba Akubonakali kahle Izinto azihambi kahle/


kumnyama

Ngigxijwa Ngihlohlwa Konke okubi okwakhe.

106
IZINDIMA / IZINTANZA/AMABINZA
Zine izindima ezakhe le nkondlo.

IMIGQA
Inkondlo ibunjwe imigqa engama – 26

Endimeni yokuqala neyesithathu imigqa iyi-6

Endimeni yesibili neyesine imigqa iyi- 7

IMVUMELWANO
Ibinza loku – 1

Imvumelwano siqalo

Umugqa woku- 1 nowesi – 2 Ngi—

Ngi –

Ibinza lesi – 3

Imvumelwano siqalo

Umugqa woku-1 nowesi-2 - Ba-

Ba-

Umugqa wesi-3 nowesi – 4 - Ngi-

Ibinza lesi -4

Umugqa wesi – 3 nowesi- 4

Ba-

Ba-

UKUXHUMANA
Ibinza lesine

Umugqa woku-1 nowesi – 2

Ukhombe

Ikhombe

107
IMPINDAMQONDO
Kwenzenjani thongo lami- kusukela endimeni yokuqala kuze kube
eyokugcina indima yesine.

IFANAMSINDO
Ibinza lokuqala umugqa wesi – 2

Ngizothathani ngihlanganise nani

Ibinza lesi- 3

Umugqa wesi – 3

Ngigxijwa

Ngifenyiswa

Ibinza lesi- 4

Ngiyabagxeka Ngizigxeke

ISIGQI
Siyanensa ngoba kunezimpawu zokuloba eziningi. Imbongi ikhathazekile
(Ukuvaleka kwemigqa)

ISIZURA
Ibinza lokuqala

Umugqa wesi-4 –

Ngiyathatha ngiyabeka akulungi,

Umugqa wesi- 6

Kwenzenjani thongo, khanyisa?

UMQONDO WENKONDLO

Ibinza lokuqala

imbongi ididekile ixakwe isimo ebhekene naso. Izinto aziyihambeli kahle. Ayazi
izohlanganisa ini, nani?. Lokhu kufakazelwa umugqa woku-1 nowesi-2

Ibinza lesibili

Izinto azihambi kahle. Akubonakali lutho.

Lokhu kufakazelwa umugqa woku-1 nowesi- 2

108
Ibinza lokugcina akasazi noma nguye owonile noma yibo, yingakho efuna
ukuboniswa. Lokhu kufakazelwa umugqa wesi- 3 nowesi-4

UMOYA WENKONDLO
Owokukhathazeka

Owokubalisa.

INDIKIMBA
Amadlozi/ Abangasekho

ULIMI
Izithombe ezakheka emqondweni ngesikhathi imbongi ihaya inkondlo kuze
kuyothinteka izinzwa.

Inzwa Yokulalela

Inqaba kayitshelwana

Inzwa yokuthinta

Ngizothathani, ngihlanganise nani

Ibinza lesi- 2

Inzwa Yokubona

Akukhanyi lutho phambili.

ISINGATHEKISO
Umugqa wesi – 5 – Yinqaba kayitshelwana

AMAGAMA ANOTHILE
Kumapeketwana

Imfiliba

Ukufenyiswa

Ukutusa

12. SESIYACIMA ISIBANI

109
AMABINZA/IZINDIMA
Le nkondlo ibunjwe amabinza ama-5

IMIGQA
Le nkondlo ibunjwe imigqa elinganayo ngokwamabinza,
Iningi le migqa ivalekile (inezimpawu zokuloba)
Imigqa ayilingani eminye mide kanti eminye mifushane
Isib:Ithemba lami seliyamfimfa(mfishane)
Ngoba ngikhona nje kungenxa yamaketang’othando lwakho(omude)

Imvumelwano siqalo,
umugqa 3 no 4 (i-) kanye nomugqa 13 no14(u-)
Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ingathithi isimfushane impilo yami emhlabeni
Um’ucisha wena sibani sami,
Ulokoza ithemba lami lokuphila

Ukuxhumana siqalo,
umugqa 9 no10
Nganginethemba lokuth’iseyind’engisazoyihamba naso
Nginethemba nangekusas’eliqhqkazile nelinempumelelo

ISIZURA
umugqa wama-20
Wo Hhe! Sengihlwelwe kusemini kwelaseMombeni.

IFANAMSINDO
Ifanangwaqa s emgqeni wesi-3
Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ifanangwaqa b, umugqa 18
Ilangab’ebelikuw’ebelivuth’ubulangulangu

ENJAMBAMENT
Umugqa wesi-6 nowesi-7 nomugqa we-15 nowe-16
Isib:Ngoba ngeke ngisasithol’esiyofana naso
Impela sengathi kumnyama lapho ngiya khona,

UMQONDO WENKONDLO

Ibinza loku-1
Imbongi ikhalela isithandwa sayo ebisithanda ibona uthando luya
ngokuphela.Umugqa wokuqala ngikhala ezimathonsi kanye nomugqa wesine
isibani sesiyafiyoza.Imbongi isebenzise uphawu isibani iqonde isithandwa
esesiya ngokuncipha emehlweni ngenxa yokuphela kothando.Izibona ingeke
isakwazi ukuphila emhlabeni

110
Isib: Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza
Ngikhala ezimathonsi bandla lakwethu

Ibinza le-2
Imbongi izibona ingeke iphinde ithole omunye umuntu oyofana nesithandwa
sayo.Ithemba liyashabalala.Ibona ukukhanya kungekho lapho iya khona
Isib:Ithemba kimi seliyamfimfa
Um’ukukhanya kwaso sekufiphala
Ibinza le-3
Imbongi iveza ukushabalala kwamathemba ayo ebikade inawo ngohamba
abebesazoluhamba bendawonye nesithandwa sayo kwase kufika
izinkinga.Imbongi isibeke ithemba layo kuJehova.
Isib:Nganginethemba nangekusasa eliqhakazile nelinempumelelo
Kwafik’izivunguvungu neziphepho zasilanguza
Ibinza le-4
Ukuphela kwalolu thando imbongi izibona impilo ingeke isaqhubeka ngaphandle
kwesithandwa sayo.
Isib:Ayisekho nam’int’eyongihlalis’emhlabeni

Ibinza le-5
Imbongi ibona luluthando seluphela lubuna njengembali,luwohloka
njengamazolo(umbethe) iphinde imbongi ibone loluthando obeluvutha
selupheshulwe umoya.
Isib:Usubunile njengembali wawohloka njengombethe
Ilangab’ebelikuw’ebelivuth’ubulangulangu

INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo uthando,imbongi ikhuluma ngothando ebinalo
ngesithandwa sayo oselushabalele namathemba ebinawo,nendlela
ebebesazoyihamba nesithandwa sayo.
Isib: Isibani sami ebesivutha sesiyafiyoza,
Usubunile njengembali wawohloka njengombethe

UMOYA
Umoya wokubalisa nosizi.Imbongi ibalisa ngendlela ebiyhanda ngayo isithandwa
sayo kodwa manje izinto azisfani nasekuqaleni.Imbongi ibona uthando seluya
ngokuphela namathemba ayo aashabalele.Ibona nekusasa eliqhakazile
lishabalala. Iyabalisa ngokushiwa isithandwa sayo
Isib:Ngikhala ezimathonsi(umugqa woku-1)
Isibani sesiyafiyoza(umugqa wesi-3)
Ithemba lami seliyamfimfa(umugqa wesi-5)
Usubunile njengembali,wawohloka njengombethe(umugqa we-17

ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa imigqa eminingi ivalelkile futhi imbongi iyabalisa
ngesithandwa sayo

111
ITHONI
Ukukhathezeka /ukudumala kwembongi ngenxa yokushiwa isithandwa sayo

UMYALEZO
Akulahlwa mbeleko mgakufelwa/impilo iyaqhubeka

UMFANEKISOMQONDO/IZITHOMBEMAGAMA
Isib:
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo ‘Ngikhala ezimathonsi’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’isibani sesiyafiyoza’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ukukhanya sekufiphala’
Umfanekisomqondo wokubonakalay ‘izivunguvungu neziphepho’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’usubunile njengembali’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’wawohloka ubulangulangu’
Umfanekisomqondo wokubonakalayo’ebelivutha ubulangulangu’

UKUKHETHWA KWAMAGAMA
-Ngikhala ezimathonsi (isisho)
-Isibani sesiyafiyoza (amagama anembayo)
-Ithemba seliyamfimfa (amagama anembayo)
-Ukukhanya sekuyafiphala (amagama anembayo)
-Izivunguvungu neziphepho zasilanguza (amagama anembayo)
-Usubunile njengembali wawohloka njengombethe(isifaniso)
-Ilangab’ebelikuw’ebelivuth’ubulangulangu (ifuzamsindo)

13. IQHABANGA: SPHIWE MAPHUMULO


UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Igama/amagama Incazelo Inhloso yokukhethwa
kwegama
Ngalinikwa ngezimhlophe Ukunikwa into ngesihle Imbongi yanikwa
isiphiwo abadala
ngesihle nangothando
Singamathe nolimi Ukuba into Imbongi ithi bamunye
eyodwa/ukuzwana nalesi siphon anikwa
sona
Ukuliphathis’okwezikhali Kusho ukunakekela into Imbongi igqamisa
zamaNtungwa ukuthi lesi siphiwo
kumele asinakekele
IZINDIMA /IZITANZA
Le nkondlo inezindima ezi-3
IMIGQA
 Ibunjwe yimigqa eli-17 isiyonke.
 Ibinza lokuqala linemigqa eyi-7, bese kuthi amabili okugcina an-
emigqa eyi-5

112
ibinza ngalinye.

 Yonke imigqa yale nkondlo ivalekile (inezimpawu zokuloba ekug-


cineni).
 Imigqa yale nkondlo ithi ayilingane, idlulana nje kancane.
.
IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Ibinza lokuqala umugqa wesi-5 kuya kowe-6
Bafisa ukulithinta ngezabo,
Bacabang’ukuth’elokudlala,
Ibinza lesibili umugqa we-10 kuya kowe-11
Ngalinikwa emini kwabha,
Ngayalwa, ngadonswa ngendlebe,

Imvumelwano sigcino
Ibinza lesithathu umugqa we-16 kuya kowe-17
Isithunzi nokukhanya kimi,
Ngiyalithanda leliqhabanga lami
ISIKHAWU/ISIZURA
 Umugqa we-11 unesikhawu noma isizura , Ngayalwa,ngadonswa
ngendlebe.

IFANANGWAQA
Umugqa we-11

Ngayalwa, ngadonswa ngendlebe,

Umugqa we-14

Ngenze kon’okuhl’okulifanele

UMQONDO
Umqondo wenkondlo osobala imbongi incoma iqhabanga layo esingalichaza
ngenduku enekhanjana elincanyana elilolongwe kahle engasetshenziselwa
ukuhloba ngokwesiko likazulu, abanye bayihlobisa ngobuhlalu. Le nduku
iyaphathwa futhi yizangoma.

Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngesiphiwo enaso ethi yasiphiwa abadala. Uthi
baningi abasifunayo lesi siphiwo kodwa bengawazi umsebenzi waso. Uthi
akasoze wahlukana naso ngoba wayalwa ukuthi asinakekele asiphathe kahle.

Umugqa we-11 kuya kowe-12 ‘Ngayalwa, ngadonswa ngendlebe,”

113
“Ukuliphathis ’okwezikhali
zamaNtungwa.”

Uthi lesi siphiwo singuye, uyazigqaja ngaso ngoba simnikeza ukuhlonipheka.

Lesi siphiwo singaba ingqondo/ukuhlakanipha aphiwe kona akubona kuyinto


engandele bani. Ukwazi ukusebenzisa ikhanda lakhe ngendlela ehlukile.

Ibinza loku-1

Imbongi igqamisa uthando lwayo lwesiphiwo sayo esibiza ngeqhabanga, uthi


wasinikwa abadala. Baningi abasifisayo lesi siphiwo noma ubuhlakani anabo
bebe bengaqondi ukusebenza kwaso.Abadala bamnika lesi siphiwo ngothanda
nangenjabulo.isib. umugqa wesi-7 “Kanti ngalinikwa ngezimhlophe”

Ibinza lesi-2

Kuleli binza imbongi igqamisa ukuthi ayisoze yahlukana nalesi siphiwo sayo
ngoba bamunye naso, Isibn. Umugqa wesi-8 “Mina nalo singamathe nolimi”

Uthi wasinikwa abantu bebhekile, wayalwa ukuba asiphathe kahle isiphiwo


sakhe. Isibn. Umugqa we-12 “Ukuliphathis’okwezikhali zamaNtungwa”

Ibinza lesi-3

Uthi lesi siphiwo sigqamisa ubuyena, ubuzwe nesithunzi sakhe. Kumele njalo
enze okuhle ngaso, naye uyasithanda kakhulu lesi siphiwo uzibona engeyilutho
ngaphandle kwaso. Isbn.”

UMOYA
Le nkondlo inomoya wokutusa noma ukuncoma, imbongi incoma iqhabanga layo
esingathi isiphiwo anaso sokwenza izinto ngendlela ehlukile.Lesi siphiwo
yasiphiwa abadala.

INDIKIMBA
Yingqikithi noma umongo wenkondlo. Okushiwo yinkondlo ngegama elilodwa.

Indikimba yale nkondlo Isiphiwo/ubuzwe/ubuhlakani

Imbongi ibabaza isiphiwo eyasiphiwa abadala ukuba isisebenzise kahle futhi


isinakekele.

ISIGQI

114
Le nkondlo inesigqi esisheshayo njengoba imbongi income /itusa iqhabanga layo
esingathi ubuhlakani noma yisiphiwo esehlukile eyasiphiwa abadala.

UMYALEZO
Phatha kahle/ nakekela isipho/isiphiwo ophiwe sona.

IMIFANEKISOMQONDO
Inzwa yokuthinta

Umugqa wesi-8 ‘Mina nalo singamathe nolimi”

Umugqa we-12 “Ukuliphathis’okwezikhali zamaNtungwa”

Inzwa yokubona

Umugqa woku-1 “Ngihamba nabadala”

Umugqa wesi-7 “Kanti ngalinikwa ngezimhlophe”

Umugqa we-10 “ Ngalinikwa emini kwabha”

Umugqa we-16 “ Liyisithunzi nokukhanya kimi”

Inzwa yokuzwa

Umugqa we-11 “Ngayalwa, ngadonswa ngendlebe”

Umugqa we-13 “Kwathiwa ngilithande ngilikhonze”

IZIMO ZOKUKHULUMA
IZISHO

Umugqa woku-1 Ukuhamba nabadala kusho ukuholwa abangasekho.

Umugqa wesi-7 ‘Ukunikwa ngezimhlophe ukunikwa into ngesihle

Umugqa wesi-8 ‘Ukuba amathe nolimi .. ukuba munye nento


ningahlukaniseki.

Umugqa we-11 Ukudonswa ngendlebe . Ukuyalwa uxwayiswa


ngento.

Umugqa we-12 ukuphathisa okwezikhali zamaNtungwa . Ukuphatha


into kahle

Nangokuyinakekela.

UKWENZASAMUNTU

115
Umugqa wesi-8 “Mina nalo singamathe nolimi”
Isingathekiso
Umugqa wesi-8 “Mina nalo singamathe nolimi”
Umugqa wesi-9 “Liyimpilo yami yokuphila”
Umugqa we-15 “ Leli qhabanga liyimina’
Umugqa we-16 “Liyisithunzi nokukhanya kimi”

14.SEKUSELE INKUMBULO: SIPHIWE MAPHUMULO


IZINDIMA / IZITANZA
Le nkondlo inezindima eziyisi-6
IMIGQA
 Inkondlo ibunjwe imigqa engama- 38 isiyonke.
 Izintanza ezi- 4 zibunjwe imigqa eyisi- 6
 Izintanza sesi- 3 zinemigqa eyisi- 7
 Imigqa eminingi ivalekile (inezimpawu zokuloba ekugcineni,ikhona
neminye imigqa evulekile)
 Imigqa yale inkondlo ayilingani kukhona emide kanye nemifishane

IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Isitanza sokuqala umugqa wesi-4 nowesi-5
Ngabhema ,ngakholwa
Ngafukamel’ithemba,sengethembile,

Isitanza sesbili imigqawesi-7nowesi- 8 kanye nowesi-9 nowesi- 10


Ngimi eziqongweni zezintaba zakithi,
Ngibhek’osebeni lomfulakazi,
Ngawuz’ umoya uheleza,
Ngakubon’uza kim’ulusizi

Isitanza sesine umugqa wama-24 nowama-25


Sekusel’inkumbulo yezethembiso,
Sengasal’esiqhingini ngidumele.

Isitanza sesihlanu umugqa wama-27 kuya kowama-29


Ngim ‘osebeni lomfulakazi,
Ngiqhatha ‘ umunyu
Ngibhek’ umsing ‘ojulile

Imvumelwano emaphakathi

116
Isitanza sesbili umugqa wesi-9 nowe-10
Ngawuzw’umoya uheleza,
Ngakubon ‘uza kimi ulusizi

UKUXHUMANA
Akukho

IFANAMSINDO
Ifanankamisa : umugqa wama-26
Lapho sesehlukana singasaxhawulananga
Ifanamsindo : umugqa wama-33
Sengohlanza ngedela, ngikhohlwe,

ISIGQI
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba iningi lemigqa ivalekile futhi
Amalunga amagama emigqeni made,nomoya wenkondlo owosizi.

ISIKHAWU/ISIZURA
Ngafukamel’ithemba, sengethembile
Ngakumemeza, ngikunceng’ukuba
Ungashabalali,wedlula washabalala
Sengohlanza ngedela,Ngikhohlwe
I-ENJAMBAMENT
Isitanza sokuqala ,umugqa wesi -2 nowesi-3
Ngathathwa sithongwanyana
Ngezw’imfudumalo ngesasa,

Isitanza sesithathu,umugqa wesi-15 nowesi-16


Ngithe ngiyakuxhawula wangaxhawuleka
Kwakhon’ ongiphebezayo :

Isitanza sesithathu ,umugqa we-18 nowe – 19


Ngakumemeza,ngikuncenga ukuba
ungashabalali,wedlula,washabalala.

Isitanza sesine,umugqa wama-23 nama-24


Nembal’ eyayikhanga seyabuna
Sekusel’inkumbulo yezethembiso,

Isitanza sesine umugqa wama-24 nam-25

117
Sengasal’esiqhingini ngidumele
Lapho sesehlukana singaxhawulananga.

Isitanza sesi-6 umugqa wama – 37 nowama -38


Sengosala nale nkumbulo
Inginakashele nginakasheleke.

UMQONDO WENKONDLO
Isitanza soku- 1
Imbongi yayisalalele umculo nemilolozelo kanti izozunywa ubuthongo.Kulobo
buthongo .yezwa imfudumalo nothando.Imbongi yawujabulela lomuzwa yaze
yaba nethemba .kanti uzophuma umphemfumulo wothile (isithandwa sakhe).
Isib:Ngezw’imfudumalo ngesasa.

Isitanza sesibili
Imbongi yazibona isimi ezintabeni igqolozele osebeni lomfula ilapho –ke
okwaqhamuka isithandwa sayo silusizi.wasibona senek’izandla simxhawula
kati lutho kwakungenjalo.
Isib: Wenek’izandla ngathokoza kanti ngisithwa yinkunga.

Isitanza sesithathu
Imbongi ithi yazama ukuxhuwula
Kodwa kwakhona oyiphebezayo.Kwala noma isincenga kodwa kwangenzeka.
Isib:Ngakumemeza,ngikuncenga’ukuba
ungashabalali,wedlula washabalala.

Isitanza sesine
Imbongi isele nesibibithwane kanye nenkumbulo
ezethembiso.Imbongi ithi isele nokudumala
Ngoba behlukana,bengaxhawulanga,
Isib:Sengasal’esiqhingini ngidumele.

Isitanza sesihlanu
Lapha imbongi isiphaphama igcwele umunyu nosizi.
Konke kubi ingakho ithi’waba zibhidi lapho’ inkumbulo imuphethe
Isb:Ngivakashelwe yinkumbulo.
o Isitanza sesithupha

Imbongi ithi isivele yaxola.bonke ubumnandi nokuzethemba


sekwayiphelela.Inkumbulo kuphela emnakashele.
Isb:Sengohlanza ngedela,ngikhohlwe.

UMOYA WENKONDLO

118
Umoya wale nkondlo uxubile imbongi itholakala inenjabulo eyisimanga nokhu
igcine ngokudumala nokuphoxeka.Ekuqaleni iyajabula futhi inethemba
ijabulela ukubona isithandwa sayo.Yelula izandla ngoba ijabula ithi ixhawula
isithandwa sayo.Kube buhlungu kakhulu ngesikhathi encenga isithandwa
ukuba singashabalali kodwa kuphelele ezeni .Imbongi iyabalisa njengoba
isisele nenkumbulo,umunyu,nosizi ize ithi ‘Ngiqhath’umunyu ekungcineni
inosizi lokwamukela iqiniso lokuthi ayihlanze ngedela.Yingakho ithi sengosala
nenkumbulo inginakashela inakasheleke.

INDIKIMBA
Indikimba yale nkondlo INKUMBULO.Imbongi ikhumbula isithandwa sayo
esadlula kulo mhlaba.Le nkumbulo yenza azizwe
esenomzwangedwa.Igcizelela umzwangedwa- la, ethi khona
‘Sengasal’esiqhingini ngidumele nala khona ithi ‘Ngiqhath’umunyu’.
ULIMI (IZITHOMBE MAGAMA/IMIFANEKISOMQONDO)
Inzwa yokulalela
Ngizw’umculo nemilolozelo
Ngakumemeza,ngikuncenga’ukuba
Ngawuzw’ umoya uheleza
Sekusel’inkumbulo nesibibithwane

Inzwa yokubona
Wenek’izandla ngathokoza
Lapho welul’isandla
Kwakhona ‘ongiphebezayo
Ngibone sesehlukanisiwe ziqongo zezintaba
Ngiqhath’umunyu
Nembal’eyayikhanga seyabuna
Elashabalala laphel’okwamagwebu

Inzwa yokuthinta
Ngezw’imfudumalo ngesasa.
Isenzasasilwane
Lesi isifenqo sitholakala emigqeni wesi-5
Ngafukamel’ithemba,sengethembile
Isifenqo sitholakala emigqeni wama -35
Elashabalala laphela’okwamagwebu

Isingathekiso
Nembali eyayikhanga seyabuna
Amagama anothile
 Inginakashele
 Isibibithwane

119
 Isithongwana

14. ISIBIBITHWANE
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Igama Incazelo Esobala Inhloso Yokukhethwa


Kwegama
Ukubhema ukholwe Ukubhema wenele Ukugqamisa ukuthi
(ukwaneliseka okuthile) imfundumalo yothando
yayimenelisa
kangakanani.
Isithangwana Ukuzumeka ungazelele Ugcizelela ukuthi
Ithutshana kwakuba ukulala nje
aphuphe isithandwa
sakhe.
Ukusithwa inkungu Ukungakwazi ukubona Ugqamisa
ngoba kunenkungu kukukhohliseka
Eyaba nakho lapho
ephupha lesi sithandwa.
Ukuphebeza Ukuchiliza into Kwakuba nento
ngenhloso emvimbayo lapho ethi
yokuvimba uyamxhawula.
Iziqongo zezintaba Izintaba ezinde Imbongi igqamisa ukuthi
akulula ukuthi baphinde
babonane bathintane

Izibhidi Ukungcola Konke nje kwakuba


okusemanzini kubi,kube muncu uma
kuwenze adungeke. esekhumbule
isithandwa.
Ukuhlanza ngedela Ukwemukela Uveze ukuthi noma
kubuhlungu kunjalo
kodwa wamukele.
Isibibithwane Umsindo olokhu Imbongi isiyakhala
wenzeka kakhulu

120
emuva kokukhala Isize yaba
isikhathi eside nesibibithwane.
Ukunakashela Into engadluli Imbongi igqamisa
kalula ekunamathele ubunzima
bokudlulisa
bokukhohlwa.

15.NGIPHE ISINEKE

UMQONDO OSOBALA:
Kule nkondlo imbongi idinga isineke nokubekezela.Ibona kunguMdali kuphela
ongayipha lesi sineke kule ndlela eyithathayo,Ibona kunguMdali ungayipha
ukuhlakanipha nothando ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga
engahlangabenzana nazo endleleni.Nakuba le ndlela ezikhethele yona
inobunzima futhi iyenyukela icela uMdali ukuba ayithwale
Imbngi icela uMdali ukuthi ayisize iyihambe le ndlela ngempumelelo nakuba
kunezinkinga ezingayihikameza

UMQONDO OJULILE:
Imbongi ikhethe iNkosi idinaga isineke sokuhamba le ndlela entsha eyiqalayo
ewumqansa edinga isineke sokuyiqwala. Nakuba le ndlela iya empumelelweni
kodwa kunezinkunga ezohlangabezana nazo ezidinga amandla oMdali okunguye
ongayipha isineke nokubekezela.

Ukukhethwa kwamagama
 Mqans’engisawuqophayo: Imbongi icela isineke sokuhamba le ndlela
eyithathayo
 Sokuwuqwala ngiwuqombole: Le ndlela ayilula iyenyukela imbongi icela
isineke ukuze iyihambe le ndlela kuze kube sekugcineni
 Hamb’engizihlelele lona: Imbongi icela uthando nesineke ukuze iyihambe
le ndlela ezikhethele yona
 Impumelelo ingikukhanya: Imbongi ifisa ukuyihamba le ndlela ngem-
pumelelo ngoba le ndlela iyisana ekukhanyeni okungapheli
 Izimvula zinginetha,ngikhoselise: Nakuba le ndlela inezinkinga,imbongi
icela uMdali ayisingathe,ayivikele
 Ufasimba lungisitha,ngiqanul’amaqaphelo: Imbongi icela uMdali ayivule
amehlo lapho ingaboni kahle khona kule ndlela

121
 Ngithuntubezele lezi zinciji: Imbongi icela uMdali ayinqundele noma
avimbe izinkinga ezingayivimba kule ndlela
 Ukushaya ungqimphothwe: Imbongi idinga lesi sineke ukuze noma endlel-
eni iwa ingabi sakwazi nokuqhubeka endleleni uMdali ayisize
 Ukuhlaba ngedolo: Imbongi ifisa ukukhulela uma sekunzima endleleni is-
ishlangabezene nezinkinga
 Ontanga bami bangishiyile: Kunabantu asebengaphambili imbongi efisa
ukubafica ngoba bona basithola lesi sineke ingakho nayo isicela
 Ngicothoze ngicondoze: Imbongi ifisia ukuyincenga le ndlela iyihambe
kancane ize ifike lapho iphikelele khona
 Ngilisubathe: Imbongi ifisa ukuligijima leli banga ize ifike empumelelweni
 Nenja yaze yawaqeda amacubane ngolimi: Nayo imbongi kancane kan-
cane iyoze ifinyelele kuleli banga elihambayo uma uMdali eyiphile lesi
sineke njengontanga bayo eyabanika.
Umoya: Umoya wokunxusa.Imbongi inxusa uMdali
Indikimba: Inkolo-imbongi inxusa uMdali ukuba ayiphe isineke sokuhamba le
ndlela eyithathayo

Umyalezo: Indlela eya empumelelweni idinga isineke


Isigqi: Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa, imbongi inxusa uMdali
Ithoni: Yokuncenga

UMDLALO -UKUFA KUKASHAKA


AMABANGA ESAKHIWO SOMDLALO

ISETHULO
Lapha sethulelwa umlingiswa oyiqhawe noma ummeleli nenkinga abhekene
nayo, isizinda, isisusa sodweshu kanye nabanye abalingiswa abaqavile
ababambe amaqhaza ahlukahlukene.
 Sethulelwa umlingiswa oyiqhawe/ ummeleli iNkosi uShaka elawini layo
kade ivakashelwe omunye wabafowabo uDingane.
 Inkinga yayo icabanga ngamazwi ashiwo uDingane athi “umbango usuka
emlotheni”.
Okungukuthi nakuba engenankosana bakhona abayodla ifa lakhe na-
bangahle bamgudluze. Nabafowabo base bekhombisa ukungabi mnandi.
 Isisusa sodweshu ukuthi uMkabayi wayezoshwelezela uNonkenkeza
owayesolwa ngokuthakatha. INkosi uShaka ayifunanga ukumxolela iz-
ithethelela ngokuthi umthakathi akaphili kwelakhe. UMkabayi umtshengisa
indlela uShaka abusa ngayo nokuthi akufanele abantu bayisabe futhi bab-
ulawe ngesihluku.
 Sethulelwa nabanye abalingiswa abaqavile okunguMkabayi, uJeqe kanye
noDingane.

122
 Le ndaba yenzeka ngesikhathi sasemandulo noma sakudala izizwe zis-
abuswa amakhosi.
 Ukuhlaselana yimpilo yemihlangemihla kwandiswa nokuvikelwa
kwemibuso yamakhosi.
UMZIMBA:
UKUBHEBHETHEKA KODWESHU
Lapha-ke umlingiswa oyiqhawe simthola ewa evuka nokuxazulula inkinga yakhe.
 Kulo mdlalo amazwi ashiwo uDingane kuShaka afika ashiwo uMkabayi
emva kwengxoxo yabo.
 UShaka kumphatha kabi ukusongelwa uMkabayi, kodwa wafunga wag-
omela ukuthi uzowumisa umbuso kaZulu esongelwa enjalo.
 Udweshu luyabhebhetheka manje uShaka ubatshela ngobubi babo ose-
bubonwa yiwo wonke umuntu ngezinye izindlela wayefuna ukubatshela
ukuthi uyazi ukuthi kukhona abafuna ukukwenza.
 UShaka ubatshela ngazimisele ukukwenza ukunqoba ezinye izizwe ukuze
akhe umbuso kaZulu omkhulu.
 UMhlangana, UDingane noMbopha bayaphikisana nokushiwo uShaka.
Munye kuphela umuntu owayevumelana noShaka kwakunguJeqe ka-
Sompisi.
 UShaka ubathumela kohlasela uMjojeni Ngcobo ufuna babesekhaleni
lempi.
 Akubaphathanga kahle okwenziwa uShaka ukuthi bayolwa nengwazi en-
jengoMjojeni babona efuna bafe.
 UMkabayi simthola ephindela kuShaka ngalokhu ayeyomxwayisa ngakho.
 UMkabayi utshela uShaka ukuthi uma engakuqikeleli lokhu akushoyo um-
buso wakhe uwubona uhlakazeka futhi ubona izizwe ziphindela ebumnya-
meni ekade ezephule kubo.
 UShaka umtshela nokuthi oMkabayi bambona ebusa ngesihluku uma
yena Shaka ebulala amasela nabathakathi.
 UShaka utshela uMkabayi ukuthi yena ukholelwa ukuthi umuntu uma enze
okungalungile kufanele kuphele ngaye.
 UMkabayi uvakashela uDingane umtshela ngokufanele akwenze njen-
goba uShaka efuna ukumbulala nje.
 UMkabayi uvezela uDingane ingozi abhekene nayo uze asho ukuthi abap-
hansi basambhekile kodwa uma engenzi mzamo wokuzisindisa nabo bay-
ohlanza ngedela.
Uze afanekise ngezinkomo ukuthi ziyakuzwa ukufa uma kuza.
 UDingane ugcina evumelana noMkabayi naye uveza ukuthi ingozi alen-
gela kuyona uyayibona.
 UMkabayi ufuna kube uDingane othatha ubukhosi bukaShaka. Umcebisa
ngokuthi akakhulume noMhlangana kanye noMbopha ukuze benze itulo
lokubulala uShaka.

123
 UDingane simthola ekhuluma yedwa emva kokuba esehambile uMkabayi.
Uvalo luyamshaya kodwa itulo wazitshela ukuthi uzolakha. Kusenjalo es-
acabanga ezwe izwi limtshela “Nampo ubukhosi Dingane, bucoshe”.
UKUJEQEZA EMUVA
 Ukufika kukaMkabayi ezotshela uShaka ukuthi uNonkenkeza umthumele
ukuba azoshweleza kuShaka.
 UShaka simthola esesele yedwa ecabanga amazwi afike ashiwo
uMkabayi kanti noDingane wayekade ewasho ngaphambilini athi “um-
bango usuka emlotheni”. Umbhali usivezela ukuthi akuwona amazwi ok-
uqala lawa ashiwo uMkabayi nezinye izibonelo.

ISU LOKUBIKEZELA
 Sithola uShaka exoxa noJeqe ngenkathi emthuma ukuthi ambizele
oDingane ukuze abatshele ngesinqumo sakhe sokuthi baye kohlasela
uSoshangane. Uma sebehlukana UShaka uthi kuJeqe elokufa alitsheli.
 Sibuye sithole ngenkathi ekhuluma nenyanga yakhe UShaka uzwa umzi-
mba wakhe utubekile sengathi ubenza umsebenzi onzima noma omkhulu.
UShaka wayebikezela ngokufa kwakhe nezinye izibonelo.
ISIXAKAXAKA
 UShaka ubikelwa ngohambo ababe nalo kade ebathume ukuba bayohla-
sela uMjojeni.
 Isu likaShaka aliphumelelanga lokuthi bafele empini. Babika ukuthi uM-
jojeni akazange abalwise uvese wazishwelezela.
 UShaka ubatshela ukuthi sekufanele bayohlasela uSoshangane, kodwa
ufuna bahambe bodwa.
 Ugqayinyanga ukhuluma nenceku ngakuzwile ngenkathi uMkabayi ebiza
uDingane ngenkosi futhi sengathi uMkabayi useke wahilana noShaka.
 Ugqayinyanga ufuna ukutshela uMbopha noma uJeqe le ndaba ezwe ow-
abo umoya kodwa inceku ibona kuyindaba yomndeni lena.
 UDingane uhambela uMbopha umtshela ngenkululeko eza nayo.
 UDingane ubuye amtshele ngetulo okufanele balenze ukuze uShaka afe.
 UMhlangana ungena ngenkathi uDingane ekhuluma noMbopha.
 UDingane ubachazela ngobubi bukaShaka nezinto azenzile njengokubu-
lala abantu bengenzanga lutho.
 UDingane ubuye abatshele ukuthi lokhu akucebayo kuvunywa ngisho
abaphansi. Uze abavezele ukuthi nabo bayefana noShaka abahluke
ngalutho kuyena futhi kukhona lana eshoda khona kunabo.
 UDingane uveza ukuthi uShaka kufanele adedele uMhlangana, kodwa
uMhlangana uyazihlangula kulokho.

124
 UDingane ubavezela nomonakalo asewenzile uShaka njengokuphendula
amanxuluma abe amanxiwa, abafazi nezingane kugcwele izintaba,
abanye bayazibulala ngenxa yakhe uShaka.
 Simthola ebavezela nokuthi uShaka ulala ubuthongo ebusuku bona
bamgadele izimpi zezitha ahambe ezenza yena.
 UMhlangana kanye noMbopha balivuma itulo lokubulala uShaka.
 UJeqe uxoxela ugqayinyanga iphupho lakhe aliphuphile lapho ebona
inkosi iqingqilizile, yopha abone iziphundu zalabo abayigwazile seziy-
osithela.
 Ugqayinyanga utshela uJeqe ukuthi uMkabayi akasasuki elawini
likaDingane kanti uDingane akasasuki kwelikaMhlangana.
 UJeqe ukhuluma noShaka mayelana nokuthi kubizwe uDingane, uM-
bopha kanye noMhlangana mayelana nokuhlasela kwaSoshangane.
 UShaka utshela uJeqe akufisayo ukuba kwande ubukhosi bakhe.
 Umbiko kaShaka wedluliselwa koDingane uJeqe.
 Sithola oDingane befika kuShaka abatshele ukuthi kufanele bahlasele
uSoshangane.
 Wabatshela ukuthi uJeqe wayemthumile benoNongo.
 UDingane, uMhlangana kanye noMbopha basephethelweni letulo labo.
 UDingane ubatshela ukuthi kufanele uShaka afe lingakafiki elakusasa
njengoba efuna bahlasele kwaSoshangane.
 UMkabayi ufika kuxoxa oDingane.
 UMkabayi uyabathethisa usho nokuthi ukufa kwathi kuqhobozela isizwe
babukela nje.
 UMkabayi ubabuza umbuzo wokuthi bona ukufa ngeke yini kwababulala.
 UMkabayi ubatshela ukuthi ufuna baphelezele uDingane uma eseyobulala
uShaka.
 Ubatshela nokuthi uShaka ufuna ukubabulala njengoba ethi abaye
kwaSoshangane.
 UDingane utshela uMkabayi ubunzima abanabo ngoba uJeqe usebuyile it-
ulo labo ngeke lifezeke kahle.
 UMkabayi utshela uDingane ukuthi uJeqe ngeke angene esibayeni nen-
kosi njengoba efika ebusuku inkosi iyovuka nenyanga yayo kuphela.
 Uze amtshele ukuthi kufanele bayobhaca emva kwesibaya bangangeni
kuze kube inyanga iyachela. Uma iqeda ukuchela kufanele babande ngez-
impundu zesango uMbopha bese egwaza kuqala.
ISIGAMEKO ESIFIHLELWE UMLINGISWA OTHILE
 UShaka ufihlelwe nguMkabayi noDingane ukuthi bakha itulo lokumbulala.
 UShaka ufihlela abafowabo ukuthi ufuna ukubabulala njengoba efuna
baye kohlasela kwaSoshangane.

125
UVUTHONDABA/UVUTHWANDABA
 Kulo mdlalo sithola uShaka eselawini lakhe kanye nenyanga yakhe.
 UShaka ukhala ngokutubeka komzimba enyangeni yakhe. Ngenkathi in-
yanga noShaka beselawini uDingane, uMhlangana noMbopha bona
benza njengoba ayeshilo uMkabayi bacashile.
 Inyanga iphindela emuva kade iyochela oDingane, uMbopha noMhlan-
gana bangena bagwaza uShaka.
 UMbopha umgwaza kuqala bayalandela nabanye.
 UShaka ukhala ngokubulawela ubukhosi.
 Ubaqalekisa ngezinyoni zolwandle azibhekile. Bayabaleka emva kokubu-
lala uShaka.
ISIPHETHO
 Kulo mdlalo sithola esiphethweni uJeqe ethatha isidumbu sikaShaka.
 UJeqe ubona kuwukufa kwesizwe ukufa kukaShaka.
 UJeqe ucabanga izinto ezinhle ezenziwe uShaka njengokumisa
umthetho, inhlonipho nokuzithanda, yize ayenolaka, engathetheleli kanye
nokungancengi.
 Emva kokuphuma kukaJeqe esibayeni kwangena uDingane, uMbopha
noMhlangana basusa isidumbu basifihla emgodini wamabele khona es-
ibayeni.

UMYALEZO
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini

ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo


kubantu ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho
ophelele. Imiyalezo ingehlukahlukana okubalulekile ukuthi umfundi asekele
akushoyo ngokusencwadini.
 Umyalezo walo mdlalo kungaba okunye kwalokhu:
 Kubalulekile ukulalela uma uvuswa. (UShaka simthola engafuni
ukulalela uMkabayi) .
noma
 Umbango usuka endlini. (UShaka wabulawa asondelene nabo kakhulu).
Sithola bembangisa ubukhosi bakhe okungabafowabo okunguDingane,
uMhlangana kanye nobabekazi wakhe uMkabayi.
INDIKIMBA
Indikimba yona-ke ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
 Indikimba yalo mdlalo ukufa noma umbango: ngoba phela indaba
yonke ikhuluma ngokubusa kukaShaka kanye nokufa kwakhe. UShaka
ngenkathi ebusa kukhona abangahambisani nakho njengoMkabayi uze
ayonxenxa uDingane ugcina akhe itulo lokuba agudluzwe.

126
UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
Imicabango yomlingiswa ejulile ngenkinga noma ngesimo
esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo esithile ngaso.
 UShaka uhlezi yedwa elawini lakhe ujulile ucabanga ngamazwi ashiwo
uDingane ukuthi umbango usuka emlotheni. Ucabanga ukuthi kusho
ukuthi kukhona abazomgudluza nezinye izibonelo ezinembayo.
 Luningi olunye udweshu lwangaphakathi umfundi okufanele azitholele
lona.
Udweshu lwangaphandle
Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono okubandakanya
abalingiswa ababili noma ngaphezulu.
 UShaka noMkabayi abazwani ngenkulumo ngenkathi uMkabayi ezosh-
welezela uNonkenkeza.
 UShaka wayefuna abulawe uNonkenkeza kanti uMkabayi wayefuna an-
gabulawa.
 UMkabayi uthethisa uDingane ngokungaboni inkinga abhekene nayo ok-
uyinkosi uShaka.
 Luningi olunye udweshu lwangaphandle umfundi okufanele azitholele
lona.

IZIGAMEKO/IZEHLAKALO/IZIGIGABA
Lapha sibheka izigigaba ezikhona emdlalweni ezinyusa indaba iye
kuvuthondaba.
 UMkabayi abezwani nenkosi uShaka kubangwa indaba kaNonkenkeza.
 UDingane abezwani nomfowabo inkosi uShaka uze athi umbango usuka
emlotheni
 Inkosi uShaka ibulawa abafowabo kanye noMbopha bayigwaza esibayeni
ngemikhonto ize ife.
 Zikhona nezinye izigigaba umfundi angazitholela kulo mdlalo.
ABALINGISWA
 Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye
endabeni:
Inkosi uShaka – Inkosi yesizwe samaZulu indodana kaSenzangakhona
noNandi
UMkabayi kaJama– Ubabekazi wenkosi uShaka, udadewabo kaSen-
zangakhona
UDingane- Umfowabo kaShaka
UMhlangana– Umfowabo wenkosi uShaka ozalwa ngomunye umama
esithenjini

127
UMbopha kaSithayi – Iqhawe elingumngani omkhulu wenkosi uShaka
UJeqe – Insila kaShaka.

 Abalingiswa abangabalulekile:
UHlambamanzi-Inceku eyeza nabelumbi
UGqayinyanga – umqaphi wasebukhosini
Inceku – Isikhonzi sasesigodlweni
Isigijimi- Isigijimi sasesigodlweni esithwala imiyalezo ebalulekile

 Umlingiswa oyiqhawe/ummeleli: uShaka ngoba:


Indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe, zonke izigameko zendaba zithinta
yena.
Uyena esimthola esenkingeni ngenkathi ecabanga ngamazwi ashiwo
uDingane athi “umbango usuka emlotheni” futhi la mazwi ayekade eshiwo
uMkabayi ngaphambili. Okungukuthi nakuba engenankosana bakhona
abayodla ifa lakhe nabangahle bamgudluze.

 Imbangi
Lona umlingiswa noma umdlali obangisa noma olwisana nokuphumelela
kommeleli emdlalweni. Uyaye enze izinto ezizodala ukuthi iqhawe lomd-
lalo lingaphumeleli. Kulo mdlalo imbangi uDingane ngoba uyena ofuna
ubukhosi bukaShaka.
 Umqhathi
Lona ngumdlali/umlingiswa ongena phakathi kwabalingiswa ababili
abangenhla. Lo mdlali uyena oqhatha ummeleli kanye nembangi, Abanye
ababhali abasebenzisi umdlali ongumuntu ophilayo kodwa basebenzise
isimo esithile esizovela emdlalweni. Kulo mdlalo umqhathi umbuso lo
obangwayo. UMkabayi akayena umqhathi kodwa ubhebhezela isimo
esikhona.

UKUVEZWA KWABALINGISWA:

 Iningi labalingiswa kulo mdlalo. Baziveza bona ngezenzo zabo kanje:


 UShaka - Uvezwe njengomuntu obambelelayo kulokho akholelwa kuk-
hona, ononya, ongaxoli, obusa ngegazi okholelwa ezinyangeni njll.
 UMkabayi – Uvezwe njengomuntu oyishinga, odelelayo, onolaka, oyiqili
onenhliziyo embi njll.
 UDingane – Ungumuntu oyigwala, oyiqili, onenhliziyo embi okholelwa
kwabaphansi njll.

UMSEBENZI WOMLANDI/IQHAZA LOMLANDI:

128
Bheka amanothi asekuqaleni
ISIZINDA:
Lokhu kusho indawo, isikhathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni)
emdlalweni/ enovelini.
Indawo
Mayelana nendawo sibheka ukuthi umdlalo wenzeka kuphi? Kungaba indawo
yasemakhaya noma eyasedolobheni njll.

Inkathi
Mayelana nenkathi sibheka ukuthi ngabe indaba yethu yenzeka esikhathini
sakudala noma sanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo njll.

Isimo senhlalo
Mayelana nesimo senhlalo sibheka ukuthi kuhlaliswene kanjani noma indlela
okuhlaliswene ngayo okungaba imindeni, omakhelwane njll.
Isizinda salo mdlalo singachazeka ngale ndlela:

 Indawo: Kusemakhaya. Sithola uMkabayi eselawini likaShaka. Inkosi


uShaka ibulawela esibayeni bese isidumbu sayo sifihlwa emgodini
wamabele. UShaka uthumela impi kwaSoshangane, ukuthethwa
kwamacala esigcawini, ukubusa kwamakhosi njll.

 Inkathi: Le ndaba yenzeka esikhathini sakudala noma ngesikhathi sase-


mandulo izizwe zisabuswa ngamakhosi ngokuphelele. Ukwandiswa
kwemibuso kwakuyiyona mpilo futhi kugwazwana ngemikhonto njll.

 Isimo senhlalo: Simuncu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.


UMkabayi uvezela uDingane ububi bukaShaka. Ngakolunye uhlangothi
uShaka uzama amasu okubulala abafowabo ngokuthi afune bayolwa izi-
mpi, kodwa awaphumeleli amasu ache. Itulo likaMkabayi ligcina
liphumelela njll.

ISAKHIWANA
Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane esiba
ngumxhantela
wesakhiwo esikhulu sendaba. Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane
ethile ngomlingiswa othile endabeni nokubambezela ukukhula ngokushesha
kwesakhiwo sendaba ukuze ingasheshi iphele. Isakhiwana siba nomlingiswa
oyiqhawe othile nesigameko esakhelwe phezu kwaso kanye nala mabanga
atholakala esakhiweni esikhulu: isingeniso, umzimba nesiphetho.

129
 Isigameko lapho uDingane eya kuMbopha eyomtshela ngenkululeko am-
phathele yona kuze kufike noMhlangana abajoyine. UDingane ubatshela
ngokufanele kwenzeke kungaze konakale njll.

UMOYA
Bheka umoya endabeni yonke.

ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe,
isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.
 UJeqe ekhuluma nenkosi uShaka – ithoni yokuhlonipha
 UMkabayi ekhuluma nenkosi uShaka ithoni yokudelela
IMIBUZO EMIDE YOMDLALO
1.Phawula ngodweshu kulo mdlalo /Xoxa ngodweshu kulo mdlalo /Hlaziya udwe-
shu kulo mdlalo /Hlolisisa udweshu kulo mdlalo.
2.Phawula ngokuvezwa komlingiswa ongummeleli emdlalweni othi, Ukufa
kukaShaka.
3.Phawula ngokuvezwa kwabalingiswa abalandelayo kulo mdlalo:
4.Xoxa/Phawula ngesakhiwo salo mdlalo “Ukufa kukaShaka”
5.Xoxa/Hlolisisa/Phawula ngesizinda salo mdlalo, “Ukufa kukaShaka”
6.Xoxa/Phawula ngempulelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: “Umbango
usuka emndenini” ubhekise kulaba balingiswa: UMkabayi, uDingane, uMhlan-
gana, uShaka noMbopha kulo mdlalo “Ukufa kukaShaka”.

130
UKUHLUZWA KOMDLALO-BAHLUKUMEZEKILE BEHLAKANIPHELANA
NJE

Amabanga esakhiwo:
ISINGENISO/ISETHULO
Sethulelwa umlingiswa ongummeleli uVelevele ophuma ejele kade eboshiwe. Lo
mlingiswa unomngane wakhe abaphuma naye ejele okunguMakhosini.
Isisusa sodweshu ukweswela imali kwalaba balingiswa kwazise baphuma ejele
futhi abasebenzi. Yikhona kanye lokhu okubenza bacabange icebo
elizobalekelela ukuze bathole imali.
Sethulelwa isizinda ikakhulukazi indawo lapho indaba izogxila khona.
Indaba iqala isethulele ummeleli onguVelevele ehlezi nentombi yakhe esitolo
sokudla edolobheni.
Kuwo lowo mzuzu bese sithola indawo engumkhukhu abahlela kuwo yonke into
okumele bayenze ukuze kube khona abakutholayo okuyimali kaDesmond.
UMZIMBA
Ukubhebhetheka kodweshu
Ukuzama ukuhlanganisa leli tulo ukuze kutholakale le mali. Lokhu kwenza ukuba
kutholakale amantombazane azosetshenziswa ukuze kutholakale le mali.
Izinsizwa zizama ukuthola izintokazi ezimbili okunguNingi kanye noZodwa.
Konke lokhu kumayelana nenkinga nje eyodwa ukuthi bazoyithola kanjani le
mali.
Isixakaxaka

131
Inkinga yokuzama ukuthola imali kaDesmond iyanda ngoba kugcina kwenziwa
izinto eziningi.

 UNingi ulutha umsebenzi wasengadini uQeda endlini lapho afika amvalela


khona.
 UZodwa uvalela uMyeza endlini kaQeda engemuva kwendlu kaDesmond.
 UDesmond naye ufika uyavalelwa abanikeze izinombolo zokusebenzisa
ikhompuyutha . naye bamvalela endlini kaQeda.
 UZodwa wenza ubuqili imali uyifaka ku-akhawunti yakhe ngoba sebefuna
ukubaleka nayo bangayiniki lezi zinsizwa.
 Imoto kaDesmond yenza kutholakale umkhondo lapho lezi zintokazi
zicashe khona.
 Uvuthondaba

 Abakwasidlodlo bayafika bayabathola bonke lapha kuleli fulethi,


uVelevele, uMakhosini bafica oZodwa kanye noNingi lapho becashe
khona. Kuthe besadingida lolu daba kuvele kutheleke ezikadalawani
zihamba noDesmond. Kwasha !
Isiphetho
(Ingwijikhwebu, ipholavuthondaba)

UKUVEZWA KWABALINGISWA

Izenzo zomlingiswa : uVelvele


 Ukuba isigebengu kukaVelvele kwenza kube lula ukuba aqhamuke
necebo lokuthi imali kaDesmond bazoyithola kanjani.
 Uphuma ejele kunokuba aphindele ekhaya eMgungundlovu uncamela
ukuhlala eBloemfontein ukuze aqhubeke nobugebengu.
 Ngokwakhe wazi ukuthi into ezomkhipha ebubheni ukuba enze
ubugebengu futhi.
 Nakuba kukhona umuntu ofana no-Ezile intombi yakhe ezama
ukumyekisa ubugebengu.

Umlingiswa : uQeda
 Umlingiswa onguQeda ungumlingiswa okhombisa ukuthi uyahlonipha
kepha unguthathekile. Ukuqala kwakhe ukubona intokazi enguNingi
angayazi bese eyathatheka kwamfaka obishini.
 Kungenwa ngaye kwaDesmond ukuze kuqolwe imali le abayifunayo
oVelevele benoMakhosini.

Indawo aqhamuka kuyo umlingiswa


UVelevele uqhamuka endaweni eyilokishi eMgungundlovu. Kuye ubugebengu
kuyindlela yokuphila. Lokhu kuba lula nje ukuqasha indawo engumjondolo
eBloemfontein ngoba befuna ukuhlela indlela yokuqola uDesmond imali yakhe.

132
ABALINGISWA / ABADLALI
Ummeleli

Lona umdlali othwele indaba yonke. Umbhali usebenzisa yena ukudlulisa indaba
yakhe. Indaba yonke isuke ingaye. Izinkinga eziningi zehlakalela yena. Uvamise
ukuvela ezigcawini eziningana emdlalweni.

 Kulo mdlalo ummeleli uVelevele ngoba indaba ingaye kusuks ekuqaleni


kuze kuyofika ekugcineni.
 Nguye oqhamuka namaqhinga ukuthi imali izotholakala kanjani.
Amaqhinga onke aqhamuka naye.

Imbangi

Lona umdlali osuke elwisana nokuphumelela kommeleli emdlalweni. Uyaye enze


izinto ezizodala ukuthi iqhawe lomdlalo lingaphumeleli.

 UZodwa nguye ungqondongqo osetshenziswa ukuba asuse imali ku-


akhawunti kaDesmond iye ku-akhawunti kaVelvele kepha yena wena
ubugebengu imali uyifaka kweyakhe i-akhawunti.

Umqhathi

Lona ngumdlali ongena phakathi kwabalingiswa ababili abangenhla. Lo mdlali


uyena oqhatha ummeleli kanye nembangi. Abanye ababhali bomdlalo kuye
kwenzeke bangasebenzi umqhathi engumdlali ongumuntu ophilayo. Baye
basebenzise isimo esithile esizovela emdlalweni.

 Kulo mdlalo abalingiswa baqhathwa imali yelotho le abayidingayo kaDes-


mond.
 Ukuxabana kwabo kanye nokuvezelana ukuhlakanipha kudalwa imali yel-
otho kaDesmond.

Umlekeleli/Usifuba

Yilaba badlali abathathu abakwazi ukuthwala indaba iye phambili. Laba badlali
bangalekelelwa abanye abadlali okungakhulunywa ngabo kakhulu. Umdlali
obizwa ngokuthi isifuba. Lo mdlali ummeleli uthululela kuyo zonke izinkinga
abhekene nazo.

 uMakhosini usetshenziswe njengomlingiswa oyisifuba kulo mdlalo ngoba


okuningi umlingiswa onguVelevele wayekuthululela kuye lo mlingiswa.

133
 Bobabili babengabangani kusukela ejele lapho babeboshwe khona.

Omunye umdlali umlamuli. Lo mdlali uvamise ukuxazulula izinkinga ezikhona


emdlalweni. Abanye ababhali abavamisisle ukumsebenzisa. Kepha umdlalo
obhaleke kahle uyaye abekhona ukulamula izingxabano ezisemdlalweni.

 U-Ezile ungumlingiswa ozama ukuxazulula izinkinga kulo mdlalo. Nakuba


azi ukuthi isithandwa sakhe uVelevele besiboshiwe kepha wenza imizamo
yokuthi ayeke ubugebengu ukuze aphile impilo eqondile.
 Nakuba yonke imizamo yakhe ihluleka ekugcineni uyaboshwa futhi uVe-
levele.

UMYALEZO
 Ubugebengu abubuyiseli ngoba abangani abaphuma ejele oVelevele
benoMakhosini bakha icebo lokuqola uDesmond isikhumukane esisanda
kuwina ilotho. Lokhu bakwenza ngokuthi basebenzise amantombazane
amabili adayisa ngomzimba okunguZodwa Kanye noNingi. Ekugcineni
bonke bakhalelwa amasongo kaSigonyela.
NOMA
 Ungabomethemba umuntu ngoba kulo mdlalo oVelvele basebenzisa la
mantombazane ukuqola uDesmond kepha ayajika aqola bona uma eseyi-
tholile imali.

INDIKIMBA
Indikimba yalo mdlalo imayelana nobugebengu ( obuhleliwe). Kulo mdlalo
uVelevele benomngani wakhe bakhe itulo lokuthi bazoyithola kanjani imali
kaDesmond yelotho. Bona bayizigebengu eziphuma ejele kunokuba zibuyele
eMgungundlovu zihlala eBloemfontein ukuze zithole le mali.

UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
 UVelevele ukhuluma yedwa ngesikhathi elinde endlini kaZodwa. Ubona
kuhamba isikhathi bengafiki manje akazi noma behlelwe ingozi yemoto.
Kanti kwamoto abahamba ngayo ngekaDesmond. (p 73)
Udweshu lwangaphandle
 UMakhosini uxoxa noDesmond emncenga ukuba abadedele njengoba
beboshiwe la endlini kaQeda umsebenzi wasengadini. Bayaphambana
ngokwemibono ngoba uyesaba ukuthi kungahle libhuntshe icebo labo lok-
uthola le mali abayidingayo. (p81)

134
 UVelevele uphazanyiswa intombi yakhe u-Ezile ngesikhathi besadidekile
emuva kokuba oZodwa benoNingi sebeshaye bachitha nemali ku-
akhawunti yabo. Uncenga u-Ezile ukuba ambhekele ukuthi ayikho yini im-
ali esanda kungena ku-akhawunti yentombazana thizeni. Uqamba
amanga ukuthi le ntombazane iyiqola. Nakuba u-Ezile engathandi uku-
phula umthetho njengoba esebenza la ebhangi kepha ngenxa yothando
ugcina ekwenzile lokho. (p86)
 UMakhosini, uVelevele, uZodwa Kanye noNingi bayanqwamana lapho lezi
zintokazi zibhace khona. OZodwa bebezitshela ukuthi sebeyitholile le mali
futhi ngeke babanikeze oVelevele. Kanti ababuzanga elangeni. (p95)
 UDesmond, uMyeza indodana kaDesmond, uVelevele kanye noNingi
benoZodwa bayanqwamana emuva kokuba oDesmond sebekhululekile
lapho bebevalelwe khona endlini kaQeda. Kuwo lowo mzuzu kutheleka
amaphoyisa ngoba belandela umkhondo wemoto kaDesmond. (p98)

ISIZINDA
Isizinda singumsuka wendaba .Uma kuhlolisiswa isizinda kusuke kubhekwa
izinto ezintathu:
- Okubaluleke kakhulu ngezingxenye zesizinda ukuthi zigqamisa izimpawu
ezitholakala endabeni.
Indawo

 Lo mdlalo wenzeka endaweni yaseBloemfontein.

 Sethulelwa izigebengu ezimbili ezisanda kuphuma ejele uVelevele


benoMakhosini abadabuka eMgungundlovu.

 Kunokuba baphume ejele abuyele eMgungundlovu uqoma ukuhlala


emjondolo ukuze ahlele kahle itulo lakhe lokuzama ukuthola imali bese
bebalekela eNayijera.

 Umngani wakhe uMakhosini yena uhlala elokishini eMangaung.

 Indawo yasedolobheni iBloemfontein inezindawo ezixubile.

 Kukhona izindawo ezingamadolobha, imikhukhu kanye nezindawo


ezakhele idolobha.

 Kunezindawo ezinamafulethi okuhlala abantu. Kulo mdlalo kunamafulethi


ahlala oNingi kanye noZodwa.

 Kunamabhange lapho kusebenza khona u-Ezile. Kubuye kube khona


namaNyuvesi lapho kufunda khona uMyeza indodana kaDesmond.

135
 Ukuxuba kwalezi zindawo kwenza inhlalo ingafanani. Kunezindawo
okuphilwa kangcono kuzona kanye nalezo ezinobuphofu.
Inkathi

 Lo mdlalo wenzeka enkathini yamanje. Lokhu kufakazelwa indaba yelotho


okuyinto esanda kusungulwa. Ukuwina kukaDesmond lelotho nje
kukhomba kona ukuthi inkathi yamanje.

 Ukuhlala kukaDesmond esilungwini kugqamisa inkathi yamanje. Abantu


abamnyama babengavumelekile ukuthi bahlale nezinye izinhlanga kuqala.

 Ukusetshenziswa kwamakhompyutha ukwenza izinto ezihambisana


nobugebengu kugqamisa inkathi yamanje. Ukwazi ukusebenzisa
ikhompyutha kukaZodwa ngale ndlela kukodwa kukhomba ukuthi lo
mdlalo wenzeka enkathini yamanje.

 Ukufunda kwendodana kaDesmond eNyuvesi kukhomba ukuthi lo mdlalo


wenzeka enkathini yamanje.
Isimo senhlalo
Isimo kulo mdlalo siqala sisihle. Siqala ukuguquka uma uVelevele benomngani
wakhe bakha itulo lokuqola uDesmond imali yakhe. uDesmond uhleli kahle
emzini wakhe nakuba engenankosikazi. uQeda usebenza kahle futhi unendlu
ahlala kuyo kulo muzi kaDesmond.
UDesmond kanye nendodana yakhe kunokuzwana ngoba uyayihambisa ayise
esikoleni abuye ayilande.
Isimo siqala ukuguquka uma kuvalelwa uQeda endlini nguNingi. Emuva
kwalokho kuvalelwa uMyeza indodana kaDesmond. Baphetha ngokubamba naye
usokhaya uDesmond bayamvalela ukuze baqhubeke netulo labo lokungena
kukhompuyutha kaDesmond bese bethatha imali.

Isu lokubikezela:
uMakhosini ubuza umngani wakhe ukuthi ngabe leli lokuthola imali lizosebenza
na ngoba akafuni ukuzibona esephi

INOVELI- INKINSELA YASEMGUNGUNDLOVU- S NYEMBEZI

ISAKHIWO
Isakhiwo senoveli siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika
ekugcineni. Kubhekwa ukuthi indaba kubhekwa iqala kuphi ize uphele kuphi.

ISINGENISO

136
Lapha sethulelwa umkhulu, isisusa sodweshu kanye nendawo laphoindbaba
yenzeka khona. Inkinga yomlingiswa iyethuleka nayo kuleli zinga.
 Sethulelwa umlingiswa omkhulu uMkhwanazi ethola incwadi eyayivela
kumuntu waseMgungundlovu ayengakaze ambone.
 Isesusa sodweshu naso siveziwe esingenisweni okuwukufika
kukaNdebenkulu kwaMkhwanazi be eyisicwicwicwi kanti kwaMkhwanazi
badla imbuya ngothi. Lokhu kwenza ukuthi uMantuli abone kungcono ivele
ilahlwe le ncwadi yalo muntu ozovakasha kwaMkhwanazi kodwa
uMkhwanazi ushaya phansi ngonyawo.
 Indawo nayo iyavela khona esingenisweni ukuthi kusemakhaya lapho
kusafuyiwe, kunezinkomo. Nakhu uMantu esho ukuthi uzolala sizolala
ngani isivakashi ngoba ishidi lilodwa elinye ishidi liqeda kudliwa izinkomo
zakwa Nkosi.
 Nenkathi iyavela khona esingenisweni. Isikhathi sakudlala lapho abantu
besabhalelwa izincwadi.
 UMkhwanazi uthola incwadi uthola incwadi evela kumuntu angamazi
waseMgungundlovu.
 Abantu abayizicwicwi bayahlonishwa emiphakathini.
 Isivakashi sakwaMkhwanazi sibizwa ngokuthi isikwaya okwenza uMantu
azibuze ukuthi sizoala ngani njengoba bengenalutho olungalalisa lesis
sicwicwi esizayo.

UMZIMBA:
UKUBHEBHETHEKA KODWESHU
 Inkinga evelayo ukuthi alikho ibhasi ngeSonto, uNdebenkulu sekufanele
afike ngoMgqibelo efikela kwMkhwanazi ukuze ngoMsombuluko avukele
emhlanganweni awuizile
 UThemba uvukela esiteshini eThisayidi nekalishi ukuyohlangabeza
esasingalindele ukuthi sizolandwa ngekalishi sase sijivaza ikalishi silibiz
ngebhokisi, sibabaza nobuphansi bendawo yaseNyanyadu size siveze
nokuthi uma besazile engabe sifike ngemoto yaso ngoba sona asinamoto
kodwa sinezimoto .
 UNdebenkulu ukhlela ipotimende lakhe alithenga ngemali eshisiwe eselizo
eselizoboshelwa enkalishini ngemichilo yezikhumba zenkomo .

 UThemba uthukutheliswa nguNdebenkulu endleleni ogxeka onke into


yaseNyanyadu.

 Uma sebekwaMkhwanzi oThemba noNdebenkulu, uNdebenkulu uyawa


uma esehla ekalishini kudabuka nebhuLukwe lakhe edolweni

137
 UNdebenkulu uthukuthelela uThemba ngokuwa kwakhe ekalishini kanti
uyena oziwisile.

 UNdebenkulu ubalisa ngokugitshezwa kwakhe ekalishini ebe engumntu


omkhulu futhi owazana nabelungu abakhulu esho epotshoza nesingisi
enkulumeni yakhe.

 UMaNtuli uzama ukuxolisa kuNdebenkulu ngokuwa kwakhe kodwa


uNdebenkulu akakwemukeli lokho

 Ngosuku lomhlangano ngoMsombuluko abantu abasigcini isikhathi


uNdebenkulu uthi ingoba bangabantu basemakhaya, emaphandleni
abangasazi kahle isikhathi

 UNdebenkulu wethulela umphakathi inhloso yomhlangano okuwukusiza


umphakathi ukuthi awudayisele izinkomo zawo kubelungu amasilaha
nezindali ngemali enkulu.

 Ukhombisa umphakathi isheke lomunye umntu amsizile angakaledluliseli


kuyena.

 Umphakathi uyalutheka uma ubona imali engaka ebhalwe eshekeni.

 Bayasuka abantu bayobikela inkosi ngesivakashi abasisolayo sengathi


sizoqola abantu benkosi

 Inkosi Ibiza imbizo khona uMpungose ezombukisisa kahle uNdebenkulu


bese embopha uma eyisigelekege.

 Embizweni uMpungose uyehluleka ukubona ukuthi uNdebenkulu


isigebengu ngoba wayengasazi nalesi sigebengu ayesifuna, wasinda
kanjalo uNdebenkulu.

 Izinkomo ziyahamba zisiwa esiteshini ukuze zihambe noNdebenkulu

Uvuthondaba
Ukuvela nje ukuthi uNdebenkulu lo abantu baseNyanyadu abamthathela
phezulu inkunzi yesigebengu esesibaqedile abantu sibagebenga.Ukuvela
ukuthi uNdebenkulu waqola umfelokazi wathatha zonke izinkomo zakhe
ethi uyomdayisela. Ukuvela ukuthi uNdebenkulu ungu-EE Mlomo
njengokusho kwakhe kumfelokazi. UNdebenkulu uyabaleka ngoba
esebona ukuthi amaqhinga aphelile kodwa oThemba noDliza bemjaha
ngamahhashi baze bambaba, bammukuza. UDliza wadedela isibhakela
kwapiza izinyo elalilengela odebeni lwangezansi, Abaseshi nofokisi baka

138
esenabile ukushaywa, Saboshwa kanjalo isithenjwa sabelungu

Isiphetho
Kuleli noveli esiphethweni Themba bagoduka ngamahhashi beqaphe abafana
ababeqhuba izinkomo, kwathi Umkhwanazai noShandu bagoduka ngekalishi
ibhokisi elabonwa uNdebenkulu.
Siyayithola ingwijikwebu esiphethweni saleli noveli. Esiphethweni, besilindele
ukuthi izinkomo zabanumzane baseNyanyadu zigibele noNdebenkulu ahambe
achithe nazo njengokuhlela kwakhe kodwa kwangaba njalo. UNdebenkulu
waboshwa esiteshini phambi kwezihlwele zabantu ngemuva kokuba eseshaywe
ngoThemba noDiliza.

ISIZINDA:

Indawo:
Uma sikhuluma ngendawo sibheka lapho umdlalo owenzeka khona. Kungaba
indawo yasemakhaya, emadolobheni njll. Le noveli sithola indaba yenzeka
endaweni eNyanyadu okuyindawo yasemakhaya lapho abantu bakhona
besaziphilisa ngokulima nemfuyo.
 UNendenkulu usuka le eMgungundlovu ukuzoqola imfuyo yabanumzane
baseNyanyadu oMkhwanazi, Shozi, Buthelezi nabanye.
 Inkomo yakwaNkosi yadla ishidi likaMaNtuli elalenekiwe ocingweni
phandle.
 Kwafuneka uMkhwanazi ashiye phansi ukulima ahambe ayomema
amanye amadoda njengoShozi, oButhelezi nawo ayesemasimini elima
ukuba athamele umhlangano kaNdebenkulu.
 Ngesikhathi uThemba efika noNdebekulu bevela esiteshini, uMkhwanazi
wayesemasimini.
 Amakhosikazi ayethwala imithwalo ekhanda kuth amadoda ayetshathe.
Lapha sibala amakhosikazi njengoMaNtuli, oMaShezi namanye
babethwala emakhanda imithwalo, kuthi amadoda wona njengoNkabinde,
Buthelezi namanye ayitshathe emahlombe imithwalo. Imigwaqo ilubhuqu
kule ndawo.
 ENyanyadu njengoba ibhasi elalisukua eDundee liya eNyanyadu lalithi
lingahamba kusukue uthuli lubheke phezulu emgwaqeni.
 Kuysasindwa kule ndawo. Kuthiwa indlu yesento aya kokhonza kuyona
uNdebenkulu eNyanyadu yayisindwa okwenza ukuthi kuthi uma

139
sekufanele kuguqew kuthandazwe, uNdebenkulu wakhipha amaduku
akhe amhlophe wawendlala phansi wase eguqa phezu kwawo.
 Indawo le yasemakhaya lapho kusaphethe inkosi. Nakhu nje iNkosi ibize
imbizo ukuze uMpungose abhekisise ukuthi uNdebenkulo lo akuyena yini
isigebengu lesi asifunayo.

Inkathi:
 Ukuphila kule ndawo kunzima kakhulu ngoba izindlela zokuxhumana
ezisheshayo azikho.
 Iposi livika kathathu nngesonto futhi lifikela emzini wontu lapho wonke
umphakathi ubuthanela khona ukuzobheka iposi.
 Iposi lalifikela kwaLukhozi eNyanyadu. Sithola ukuthi kusaboshelwa
amahhashi ukudonsa abantu njengoba uNdebenkulu wayegibele
eklalishini ngesikhathi elandwe uThemba eThisayidi emusa
kwaMkhwanazi.
 Izinto zokuhamba azikho kahle. Linye ibhasi elihamba kule ndawo
yaseNyanyadu elihamba kanye ngosuku ngaphandle kwesuku
lwangeSonto.
 Abantu abakafundiseki ngobugebengu basemadolobheni. UNdebenkulu
ufika eNyanyadu ukuzoqola umphakatghi wonke ngemfuyo yabo ngopba
umphakathi ungazi lutho ngobugebengu basemadolobheni.
 Umphakathi uma ubona uNdebenkulu, ubona uMnumzana ohloniphekile
ozowusiza ngempela.
 Izinga lemfundo emphakathi lisephansi kakhulu. UThemba kuphela
ezizwa ukuthi usesekholeji, iningi labantu alifunda kuyaphi njengoba
uMaNtuli wagcina ebangeni lesi-6.
 Ukungafundi komphakathi kwenza ukuthi uma ubona umuntu
onjengoNdebenkulu oziphakmisayouvesane ukholwe yikho konke
akushoyo. Indaba yenzeka esiikhathi sakudala lapho umuntu wokuhamba
ethathelwa phezulu.
 Naku nje uNdebenkulu efika kwaMkhwanazi bengakaze bambone kodwa
bamthathela phezulu, bayamlalisa bengacabangi nokuthi bamedlulisele
emaphoyiseni noma-ke enkosini yendawo.

Isimo senhlalo:
 Kuleli noveli kwaMkhwanazi sihle. Kunokubambisana phakathi
kwamalunga omndeni wakwaMkhwanazi.
 Lokhu kubonakala laphouMkhwanazi ethola insambatheka yencwadi
evela kuNdebenkulu, athi angayifunda, imdide bese eya kunkosikazi
wakhe emfundela. Siyambona uMaNtuli ejabulela indoda yakhe
uMkhwanazi ukuthi yaziwa nakoMgungundlovu lapho ingakaze ilugcobhe
unyawo lwakhe khona.
 UThemba kuthiwa akalande uNdebenkulu eThisayide ngekalishi
nangempela uyakwenza lokho.

140
 Kuyavela nokuphilelana komakhelwane okuhle kuleli noveli. Uma
uMaNtuli exakwe ukuthi kambe uzosithini isicwicwicwi sakwakhe njengoba
bona beziphilela ngokudla kwesintu, ucela umkhelwane wakhe uMaShezi
ukuthi aze azomshiza ngokuphekela uNdebenkulu njengoba yena wake
wasebenza nasesilungwini nje.
 Esontweni nakhona siyawuthola umoya omuhle wokuphilelana. Indlela
amalungu esonto nesingane ezazicula ngayo ukuze uNdebenkulu azizwe
ukuthi zicula kahle kwakukhombisa ukuthi ziyaqmamukela lo muntu
omkhulu ovakashile.
 Amadoda aseNyanyadu uma ebizelwa emhlanganweni kaNdebenkulu
( oShandu, Shozi, Buthelezi) ayasamukela isimemo bese ethela
ngobuningi bawo emhlanganweni.
 Konke lokhu kukhombisa ukuphilelana.
 Nakho-ke ukuziphakamisa kukaNdebenkulu kuyawuhlakaza umoya
kaMantuli noThemba baze bagcine bengamthandisisi kahle futhi besola
nokuthi sengathi akaphilile ekhanda.
 UNdebenkulu utshela uMaNtuli ukuthi ikhanda lakhe alithathi kahle.
 Uthi yena ukube besazi ukuthi uzogitshezwa ekalishini nasebhokisini
engabe uze ngemoto yakhe kanti uthi lala lulazi sikwengule.

Qaphela:Kuningi esingakufaka lapha ngenhla. Thina nje besikha phezulu ukuze


ubone ukuthi indlea iya ngakuphi.

INDIKIMBA:
 Indikimba yale noveli ithi: Ubugebengu.
 Le noveli imayelana nobugebenguobahlelwa nguNdebenkulu
ukuzogebenga umphakathi waseNyanyadu.
 Indaba ixwayisa abafundi nomphakathi ngobugebengu obenziwa
ngabantu abasuka emadolobheni amakhulu emaphandleni.
 Singasho nje ukuthi okumele kukhumbuleke ukuthi izigebengu
zihlakaniphile, ziyayihlela kuqala indlela ezisuke zizogebenga ngayo
umphakathi. NoNdebenkulu siyambona efika eNyanyadu esehlome
nangezincwadi ezimncomayo zitusa umsebenzi wakhe awenzayo ukusiza
abantu, kanye namakhadi azikhangisa ngawo abhalwe igama nekheli
lakhe.
 Lokhu kwenza kuthi noma bekhona abantu abaonayo ukuthi sengathi
uNdebenkulu usenga ezimithiyo ngobukhulu bakhe kodwa bavaleke
imilomo uma eseveza ubufakazi bokuthi ngempela uyabasiza abantu
abantulayo futhi bakhona nasebasize baze baphumelela ebumpfini babo.

UMYALEZO

 Ungathembi wonke umuntu. Abanye abantu beza kuwe sengathi


bakulethele usizo kanti bayizimpisi ezembethe izikhumba zezimvu

141
bazokushiya ukhala.UNdebenkulu wacishe wabenza isilo sengubo abantu
baseNyanyadu ngakho njalo ukwethemba umuntu ngoba ezishaya isifuba
ezenza ozokusiza kanti uyakulutha.
NOMA

 Akukho qili lazikhotha emhlane/Ayikho impunga yehlathi.


uNdebenkulu usuka eMgungundlovu uza eNyadu ethi uzosiza abantu
ukuze bacebe kanti uzobagebenga ngoba ecabanga ukuthi angeke aze
abanywe. Uzishintsha nesibongo uzibiza ngoNdebenkulu kanti lapho
egcine khona ukugebenga umfelokazi ezibiza ngoEE Mlomo

UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
 UMkhwanzi ufunda incwadi yesikwaya aze ayibize ngemihlola ngoba
engamazi umuntu abhalele, usegcina ngokuthi ayikhombise unkosikazi
wakhe le nsambatheka yencwadi.
 UMkhwanazi simbona ecabanga ngokujulile ukuthi kumele ashiye yonke
imisebenzi yakhe yasemasimini aphume engena emema umphakathi
ukuba uze emhlanganweni useze ugcina ezijubile ukuthi abambe ihhashi
lakhe azise abantu ngomhlangano kaNdebenkulu.
Udweshu lwangaphandle
 Ukuxabana kukaMaNtuli noNdebenkulu ngemuva kokuwa ekalishini aze
athi uNdebenkulu ikhanda likaMaNtuli alithathi kahle.
 Ukuhilizisana kukaMantuli ngale nsambatheka’ yalesi sikwaya, lokho
akwehlanga kahle kuMkhwanazi ngoba wayelindele ukuthi umndeni
wakhe wamukele isikhulu ngesizotha.
 UNdebenkulu noThemba noDiliza baxabana noNdebenkulu endleleni
ebheke esiteshini eThisayidi baze bamehlise endleleni.
UVUTHONDABA
 Inkosikazi nabaseshi sebefikile esiteshini ufise ukwazi ukuthi ngabe
inkosikazi izokwazi yini ukumbona njengoba esafakela izinyo legolide
elilengayo.
 Ngenkathi isimbonile inkosikazi esejahwa uNdebenkulukuba khona lokhu
kufisa ukwazi ukuthi engabe bazomfica yini njengoba egijima sengathi
uyaphephuka.
 Kona bazomenzani uma sebembambile.
 UNdebenkulu ngenkathi esefakwe emotweni wakhombisa nje ukubukela
phansi oShandu noMkhwanazi ebabiza ngeziphukuphuku.

UKUJEQEZA EMUVA
 UNdebenkulu ubakhombisa isheke lemali eliluhlaza eliyisamba
esesabekayo - amakhulu ayisishiyagalolunye amarandi namarandi
ayishumi ngezinkomo ezilishumi.

142
 Incwadi ayifundela umhlangano uNdebenkulu eyayimbonga ngomsebenzi
awenzile.

UKUBIKEZELA
 UMnumzane Shozi utshela uMkhwanazi ukuthi izwe libi lifunz umuntu
ohlale ewavulile amehlo ngobz seziziningi izimpisi lapha phandle
ezihamba zembethe isikhumba semvu.
 Intsha yonke yayingamthembi uNdebenkulu kangangoba babephikisana
nokuthi kuhanjiswe izinkomo, lokho sikubona ekuveza uThemba
ngaphandle kokunanaza.
 UDiliza naye wayengayingeni indaba kaNdebenkulu esho ukuthi
uzokhohlisa umphakathi. UMpungose naye wayengayiboni neze le ndaba
kaNdebenkulu ngoba wayebazi ubugebengu obukhona futhi wayazi ukuthi
kunendoda ehambaiqola abantu ngokuthi izobasiza ibadayisele izinkomo.

ABALINGISWA:

ABALINGISWA ESIBATHOLA KULE NOVELI NGOKWEZINHLOBO ZABO:

Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye endabeni:

 UNdebenkulu-isiqumama esilethela abantu basenyanyadu usizo


 UMkhwanazi-Umnumzane ohloniphekile eNyanyadu.
 UMaNtuli- Unkosikazi kaMkhwanzi
 uThemba-Indodana kaMkhwanazi
 uShandu-Umnumzane ongumngane omkhulu kaMkhwanazi.

ABALINGISWA ABABALULEKILE

 uDiliza-umnani kaThemba
 UMpongose-iphoyisa le ndawo
 uMaShezi-Umakhelwane kaMaNtuli.

UMLINGISWA OMKHULU/OSEMQOKA.OQAVILE

Kule noveli umlingiswa omkhulu uMkhwanazi.


 Okokuqala nje uMkhwanazi uthola incwadi evela kumuntu angamazi
azibiza ngokuthiuCC Ndebenkulu.
 Akucaci ecwadini ukuthi uNdebenkulu lo usiza abantu ngani

143
 UNdebenkulu uzofikela kwaMkhwanazi yize behlupheka okudala
ezinkinga emndeninio wakwamkhwanazi ukuthi uzolaliswa kuphi aphinde
adleni njengoba nbona bezidlela amasi.
 Kufanele manje azise umphakathi ngale mbudane kaNdebenkulu
 Noma abantu bemdonsa ngendlebe uMkhwanazi ngalo Ndebenkulu,
izindlebe zikaMkhwazai zivalekile njll.
 Uthumela umfana wakhe uThemba esiteshini saseThisayidi ukuba
ayohlangabeza isIvakashi sakwaKhe ngekalishi.
 UMkhwanazi uya noNdebenkulu esontweni nakhona lapho uDebenkulu
ukhombisa ubukhulu bakhe endlini yesonto njll

UKUVEZWA KWABALINGISWA

Abalingiswa bangavezwa ngezindlela ezehlukene.


 Umbhali angasichazela yena ubunjalo bomlingiswa:
Izibonelo: u C.C. Ndebenkulu, Esq.
 UMkhwanazi wayinikeza uMaNtuli incwadi kaNdebenkulu. “ Kuyini lokhu
Themba?” washo ekhomba u Esq.

Angasebenzisa omunye wabalingiswa aphawule ngomunye


Lokhu kusenza sithole ukuthi umlingiswa lowo ungumuntu onjani. Sithola

ukuthi uNdebenkulu lo ungumuntu ocebile, oyisicwicwi futhi odelelayo


 UNdebenkulu evewa engumuntu ocebile: “ Uyabona izikwaya lezi
mina ngike ngizwe MaNtuli kuxoxa amadoda lawa avela ekusebenzeni
ekhuluma ngezikwaya zabelungu,abelungu abacebile. Bengingazi ukuthi
nomuntu onsundu angaba yisikwaya”
 UNdebenkulu eyhisicwicwi:“ Sazi ngani MaShezi lokhu abantu
basemadolobheni amakhulu sizwa ukuthi abanye sekungabelungu. Futhi
nencwadi yakhe dade ikhombisa kahle ukuthi ngumuntu oziphethe
isilungu ngoba ubhale nikuthi uyisikwaya.”
 UNdebenkulu engumuntu odelelayo:“Uyadelela futhi enjalo nje lo
muntu, uqhub intwala ngewisa” kuqhuba uMaNtuli.
Umlingiswa angavezwa ngezingubo azigqokile
 Izingubo ziyamveza umlingiswa ukuthi ungumuntu onjani. Izingubo
zikaNdebenkulu zikhombisa ukuthi uakaswele lutho futhi
uyiqhathanzipho.
 Izimpahla ezikhombisa ubuqhathanzipho kaNdebenkulu:Siyambona
lapho echaza uNdebenkulu ukuthi wayegqoke impahla ebukeka
kuyimpahla yemali kusukela esigqokweni ekhanda kuyosho phansi
onyaweni.

144
Umlingiswa angavezwa ngendlela akhuluma ngayo
 UNdebenkulu uvezwe engumuntu oziphakamisayo. Lokhu kuvezwa
ngamzwi kaNdebenkulu uma egcizelela lokhu:
 “Banumzane base Nyanyadu uhambo lwami luqondene nokusiza isizwe
sakithi esinsundu. Ngiyakuthanda ukukugcizelela lokho. Angitholi lutho
ngalokhu ngoba angifuni lutho, angifuni holo
 Mina ngiwumuntu onezindawo zami. Njengoba eke wathinta
uMgcinisihlalo ngingumuntu onezindawo zami. Angisiye umuntu
ohluphekayo nomuntu olambayo. Akekho noyedwa umlungu ongaziyo
othi lapho engibhalela angalandelisi ngalesi sikwaya emva kwegama
lami”
Umlingiswa angavezwa ngezenzo zakhe nje engashilo lutho ngomlomo
wakhe
 Esontweni akekho ongabonanga ukuthi kufike umuntu omkhulu ngoba
wayengahlabeleli yena uma kuhlatshelelwa.
 Wayelokhu ethinta isikhwehlela kancane, isandla sithe mbe
esikhwameni. Esinye wayebambe ngaso iculo noma wayengaculi nje.
Wayedamane ekhipha izibuko azesule ngeduku elimhlophe, ephenduka
ebuka abantu abalapha esontweni”
 Uma sekuguqwa kuthandazwa, wakhipha amaduku amhlope amabili
wawendlala phansi wase eguqa phezu kwawo
 UMaNtuli yena uvezwe njengomuntu okhuthele, ongasibeki phnsi isinqe
kanti enjalo nje unolaka.
 UThemba uyahlonipha, uyakwazi nokubekezela nakhu kwathi noma
uNdebenkulu eziphakamisa kuye, yena wabekezela konke
uNdebenkuluayeziphakisa ngakho kuye njll.

Iqhaza labalingiswa ekuthuthukiseni isizinda


Bheka ukuvezwa kwabalingisa

UMOYA
kule noveli uba nomoya ongemuhle ngenxa yokuziphakamisa kukaNdebenkulu.
Izibonelo:
 UMaNtuli usivezela umoya wokudumala, wokukhathazeka lapho
uNdebenkulu emtshela ukuthi ingqondo yakhe ayithathi kahle

ITHONI
“ Yehheni we bantu! Waze wasikhohlisa uThemba wasilandela isicwicwicwi.”
(P.65) Lapha sithola ithoni yokumangala.

145
Uma ngingakibophi lizokuwa endleleni bese liyalima”, esaho ngokufutheka.Ithoni
yokucasuka P.57. Lapha sibona ithoni ephezulu ebangwa ukucasuka
kukaThemba ngoCC Ndebenkulu.

UKULANDELANA KWEZIGAMEKO
 Ukufika kwencwadi kaMkhwanazi evela ku CC Ndebenkulu nakuba
uMkhwanazi engamazi uNdebenkulu lowo.
 Inkinga evelayo ukuthi alikho ibhasi ngeSonto, uNdebenkulu sekufanele
afike ngoMgqibelo efikela kwMkhwanazi ukuze ngoMsombuluko avukele
emhlanganweni awuizile
 Kucelwa UMaShezi ukuthi azosiza uMaNtuli ngokulungiselela isicwicwicwi
esinguNdebenkulu.
 UMkhwanazi umema umphakathi ukuzothamela umhlangano
kaNdebenkulu
 UThemba uvukela esiteshini eThisayidi nekalishi ukuyohlangabeza
esasingalindele ukuthi sizolandwa ngekalishi sase sijivaza ikalishi silibiz
ngebhokisi,sibabaza nobuphansi bendawo yaseNyanyadu size siveze
nokuthi uma besazile engabe sifike ngemoto yaso ngoba sona asinamoto
kodwa sinezimoto .
 UNdebenkulu ukhlela ipotimende lakhe alithenga ngemali eshisiwe eselizo
eselizoboshelwa enkalishini ngemichilo yezikhumba zenkomo .

 UThemba uthukutheliswa nguNdebenkulu endleleni ogxeka onke into


yaseNyanyadu.

 Uma sebekwaMkhwanzi oThemba noNdebenkulu, uNdebenkulu uyawa


uma esehla ekalishini kudabuka nebhuLukwe lakhe edolweni

 UNdebenkulu uthukuthelela uThemba ngokuwa kwakhe ekalishini kanti


uyena oziwisile.

 UNdebenkulu ubalisa ngokugitshezwa kwakhe ekalishini ebe engumntu


omkhulu futhi owazana nabelungu abakhulu esho epotshoza nesingisi
enkulumeni yakhe.

 UMaNtuli uzama ukuxolisa kuNdebenkulu ngokuwa kwakhe kodwa


uNdebenkulu akakwemukeli lokho

 Ngosuku lomhlangano ngoMsombuluko abantu abasigcini isikhathi


uNdebenkulu uthi ingoba bangabantu basemakhaya, emaphandleni
abangasazi kahle isikhathi

146
 UNdebenkulu wethulela umphakathi inhloso yomhlangano okuwukusiza
umphakathi ukuthi awudayisele izinkomo zawo kubelungu amasilaha
nezindali ngemali enkulu.

 Ukhombisa umphakathi isheke lomunye umntu amsizile angakaledluliseli


kuyena.

 Umphakathi uyalutheka uma ubona imali engaka ebhalwe eshekeni.

 Bayasuka abantu bayobikela inkosi ngesivakashi abasisolayo sengathi


sizoqola abantu benkosi

 Inkosi ibiza imbizo khona uMpungose ezombukisisa kahle uNdebenkulu


bese embopha uma eyisigelekege.

 Embizweni uMpungose uyehluleka ukubona ukuthi uNdebenkulu


isigebengu ngoba wayengasazi nalesi sigebengu ayesifuna, wasinda
kanjalo uNdebenkulu.

 Izinkomo ziyahamba zisiwa esiteshini ukuze zihambe noNdebenkulu


 Uyabanjwa uNdebenkulu ukuthi uyisigebengu bese eboshwa.

UMSEBENZI/ IQHAZA LOMLANDI

Umlandi enovelini usitshela ngendawo, izenzo zabalingiswa, isimo sabalingiswa.

 Umlandi esitshela ngendawo: Umuzi waseNyanyadu kwelaseNatali


ngumuzi omdala, ngumuzi owaziwa kakhulu, (P.21).

 Umlandi usithela ngenkathi okwenzeka ngayo leli noveli: Inkathi


yakudala- Iposi lalilandwa kathathu ngeviki.

 Umlandi uphinde asitshele ngemizwa yabalingiswa: Isibonelo.


UMaNtuli ethukuthela-;Uthukulula leyo mpahla ngoba ucanaga ukuthi
lowo mfokazi angabuye angene lapha kowami umuzi?” Ngingavuka
Ngifile! Hhayi kulona wami (P.66). La mazwi aveza umuzwa
wokudinwa/ukucasuka/ukuthukuthela.

 Umlandi esivezela imizwa yokucasuka yabalingiswa: UDiliza utshela


uThemba ukuthi akahlise uNdebenkulu endleleni “Themba yehlisa le nto
wena.” (p.257).

147
 Umlandi esivezela ukwedelela kukaNdebenkulu-“Niyohlala nisinda
ziphukuphuku ndini” (p.276)

148
OKWENGEZIWE UMA KUHLELWA IMIBUZO YEMIBHALO YOBUCIKO

Nakhu okungasiza abafundi ukuphendula imibuzo emifushane yezinkondlo


emibuzo(cognitive levels) kanye namamaki emibuzo ayi-10 esewonke.
Isib:
Umbuzo
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.1 3.1 4.1 5.1 1+3 / 2+2
2.2 3.2 4.2 5.2
Lena imibuzo ESOBALA edinga ukuba babhale izimpendulo bezithathe ngqo
enkondlweni.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.3 3.3 4.3 5.3 2+2
2.4 3.4 4.4 5.4
Lena imibuzo EMAPHAKATHI edinga ukuba babhale izimpendulo
abazicabangela zona ezingekho enkondlweni KODWA bebe besebenzisa
ulwazi lwenkondlo KANYE nolwazi lwabo lalwokho abuzwe ngakho.
Isib: Mhlawumbe kubuzwa ngesingathekiso, umqondo osobala, ukuxhumanisa,
impindwa njll
Kumele akwazi ukuthi kuyini lokho ukuze akwazi ukuphendula.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (2)
2.5 3.5 4.5 5.5 2

Lena imibuzo ESEZINGENI ELIPHEZULU edinga ukucabanga okujulile uma


iphendulwa ngamacala wonke bese beqhamuka nesisombululo nokutji NOMA
bakwazi ukuncoma / ukugxeka amakhono ehlukahlukene emibhalo.
Isib: Ukusetshenziswa kolimi, ukubhaleka kwenkondlo (isitayela) imibhalo njll.
Umbuzo: ‘Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni ’
Impendulo: Imbongi iphumelele kahle ekusebenziseni ikhono .’
QAPHELA: Uma uphendula uqala ngezinkomba zombuzo

Naku-ke olumele abafundi bakwenze ngaphambi kokuphendula imibuzo


A
 Fundisisa umbuzo wenkondlo
 Dwebela wonke amagama ayizinkomba zemibuzo.
Isib: Chaza , Chaza kafushane , Shono/ Yisho , Nikeza , Tomula
Gagula , Qhathanisa okungafani , Hlanganisa okufanayo/okungefani ,
Yini inhloso , Siyini isizathu ,Ngabe imbongi iphumelele kanjani ,
Hlolisisa/ Humusha ukusetshenziswa kwemigqa , Phawula / Phawula
ngokuhlolisisa njll
 Dwebela wonke amagama asho okubuzwayo.
Isib: i-enjambamenti, ukuphindaphinda, isifengqo, umoya wenkondlo,
ukuxhumana, imvumelwano, imigqa, umqondo wenkondlo, izimo
zokukhuluma, ifanamsindo njll.
 Thola incazelo yezinkomba zemibuzo ekubhulethi yesi-2.
Isib: Chaza (explain) impendulo kumele uyibeke ngawakho amagama

149
Chaza kafushane (Briefly explain) impendulo esesiqeshini/ enkondlweni
kodwa kumele uyihlele kabusha.
Phawula (comment) impendulo mawuqale ngokuchaza ukuthi yini lena
ebuziwe, uyigagule bese uyayichaza(uphawula kanjani?).
Qhathanisa (compare) impendulo yakho uyibhekisa ezintweni ezimbili
nangaphezulu ezibuziwe (uqhathanisa kanjani?)njll
 Thola incazelo yokubuzwayo kwibhulethi yesi-3.
Isib: Yini i-enjambamenti. Yini ifanamsindo njll.

B. Amasu obunkondlo
Imibuzo engama-99% noma YONKE ibuza ngamasu obunkondlo
Isib: Umqondo osobala, umqondo ocashile, umoya wenkondlo,indikimba kanye
nomyalezo, imifanekisomqondo(izifengqo, ukukhethwa kwamagama, ithoni,
amasu obuciko,imvumelwano, ukuphindaphinda,
amagama ,amabinza,ukuxhumana,izimpawu zokuloba,impindwa,umoya
wembongi,isigqi,amasu okusebenzisa umsindo,i-enjambamnenti njll.)

Ngakho-ke kubalulekile ukuba abafundi bawazi wonke amasu okubunjwa


kwenkondlo okungaba okwangaphakathi/ okwangaphandle.
INDLELA OKULINDELEKE UKUBA UMFUNDI APHENDULE NGAYO
IMIBUZO:
Qalisa impendulo yakho ngokubuziwe:
 Chaza kafushane ukuphindaphinda kwegama elidwetshelwe
enkondlweni. (3)
. Impendulo: Ukuphindaphinda kwaleli gama kuchaza… √
. okudalwa ukuthi… √
. futhi… √ (kuthathu okuchazayo ngoba namaphuzu ma-3)

 Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwesifengqo ebinzeni lesi-2


kukwelekelele kanjani ekuqondeni kwakho leli binza? Sekela impendulo
yakho.(2)
. Impendulo: Lesi sifengqo esiyihaba√ singelekelele ukuba ngiqonde ukuthi… √
(kubili okushoyo ngoba namaphuzu mabili)

 Hlanganisa okufanayo ebinzeni lesi-2 nelesi-6 ukugqamisa indikimba


yenkondlo. (3)
. Impendulo: Okufanayo ukuthi la mabinza agqamisa indikimba…√
. Ibinza lesi-2 likhombisa…√ kanti nebinza lesi-6 ligqamisa…√ (3)

(kuthathu okushoyo ngoba namaphuzu ma-3)

AMAGAMA OKUBUZA ASIZA LAPHO KUPHENDULWA IMIBUZO


Itemu Incazelo

150
Nikeza Nika isizathu /amaqiniso/amaphuzu /imibono
Phawula Nikeza umbono ubhekise ngokushiwo ukuze uchaze.
(comment) Uphawula kanjani?
 Gagula into/okubuziwe
 Chaza ngokubuziwe
 Sekela /ngokusesiqeshini/encwadini/enkondlweni
Qhathanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo
(compare) noma isenzeko
Yamanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo
noma isenzeko. Uqhathanisa kanjani?
Qhathanisa Uqhathanisa okunikeziwe nalokho okwaziyo
(compare
and contrast)
Xoxa Xoxa ngesigameko
Xoxa Xoxa ngamafuphi indaba njengoba injalo
kafushane
Xoxa Xoxa ngokuphumelele kombhali
Hlanganisa Uthatha uhlanganise okunikeziwe ezindaweni ezingefani
okufanayo ukubeke ngamagama akho ndawonye
Tomula Khipha, thola noma khetha impendulo; shono izimpawu
ezisemqokaname the essential characteristics
Humusha Chaza ngokunikeza uvo, umbono wakho
 Uyayisho
 Kudalwa yini
 Imiphumela yakho iyini
Shono/Yisho Yisho imbangela
Sekela Nikeza izizathu
Gagula Nikeza igama lento ethile
Caphuna Bhala phansi njengoba kunjalo(encwadini) bese uwafaka
kubakaki. (“ ”)
Hlolisisa Kungani into yenzekile. Uhlolisisa kanjani?
(critical  Uyayisho
analyse)  Kudalwa yini
 Imiphumela yakho iyini
Yisho Bhala ngamafuphi, impendulo okuyiyonayona nenembayo.
Fingqa Bhala amaphuzu abalulekile kuphela.
Chaza Shono ngamagama amaphuzu abalulekile alokho
(explain) okwenzekayo/isenzeko/ucwaningo
Chaza Beka loko okubuziwe ngamagama ozicabangele wona
(describe)
Chaza Xoxa ubhekise esiqeshini ngokuba uhlele kabusha leyo
kafushane mpendulo
(Briefly
explain)
Imbangela Nikeza isizathu salokho/isenzeko esenzekayo endabeni
Umphumela? Bhala okwenzekile kudalwe isenzeko endabeni

151
Umthelela? Bhala ngokubuziwe ubhekise kokwenzekile nokuvelayo
ngenxa yesenzeko endabeni ubhekise nakulokho kokwaziyo
Ucabanga Beka umbono ngokucabangayo bese wesekela
(your own ngokusencwadini.
view)
Ngabe Beka umbono ngesenzo somlingiswa othile bese wesekela
izenzo ngokusencwadini.
Ngokwakho Beka umbono wakho bese wesekela ngokusencwadini.
ukubona
Umbono/ Beka umbono wakho okungaba uyiqiniso noma uwubona
Iqiniso uwumbono bese wesekela ngokusencwadini.
Ngabe Beka umuzwa ngokubonayo mayelana nomlingiswa othile
uyazwelana bese wesekela ngokusencwadini.

152

You might also like

pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy